Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 12/1 kk. 21-23
  • Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe Zesivuno Somhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe Zesivuno Somhlaba Wonke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ikhaya Elisha Lesikole SaseGileyadi Sezithunywa Zevangeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izibusiso Zemfundo YaseGileyadi Zisakazeka Emhlabeni Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukuqeqeshwa KwaseGileyadi Okholweni Olungcwele Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • ISikole SaseGileyadi—Sesineminyaka Engu-50 Sikhona Futhi Siyadlondlobala!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 12/1 kk. 21-23

Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe Zesivuno Somhlaba Wonke

USEPTEMBER uyinyanga abalimi abavuna ngayo, kodwa umsebenzi wokuvuna obaluleke kakhulu kunalowo wadonsela isixuku esikhulu sabantu eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova laseJersey City, ngaphesheya nje koMfula iHudson uma usuka eDolobheni laseNew York, ngoSeptember 8, 1991. Kwakwethweswa ikilasi lama-91 leWatchtower Bible School of Gilead iziqu. Lapho kwakukhona amalungu angu-4 263 omkhaya waseBethel nezimenywa, nabanye abangu-1 151 ababexhunywe ngocingo nendlunkulu yaseBrooklyn namapulazi aseWallkill nasePatterson.

Umongameli weSikole SaseGileyadi, uFrederick W. Franz, ocishe ahlanganise iminyaka engu-98 ubudala, waqalisa isimiso ngomthandazo othinta inhliziyo nonenhlonipho ejulile. UAlbert D. Schroeder, oyilungu leNdikimba Ebusayo nowayengumqondisi nothisha walesisikole, wakhonza njengosihlalo wesimiso sokuthweswa iziqu. Wakhumbuza izilaleli ngeHubo 2:1, 2 nangezinye iziprofetho ezibikezela lesikhathi sokuzamazama nesiphithiphithi phakathi kwezizwe. Lesisimo sokuphazamiseka siye sasho ukuvulwa kwamasimu amaningi amasha omsebenzi wokuvuna.

Inkulumo yokuqala yosuku yabekwa uGeorge M. Couch, oyilungu leKomiti yaseBethel. Isihloko sakhe sasithi “Balani Izibusiso Enizitholayo.” Wakhumbuza abafundi baseGileyadi ukuthi akunakuthiwa umuntu usheshe kakhulu ukukuqalisa lokhu. Waphawula ukuthi abafundi ngokwabo ngokuqinisekile babebusisekile kodwa wathi lezibusiso zazifike kuphela ngemva komsebenzi wokuzikhandla okukhulu. Ngokufanayo, uJakobe oneminyaka engu-97 ubudala walwa nengelosi ubusuku bonke—enza konke lokho ukuze athole isibusiso. (Genesise 32:24-32) Umfoweth’ uCouch wanxusa abafundi ukuba bangagxili emicabangweni emibi kodwa ukuba babe isibusiso kwabanye ngokuhlakulela ukuthula kwengqondo ngomthandazo nangokuzimisela.

Ngemva kwalokho uJohn E. Barr weNdikimba Ebusayo wakhuluma ngesihloko esithi “Yibani Nothando Phakathi Kwenu.” Abalandeli bakaJesu babezimisele ukufelana. Wabuza abafundi, “Ingabe niyaluzwa loluhlobo lothando luchichima ezinhliziyweni zenu?” Wathi, ‘Ngaphandle kwaloluthando, asiyinto yalutho. Kulula kanjalo nje.’ (1 Korinte 13:3) Umfoweth’ uBarr wabala uhlu lwezinye izindlela zokubonisa uthando ngendlela engoqokobo. Wakhuthaza abafundi ukuba baphathe ezinye izithunywa zevangeli ezingozakwabo ngenhlonipho, bahlale njalo befuna indlela enobuciko yokusho izinto. ‘Khohlwani izimpikiswano ezincane,’ ebeluleka, ecaphuna eyoku-1 Petru 4:8. Waphawula ukuthi ngisho nezinsuku zokupheka zezithunywa zevangeli ziyizikhathi lapho zingabonisa khona uthando ngokubheka lomsebenzi njengongaphezu nje kokuba umsebenzi wokugcina icala. Wakhumbuza abafundi: “Asilokothi siyeke ukukweleta abafowethu nodadewethu uthando.”—Roma 13:8.

