Imifanekiso—Isihluthulelo sokufinyelela izinhliziyo
UDAVIDE ubelokhu ebaleka ukuze asindise ukuphila kwakhe. Isitha sakhe nguSawule, inkosi egcotshiwe yakwaIsrayeli. Nokho, uSawule uyindoda egcwele inzondo ngoDavide, egcwele umona. Ekufuneni kwayo ngenjongo yokubulala, inkosi manje isilande amasosha angu-3 000. Njengoba sebefana nobala nje, uDavide namadoda akhe sebecashe phakathi komhume ehlane.
Njengoba uDavide namadoda akhe bebuthana ndawonye ebumnyameni, isimo sishintsha ngokumangalisayo. INkosi uSawule iza kuwo kanye lomhume izozikhulula. UDavide uyanyonyoba eze esitheni sakhe esingenakuzisiza, ephethe isikhali. Kodwa okumangalisa abantu bakaDavide, akayibulali inkosi. Umane nje asike umphetho wengubo kaSawule. Ezisola ngisho nangalokhu, uDavide uthi: “Makube-kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelule isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”—1 Samuweli 24:1-6.
Lokhu kulandisa kweBhayibheli kufundisa isifundo esinengqondo ngokuhlonipha igunya elimiswe uNkulunkulu. Futhi kufinyelela inhliziyo, mhlawumbe ngisho nangokuphumelela ngokwengeziwe kuneseluleko esiqondile. Anjalo amandla ezindaba ezilotshwe eBhayibhelini likaNkulunkulu ngenjongo yokusifundisa.—Roma 15:4.
Ngokufanelekile, oFakazi BakaJehova bazama ukwenza okungaphezu kokuveza amaqiniso lapho beshumayela izindaba ezinhle, beqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya, benikeza izinkulumo ezingokomBhalo, noma befakaza ngokwethukela. Bazama ukufinyelela izinhliziyo ngokulandisa okuhlangenwe nakho nangokusebenzisa imifanekiso. Incwadi yabo Yokuchasisa Isikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini iyachaza: “Imifanekiso iqhubezela isithakazelo iqokomise nemiqondo ebalulekile. Ivusa imicabango yomuntu bese yenza kube-lula kakhulu ukubamba imicabango emisha. Imifanekiso ekhethwe kahle ihlanganisa ukukhanga okunengqondo namandla okushayana komzwelo. . . . Lapho kudingekile, umfanekiso ungasetshenziswa ukugwema ubandlululo noma ukukhetha.”a—Ikhasi 167.
Encwadini yakhe ethi Essentials of Public Speaking, uWarren DuBois uyaphawula: “Umlobi noma isikhulumi masiveze imiqondo yaso ngezenzo noma ngamazwi abantu, futhi indaba engathakazelisi iyaphila futhi icace.” Kanjalo, ukwenza isigijimi esiphilayo kakade nesinikeza ukuphila siphile futhi sicace ngokuqinisekile kuyosiza izikhonzi ezingamaKristu ukuba zifinyelele inhliziyo.
Imifanekiso Efundisayo
Luhlobo luni lomfanekiso osebenza kahle? Ngokuvamile, yilowo osekelwe kokuthile izilaleli ezingakuqonda kalula. UJesu Kristu wabeka isibonelo esihle kulokhu. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wakhuluma ngezinto ezivamile ezinjengosawoti, izibani, nezinyoni. (Mathewu 5:1–7:29) Ngokwesibonelo, wonke umuntu wayejwayelene nezibani ezazivutha ngamafutha omnqumo futhi ngezinye izikhathi ezazibekwa othini lwesibani. Ngakho-ke, abafundi bakaJesu kumelwe ukuba baqaphela ukuthi kwakufanele babe abaphathi bokukhanya okungokomoya lapho ebatshela: “Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.” (Mathewu 5:15, 16) Imifanekiso engeyona inkimbinkimbi efanele indaba iyosiza izikhonzi ezingamaKristu ukuba zicacise imiqondo nezimfundiso zeBhayibheli.
Mhlawumbe imifanekiso kaJesu enamandla kakhulu yayigxile kubantu. Cabangela leyo elotshwe kuLuka izahluko 15 no-16. Ababhali nabaFarisi babesole uJesu ngokuthi wamukela izoni nabathelisi. Ekuphenduleni, waxoxa izindaba ezishukumisayo ngabantu. Wakhuluma ngomalusi owathola imvu yakhe eyayilahlekile, owesifazane owathola uhlamvu lwakhe olwalulahlekile, indodana yolahleko eyabuyela ekhaya, nenceku engathembekile.
Imifanekiso engokoqobo nokuhlangenwe nakho okungokoqobo kungaba usizo kakhulu esikhonzini esingumKristu. Ngokwesibonelo, phawula indlela uAlexander H. Macmillan, owahamba kakhulu njengesikhulumi sasobala iminyaka engu-60, achaza ngayo iqiniso leBhayibheli ngabafile. Kafushane ngaphambi kokufa kukayise, owayekholelwa ukuthi umphefumulo awufi, uMacmillan waba nalengxoxo naye:
“Ubaba wangibuza lombuzo oqondile: ‘Ndodana, ingabe ngiyoba nesizungu ethuneni lapho ngisalindele ukuba umbuso uqalise umsebenzi wawo wokugcwalisa umhlaba ngokuphelela?’
“Lowo kwakuwumbuzo insizwa eyayingenakuwuphendula kalula ukuze yanelise umuntu omdala owayengakaze acabange ngaleyondlela.
“Ekuphenduleni ngambuza: ‘Baba, ingabe ulale kahle izolo ebusuku?’
