Ingabe UNkulunkulu Uyoke Enze Okuthile Ngokungalungi?
“AKULUNGILE.” Ngokusobala lomfundi osemusha wayecasukile, egcwele intukuthelo ngemva kokubhekana ngokuqondile nokuphendukezelwa kokulunga okusobala. “Uma ekhona ngempela uNkulunkulu,” waqhubeka, “angakuvumela kanjani ukungalungi okunjena?” Ingabe wawungazwelana nalowesifazane osemusha? Cishe kunjalo. Kodwa ingabe futhi wawungakuphendula nokuphikisa kwakhe?
Lapho usewumntwana, kungenzeka ngezinye izikhathi wawuba nomuzwa wokuthi abazali bakho bakuvumela ukuba uphathwe kabi. Kodwa lokho kungalungi okusobala akubonisanga neze ukuthi babengekho, akunjalo? Ngokufanayo, ukuvumela kukaNkulunkulu ukungalungi akufakazeli neze ukuthi akekho.
Nokho, lomfundi osemusha waphendula ngokuthi lena kwakuyindaba ehluke ngokuphelele. Waphawula ukuthi ubaba ongumuntu ongaphelele naye ngokwakhe angase abe ongalungile kancane. Noma ngenxa yokungawazi wonke amaqiniso, angase angakuqapheli ukungalungi lapho ekubona. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokulinganiselwa kobuntu, angase angakwazi ukwenza lutho ngokungalungi akubonayo. Waphikisa ngokuthi, akukho kulokhu okusebenzayo kuNkulunkulu wokulunga owazi konke nonamandla onke.
Nawe futhi ungase ube nomuzwa wokuthi ukuvunyelwa kokungalungi kumane nje akufanelani nezimfanelo zaphezulu. Nokho, kungenzeka yini ukuthi ngokuhlakanipha kwakhe okuphakeme kakhulu, uNkulunkulu unesizathu esikholisayo sokuvumela ukungalungi isikhathi esithile?
Abalobi beBhayibheli bacabangela uNkulunkulu ‘njengomthandi wokulunga nokwahlulela ngokulunga.’ “Zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala,” kwabhala uMose.—IHubo 33:5; Duteronomi 32:4; Jobe 37:23.
Ngaphandle kokubheka uJehova njengoNkulunkulu olungile ongathokozi ngokungalungi, ababhali beBhayibheli bavuma ukuthi ngolunye usuku uyokususa. Ngokwesibonelo, uIsaya wabikezela lesisimo: “Bheka, kuyakuba-khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela. Ukwahlulela kuyakwakha ehlane, ukulunga kuhlale ensimini.” (Isaya 32:1, 16) Kodwa nini? Futhi uma uNkulunkulu efisa ukususa ukungalungi emhlabeni, wayeke wakuvumelelani ekuqaleni?
Ukungalungi—Kungani Kuvunyelwe?
Kukhona isikhathi lapho kwakungekho khona ukungalungi emhlabeni. Kwakungemva kokuhlubuka kuka-Adamu noEva ngaphansi kokucindezela kukaSathane kuphela lapho ukungalungi kuye kwaziwa isintu. USathane akazange abhujiswe ngokushesha ngesikhathi sokuhlubuka. Ngenjongo yakhe siqu enhle, uNkulunkulu wavumela inkathi yesikhathi lapho umuntu ayezokwenza ukungalungi, futhi lokhu kwakuyoba ngenjongo yokuvivinya labo abazinikele kuYe, ngokuqondene nokuthi bayozibonakalisa yini bethembekile kuYe. Ukukhetha kwabo ukuba ngabagcini bobuqotho kwakuyoba ukuphikisa amandla kaSathane okwenza yonke indalo engabantu imelane noNkulunkulu. Lapho ubukhosi bukaNkulunkulu sebulwelwe ngaleyondlela, imisebenzi kaSathane yayiyobhujiswa, nakho konke ukungalungi kususwe.
Phakathi nalesikhathi, ukuba uNkulunkulu wayeyobavimbela ngempoqo abantu ukuba bangakwenzi ukungalungi, wayeyobe ubaphanga inkululeko yokuzikhethela. Ngaphandle kwalokho, ngokuvumela abantu ukuba bezwe imiphumela emibi yezenzo zabanye ezingalungile, uNkulunkulu ubonisa ukuthi kwaba okulimaza kanjani ukuthi uAdamu noEva bahlubuka ngokungafanele ezimisweni zaphezulu, befaka esikhundleni sazo izindinganiso zabo siqu ezinamaphutha. Ngokuvumela isintu ukuba sivune lokho esikutshalile, uNkulunkulu usiza abantu abathembekile ukuba baqaphele ukuhlakanipha kokwenza izinto ngendlela yakhe.—Jeremiya 10:23; Galathiya 6:7.
Ngaphezu kwalokho, izenzo zokulunga noma zokungalungi abantu abazenzayo zinikeza ubufakazi obubalulekile. Lezizenzo zinikeza uNkulunkulu isisekelo esiqondile sokwahlulela ukuthi ubani ofanelekele ukuphila emhlabeni ezweni elisha lapho ukulunga okugcwele sekubuyiselwe. Okusikisela lokho, siyafunda: “Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila.”—Hezekeli 18:21.
Ukungalungi Kuyophela Nini?
Ngaso sonke isikhathi ukusebenzelana kukaJehova uNkulunkulu nesintu kuye kwaba okokulunga futhi kwaphawulwa umusa wothando. Okubonisa lokho, lapho inceku kaNkulunkulu ethembekile uAbrahama ingaqondi ukuthi kungani into ethile yayenzeka, yathi ngoNkulunkulu: “Makube-kude nawe ukwenza ngalendlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe-njengomubi; lokhu makube-kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?” (Genesise 18:25) Ngokufika kukaKristu, izimfanelo zikaNkulunkulu zokulunga nomusa wothando zagqama. Ilungiselelo lomhlatshelo wesihlengo ngoKristu Jesu lavula indlela yokuba wonke umuntu, umJuda nongemJuda ngokufanayo, azuze ukuphila okuphakade. Lokhu kwabangela ukuba umphostoli uPetru athi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
OFakazi BakaJehova bakhuthele ekumemezeleni ukuthi iNkosi kaNkulunkulu yobuMesiya isikuqalile ukubusa kwayo nokuthi isikhathi siseduze lapho ukulunga kuyobuyiselwa emhlabeni wethu ngesilinganiso esiphelele.a Lokhu kuyofezwa lapho leyoNkosi ibhubhisa izwe lamanje elingenakho ukulunga futhi iqeda amandla kankulunkulu walo ongabonakali, uSathane uDeveli. IBhayibheli libonisa ukuthi lokhu kuyokwenzeka ngokushesha “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” ngokuvamile olubizwa ngokuthi iArmagedoni.—IsAmbulo 16:14, 16.
‘UNkulunkulu akasiye ongalungile lapho ehlisa ulaka lwakhe,’ ngakho iArmagedoni iyoba yimpi yokulunga. (Roma 3:5) Ngemva kwalokho, uKristu nababusi akanye nabo, njengabaphostoli, bayobusa besezulwini iminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:4) Izigidi zabantu eziye zaba izisulu zokungalungi esikhathini esidlule ziyovuselwa esimisweni sokulunga emhlabeni, ikhaya lesintu lasekuqaleni, ukuze zibone ukulunga okuphelele okokuqala ekuphileni kwazo.
“Kukhona Yini Ukungalungi KuNkulunkulu Na?”
Umphostoli uPawulu wabuza lokho ngokuqondene nesinye sezenzo zikaNkulunkulu. Impendulo yayithini? “Qha nakanye,” kubhala uPawulu. Efanisa abantu nobumba olubunjwe umbumbi lwaba yizitsha ezifanele ulaka noma umusa, uPawulu wachaza: “Nakuba uNkulunkulu ekulungele ukubonakalisa ulaka namandla akhe, nokho uyababekezelela abantu abamcasulayo, noma befanelwe kangakanani ukubhujiswa. Uyababekezelela ngenxa yalabobantu, afuna ukuba nomusa kubo, afuna ukwambula ubuningi benkazimulo yakhe kubo.”—Roma 9:14, 20-24, The Jerusalem Bible.
Njengomfundi osemusha okukhulunywe ngaye ngaphambili, ngezinye izikhathi ungakuthola kunzima ukuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukungalungi okuvamile noma iphutha elithile. Kodwa singobani thina—thina msebenzi wezandla zakhe—ukuba singabaze ukubekezela nokuhlakanipha kwakhe ekwenzeni kanjalo? UJehova uNkulunkulu wathi kuJobe: “Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube-ngolungileyo na?”—Jobe 40:8.
Asifuni nanini ukuba necala lokwenza lokho. Kunalokho siyofuna ukujabula ngokwazi ukuthi nakuba ukungalungi kusekhona phakathi kwethu, ngokushesha uNkulunkulu wokulunga uzokususa emhlabeni wonke.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ubufakazi bokuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa kwawo okungabonakali phezu komhlaba ngo-1914, bheka amakhasi 134-41 encwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. Lencwadi futhi inesahluko esinesihloko esithi “Kungani UNkulunkulu Eye Wavumela Ububi?”
[Isithombe ekhasini 23]
Ukuvunyelwa kokungalungi akunakusetshenziswa ukuze kufakazelwe ukuthi uNkulunkulu akekho
Ingabe nguNkulunkulu onephutha ngokwenqaba komshayeli odakiwe ukusebenzisa izimfanelo zokuhlakanipha, ukuzithiba, nokucabangela?
Siseduze isikhathi lapho ukulunga okuphelele kuyobuyiselwa emhlabeni wethu