Isihloko esithi “Wethemba Kangakanani?” sasiyisihloko esithakazelisayo esathuthukiswa kahle uDavid A. Olson weKomiti Yomnyango Wenkonzo. Waqokomisa izici ezimbili esingabonisa kuzo ukwethemba: kuJehova nenhlangano yakhe, esinezizathu eziningi zokukwenza (IzAga 14:6; Jeremiya 17:8); nakithi ngokwethu. Izithunywa zevangeli zinesizathu sokuba zibe nesilinganiso esithile sokuzethemba, njengesizinda ezinaso njengezikhonzi nomthwalo uJehova nenhlangano yakhe abaziphathise wona. Umphostoli uPawulu wabonisa ukwethemba okunjalo ngenxa yezizathu ezifanayo. (1 Korinte 16:13; Filipi 4:13) Nokho, umfoweth’ uOlson waxwayisa ngokuzethemba ngokweqile okukhuthazwa izwe, njengoba kuboniswa umlobi odumile okubikwa ukuthi wathi: “Ngivame ukucaphuna amazwi ami. Kunezela isinongo engxoxweni yami.” Nokho, ukwethemba okwenziwa kube sesilinganisweni ngokuthobeka kungabangela abanye ukuba bethembe. Lokhu kwakunjalo ngempela endabeni kaPawulu.—Filipi 1:12-14.

ULyman A. Swingle weNdikimba Ebusayo ngokulandelayo wanxusa abafundi: “Yanini Emasimini Okumelwe Avunwe, Nina Enithole Iziqu ZaseGileyadi!” Wathi lolu kwakuwusuku lokuvuna lweSikole saseGileyadi nabazalwane bomhlaba wonke, njengoba abathole iziqu babezohamba futhi bahlanganyele nezinkulungwane zabathola iziqu kuqala abasesemsebenzini wezithunywa zevangeli—abanye abavela ekilasini lokuqala, elesibili, nelesithathu awo-1940! Umfoweth’ uSwingle waphawula ukuthi emuva ngalesosikhathi akekho owayazi ukuthi umsebenzi wezithunywa zevangeli wawuzoqhubeka eminye iminyaka engu-50, noma ukuthi ubuNazi, iFascism, neminye imingcele yohulumeni eyayivimbela umsebenzi wokushumayela kwakuzowohloka. “Uma simangazwa yilokho uJehova akwenze esikhathini esedlule,” wabuza, “kuthiwani ngesikhathi esizayo?” Waphetha ngesimemo esivusa amadlingozi esasibhekiswe kubafundi: “Yanini ensimini!”

Othisha ababili abayinhloko beSikole SaseGileyadi ngalesosikhathi bakhuluma nekilasi lama-91 okokugcina. UJack D. Redford wakhuluma ngesihloko esithi “Zuzani Ukuhlakanipha.” Watshela abafundi ukuthi iSikole SaseGileyadi, sifundisa ulwazi nokuqonda, kodwa kumelwe bazuze ukuhlakanipha, ikhono lokusebenzisa ulwazi lwabo ngendlela eqondile. Wanxusa abafundi ukuba balahle insumansumane yokuthi babefunde yonke into eGileyadi. “Yilokho enikufunda ngemva kokuthola iziqu esikoleni okubalulekile.” Phakathi kwezinye izinto okusamelwe bazifunde yilezi: ukusebenzelana ngokuthula nabantu, bakwazi ukuthi “ngiyaxolisa” kumlingane, ezithunyweni zevangeli ezingozakwabo, nakubazalwane nodade bendawo; ukuqaphela ukuba bathembe lokho abakubona okokuqala futhi baqaphele ukuthi noma iyiphi inkinga inzima, idinga ukuziqonda ngokujulile izimo ngaphambi kokunikeza iseluleko esihlakaniphile; nokuhlonipha abazalwane bendawo ngekhono labo lokwazi ukuphila ezimweni ezinzima.—IzAga 15:28; 16:23; Jakobe 1:19.

U-Ulysses V. Glass, umqondisi weSikole SaseGileyadi, wenza incwadi yabaseFilipi 3:16 yaba isihloko senkulumo yakhe. Wancoma ikilasi ngentuthuko elaliyenzile futhi walinxusa ukuba liqhubeke ngokuvumelana nalowombhalo. Nakuba abafundi kumelwe baqhubeke bethola ulwazi oluqondile, waphawula ukuthi, babengeke bazi konke. Wenza umfanekiso wokucacisa leliphuzu ngewashi elinezinombolo ezilokhu zicisha zibuye zivele. Umninilo angase ayazi indlela yokulenza lisebenze ngaphandle kokuba azi ukuthi lisebenza kanjani ngempela. Ngokufanayo, izithunywa zevangeli akumelwe zibabukele phansi labo, okuthi nakuba bengenalo ulwazi olujule njengolwazo, bazi lokho okubalulekile—indlela yokwesaba uJehova. (IzAga 1:7) Wakhumbuza ikilasi ngokubaluleka kokugcina ‘iso lilihle.’ (Mathewu 6:22) Iso elingokomoya lingaxhopheka njengoba nje nelingokwenyama lingaxhopheka. Ngokwesibonelo, abanye, banombono olinganiselwe—bagxila kakhulu emininingwaneni emincane embalwa ukuze babone umfanekiso wonke—kuyilapho abanye, ngokuphambene, bebona kuphela izindaba ezinezelayo futhi baqhele kakhulu ezindabeni eziyinhloko okumelwe bakhulume ngazo.

