Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Abantwana Besikole BaseNigeria Bayabusiswa Ngenxa Yokwethembeka
UMPHOSTOLI uPawulu wabhala: “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) Abantwana besikole boFakazi BakaJehova eNigeria bayasisebenzisa leseluleko, ngisho nalapho beshushiswa. Ngenxa yalokho, uJehova uyababusisa.
◻ Uthisha othile wayengabathandi nakancane oFakazi BakaJehova. Phakathi nomunye wemithandazo yasekuseni yesikole, wabizela bonke oFakazi phambili wayesebayala ukuba bacule iculo lesizwe. Benqaba, besho ukuthi babefuna ukunikeza uNkulunkulu ukuzinikela okuphelele. Lothisha wabe esebakhiphela ngaphandle bonke wabatshela ukuba basike utshani. Phakathi nalesosikhathi, abanye abafundi babeqhubeka nezifundo zabo.
UFakazi othile ongumuntu omdala wathatha incwajana ethi Isikole Nofakazi BakaJehova wayinika lothisha, echaza ngokuma kokungathathi-hlangothi koFakazi BakaJehova. Nokho, lothisha wenqaba ukuxoxa ngalendaba noma ukuthatha lencwajana. Eqinisweni, wasiqinisa ngokushesha isijeziso salabantwana.
LaboFakazi abasebasha baqhubeka bebekezelela lesijeziso futhi baqhubeka besika utshani ngisho nalapho uthisha engekho. Ngolunye usuku lothisha wacasha futhi wababuka bengamboni njengoba babeqhubeka besebenza futhi becula izingoma zoMbuso. Wahlabeka umxhwele kangangokuba wababuyisela ekilasini, ebonakalisa ukumangala ngesimo sabo sengqondo. Waba yini umphumela? Lothisha manje uqhutshelwa isifundo seBhayibheli oFakazi BakaJehova!
Ngokuqinisekile labantwana besikole babusiswa ngokwethembeka kwabo kuJehova nasezimisweni zakhe.—IzAga 10:22.
◻ URuth nabangane bakhe nabo babusiswa ngokwethembeka kwabo emfunekweni abayinikwe uJehova yokungabi “abezwe.” (Johane 17:16) URuth, oneminyaka engu-18 ubudala, waqala ukuphayona eneminyaka engu-12. Yena nabanye oFakazi bathola ukuphikiswa okuvela kumalungu abafundisi besikole ngenxa yokwenqaba ukucula iculo lesizwe. Uthisha wacela ukubona abazali balamantombazane. Ngemva kokuba benikeze incazelo, besebenzisa incwajana ethi Isikole, lothisha waneliseka futhi akazange esabahlupha labafundi.
Nokho, ngolunye usuku, uthisha othile owayengowaseNdiya wathuka futhi washaya enye yamantombazane phambi kwabafundi lapho lentombazane ingaliculi iculo lesizwe. Lentombazane yalumelela ngesibindi ukholo lwayo futhi lothisha wayiyisa kuthisha-nhloko ukuba iyobonana naye. Lapho befika, loFakazi osemusha wathola ukuthi iphini likathisha-nhloko nalo lalikhona. Okwammangalisa kakhulu ukuthi uthisha-nhloko nephini lakhe bahleka. Ekhuluma nalothisha, uthisha-nhloko wathi: “Ntokazi, ungazikhathazi ngalamantombazane. Ngisho noma ungathi uyawabulala, angancamela ukufa kunokucula iculo lesizwe. Awukaze yini uzwe ngawo?” Yena nomsizi wakhe babe sebekhuluma ngokholo nesibindi soFakazi BakaJehova. Ekhuluma nalentombazane, uthisha-nhloko wathi uyadabuka ngokudunyazwa eye yabhekana nakho. Wayesenezela: “Qhubeka ezenzweni zakho zokholo. Ngiyayihlonipha inkolo yenu nokuma kwenu kwesibindi kokubili ngaphandle kanye nalapha esikoleni.” Kamuva, lothisha ayephikisane naye waxolisa kuloFakazi, wathi manje useyakuqonda ukuma kokungathathi-hlangothi koFakazi.
Labantwana balandela isibonelo samaHeberu amathathu ayengenakuphula ubuqotho bawo kuNkulunkulu ngokukhothamela isithombe, kanye nesikaDaniyeli, owenqaba ukuyeka ukuthandaza kuJehova. Lamadoda abusiswa uJehova ngoba ayethembekile emithethweni kaNkulunkulu yokulunga.—Daniyeli, izahluko 3 no-6.