UJehova—Ingabe Ungumuntu Ojwayelene Naye Noma Ungumngane Wakho?
“JOHN, ngingakwazisa nangu umngane wami? Lona ngu—uxolo, konje uthe ungubani igama lakho?”
Ingabe uke waluzwa loluhlobo lwephutha enkulumweni? Luyisibonelo sendlela abanye abantu abalisebenzisa kabi ngayo igama elithi “umngane.” Empeleni basuke nje besho ukuthi “umuntu engijwalene naye” noma kokunye basuke bengasho ngisho nalokho. Ukuba ngojwayelene noMnuz. Khumalo ohlala ngaphesheya komgwaqo kungenye into; ukuba umngane wakhe kungenye futhi.
Esinye isichazamazwi sichaza elithi “ojwalene naye” ngokuthi “umuntu oke wahlangana naye emphakathini kodwa ongenakho ukusondelana okunamandla ngokomuntu siqu naye.” Libonisa “isilinganiso esincane sokujwayelana, ukusondelana, ubuhlobo, nokufisela okuhle kunelithi UMNGANE.”
Lokhu kungabikho kokusondelana ngokomuntu siqu okunamandla kusisiza ukuba sibone ukuthi kungani ngokuvamile singakunaki kangako lokho okwenzekayo kulabo esibajwayele, kuyilapho sihileleke ngobuqotho ekuphileni kwabangane bethu. Siyahlanganyela enjabulweni nasosizini lwabo, sikuvumele ukuba kusithinte ngokujulile. Yebo, kumelwe siqaphele ukuba singavumeli ukuhileleka ngokomzwelo kusiyengele ekuzigaxeni ezindabeni zabo zangasese.—1 Petru 4:15.
Ukusondelana ngokomuntu siqu okunamandla nabangane bethu kubonisa ukuthi kungani ngokuvamile sizama ukubathokozisa. Uma umuntu esimjwayele ethola ukuziphatha kwethu kungajabulisi noma kungafanele, ukungathokozi kwakhe kungase kungasishukumisi kangako ukuba sishintshe. Kodwa umngane angaba nethonya elinamandla ngempela, kungaba sezindabeni zokugqoka, ukuziphatha, noma isimo sengqondo.
Mayelana nokwethemba, uthando, inhlonipho, nokwethembeka, ubungane bufuna izinga eliphakeme lomthwalo wemfanelo kunokuba kwenzeka ngokujwayelana. Umuntu ofuna ukuba nobungane obungenamthwalo wemfanelo empeleni usuke efuna umuntu azojwayelana naye, hhayi umngane. Abangane abaseduze bayakujabulela ukufeza imithwalo yemfanelo ehambisana nokusondelana ngokomuntu siqu okunamandla, beqaphela ukuthi lokhu kubanikeza ithuba lokubonakalisa ubungane babo.
Ubungane NoNkulunkulu
NjengoMdali, uJehova unguBaba wesintu wasezulwini futhi ufanelwe ukuthandwa, ukulalelwa, nokuhlonishwa. Kodwa ufuna ukuba abantu bakwenze lokhu ngenxa yokusondelana ngokomuntu siqu okunamandla, hhayi ngenxa yokuzizwa bebophekile. (Mathewu 22:37) Futhi ufuna ukuba bamthande njengoMngane. (IHubo 18:1) Njengoba ‘asithanda kuqala,’ yena ngokwakhe uye wabeka isisekelo esihle sobungane obunjalo.—1 Johane 4:19.
Abazali bethu bokuqala, uAdamu noEva, babejwayelene noJehova. Umbuzo wawungukuthi: Ingabe babeyolamukela ithuba ayelibeke phambi kwabo lobungane? Ngokudabukisayo, abazange balemukele. Ukufuna kwabo ngobugovu ukukhululeka kuNkulunkulu kwabonisa ukungabi nawo umuzwa oqinile wokusondela ngokomuntu siqu okunamandla. Nakuba babefuna ukwamukela izibusiso zobungane ayebathembise zona, babengafuni ukufeza imithwalo yemfanelo yalobo bungane. Kwakunjengokungathi babefuna ukujabulela ukunethezeka nokulondeka kwekhaya labo eliyiPharadesi elithokomele ngaphandle kokuzimisela ukukhokha intela.
Sonke, siye sawuzuza njengefa lomoya wokungabongi nokuzibusa, abanye ngezinga elikhudlwana kunabanye. (Genesise 8:21) Ngokwesibonelo, enye intsha iye yavumela umuzwa wayo wemvelo wokufuna inkululeko wayenza yaba engabazisi abazali bayo. Lokhu kuye kwaphumela ekuwohlokeni kobungane obuyigugu kakhulu obekufanele bube khona phakathi kwabo nabazali babo kukho konke ukuphila. Nokho, nakuba lokhu kudabukisa, ukuwohloka kobungane bethu noBaba wethu osezulwini kungokungathi sína ngokwengeziwe. Eqinisweni, kungaba okubulalayo!
Izimfuneko Zobungane
Ngaphandle kokwethembana, abukho ubungane obungahlala isikhathi eside, kungaba obuphakathi kwabantu noma noNkulunkulu. Inzalamizi uAbrahama yayikuqonda lokhu, futhi kungakho ngokuphindaphindiwe yabonisa ukwethembela okuphelele kuJehova. Funda uGenesise 12:1-5 no–22:1-18, futhi ubone izibonelo ezimbili ezivelele zokwethembela kwakhe kuJehova. Yebo, “uAbrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Kungakho “abizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.”—Jakobe 2:23.
Enye imfuneko yokuba nobungane noNkulunkulu iwukuhlangabezana nezibopho ezihambisana nalobobungane. Ngenxa yesimo sethu esiphansi uma kuqhathaniswa noJehova, ngokunengqondo lezibopho zinkulu ngokwengeziwe kunokuba bezingaba njalo kubantu abangabangane. Zidlulela ngalé kokufuna kwethu ukumthokozisa ezintweni ezithile—njengoba bekungenzeka ngomngane ongumuntu. Zihlanganisa nokufuna kwethu ukumthokozisa kuzo zonke izinto. UJesu, iNdodana nomngane oseduze kakhulu kaNkulunkulu, wakubonisa lokhu lapho ethi ngoJehova: “Ngenza njalo okuthandeka kuye.”—Johane 8:29.
Ngaleyondlela, ubungane noJehova, noma neNdodana yakhe, ngeke bube khona ngaphandle kokuba nomthwalo wemfanelo; buxhomeke ekuphileni kwethu ngokuvumelana nezimfuneko zobungane abazibekile. (Bheka iHubo 15:1-5.) UJesu wakubonisa ngokucacile lokhu engxoxweni yakhe nabafundi bakhe. “Ningabahlobo bami,” ebatshela, “uma nenza lokhu enginiyala ngakho.”—Johane 15:14.
Enye imfuneko yobungane iwukukhulumisana okukhululekile nokungagwegwesi. Ngosuku lokufa kwakhe, uJesu watshela abaphostoli bakhe abathembekile: “Angisasho kini ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithé ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.” (Johane 15:15) Ngokuhlanganyela imicabango yakhe nabangane bakhe, uJesu walandela isibonelo sikaYise wasezulwini uAmose 3:7 athi ngaye: “INkosi uJehova ayenzi-lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.”
Ingabe lokhu akuyona into evamile phakathi kwabangane? Singase singabi nawo umuzwa wokuhlanganyela okuhlangenwe nakho kwethu noMnu. Khumalo ongaphesheya komgwaqo. Futhi ngokuqinisekile ngeke sifune ukumtshela ngemicabango nemizwa yethu ejule kakhulu. Phela, ungumuntu nje esimjwayele. Kodwa ngabangane bethu, phela ngokuvamile ngeke sipholise namaseko ukuba sibatshele lezozinto!
Kungokufanayo nangobungane bethu noNkulunkulu. Asipholisi maseko ekukhulumeni naye ngomthandazo, simembulela izidingo zethu, izifiso zethu, nemizwa yethu ejule kakhulu. Yebo, uma ukukhulumisana kuvela ngasohlangothini olulodwa, ubungane bufa ngokushesha. Ngakho kumelwe futhi sizimisele ukuvumela uNkulunkulu ukuba akhulume nathi. Lokhu sikwenza ngokulalelisisa iZwi lakhe elilotshiwe, sizindle ngeseluleko sakhe, bese sisisebenzisa kangcono ngokusemandleni ethu.
Bubaluleke Kangakanani Ubungane BukaJehova Kuwe?
Ukuze ukwazi ukuphendula lombuzo, cabangela uhlobo oluthile olukhethekile lobungane phakathi kwabantu. Uma ungumuntu osemusha, mhlawumbe unesithakazelo ebunganini obungaholela emshadweni. Yebo, uyaqaphela ukuthi ukujwayelana nje nalowo ozoba umlingane wakho akusona neze isisekelo esikahle somshado. Ukujwayelana kufanele kuqala kuguqulelwe ebunganini. Lobungane bungathuthukiswa futhi bulolongwe bube ubuhlobo obuseduze kakhulu ekugcineni obuyokwakha isisekelo esifanelekile somshado ojabulayo.
Manje, cabanga. Ungakanani umzamo abantu abaningi abawenzayo ekuthuthukiseni loluhlobo lobungane? Singakanani isikhathi nemali abayichithayo ukuze babakhe futhi babulondoloze? Singakanani isikhathi abasichitha becabanga ngabo? Bawenza ngezinga elingakanani amalungiselelo—noma ukubonisa ukuzimisela ukushintsha lawomalungiselelo—ngenjongo yokuthuthukisa noma ukulondoloza lobuhlobo?
Khona-ke zibuze: ‘Lokhu kuqhathaniseka kanjani nemizamo yami yokwakha ubungane noMdali wami noma ukubuthuthukisa futhi ngibuqinise? Singakanani isikhathi engisichitha ngenza kanjalo? Ngicabanga ngezinga elingakanani ngobungane noJehova? Ngiwenza ngezinga elingakanani amalungiselelo—noma ukubonisa ukuzimisela ukushintsha lawomalungiselelo—ngenjongo yokuthuthukisa bese ngilondoloza lobuhlobo?’
AmaKristu asemasha kufanele akuqaphele ngokugcwele ukuthi bonke ubungane nabantu, kuhlanganise nalobo ekugcineni obuholela emshadweni, abubalulekile ukwedlula ubungane okudingeka babe nabo noMdali wabo. Kungakho benxuswa kumShumayeli 12:1: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.” Abanye lokhu bakwenza ngokukhonza obala njengezikhonzi zikaNkulunkulu, inani labo eliya likhula njengabashumayeli besikhathi esigcwele, noma amaphayona.
Naphezu kokunganaki nokungabi nalukholo okukhulayo okubazungezile, laba bavikela uJehova ngesibindi lapho bezwa ukusolwa nokumangalelwa okungamanga ngaye. Ingabe lokhu akukhona lokho uJehova abengakulindela ngokufanelekile kubangane bakhe? Ingabe lokhu akukhona lokho thina ebesingakulindela kubangane bethu? Futhi ingabe ngeke yini izinhliziyo zethu zijabule uma sithola ukuthi abangane bethu bakwenza ngentshiseko nangokuqiniseka?—Qhathanisa nezAga 27:11.
Yebo, ubungane noNkulunkulu—ngisho nabantu—buletha imithwalo yemfanelo okumelwe ifezwe ukuze lobobungane buhlale isikhathi eside. Umuntu ongazimisele ukwamukela lemithwalo yemfanelo, noma ongakulungele ukuzinikezela kuNkulunkulu bese ephila ngokuvumelana nakho, ngempela angase abe ojwayelene noJehova. Nokho, kusadingeka ezwe injabulo yokuba uMngane waKhe.
[Isithombe ekhasini 25]
UAbrahama wathembela kuNkulunkulu ngakho wabizwa ngokuthi umngane kaJehova