Yeka Injabulo Okuyiyo Ukuhlala Etafuleni LikaJehova!
Njengoba ilandiswa uErnst Wauer
Namuhla uma kuqhathaniswa kulula ngami ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, ukutadisha iBhayibheli, nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Nokho, bekungenjalo ngaso sonke isikhathi lapha eJalimane. Lapho uAdolf Hitler engumashiqela, kusukela ngo-1933 kuya ku-1945, ukuhlanganyela emisebenzini enjalo yobuKristu kwakuhilela ukufaka engozini ukuphila komuntu.
ONYAKENI ongaphambi kokuba uHitler aqale ukubusa, lapho ngineminyaka ewu-30 ubudala, ngahlangana okokuqala noFakazi BakaJehova eDresden. NgoJanuary 1935, ngazinikezela kuJehova futhi ngazwakalisa isifiso sami sokubhapathizwa. Umsebenzi wethu wawuye wavinjelwa kakade ngo-1933, ngakho ngabuzwa: “Ingabe uyakuqaphela okushiwo isinqumo sakho? Ubeka umkhaya wakho, impilo, umsebenzi, inkululeko, ngisho nokuphila kwakho engozini!”
Ngaphendula: “Sengizibalile izindleko, futhi ngizimisele ukwenza intando kaNkulunkulu nokuyifela.”
Ngisho nangaphambi kokuba ngibhapathizwe, ngase ngiqalile ukushumayela endlini ngendlu. Kwenye indlu, ngahlangana nomholi wentsha wama-SS (Amahembe Amnyama/Iqembu Lonogada bakaHitler) owayegqoke iyunifomu, owamemeza: “Ingabe awazi ukuthi lokhu akuvunyelwe? Ngizobiza amaphoyisa!”
Ngaphendula ngesizotha: “Hamba. Mina ngikhuluma ngeBhayibheli kuphela, futhi akukho-mthetho omelene nalokho.” Ngase ngiphendukela endlini elandelayo futhi ngangeniswa endlini masinyane insizwa eyayinobungane. Akwenzekanga lutho kimi.
Ngokushesha nganikezwa umthwalo wokunakekela iqembu lesifundo loFakazi abasukela kwabayisihlanu kuya kwabayisikhombisa ababehlangana masonto onke. Sasitadisha omagazini beNqabayokulinda ababengeniswe ngokunyenya eJalimane bevela emazweni angomakhelwane. Ngakho, naphezu kokuvinjelwa, sasihlala njalo ‘etafuleni leNkosi’ ukuze siqiniswe ngokomoya.—1 Korinte 10:21.
Ukubhekana Nezilingo
Ngo-1936, uJ. F. Rutherford, umongameli weWatch Tower Society, wahambela umhlangano eLucerne, eSwitzerland, futhi wamema abazalwane ababesezikhundleni zobubonisi obungokwasezulwini eJalimane ukuba babe khona. Njengoba ama-passport abazalwane abaningi ayethathiwe futhi idlanzana labazalwane laliqashelwe kakhulu amaphoyisa, abambalwa kuphela abakwazi ukuba khona. Umzalwane owayengamele umsebenzi eDresden wangicela ukuba ngiyommelela eLucerne.
Ngabuza: “Kodwa ingabe angimncane kakhulu futhi anginakho okuhlangenwe nakho?”
Wangiqinisekisa: “Okubalulekile manje, ukwethembeka. Yilokho okuyinhloko.”
Esikhathini esifushane ngemva kokubuya eLucerne, ngaboshwa futhi ngokushesha ngahlukaniswa nomkami, uEva, nabantwana bethu abancane ababili. Lapho ngisendleleni ngiya ekomkhulu lamaphoyisa eDresden, ngazama kanzima ukukhumbula umbhalo owawuzongiqondisa. Ngakhumbula izAga 3:5, 6: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” Ukukhumbula lombhalo kwangiqinisela uphenyo lokuqala. Ngemva kwalokho ngavalelwa esitokisini esincane, futhi isikhashana ngaba nomuzwa ongenathemba wokulahlwa. Kodwa umkhuleko wentshiseko oya kuJehova wangigcwalisa ngokuthula.
Inkantolo yangigwebela ejele izinyanga ezingu-27. Ngagcinwa endaweni engayodwa etilongweni laseBautzen. Ngesinye isikhathi, isikhulu samajaji esase sithathe umhlala-phansi—sasibambele omunye—savula umnyango wesitokisi sami futhi saphawula ngozwela: “Ngiyazi awuvunyelwe ukufunda noma yini, kodwa kungenzeka ukuthi udinga okuthile kokususa ingqondo yakho kulokhu.” Wabe esenginika ngesinyelela omagazini bomkhaya abambalwa abadala wayesethi: “Ngizobalanda ebusuku.”
Empeleni ngangingadingi lutho ‘lokususa ingqondo yami kukho.’ Lapho ngisavalelwe ngedwa ngakhumbula imibhalo yeBhayibheli futhi ngakha izintshumayelo ngase ngizibeka ngokuzwakalayo. Kodwa ngabheka bheka labomagazini ukuze ngibone ukuthi babenawo yini amavesi angokomBhalo—futhi ngathola amaningana! Elinye kwakungeyabaseFilipi 1:6, efundeka kanje ngokwengxenye: “Ngethembile . . . ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza.” Ngabonga uJehova ngalesisikhuthazo.
Kamuva ngashintshelwa ekamu lokusebenza kanzima. Khona-ke, entwasahlobo ka-1939, lapho ukuboshwa kwami sekuzophela, umphathi wekamu wabuza ukuthi umbono wami wawusushintshile yini. “Ngizimisele ukuhlala ngithembekile okholweni lwami” leyo kwakuyimpendulo yami. Khona-ke wangazisa ukuthi ngangizoshintshelwa ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen.
Lapho ngalahla izingubo zami siqu, ngageza umzimba eshaweni, ngaphucwa zonke izinwele emzimbeni, ngase nginikwa izingubo zasejele. Khona-ke ngafakwa eshaweni futhi, ngalesisikhathi ngigqokile—inqubo ama-SS ayibiza ngokuthi “ubhapathizo.” Ngemva kwalokho ngaphoqwa ukuba ngime phandle, ngimanzi ngiconsa, kwaze kwaba sebusuku.
Emakamu oFakazi BakaJehova babehlukunyezwa ngokukhethekile ama-SS. Ezikhathini eziningi kwakumelwe sime enkundleni amahora amaningi. Ngezinye izikhathi omunye wethu wayebubula: “Bekungeke kube kuhle ukuthola ukudla okuhle ngempela?” Omunye wayephendula: “Ungagxilisi ingqondo yakho ezintweni ezinjalo. Cabanga nje ilungelo okuyilo ukumelela igama likaJehova noMbuso wakhe.” Futhi omunye wayenganezela: “UJehova uzosiqinisa!” Ngalendlela sakhuthazana omunye nomunye. Ngezinye izikhathi ukunqekuzisa ikhanda kobungane kwakwanele ukuze uthi: “Ngifuna ukwethembeka; nawe uyafuna!”
Ukudla Okungokomoya Ekamu
Abathile babehola ekondleni abazalwane ngokomoya, futhi ngakhethwa ukuba ngibasize. SasineBhayibheli likaLuther eliwugqinsi kuphela. Yebo, ukuba nalo kwakwenqatshelwe. Ngakho leligugu lafihlwa, futhi, engxenyeni ngayinye yezitokisi umzalwane oyedwa kuphela owayekhethiwe owayelithola isikhashana. Lapho sekuyithuba lami, ngangicasha phansi kombhede nethoshi futhi ngifunde imizuzu ecishe ibe ngu-15. Ngafaka ekhanda imibhalo engangizoxoxa ngayo kamuva nabazalwane engxenyeni yethu yezitokisi. Kanjalo, ukwabiwa kokudla okungokomoya kwakuhlelekile ngezinga elithile.
Bonke abazalwane bakhuthazwa ukuba bacele kuJehova ngomthandazo ukudla okungokomoya okwengeziwe, futhi wazizwa izicelo zethu. Ebusika buka-1939/40 umzalwane owayesanda kuboshwa wakwazi ukungenisa ngesinyelela omagazini beNqabayokulinda abambalwa abasha ekamu ebafake emlenzeni wakhe wepulangwe. Lokhu kwaba njengesimangaliso, ngoba bonke abantu babeseshwa ngokucophelela.
Labomagazini, ngenxa yezizathu zokuphepha, babenziwa batholakale kubazalwane abakhethiwe usuku olulodwa ngesikhathi. Ngesinye isikhathi, lapho kusakhiwa igalaji, ngaguqa emseleni ngafunda lapho omunye umzalwane eqaphile ngaphandle. Ngesinye isikhathi ngabeka INqabayokulinda emathangeni ngesikhathi sethu “sokuthunga” (ebusuku sasihlala ekamu lethu silungise amagilavu nezinye izinto), lapho abazalwane behleli kolunye uhlangothi njengabaqaphi. Lapho kufika unogada oyi-SS, ngayifihla ngokushesha INqabayokulinda. Ukubanjwa kwakuyosho ukuphila kwami!
UJehova wasisiza ngendlela emangalisayo ukuba sifake engqondweni imiqondo eqinisayo eyayikulezozihloko. Ngokuvamile ukukhathala kakhulu kwakungenza ngibe nobuthongo obukhulu ebusuku. Kodwa ebusuku bangemva kokufunda INqabayokulinda, ngangiphaphama izikhathi eziningana futhi ngikhumbule amaphuzu ngokucace kahle. Abazalwane abakhethiwe kwezinye izingxenye zezitokisi babenokuhlangenwe nakho okufanayo. Kanjalo uJehova walola inkumbulo yethu ukuze sikwazi ukwaba ukudla okungokomoya. Lokhu sasikwenza ngokuya kumzalwane ngamunye futhi simqinise.
Ukwethembeka Kuze Kube Sekufeni
NgoSeptember 15, 1939, iqembu lethu lezisebenzi kwakumelwe liphindele emuva ekamu ngaphambi kwesikhathi esivamile. Kwakwenzenjani? UAugust Dickmann, omunye wabazalwane bethu abasebasha, wayezobulawa obala. AmaNazi ayethemba ukuthi lokhu kwakuyokwenza isibalo esikhulu soFakazi silahle ukholo lwaso. Ngemva kokubulawa kwakhe, zonke ezinye iziboshwa zadedelwa. Kodwa thina boFakazi BakaJehova sasigijinyiswa sehliswa senyuswa enkundleni, sikhahlelwa futhi sishaywa ngezinduku saze sangakwazi ukunyakaza. Sayalwa ukuba sisayine umbhalo wokulahla ukholo lwethu; ngale kwalokho, nathi sasizodutshulwa.
Ngosuku olulandelayo, akekho owayesayinile. Eqinisweni isiboshwa esisha, esasisayine lapho sifika, manje sahoxisa isignesha yaso. Sakhetha ukufa nabazalwane baso kunokuhamba ekamu njengembuka. Ezinyangeni ezilandelayo, sajeziswa ngokwenza umsebenzi onzima, ukuphathwa kabi ngokuqhubekayo, nangokuncishwa ukudla. Abazalwane bethu abangaphezu kwekhulu bafa phakathi nobusika obunzima buka-1939/40. Bagcina ubuqotho babo kuJehova noMbuso wakhe kwaze kwaba sekugcineni.
Khona-ke uJehova walungiselela usizo. Abazalwane abaningi bashintshwa bayosebenza emakamu ayakhiwe kabusha, lapho babethola khona ukudla okwengeziwe. Ngaphezu kwalokho, ukuhlushwa kwehla kancane. Entwasahlobo ka-1940, ngashintshelwa ekamu lokuhlushwa laseNeuengamme.
Amalungiselelo Angokomoya ENeuengamme
Lapho ngifika, kwakuneqembu loFakazi abangu-20, lingenalo iBhayibheli noma ezinye izincwadi. Ngathandaza kuJehova ukuba angisize ngisebenzise izinto engangizifunde eSachsenhausen ukuze ngiqinise abazalwane eNeuengamme. Okuyisinyathelo sokuqala, ngakhumbula imibhalo ngase ngiyikhetha ukuba ibe amatekisi ansuku zonke. Khona-ke kwenziwa amalungiselelo emihlangano lapho ngangizochaza khona amaphuzu avela ezihlokweni zeNqabayokulinda engangizifunde eSachsenhausen. Lapho kufika abazalwane abasha, babebika izinto ababezifunde komagazini beNqabayokulinda bamuva.
Ngo-1943 isibalo soFakazi BakaJehova eNeuengamme sase sikhule safika ku-70. OFakazi BakaJehova bakhethelwa ukwenza umsebenzi ngaphandle kwekamu, njengokuhlanza ngemva kokuhlasela kwezindiza. Ngenxa yalokho, sakwazi ukuletha amaBhayibheli, amakhophi eNqabayokulinda, nezinye izincwadi zeNhlangano nezincwajana ngesinyelela ekamu. Sasithola futhi amaphasela ngeposi, ayequkethe izincwadi ezengeziwe kanye newayini elibomvu nesinkwa esingenamvubelo kweSikhumbuzo saminyaka yonke. Ngokusobala uJehova wabashaya ngobumpumputhe ababehlola lamaphasela.
Sisakazekile njengoba sasisezakhiweni ezihlukahlukene, sakha amaqembu eSifundo SeNqabayokulinda ayisikhombisa, ngalinye linomqhubi nombambeli. Amakhophi eNqabayokulinda ayenziwa ngokuyimfihlo ehhovisi lomphathi wekamu, lapho ngasebenza khona okwesikhashana. Ngakho-ke, iqembu lesifundo ngalinye lalithola okungenani umagazini owodwa ophelele wesifundo samasonto onke. Awukho ngisho nowodwa umhlangano owahoxiswa. Ngaphezu kwalokho, njalo ekuseni enkundleni, lamaqembu ayethola ikhophi yetekisi losuku, kuhlanganise nokukhulumela okuthathwe kuNqabayokulinda.
Ngesinye isikhathi ama-SS ayeneholide, ngakho sakwazi ukuqhuba umhlangano wengxenye yosuku futhi saxoxa ngendlela yokushumayela ekamu. Sahlukanisa ikamu laba amasimu futhi sazama ngokuhleleka ukufinyelela iziboshwa ‘ngevangeli lombuso.’ (Mathewu 24:14) Njengoba iziboshwa zazivela emazweni ahlukahlukene, senza amakhadi obufakazi ezilimi ezihlukahlukene ayechaza umsebenzi wethu noMbuso. Sashumayela ngentshiseko enkulu kangangokuba iziboshwa zezombangazwe zaze zakhononda: “Noma kuphi lapho uhamba khona, uzwa kukhulunywa ngoJehova!” Umbiko wenkonzo yasensimini womsebenzi wethu wafinyelela ngisho nasehhovisi legatsha eBern, eSwitzerland.
Konke kwahamba kahle kwaze kwaba yilapho amaGestapo ehlola wonke amakamu okuhlushwa ngo-1944. Indawo yethu yokugcina izincwadi eNeuengamme ayizange ibonwe, kodwa kwatholakala izinto ezimbalwa kuKarl Schwarzer nakimi. Saphenywa futhi sashaywa izinsuku ezintathu. Lapho loluvivinyo seluphelile, sobabili sasigcwele imivimbo. Nokho, ngosizo lukaJehova, sasinda.
Inala Yezibusiso Ezingokomoya
Ngakhululwa amabutho amaZwe Asizanayo ngoMay 1945. Ngosuku olwalandela olokukhululwa, ngaqala ukuhamba neqembu elincane labazalwane nabantu abathakazelayo. Sikhathele, sahlala phansi emthonjeni emzaneni wokuqala esafika kuwo sase siphuza amanzi. Ngizizwa ngiqabulekile, ngaya endlini ngendlu ngifake iBhayibheli ekhwapheni. Owesifazane osemusha wathinteka kakhulu ngokuzwa ukuthi thina boFakazi BakaJehova sasikade sisemakamu okuhlushwa ngenxa yokholo lwethu. Wanyamalala waya ekhishini lakhe, wabuya nobisi namasemishi wapha iqembu lethu.
Ngemva kwalokho, sisagqoke izingubo zasekamu, samemezela isigijimi soMbuso kuwo wonke umzana. Esinye isakhamuzi sasimemela esidlweni esikhulu. Sasipha izinto esasiye saziswela iminyaka eminingi. Yeka umbukwane oconsisa amathe! Nokho, asizange nje sikudumele ukudla. Sathandaza futhi sadla ngendlela ethulile yenhlonipho. Lokhu kwabahlaba umxhwele ababebukele kangangokuthi lapho siqalisa umhlangano kamuva, bayilalela inkulumo yeBhayibheli. Owesifazane othile wasamukela isigijimi futhi namuhla ungudadewethu ongokomoya.
Saqhubeka nohambo futhi sabona ukunakekela kukaJehova ngezindlela ezimangalisayo. Yeka umuzwa omuhle okuye kwaba yiwo ukuqhubeka sijabulela, manje ngenkululeko, konke ukudla okungokomoya okukhishwa inhlangano kaJehova nokukuhlanganyela nabanye! Eminyakeni eye yalandela, ukwethembela kwethu ngokuphelele kuJehova kuye kwavuzwa ngokuphindaphindiwe.
Kusukela ngo-1945 kuya ku-1950, ngaba nelungelo lokukhonza eBethel yaseMagdeburg futhi ngemva kwalokho, kwaze kwaba u-1955, ehhovisi leWatch Tower Society eBerlin. Ngemva kwalokho, ngakhonza njengombonisi ojikelezayo kwaze kwaba u-1963, lapho umkami, uHilde, ebika ukuthi ukhulelwe. (UEva, umkami wokuqala, wayeshone ngesikhathi ngiboshiwe, ngase ngiphinda ngishada ngo-1958.) Kamuva indodakazi yethu yaba uFakazi oshisekayo.
Kuthiwani ngezingane zomshado wami wokuqala? Ngeshwa, indodana yami ayibonisanga sithakazelo eqinisweni. Kodwa indodakazi yami uGisela yasibonisa, futhi yaya esikoleni sezithunywa zevangeli saseGileyadi ngo-1953. Manje ikhonza, kanye nomyeni wayo, kwelinye lamaHholo oMhlangano eJalimane. Ngosizo lukaJehova, ngiye ngakwazi ukuhlala enkonzweni yobuphayona obuvamile kusukela ngo-1963 nokukhonza lapho kudingeka khona usizo, okokuqala eFrankfurt kwase kuba seTübingen.
Kuze kube namuhla ngisaqhubeka ngijabulela wonke amalungiselelo enziwa inhlangano kaJehova iwenzela abendlu yakhe yokukholwa. (1 Thimothewu 3:15) Namuhla, kulula kakhulu ukuthola ukudla okungokomoya, kodwa ingabe siyakwazisa ngaso sonke isikhathi? Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova unezibusiso eziningi azigcinele labo abathembela kuye, bahlale bethembekile, futhi bazondle etafuleni lakhe.
[Umdwebo ekhasini 26, 27]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IKAMU LOKUHLUSHWA LASESACHSENHAUSEN
A. Izakhiwo zama-SS
B. Igceke lokubiza amagama
C. Izitokisi
D. Indawo engayodwa ejele
E. Indawo yokususa izintwala
F. Indawo yokubulalela
G. Indlu yokubulala ngesisi esinobuthi
[Isithombe sika-Ernst noHilde Wauer ekhasini 25]