Injabulo Yaphakade Ilindele Abantu Abaphayo Abesaba UNkulunkulu
“UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.”—JOHANE 3:16.
1, 2. (a) Ubani onguMuphi omkhulu kunabo bonke, futhi yisiphi isipho esikhulu kunazo zonke asipha isintu? (b) Lapho enikela ngesipho sakhe esikhulu kunazo zonke, iyiphi imfanelo uNkulunkulu ayibonisa?
UJEHOVA UNKULUNKULU unguMuphi omkhulu kunabo bonke. Umfundi ongumKristu uJakobe wayebhekisela kuye, uMdali wezulu nomhlaba, lapho ebhala: “Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.” (Jakobe 1:17) UJehova futhi unguMuphi wesipho esikhulu kunazo zonke ezake zanikezwa. Ngokuqondene nesipho esikhulu kunazo zonke asinikeza isintu, kwathiwa: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.
2 Lawomazwi ashiwo yiyo kanye leyoNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu ngokwakhe. Indodana ezelwe yodwa yanoma yimuphi ubaba ngokulindelekile ibiyomazisa futhi imthande ubaba onjalo njengomthombo wayo wokuphila nowazo zonke izinto ezinhle ezilungiselelwe ngenjongo yokuba ijabulele ukuphila. Kodwa uthando lukaNkulunkulu aluzange lugcine kuleNdodana eyodwa kuphela. Ukudlulisela isipho esinjalo kwezinye zezidalwa zakhe kwakuyobonakalisa ukubonisa kukaNkulunkulu uthando ngezinga elingavamile. (Qhathanisa nabaseRoma 5:8-10.) Lokhu kuba sobala ngisho nangokwengeziwe lapho sihlola lokho igama elithi “wanikela” elikushoyo ngempela kulomongo.
Isipho SikaNkulunkulu ‘SeNdodana Yothando Lwakhe’
3. Ngaphandle ‘kweNdodana yothando lwakhe,’ obani abanye abajabulela uthando lukaBaba wasezulwini?
3 Isikhathi esithile esingashiwongo, uNkulunkulu wayejabulele ubungane bomuntu siqu naleNdodana yakhe ezelwe yodwa—‘iNdodana yothando lwakhe’—ezulwini. (Kolose 1:13) Phakathi naso sonke lesosikhathi, uBaba neNdodana babeye bakhula othandweni ngomunye nomunye kangangokuba abekho abanye abantu abathandana njengabo. Ezinye izidalwa uNkulunkulu azenza zaba khona ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa nazo zathandwa njengamalungu omkhaya waphezulu kaJehova. Kanjalo, uthando lwabusa phezu kwawo wonke umkhaya kaNkulunkulu. Kushiwo ngokufanelekile emiBhalweni engcwele ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Ngakho-ke, umkhaya waphezulu wawuyokwakhiwa yilabo abathandwa uBaba, uJehova uNkulunkulu.
4. Kungayiphi indlela ukunikela kukaNkulunkulu ngeNdodana yakhe kwakuhilela okungaphezu kokulahlekelwa ubungane obuseduze, futhi wayekwenzela bani?
4 Izibopho ezazikhona phakathi kukaJehova neNdodana yakhe eyizibulo zaziqine kangangokuba ukuzamuka kwabo ubungane obuseduze kanjalo khona ngokwakho kwakuyoba ukulahlekelwa okukhulu. (Kolose 1:15) Kodwa ‘ukunikela’ ngaleNdodana ezelwe yodwa kwasho okungaphezu kokuzamuka kukaNkulunkulu ubungane bomuntu siqu ‘neNdodana yothando lwakhe.’ Kwafinyelela ngisho nasezingeni lokuvumela kukaJehova ukuba iNdodana yakhe ife futhi kanjalo okwesikhashana ingabi yilungu lomkhaya kaNkulunkulu wendawo yonke. Lokhu kwakuwukufela abantu ababengakaze babe amalungu omkhaya kaNkulunkulu. Asikho isipho uJehova ayengasenzela isintu esiswele esasingaba sikhulu ukwedlula iNdodana yakhe ezelwe yodwa, imiBhalo eyichaza futhi ngokuthi “ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu.”—IsAmbulo 3:14.
5. (a) Inzalo ka-Adamu yaba kusiphi isimo esibuhlungu, futhi yini ubulungisa bukaNkulunkulu obayifuna kwenye yamadodana aKhe athembekile? (b) Isipho sikaNkulunkulu esikhulu kunazo zonke sasiyofuna ukuba enzeni?
5 Umbhangqwana wokuqala ongabantu, uAdamu noEva, wehluleka ukulondoloza indawo yawo njengamalungu omkhaya kaNkulunkulu. Yileso isimo owazithola ukuso ngemva kokuba uxoshiwe ensimini yase-Edene ngenxa yokona kuNkulunkulu. Akukhona nje kuphela ukuthi wawungasewona amalungu omkhaya kaNkulunkulu kodwa futhi wawungaphansi kwesigwebo sokufa. Ngakho-ke, inkinga yayingekhona nje ukubuyisela inzalo yabo emseni kaNkulunkulu njengamalungu omkhaya wakhe kodwa futhi yayiwukususa isigwebo sokufa saphezulu esasiphezu kwayo. Ngokwendlela ubulungisa baphezulu obusebenza ngayo, lokhu kwakuyofuna ukuba enye yamadodana kaJehova uNkulunkulu ethembekile ibhekane nokufa njengombambeli, noma njengesihlengo. Ngakho, umbuzo omkhulu waba ukuthi: Ingabe lowo okhethiwe wayeyozimisela yini ukubhekana nokufa okunjalo njengombambeli ngenxa yezoni ezingabantu? Ngaphezu kwalokho, ukwenza lokhu kwakuyodinga ukuba uNkulunkulu onguMninimandla onke enze isimangaliso. Kwakuyodinga futhi ukubonakaliswa kothando lwaphezulu ngezinga elingenakuqhathaniswa.—Roma 8:32.
6. INdodana kaNkulunkulu yakwazi kanjani ukufaneleka ezidingweni zesimo esihilela isintu esinesono, futhi yathini ngokuqondene nalokhu?
6 INdodana kaJehova eyizibulo kuphela eyayingafaneleka ezidingweni ezikhethekile zesimo esihilela isintu esinesono. Ifuze uYise wasezulwini ekuboniseni uthando lomzwelo ngamalunga omkhaya osungulwe phezulu kangangokuba ayinakulinganiswa namadodana kaNkulunkulu. Njengoba zonke ezinye izidalwa ezihlakaniphile zaba khona ngayo, uthando lwayo lomzwelo ngazo ngokuqinisekile lwaluyoba lukhulu. Ngaphezu kwalokho, uthando luyimfanelo evelele yeNdodana kaJehova ezelwe yodwa, uJesu Kristu, ngoba “ingukubengezela kwenkazimulo [kaNkulunkulu], ifuzé yena uqobo.” (Heberu 1:3) Ebonisa ukuzimisela kwakhe ukubonakalisa loluthando ngezinga elikhulu kakhulu ngokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu esinesono, uJesu watshela abaphostoli bakhe abangu-12: “INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.”—Marku 10:45; bheka noJohane 15:13.
7, 8. (a) Sasiyini isisusa sikaJehova lapho ethumela uJesu Kristu ezweni lesintu? (b) UNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yenze luphi uhlobo lomsebenzi?
7 UJehova uNkulunkulu wayenesizathu esikhethekile sokuthumela uJesu kulelizwe lesintu elihluphekayo. Uthando lwaphezulu lwaluyisisusa salokhu, ngoba uJesu ngokwakhe wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.”—Johane 3:16, 17.
8 UJehova wayethumele ngothando iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yenze umsebenzi wensindiso. UNkulunkulu akazange athumele iNdodana yakhe lapha ukuze yahlulele izwe. Ukuba iNdodana kaNkulunkulu yayithunyelwe ukuba yenze umsebenzi onjalo wokwahlulela, isimo saso sonke isintu besingeke sibe nethemba. Isigwebo sesahlulelo esibuhlungu esasiyokhishwa uJesu Kristu emkhayeni wesintu sasiyoba ukulahlelwa ekufeni. (Roma 5:12) Ngakho, ngalokhu kubonakaliswa okuyingqayizivele kothando lwaphezulu, uNkulunkulu wakhipha okulingana nesigwebo sokufa esasifunwa ubulungisa obuphelele.
9. Umhubi uDavide wazizwa kanjani ngokupha kukaJehova?
9 Kuzo zonke izinto, uJehova uNkulunkulu ubonisa uthando njengesici sobuntu bakhe esizedlula zonke. Futhi kungashiwo ngokufanelekile ukuthi uNkulunkulu ngothando unikeza abakhulekeli bakhe abathembekile emhlabeni okungaphezu kwalokho abakudingayo uma kuziwa ezintweni ezinhle. Umhubi uDavide wazizwa ngaleyondlela ngalendaba lapho ethi kuNkulunkulu: “Yeka ubukhulu bomusa wakho [“obagcinele,” NW] wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.” (IHubo 31:19) Phakathi nobukhosi bukaDavide phezu kwesizwe sakwaIsrayeli—yebo, phakathi nakho konke ukuphila kwakhe njengelungu lalesosizwe esasikhethwe ngokukhethekile uNkulunkulu—ngokuvamile wayebubona ubuhle bukaJehova. Futhi uDavide wabuthola bubukhulu.
Ukulahlekelwa KukaIsrayeli Isipho Esikhulu Esivela KuNkulunkulu
10. Kungani uIsrayeli wasendulo ayengafani nanoma isiphi esinye isizwe emhlabeni?
10 Njengoba ayenoJehova njengoNkulunkulu wakhe, uIsrayeli wasendulo wayengafani nanoma isiphi esinye isizwe emhlabeni. Esebenzisa umprofethi uMose njengomlamuleli, uJehova waletha inzalo ka-Abrahama, uIsaka, noJakobe ebuhlotsheni besivumelwano naye. Wayengazange asebenzelane nesinye isizwe ngalendlela. Ngakho-ke, umhubi ophefumlelwe wayengathi: “Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe kuIsrayeli. Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa: izahlulelo zakhe asizazi. Haleluya!”—IHubo 147:19, 20.
11. UIsrayeli wajabulela isimo sakhe sokwamukeleka kuNkulunkulu kwaze kwaba nini, futhi uJesu waluzwakalisa kanjani ushintsho ebuhlotsheni babo?
11 Isizwe sakwaIsrayeli ongokwemvelo saqhubeka sikulobuhlobo obamukelekayo noNkulunkulu kwaze kwaba yilapho senqaba uJesu Kristu njengoMesiya ngonyaka ka-33 weSikhathi sethu Esivamile. Ngempela kwakuwusuku oludabukisayo ngoIsrayeli lapho uJesu ekhipha lesimemezelo esibanga usizi: “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu isisala nani.” (Mathewu 23:37, 38) Amazwi kaJesu abonisa ukuthi isizwe sakwaIsrayeli, nakuba ngaphambili sasemukelwa uJehova, sase silahlekelwe isipho esikhethekile esivela kuNkulunkulu. Kanjani?
12. Babengobani ‘abantwana beJerusalema,’ futhi kwakuyosho ukuthini ukubabuthela kukaJesu ndawonye?
12 Ngokusebenzisa igama elithi “abantwana,” uJesu wayebhekisela kuphela kumaJuda emvelo asokiwe ayehlala eJerusalema futhi emelela sonke isizwe samaJuda. Ukubuthela ndawonye kukaJesu ‘abantwana beJerusalema’ kwakuyosho ukuba alethe ‘labantwana’ esivumelwaneni esisha noNkulunkulu, yena ekhonza njengoMlamuleli phakathi kukaJehova nalamaJuda emvelo. (Jeremiya 31:31-34) Lokhu kwakuyophumela ekuthethelelweni kwezono, ngoba lwalubanzi kangako uthando lukaNkulunkulu. (Qhathanisa noMalaki 1:2.) Lokhu kwakuyoba isipho esikhulu ngempela.
13. Ukwenqaba kukaIsrayeli iNdodana kaNkulunkulu kwaphumela kukuphi ukulahlekelwa, kodwa kungani injabulo kaJehova ingazange inciphe?
13 Ngokuvumelana neZwi lakhe elingokwesiprofetho, uJehova walinda isikhathi eside ngokunengqondo ngaphambi kokuba asidlulisele kwabangemaJuda isipho sokuba abahlanganyeli esivumelwaneni esisha. Kodwa ngokwenqaba iNdodana kaNkulunkulu siqu, uMesiya, isizwe sakwaIsrayeli wemvelo salahlekelwa yilesipho esikhulu. Ngakho-ke uJehova wenza okuthile okulingana nokwenqatshwa kweNdodana yakhe ngokudlulisela lesisipho kubantu abangebona abesizwe samaJuda. Ngaleyondlela, injabulo kaJehova njengoMuphi Omkhulu ayizange inciphe.
Injabulo Yokupha
14. Kungani uJesu Kristu eyisidalwa esijabula kunazo zonke endaweni yonke?
14 UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11, NW) Ukupha abanye kuphakathi kwezinto ezimjabulisayo. Futhi ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., iNdodana yakhe ezelwe yodwa yathi: “Kunenjabulo enkulu ngokupha kunangokwamukela.” (IzEnzo 20:35, NW) Ngokuvumelana nalesimiso, uJesu uye waba isidalwa esijabule kunazo zonke soMdali wendawo yonke. Kanjani? Nokho, uJesu Kristu uye wanikela ngesipho esikhulu kunazo zonke, ngaphandle kwesikaJehova uNkulunkulu ngokwakhe, ngokudela ukuphila kwakhe ukuze kuzuze isintu. Eqinisweni, ‘uyiNkosi ejabulayo.’ (1 Thimothewu 6:15, NW) Ngalokho uJesu ubeka isibonelo salokho akusho ngokuqondene nenjabulo enkulu kakhulu yokupha.
15. Iyiphi into uJehova angeke ayeke ukuba isibonelo kuyo, futhi izidalwa zakhe ezihlakaniphile zingasithola kanjani isilinganiso esithile senjabulo yakhe?
15 NgoJesu Kristu, uJehova uNkulunkulu akasoze ahluleka ukuba uMuphi onomusa kuzo zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile futhi uyohlala eyisibonelo sazo esingcono kakhulu ekupheni. Njengoba nje uNkulunkulu ethola injabulo ekupheni abanye izipho ezinhle, kanjalo uye wafaka umoya wokupha ezinhliziyweni zezidalwa zakhe ezihlakaniphile emhlabeni. Ngaleyondlela zibonisa futhi zilingisa ubuntu bakhe futhi ziba nesilinganiso esithile senjabulo. (Genesise 1:26; Efesu 5:1) Ngokufanelekayo, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”—Luka 6:38.
16. Yikuphi ukupha uJesu abhekisela kukho kuLuka 6:38?
16 UJesu wabekela abafundi bakhe isibonelo esihle kakhulu ngokwenza inkambo yokupha ibe umkhuba. Wathi labo abamukelayo bayosabela kahle ekupheni okunjalo. KuLuka 6:38, uJesu wayengabhekiseli ekupheni izipho zezinto ezibonakalayo kuphela. Wayengatsheli abafundi bakhe ukuba baphishekele inkambo eyayizobenza babe mpofu ngokwezinto ezibonakalayo. Kunalokho, wayebaqondisa enkambweni eyayiyobanikeza umuzwa wokwaneliseka okungokomoya.
Kuqinisekiswa Injabulo Ehlala Njalo
17. Yisiphi isipho esimangalisayo uNkulunkulu aye wasinika oFakazi bakhe kulezinsuku zokugcina?
17 Yeka isipho esimangalisayo uJehova, iNhloko yayo yonke indalo, aye wasinikeza oFakazi bakhe kulezinsuku zokugcina! Uye wasipha izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. Sinelungelo elikhulu lokuba abamemezeli boMbuso kaNkulunkulu omisiwe osezandleni zeNdodana yakhe ebusayo, uJesu Kristu. (Mathewu 24:14; Marku 13:10) Ukwenziwa oFakazi abakhulumayo bakaNkulunkulu oPhezukonke kuyisipho esingenakuqhathaniswa, futhi indlela engcono kakhulu esingapha ngayo lapho silingisa uNkulunkulu iwukuba sihlanganyele isigijimi soMbuso nabanye ngaphambi kokuba ukuphela kwalesimiso esibi sezinto kufike.
18. NjengoFakazi BakaJehova, yini okumelwe siyiphe abanye?
18 Umphostoli uPawulu wakhuluma ngobunzima okwadingeka abhekane nabo lapho ememezela isigijimi soMbuso kwabanye. (2 Korinte 11:23-27) OFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla nabo kumelwe babhekane nobunzima futhi babekele eceleni izinto abazithandayo emzamweni wokupha abanye ithemba loMbuso. Singase singathandi ukuya ezindlini zabantu, ikakhulukazi uma sinamahloni. Kodwa njengabalandeli bakaKristu, asinakuligwema, noma silibalekele, ilungelo lokupha abanye izinto ezingokomoya ngokushumayela “lezindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14, NW) Kudingeka sibe nesimo sengqondo esifana naleso uJesu ayenaso. Lapho ebhekene nokufa, wathandaza: “Baba, . . . kungabi-njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” (Mathewu 26:39) Endabeni yokupha abanye izindaba ezinhle zoMbuso, izinceku zikaJehova kumelwe zenze intando kaNkulunkulu, hhayi eyazo siqu—lokho akufunayo, hhayi lokho okungase kufunwe yizo.
19. Obani abangabaNikazi ‘bezindlu eziphakade,’ futhi singaba kanjani abangane babo?
19 Ukupha okunjalo kuyohilela isikhathi sethu nempahla, kodwa ngokuba ngabantu abaphayo abesaba uNkulunkulu, siqinisekisa ukuthi injabulo yethu iyoba ngehlala njalo. Ngani? Ngoba uJesu wathi: “Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona ongalungile [“ingcebo yezwe,” New International Version], ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.” (Luka 16:9) Kufanele kube umgomo wethu ukusebenzisa ‘uMamona ongalungile’ ekwenzeni ubungane nabaNikazi ‘bezindlu eziphakade.’ NjengoMdali, uJehova ungumnikazi wazo zonke izinto, futhi iNdodana yakhe eyizibulo inengxenye kulobo bunikazi njengeNdlalifa yazo zonke izinto. (IHubo 50:10-12; Heberu 1:1, 2) Ukuze senze ubungane nabo, kumelwe sisebenzise ingcebo ngendlela ebangela ukuba basamukele. Lokhu kuhlanganisa ukuba nesimo sengqondo esihle ekusebenziseni izinto ezibonakalayo ukuze sizuzise abanye. (Qhathanisa noMathewu 6:3, 4; 2 Korinte 9:7.) Singasebenzisa imali ngendlela efanele ukuze siqinise ubungane bethu noJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Ngokwesibonelo, lokhu sikwenza ngokusebenzisa ngenjabulo lokho esinakho ekusizeni abantu abaswele ngempela nasekudeleni impahla yethu ukuze sithuthukise izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu.—IzAga 19:17; Mathewu 6:33.
20. (a) Kungani uJehova noJesu bengasingenisa “ezindlini eziphakade,” futhi lezizindlu zingase zibe kuphi? (b) Yiliphi ilungelo esiyoba nalo kuze kube phakade?
20 Ngenxa yokuthi banokungafi, uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bangaba abaNgane bethu phakade futhi bangasingenisa “ezindlini eziphakade.” Lokhu kunjalo kungakhathaliseki ukuthi lezindawo ziyoba sezulwini kanye nazo zonke izingelosi ezingcwele noma kulomhlaba ePharadesi elibuyiselwe. (Luka 23:43) Isipho sikaNkulunkulu sothando esinguJesu Kristu senza konke lokhu kwaba nokwenzeka. (Johane 3:16) Futhi uJehova uNkulunkulu uyosebenzisa uJesu ukuba aqhubeke epha yonke indalo, kuphumele enjabulweni yaKhe siqu eyingqayizivele. Eqinisweni, kuze kube phakade thina ngokwethu siyoba nelungelo lokupha ngaphansi kobukhosi bendawo yonke bukaJehova uNkulunkulu nobukhosi beNdodana yakhe ezelwe yodwa, iNkosi yethu noMsindisi, uJesu Kristu. Lokhu kuyophumela enjabulweni yaphakade kubo bonke abantu abaphayo abesaba uNkulunkulu.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Isipho sikaNkulunkulu esikhulu kunazo zonke sasiyodinga ukuba enzeni?
◻ UNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe ukuba yenze luphi uhlobo lomsebenzi?
◻ Isiphi isidalwa esijabula kunazo zonke endaweni yonke, futhi ngani?
◻ Abantu abaphayo abesaba uNkulunkulu bayoyithola kanjani injabulo yaphakade?
[Isithombe ekhasini 10]
Ingabe uyasazisa isipho sikaNkulunkulu seNdodana yakhe njengomhlatshelo wesihlengo?
[Izithombe ekhasini 12]
Ingabe ufuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala ngokushumayela izindaba ezinhle nangokusekela lowomsebenzi ngempahla yakho?