Inkulumo yokuphetha yasekuseni yayinesihloko esithi “Ukubona Nokusebenza NeNhlangano KaJehova,” eyabekwa uTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo. Umfoweth’ uJaracz waphawula ukuthi nakuba kunezinkulungwane zezinhlangano ezinkulu nezincane emhlabeni, iyodwa kuphela kulezi engaveli ezweni. Singayibona kanjani emelela uJehova? IZwi likaNkulunkulu linika izimpawu eziyibonisayo. IBhayibheli libonisa ukuthi izidalwa zakhe zasezulwini zihleleke kakhulu. (IHubo 103:20, 21; Isaya 40:26) Inhlangano kaJehova yasemhlabeni nayo ibonakala ngokuhleleka kwayo nangokuhluka kwayo ezweni, ukunamathela kwayo ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli, izinga layo eliphakeme lokuhlanzeka kokuziphatha, nothando phakathi kwamalungu ayo. Umfoweth’ uJaracz wanxusa abafundi baseGileyadi ukuba basize abaningi ngangokunokwenzeka ezabelweni zabo ukuba babone inhlangano kaJehova ngokomBhalo. Ngokuphathelene nalokho, wenza isimemezelo esihlaba umxhwele: Isikole saseGileyadi ngokushesha sizokwandiswa, sibe nabafundi abacishe babe u-50 ekilasini lama-93! Futhi, amakilasi eSikole SaseGileyadi Esandisiwe eJalimane ayoqala cishe ngesikhathi esifanayo. Ihlombe elikhulu lashaywa isikhathi eside!

Njengomvuthwandaba wasekuseni, bonke abafundi baseGileyadi abangu-24 bathola iziqu zabo. Ngokushesha babezohamba baye emazweni ahlukene angu-12 akuwo wonke umhlaba. Ikilasi lakhipha izwi lesinqumo elithinta inhliziyo, libonga iNdikimba Ebusayo nomkhaya waseBethel. Ngemva kokudla kwasemini, uMfoweth’ uCharles J. Rice weKomiti YamaPulazi EWatchtower waqhuba isiFundo seNqabayokulinda esifingqiwe. Khona-ke abathweswe iziqu benza isimiso esinomdlandla, bedlala imidlalo yokunye kokuhlangenwe nakho ababeye baba nakho enkonzweni yasensimini phakathi nesikhathi sabo sezinyanga ezinhlanu beseWallkill, eNew York. Ngemva kwalokho, abamemezeli abamelela amabandla amaningana endawo benza idrama enesihloko esithi Intsha Ekhumbula Umdali Wayo Manje.

Ekuphetheni isimiso, uMfoweth’ uGeorge Gangas, ilungu leNdikimba Ebusayo elineminyaka engu-95 ubudala, wathandaza kuJehova ngendlela eshukumisayo. Izilaleli zahamba zikhuthazekile, ngamunye ngokungangabazeki eshukunyiselwe ukuba abe nengxenye enkulu emsebenzini wokuvuna wembulunga yonke.

[Ibhokisi ekhasini 22]

Izibalo Zekilasi

Inani lamazwe amelelwe: 6

Inani lamazwe ababelwa kuwo: 12

Inani labafundi: 24

Inani lemibhangqwana eshadile: 12

Isilinganiso sobudala: 33,4

Isilinganiso seminyaka eqinisweni: 16,13

Isilinganiso seminyaka enkonzweni yesikhathi esigcwele: 11,3

[Isithombe ekhasini 23]

Ikilasi Lama-91 Elithweswa Iziqu LeWatchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuye emuva futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) McDowell, A.; Youngquist, L.; Skokan, B.; Wargnier, N.; Miller, Y.; Muñoz, M. (2) Bales, M.; Perez, D.; Attick, E.; Vainikainen, A.; Mostberg, K. (3) DePriest, D.; DePriest, T.; Perez, R.; Wargnier, J.; Muñoz, J.; Miller, J.; (4) McDowell, S.; Bales, D.; Skokan, M.; Attick, C.; Youngquist, W.; Vainikainen, J.; Mostberg, S.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela