Uyamenywa EMhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko”
KUSUKELA ngoNovember 1989, indaba yenkululeko iye yenziwa yavelela kunanini ngaphambili. Abantu basemazweni aseMpumalanga Yurophu ngokuyinhloko baye bajabulela inkululeko eyengeziwe engokombangazwe kunaleyo abebenayo eminyakeni engu-40 nangaphezulu.
Kodwa kunenkululeko ebaluleke kakhulu kunanoma iyiphi inkululeko engokombangazwe. Singafunda ngayo eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. UJesu Kristu wake wathi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Yebo, amaKristu azinikezele aye akhululwa ekwesabeni umuntu nasebugqilini besono nokufa, njengoba sikufunda lokhu kweyabaseRoma 6:18, 22. Futhi sifunda ukuthi ‘lapho umoya weNkosi ukhona, kukhona inkululeko.’ (2 Korinte 3:17) Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu linikeza ithemba elihle “lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:21.
Uma umuntu efisa ukuzuza inkululeko yobuKristu esikhathini samanje, kumelwe enze umzamo wangempela. Akuyona nje indaba yokulandela inkambo yokuthatha izinto kalula. Futhi ukuze siqhubeke sijabulela lenkululeko kudingeka senze umzamo owengeziwe, ngenxa yamandla athambekele ekusiphuceni leyonkululeko: uSathane uDeveli, izwe lakhe elibi, nokuthambekela kwethu siqu okunesono esikuzuze njengefa. UJehova uNkulunkulu uye walungiselela usizo ngeZwi lakhe eliphefumlelwe, ngomoya wakhe ongcwele, nangenhlangano yakhe ebonakalayo.—Luka 11:13.
Ukuze isize bonke abathandi benkululeko ukuba baqinise ukubambelela kwabo enkululekweni, imihlangano yesigodi yalonyaka yoFakazi BakaJehova izocabangela ngokuningiliziwe isihloko esithi “Abathandi Benkululeko.” Lemihlangano izothatha izinsuku ezintathu, izoqala ngoLwesihlanu ekuseni ngo-10:20 futhi iqhubeke kuze kube ngu-4:00 p.m. ngeSonto. Bonke abazoza kulemihlangano bazoqabuleka ngokomoya, futhi bakhiwe izinkulumo ezishukumisayo, izingxoxo ezithakazelisayo, imiboniso ephumelelayo, kanye nedrama yosuku lwanamuhla evusa amadlingozi; futhi akumelwe siyibhekele phansi injabulo yokuhlangana okujabulisayo nabangane abadala nesisanda kubathola, injabulo yokuhlanganyela nabanye abayizinkulungwane ekuculeni izingoma zethu zoMbuso, kanye nokuhlanganyela emithandazweni yasobala eqotho.
Kwangathi zonke izinceku zikaJehova ezizinikezele zingevumele noma yini izivimbele ukuba zibe khona ngoLwesihlanu ekuseni lapho lemihlangano iqala. Futhi qiniseka ukuba ungezi neBhayibheli neculo kuphela kodwa futhi nepeni kanye nencwadi ozobhala kuyo amaphuzu. Futhi, woza usiqaphela ngempela isidingo sakho esingokomoya njengengxenye yabantu abakhululekile.—Mathewu 5:3, qhathanisa neNW.