Imithandazo Yobani Ephendulwayo?
UJEHOVA unguNkulunkulu ophendula imithandazo. Eqinisweni, iZwi lakhe, iBhayibheli, limbiza ngokuthi ‘umuZwi wemikhuleko.’ (IHubo 65:2) Uzimisele ukuphendula imithandazo. Kodwa imithandazo yobani ngempela ayiphendulayo?
UNkulunkulu uphendula imithandazo yabantu abamthokozisayo. Banesimo sengqondo sokuhlonipha somhubi owathi: “Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena-Nkulunkulu. Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo.” (IHubo 42:1, 2) Nokho, yibuphi ubufakazi obukhona obubonisa ukuthi uJehova uyayiphendula imithandazo yabakhulekeli bakhe beqiniso?
Ubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Uyayiphendula Imithandazo
IBhayibheli liqukethe umlando omude ofakazela ukuthi uJehova uyayiphendula imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile. Ngokwesibonelo, lapho iNkosi uJehoshafati yakwaJuda ithandazela ukuba ikhululwe, uNkulunkulu wawuphendula umthandazo wayo futhi wayenza yanqoba ngokubangela ukuba izitha zayo zilwe zodwa. (2 IziKronike 20:1-26) Lapho ngokufanayo iNkosi uHezekiya ibhekene nebutho lempi elesabekayo, yathandaza ngokuzithoba kuNkulunkulu icela usizo. UHezekiya wabona ukusindisa kukaJehova lapho ingelosi ibulala abaseAsiriya abangu-185 000 ngobusuku obubodwa.—Isaya 37:14-20, 36-38.
Kungani uNkulunkulu ayiphendula leyomithandazo? Kuzo zombili izimo, lamakhosi anxusa ngokuthi ukwehlulwa kulezozimpi kwakuyohlambalaza igama likaJehova. (2 IziKronike 20:6-9; Isaya 37:17-20) Ayekhathalele idumela lakhe. “Injongo eyisisekelo yomthandazo,” kusho iInternational Standard Bible Encyclopedia, “ayikhona nje ukuzuzisa lowomuntu onxusayo kodwa iwukuhlonipha igama likaNkulunkulu.” Ngakho-ke, izinceku ezithembekile zikaJehova zingaqiniseka ngokuthi uyozisiza “ngenxa yegama lakhe.” Umbhalo ogciniwe ofakazela ukuthi imithandazo enjalo iye yaphendulwa unikeza abantu bakaNkulunkulu isiqiniseko sokuthi uyayizwa imithandazo yabo.—IHubo 91:14, 15; 106:8; IzAga 18:10.
Nokho, nakuba isimo sihilela igama likaJehova, uNkulunkulu onqumayo ukuthi kumelwe yini ayiphendule imithandazo ethile noma angayiphenduli. Angase abe nezizathu ezizwakalayo zokuba angayiphenduli eminye imithandazo. Uma sinomuzwa wokuthi imithandazo yethu ayizwiwa, kuhle ukucabangela isizathu esingase sibangele lokhu.
Isizathu Sokuba Eminye Imithandazo Ingaphendulwa
UJehova wake watshela amaIsrayeli: “Lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa.” Eveza isizathu, waqhubeka: “Izandla zenu zigcwele igazi.” (Isaya 1:15) Kungenzeka kanjani ukuba umuntu angawunaki umthetho kaJehova kodwa abe sethubeni lokuzwiwa nguye? Isaga seBhayibheli sinikeza impendulo ecacile, sithi: “Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.”—IzAga 28:9.
IBhayibheli linikeza esinye isizathu sokuba eminye imithandazo ingazwiwa, lapho lithi: “Niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.” (Jakobe 4:3) Cha, uJehova ngeke ayiphendule imithandazo yokufuna ukwanelisa izifiso ezimbi. Kumelwe sikhumbule futhi ukuthi uNkulunkulu akamukeli imiyalo kubantu. NguYena onqumayo ukuthi uzoyiphendula kanjani imithandazo yethu.
Imithandazo eyophendulwa nakanjani yileyo eyiswa kuNkulunkulu ngenhliziyo ivela ezinhliziyweni ezihlanzekile, ngesisusa esifanele, nangendlela yakhe emisiwe—ngoJesu Kristu. (Johane 14:6, 14) Kodwa ngisho nalabo imithandazo yabo ehlangabezana nezimfuneko ezinjalo ngezinye izikhathi baye baba nomuzwa wokuthi ayiphendulwa. Kungani uNkulunkulu angase angayiphenduli ngokushesha imithandazo ethile yezinceku zakhe?
UJehova wazi isikhathi esingcono kakhulu sokuba aphendule imithandazo. Nakuba umfana ecela ibhayisekili, uyise angase angamthengeli kuze kube yilapho lomntwana esekhule ngokwanele ukuba aligibele ngokuphephile. Kungenzeka okufanayo ngeminye imithandazo yalabo abathanda uNkulunkulu. Njengoba ekwazi lokho okubalungele, unikeza lokho okudingekayo ngesikhathi esifaneleke kakhulu.
Nokho, izinceku zikaJehova azikutholi konke ezingase zikuthandazele. Njengoba zingaphelele, zingase zifise izinto ezithile ezingase zingazilungeli. UYise wasezulwini onothando ngeke azinikeze izinto ezilimazayo, ngoba unguMuphi wazo ‘zonke izipho ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo.’ (Jakobe 1:17) Ngokufanayo, uNkulunkulu angase anganikezi okuthile akubona kungadingekile. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 12:7-10.) Uphendula imithandazo evumelana nentando yakhe nenjongo ngabantu bakhe.—1 Johane 5:14, 15.
UJesu “Wezwiwa”
UJesu Kristu wayeyindoda yomthandazo. (Mathewu 6:9-13; Johane 17:1-26) Wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi uYise wasezulwini wayeyoyizwa futhi ayiphendule imithandazo yakhe. UJesu wake wathi: “Baba, . . . bengazi mina ukuthi ungizwa njalo.” (Johane 11:41, 42) Kodwa ingabe uJesu akazange yini adumale ekupheleni kwenkambo yakhe yasemhlabeni? Akazange yini ngalesosikhathi amemeze: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”—Mathewu 27:46.
Lapho uJesu esho lawomazwi, ngokusobala wayegcwalisa isiprofetho esiphathelene nokufa kwakhe. (IHubo 22:1) Ngomqondo olinganiselwe, uJesu kungenzeka futhi wayesho ukuthi uJehova wayesisusile isivikelo sakhe futhi wavumela ukuba iNdodana yakhe ife ukufa okubuhlungu nokuhlazisayo ukuze avivinye ubuqotho bayo kuze kube sekugcineni. Ukuhlolwa kwezenzakalo zangalolosuku lokugcina lokuphila kukaJesu kwasemhlabeni kubonisa ukuthi uNkulunkulu wayizwa imithandazo yakhe.
Ngobusuku bokuboshwa kwakhe, uJesu wathandaza ensimini yaseGetsemane. Izikhathi ezintathu wanxusa: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesisitsha.” (Mathewu 26:39, 42, 44) UJesu wayenganqikazi ukunikela ngokuphila kwakhe kube yisihlengo sesintu esikholwayo. Cha, kodwa ngokusobala wayekhathazeke kakhulu ngethuba elalingaba khona lokuhlambalaza uYise othandekayo ngokufa esigxotsheni sokuhlushwa njengomhlambalazi oqalekisiwe. Ingabe uJehova wawuzwa umthandazo kaJesu?
Eminyakeni eminingi kamuva umphostoli uPawulu wabhala: “Owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.” (Heberu 5:7; Luka 22:42, 44) Yebo, ngobusuku bezinhlungu obabandulela ukufa kwakhe, uJesu “wezwiwa.” Kodwa kanjani?
UJehova wathumela ingelosi ‘eyabonakala [kuJesu], imqinisa.’ (Luka 22:43) Eqiniswe kanjalo, uJesu wakwazi ukubhekana nokufa esigxotsheni sokuhlushwa. Ngokusobala, ngalesosikhathi uJehova wamnikeza isiqiniseko sokuthi ukufa kwakhe esigxotsheni kwakungeke kulethe isihlamba egameni laphezulu kodwa ekugcineni kwakuyoba iyonanto eyayiyosetshenziswa ekulingcweliseni. Ngempela, ukufa kukaJesu esigxotsheni sokuhlushwa kwavulela amaJuda indlela yokuba asindiswe ekulahlweni ekufeni, okwakuyothi ngaphandle kwayo abe ngaqalekisiwe ngaphansi koMthetho.—Galathiya 3:11-13.
Ezinsukwini ezintathu kamuva, uJehova wamvusa uJesu futhi wamhlangula kunoma yiliphi icala lokuhlambalaza okungenzeka wayemangalelwe ngalo ngokuba amphakamisele esikhundleni esiphakeme sasezulwini. (Filipi 2:7-11) Yeka indlela emangalisayo yokuphendula umthandazo kaJesu ophathelene ‘nalesisitsha’! Lowomthandazo waphendulwa ngendlela kaJehova. Futhi uJesu wathola izibusiso ezimangalisayo ngoba wayetshele uYise wasezulwini: “Makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”—Luka 22:42.
Indlela UJehova Aphendula Ngayo Imithandazo Namuhla
NjengoJesu, labo abafuna ukuthokozisa uJehova namuhla kufuneka njalo bacele ukuba kwenzeke intando kaNkulunkulu. Kudingeka babe nokholo lokuthi uJehova uyoyiphendula imithandazo yabo ngendlela eyobazuzisa kakhulu. Eqinisweni, ‘uyokwenza okukhulu kakhulu kunakho konke abakucelayo nabakuqondayo.’—Efesu 3:20.
Owesifazane osemusha ongumKristu owayehlala nabazali bakhe abangakholwa wabubona ubuqiniso balowombhalo. Encwadini eyayivela eWatch Tower Society, wacelwa ukuba acabangele ngomthandazo ithuba lokwamukela isabelo esikhethekile sezithunywa zevangeli. Nakuba isifiso sakhe esiqotho sasiwukuba ahlale ekhaya ukuze asize abazali bakhe babe amaKristu, wabuza uNkulunkulu ngomthandazo: “Iyini intando yakho? Ingabe iwukuba ngamukele lesimemo kungakhathaliseki ukuphikisa kwabazali bami, noma ingabe iwukuba ngisize abazali bami ngokuba ngiqhubeke ngihlala nabo?” Ngaso sonke isikhathi lapho ethandaza, unembeza wakhe wawumtshela ukuba asamukele lesimemo. Wanquma ukuthi lena kwakuyimpendulo eyayivela kuJehova.
UNkulunkulu wamqinisa lona owesifazane ukuba anamathele esinqumweni sakhe. Lapho ecelwa ukuba athuthele esiQhingini saseAwaji, eJapane, abazali bakhe bethuka futhi bakuqinisa ukuphikisa kwabo. Nokho, njengoba babehluleka ukumenza ashintshe ingqondo yakhe, unina wanquma ukuba atadishe iBhayibheli ukuze nje abone isizathu sokuba indodakazi yakhe yenze isinqumo esinjalo. Ezinyangeni ezintathu kamuva abazali bakhe bamvakashela. Lapho ebona indlela ayenakekelwa kahle ngayo ngabanye oFakazi BakaJehova, uyise wahlabeka umxhwele ngokujulile futhi kwakuthi lapho eseyedwa akhale. Ngokushesha naye waqala ukutadisha iBhayibheli. Ekugcineni bobabili abazali balona owesifazane osemusha babhapathizwa futhi baqala ukukhonza uJehova ngokwethembeka. Ingabe uJehova uNkulunkulu akazange yini ambusise lona owesifazane ongumKristu ngokukhulu kakhulu?
Imithandazo Yabo Iyaphendulwa
Ingabe uyawakhumbula amazwi owesifazane okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwesihloko esandulelayo? Wayengakaze abe nomuzwa wokuthi imithandazo yakhe iyaphendulwa. Nokho, kamuva waqonda ukuthi uNkulunkulu wayeyiphendula imithandazo yakhe. Lona owesifazane wayegcine umbhalo wamaphuzu ayinhloko emithandazo yakhe. Ngolunye usuku wahlola lencwadi yokubhala amaphuzu futhi waqaphela ukuthi uJehova wayeyizwile imithandazo yakhe eminingi, ngisho naleyo yena ngokwakhe ayeseyikhohliwe! Kanjalo waqonda ukuthi uNkulunkulu wayemnakekela futhi eyiphendula imithandazo yakhe ngendlela yothando eyamzuzisa kakhulu.
Uma unomuzwa wokuthi imithandazo yakho ayiphendulwa, zibuze: ‘Ingabe nginabo ubuhlobo bomuntu siqu noJehova, ‘umuZwi wemikhuleko’? Uma kungenjalo, ingabe ngithatha izinyathelo zokufunda ngaye futhi ngibe ngesinye sezikhonzi zakhe ezizinikezele?’ Uyayiphendula imithandazo yalabo abamthandayo nabenza intando yakhe. ‘Bayaphikelela emthandazweni’ futhi bayezwiwa, njengoba uJesu ezwiwa. (Roma 12:12, qhathanisa neNW.) Ngakho, ‘thululela inhliziyo yakho’ kuJehova futhi wenze intando yakhe. (IHubo 62:8) Khona-ke imithandazo yakho iyozwiwa.
Namuhla, izigidi zabantu zithandazela okuthile okukhethekile. Yebo, futhi imithandazo yazo iyazwiwa. Ake sibone ukuthi kungani singaqiniseka ngokuthi imithandazo enjalo iyophendulwa.