“Waphendula, ‘Yebo, ndodana yami, ngilale kahle ngemva kokuba udokotela enginike amaphilisi alalisayo.’
“‘Ingabe ubunesizungu lapho ulele?’
“‘Cha, bengingenaso. Ngifisa sengathi bengingahlala ngilele, ngoba angizwa zinhlungu uma ngilele.’”
Khona-ke uA. H. Macmillan wafundela uyise uJobe 14:13-15; no-3:17-19 wayesethi: “Ngakho uyabona, baba, abafile basebuthongweni bokufa futhi abazi lutho lapho bekulesosimo, ngakho bangaba kanjani nesizungu?”
Yeka ukufundisa okuphumelelayo! Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, nawe futhi ungayisebenzisa imibhalo nemifanekiso ukuze ufinyelele ingqondo nenhliziyo.
Ukuthola Imifanekiso
Kodwa ungayitholaphi imifanekiso ephumelelayo noma okuhlangenwe nakho okungokoqobo? Okuningi kungatholakala engcebweni yakho yokuhlangenwe nakho komuntu siqu. Ngokwesibonelo, ingabe udinga ukubonisa izibusiso zokholo, amandla omthandazo, noma injabulo yenkonzo? Uma ungumKristu ozinikezele, cishe ungalandisa ngezenzakalo ezihlukahlukene ekuphileni kwakho siqu. Ungase uzwe okuhlangenwe nakho okuhle emhlanganweni webandla noma lapho ukhuluma namaKristu okanye nawo. Noma ungase ufunde okuhlangenwe nakho okukhuthazayo kuYearbook of Jehovah’s Witnesses. Eqinisweni, iWatch Tower Publications Index yenza ukwazi ukuthola okuhlangenwe nakho okulotshiwe okuvela emhlabeni wonke.
Ungakuxoxa kanjani okuhlangenwe nakho ngokuphumelelayo? Phakathi kokunye, ukwakha isilinganiso sokulindela okuthile kuyakusiza ukuba ubambe ukunakekela kwezilaleli zakho. Ungase uqalise okuhlangenwe nakho ngokuthi: “Elinye iphayona lafunda kulo siqu indlela uJehova abusisa ngayo labo abathembela kuye.” Ngokushesha, izilaleli zakho ziyazibuza ukuthi iziphi izibusiso ezajatshulelwa umshumayeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Qiniseka ukuthi uyazitshela.
Zama ukulandisa okuhlangenwe nakho ngamazwi akho. Nikeza imininingwane, ngoba ukwenza kanjalo kwenezela isisindo endabeni. Ngokwenza umfanekiso ocacile wezimo ezihilelekile, ungazishukumisa kalula ngokwengeziwe izilaleli zakho. Kodwa qiniseka ukuthi ungahileleki kakhulu ekuxoxeni indaba kangangokuthi zize zehluleke ukuqonda isizathu sokulandisa kwakho ngalokho okuhlangenwe nakho. Futhi, gwema ukweqisa, ngoba nakuba lokhu kungase kwenze indaba ithakazelise ngokwengeziwe, kungalulaza ukwethenjwa kwakho. Ngenxa yesizathu esifanayo, gwema ukuxoxa inzwabethi noma ukulandisa okuhlangenwe nakho ongenakukufakazela.
Ukwenza IBhayibheli Liphile
Okuhlangenwe nakho okufundisa kakhulu kutholakala eBhayibhelini ngokwalo. Ngokwesibonelo, mhlawumbe ufisa ukubonisa umfundi weBhayibheli noma izilaleli ukuthi abantwana bangammelela uJehova uNkulunkulu. Ungase unqume ukusebenzisa indaba yentombazane engashiwongo igama eyakhuluma kumkaNahamani ngomprofethi kaJehova uElisha. Okokuqala, funda ukulandisa okukweyesi-2 AmaKhosi 5:1-5. Khona-ke ungase ubuze: “Ucabanga ukuthi kwakunzima kangakanani ngalentombazane ukugcina ubuqotho kuNkulunkulu ezweni lokukhulekela kwamanga? Ingabe kwakungadingi isibindi ngayo ukuba ikhulume ngokuqinisekile ngoJehova nangomprofethi wakhe?”
Ukucwaninga kusengaphambili bekungase kukusize ukuba wenze lokhu kulandisa kuphile. Ubungase uthole ukwaziswa okuwusizo ngaphansi kwezihloko ezithi NAAMAN, SYRIA, nesithi ELISHA kuyiWatch Tower Publications Index. Izikhombo eziseceleni ezikuyiNew World Translation of the Holy Scriptures bezingase zikuhole zikususa ekulandiseni okukweyesi-2 AmaKhosi zikuse kumaHubo 148:12, 13, lapho sifunda khona ukuthi: “Nani-zinsizwa nezintombi, nani-maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.” Yeka isikhuthazo entsheni sokuba ikhulume izwi likaNkulunkulu ngesibindi!—IzEnzo 4:29-31.
Uma uyisikhonzi esingumKristu, ‘qaphela isifundiso sakho’ kulokhu. (1 Thimothewu 4:16) Ungamane nje uxoxe ngeqiniso—lifanekise. Yenza ukulandisa kweBhayibheli kucace futhi kube nengqondo. Sebenzisa okuhlangenwe nakho nemifanekiso okufanelekayo. Lezi izindlela zokufinyelela inhliziyo.
[Umbhalo waphansi]
a Eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 29]
NjengoJesu, izikhonzi ezingamaKristu zosuku lwanamuhla zingasebenzisa imifanekiso ecacile ukuze zidlulisele isigijimi sazo futhi zifinyelele izinhliziyo