Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 1/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Isinkwa Sokuphila” Singesabo Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • UJesu​​—⁠‘Isinkwa Sokuphila’
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • “Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu—“Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 1/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani uJesu athembisa ukuthi labo ababa nokholo kuye ‘babengasoze bafe naphakade,’ kuyilapho eqinisweni zonke izilaleli zakhe zafa?—Johane 11:25, 26.

Lapho uJesu ekhuluma ngokungafi, noma ngokuphila phakade, ngokucacile wayengasho ukuthi izilaleli zakhe emuva ngalesosikhathi zazingasoze zibe nokuhlangenwe nakho kokufa kobuntu. Iphuzu eliyisisekelo elalivezwa uJesu laliwukuthi ukholo kuye lwalungaholela ekuphileni okuphakade.

Ngesinye isikhathi, uJesu wazibiza ngokuthi’uyisinkwa sokuphila.’ Khona-ke wanezela: “Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade.”—Johane 6:48-51.

Ngokubheka lawomazwi wodwa, umuntu angase aphethe ngokuthi uJesu wayetshela izilaleli zakhe ukuthi zazingakugwema ukuba nokuhlangenwe nakho kokufa. Nokho, umongo wendaba awusisekeli lesosiphetho. UJesu wayesanda kuthi: “Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. . . . Yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe-nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela. . . . Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.” (Johane 6:39-44) Futhi kamuva wanezela: “Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.” (Johane 6:54) Ngakho, isithembiso sikaJesu ‘sokuphila phakade’ asinakuba esiqondwa kahle njengesisho ukuthi izilaleli zakhe zazingeke zibe nokuhlangenwe nakho kokufa.

Kungokufanayo nangesithembiso sikaJesu esaziwayo kuMarta: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.” (Johane 11:25, 26) Ngokusobala uJesu wayengasho ukuthi abaphostoli abathembekile, ngokwesibonelo babengeke bafe njengoba abanye abantu babefa. Kungakapheli unyaka, babeyogcotshwa ngomoya ongcwele futhi banikwe ithemba lokubusa njengamakhosi ezulwini. Ukuze bathole lowomvuzo, kwakuyodingeka bafe njengabantu. (Roma 8:14-23; 1 Korinte 15:36-50) Futhi phawula ukuthi uJesu wayethe: “Okholwa yimi, noma efa, wophila.”

Isithembiso sikaJesu siyogcwaliseka ezincekwini zikaNkulunkulu ezizinikele eziye zaphila futhi zafa ngaphambi kwesikhathi lapho kuqala ilungiselelo lokuphila okuphakade. Abanjalo abathembekile balindele uvuko lwesikhathi esizayo. Ngokuhlala bethembekile ngemva kokuba bevusiwe, ngeke babe nokuhlangenwe nakho ‘kokufa kwesibili,’ ukufa kwaphakade.—IsAmbulo 20:15; 21:8; Johane 8:51.

Kodwa isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi thina namuhla sinethuba elikhethekile. Njengoba siphila ekupheleni kwesimiso sezinto, singase sisinde ‘osizini olukhulu’ oluzayo futhi sidlulele ezweni elisha. Abanjalo abanethemba lokuphila okuphakade epharadesi emhlabeni futhi abalondoloza ukuthembeka kwabo kuNkulunkulu ngeke kusadingeka babe nokuhlangenwe nakho kokufa kobuntu. Njengoba besinda ‘osizini olukhulu; bayoholelwa “emithonjeni yamanzi okuphila.”—IsAmbulo 7:9-17.

[Isithombe ekhasini 31]

Amazwi kaJesu kuMarta olusizi asinikeza ithemba lokuphila okuphakade

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela