Izwe Elingenaso Isono—Kanjani?
UKUKHALA okuklabalasayo kokufuna usizo kwaqeda ukuthula kwasentathakusa yasebusika endaweni enokuthula yaseTokyo. Ngoba kusukela emizuzwini emihlanu kuya kweyishumi, abantu abaningi bezwa ukumemeza kokufuna usizo kowesifazane othile ohambisa amaphephandaba owayejahwa kuyilapho egwazwa ngokuphindaphindiwe. Akukho noyedwa owayekhathalela ukwazi ukuthi kwakwenzekani. Wafa ngenxa yokopha kakhulu. “Uma oyedwa walabantu wayeyibikile lendaba emaphoyiseni ngokushesha lapho bezwa ukuklabalasa kwakhe,” kusho umseshi, “ukuphila kwakhe kwakungasindiswa.”
Nakuba labo ababemzwile owesifazane ofayo bengenzanga lutho olubi kakhulu kunokungamnaki nje, ingabe babengazisho ngokufanele ukuthi abanacala? “Unembeza wami wangihlupha usuku lonke lwangoLwesihlanu ngemva kokuzwa ngalokubulawa,” kwasho enye indoda eyayimzwile ekhala. Lokhu kusenza sizibuze, Siyini ngempela isono?
Siyini Isono?
Ekhomba ekuqapheleni komuntu ukuba nesono kwakhe, uHideo Odagiri, umcusumbuli wezincwadi noprofesa osethathe umhlala-phansi waseYunivesithi yaseHosei eTokyo, eJapane, wathi, njengoba ecashunwe ephephandabeni iAsahi Shimbun: “Angikwazi ukufiphaza izinkumbulo ezikhanyayo zokwazi ngesono, njengokuzazisa okubi okusenganeni, umona oyihlazo, ukuthengisa ngobuqili. Lokhu kwazi kwafakwa engqondweni yami lapho ngisesikoleni sabaqalayo futhi kusangihlupha.” Ingabe wake wabhekana nemizwa enjalo? Ingabe unalo izwi langaphakathi elikulahlayo uma wenza okuthile owaziyo ukuthi akulungile? Mhlawumbe awenzanga ubugebengu, kodwa kunomuzwa ongapheli osindayo okwenza ungakhululeki engqondweni. Lokhu kungukusebenza kukanembeza wakho, futhi iBhayibheli libhekisela kuwo kulamazwi alandelayo: “Nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo, babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana.” (Roma 2:14, 15) Yebo, ngokwemvelo abantu abaningi bazizwa bephazanyiswa izenzo ezinjengokuphinga, ukweba, nokuqamba amanga. Unembeza wabo ufakazela ukuthi banesono.
Nokho, lapho izwi likanembeza linganakwa ngokuphindaphindiwe, alibe lisasebenza njengesiqondiso esiphephile. Lingase libe buthuntu futhi lingcole. (Thithu 1:15) Ukuqaphela okubi kuyaphela. Eqinisweni, namuhla onembeza babantu abaningi bafile ngokuphathelene nesono.
Ingabe unembeza uwukuphela kwento esitshelayo uma senza isono, noma ingabe kukhona okuthile okungasebenza njengendinganiso ephelele yalokho okuyisono nalokho okungeyiso? Eminyakeni engaphezu kwengu-3 000 edlule, uNkulunkulu wanikeza abantu bakhe abakhethiweyo isimiso somthetho, futhi ngaloMthetho, isono “sabonakala siyisono.” (Roma 7:13, New International Version) Ngisho nokuziphatha okwakwamukeleka ngaphambili manje kwambulwa lokho okuyikho—isono. Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu, amaIsrayeli, badalulwa njengezoni futhi ngalokho babengaphansi kokulahlwa.
Yiziphi lezizono unembeza wethu osenza siziqaphele futhi uMthetho kaMose owazisho ngokuqondile futhi wazihlela? Ngokusebenzisa kweBhayibheli leligama, isono sisho ukugeja uphawu ngokuphathelene noMdali. Noma yini engavumelani nobuntu, izindinganiso, izindlela, nentando yakhe iyisono. Akanakunikeza ukuphila okuqhubekayo noma yisiphi isidalwa esingalufinyeleli uphawu alumisile. Ngakho isazi somthetho ngekhulu lokuqala leminyaka saxwayisa amaKristu angamaHeberu: “Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho-nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.” (Heberu 3:12) Yebo, ukuntula ukholo kuMdali kuyisono esikhulu. Ngaleyondlela, ububanzi besono njengoba buchazwe eBhayibheli bukhulu kakhulu kunalokho ngokuvamile okubhekwa njengokuyisono. IBhayibheli lize lithi: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
Isiqalo Sesono
Ingabe lokho kusho ukuthi umuntu wadalwa eyisoni? Cha, uJehova uNkulunkulu, uMqalisi wokuphila komuntu, wenza indoda yokuqala yaba isidalwa esiphelele. (Genesise 1:26, 27; Duteronomi 32:4) Nokho, umbhangqwana wokuqala ongabantu wageja uphawu lapho udelela okuwukuphela komyalo uNkulunkulu ayewubekile, lapho udla ‘emthini’ owawenqatshelwe “wokwazi okuhle nokubi.” (Genesise 2:17) Nakuba babedalwe bephelele, manje bageja uphawu lokulalela ngokuphelele uBaba wabo, baba yizoni, futhi ngokufanele bagwetshelwa ukufa.
Lomlando wasendulo uhlangene ngani nesono namuhla? IBhayibheli liyachaza: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Sonke siyizoni ezazuza isono njengefa; ngakho-ke, siye saba ngaphansi kwesigwebo sokufa.—UmShumayeli 7:20.
Imizamo Yabantu Yokususa Isono
UAdamu wadlulisela isono enzalweni yakhe, kodwa wadlulisela futhi amandla kanembeza ayewanikezwe uNkulunkulu. Isono singase sibangele umuzwa wokungakhululeki. Njengoba kushiwo ngaphambili, abantu baye bahlela izimiso ezihlukahlukene zokunciphisa imizwa enjalo. Nokho, ingabe ziyaphumelela?
EMpumalanga naseNtshonalanga, abantu baye bazama ukubhekana nomphumela wesono ngokuguqula izindinganiso zabo noma ngokuphika khona kanye ukuba khona kwesono. (1 Thimothewu 4:1, 2) Isimo sesintu sokuba nesono singafaniswa nesesiguli esinomkhuhlane. Isono singafaniswa negciwane elibangela izimpawu zesifo, kuyilapho unembeza ophazamisekile ufana nomkhuhlane ongakuphethe kahle. Ukuphula ithermometer akuliguquli iqiniso lokuthi isiguli sinomkhuhlane omkhulu. Ukulahla izindinganiso zokuziphatha, njengoba abaningi kweLobukholwa beye benza, nokungabunaki ubufakazi bukanembeza womuntu siqu akulona usizo ekususeni isono ngokwaso.
Umuntu angase abeke isikhwama esigcwele iqhwa emzimbeni ukuze aqede umkhuhlane wakhe. Lokho kunjengokuzama ukuqeda iminjunju kanembeza ngobuzenzisi bemikhuba yokuhlambulula enemicikilisho yobuShinto. Isikhwama esineqhwa singase okwesikhashana sipholise isisulu somkhuhlane, kodwa asiyisusi imbangela yomkhuhlane. Abapristi nabaprofethi ngosuku lukaJeremiya bazama ukuwelapha ngalendlela efanayo amaIsrayeli angalesosikhathi. Bazipholisa “kalula” izilonda zabantu ezingokomoya nezokuziphatha, bethi, “Konke kuhle, konke kuhle.” (Jeremiya 6:14; 8:11, An American Translation) Ukumane bazenzise nje ngokwenkolo nokuphindaphinda okuthile okunjengokuthi “konke kuhle” akuzange kwelaphe ukuwohloka kokuziphatha kwabantu bakaNkulunkulu, nemikhuba yokuhlambulula eyimicikilisho ayiziguquli izindinganiso zabantu zokuziphatha namuhla.
Ngokuphuza izinto eziqeda umkhuhlane umuntu onomkhuhlane angase enze umkhuhlane wakhe ube ngcono, kodwa igciwane lisekhona emzimbeni wakhe. Kungokufanayo nangendlela yobuConfucian yokubhekana nobubi ngemfundo. Ngaphezulu ingase isize abantu ukuba babuyeke ububi, kodwa ukusebenzisa ili kumane nje kugqibe ukuziphatha okunesono futhi akukususi ukuthambekela okunesono abazalwa nakho, unobangela oyinhloko wokuziphatha okubi.—Genesise 8:21.
Kuthiwani ngemfundiso yobuBuddha yokungena kuyiNirvana ukuze umuntu azisusele ukuthambekela kwakhe okunesono? Isimo seNirvana, okuthiwa sisho “ukucisha,” asichazeki, siwukucisha zonke izinkanuko nezifiso. Abanye bagomela ngokuthi siwukuphela kokuba khona komuntu. Ingabe lokho akufani nokutshela umuntu ogulayo ophethwe umkhuhlane ukuthi afe ukuze athole ukuphumula? Ngaphezu kwalokho, ukufinyelela isimo seNirvana kubhekwa njengokunzima kakhulu, ngisho nokungenakwenzeka. Ingabe lemfundiso izwakala imsiza lowo ononembeza okhathazekile?
Ukukhululeka Esonweni
Kusobala ukuthi amafilosofi abantu ngokuphila nokuthambekela okunesono, ngaphansi kwezimo ezinhle kakhulu, amane aduduze unembeza kuphela. Awasisusi isimo sokuba nesono. (1 Thimothewu 6:20) Ingabe ikhona indlela yokwenza lokhu? EBhayibhelini, incwadi yasendulo eyabhalwa eMpumalanga Eseduze, sithola isihluthulelo esiyisa ekukhululekeni esonweni. “Noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba-mhlophe njengeqhwa; . . . Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe.” (Isaya 1:18, 19) Lapha uJehova wayekhuluma namaIsrayeli, lawo, nakuba ayengabantu bakhe abakhethiwe, ayegeje uphawu lokuba qotho kuyena. Nokho, isimiso esifanayo siyasebenza kuso sonke isintu. Ukuvuma ukulalela amazwi oMdali kuyisihluthulelo sokuhlanzwa kwezono zomuntu, zisuswe ngokomfanekiso.
IZwi likaNkulunkulu lisitshelani ngokususwa kwezono zesintu? Njengoba nje ngesono somuntu oyedwa sonke isintu saba yizoni, ngokulalela uNkulunkulu okuphelele komunye umuntu, isintu esilalelayo siyokhululwa osizini lwaso, kusho iBhayibheli. (Roma 5:18, 19) Kanjani? “UNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) UJesu Kristu, njengoba azalwa ewumuntu ophelele nongenasono, elingana noAdamu wokuqala ngaphambi kokuba one, wayesesimweni sokususa izono zesintu. (Isaya 53:12; Johane 1:14; 1 Petru 2:24) Ngokubulawelwa esigxotsheni sokuhlushwa njengokungathi isigebengu, uJesu wakhulula isintu ebugqilini besono nokufa. “Ngokuba,” uPawulu echazela amaKristu eRoma, “sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; . . . njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube-ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.”—Roma 5:6, 21.
Ukufela kukaKristu isintu sonke nokulinganisa isikali esaphazanyiswa uAdamu kubizwa ngokuthi ilungiselelo “lesihlengo.” (Mathewu 20:28) Lingase lifaniswe nomuthi olwa negciwane elibangela umkhuhlane. Ngokusebenzisa inani lesihlengo sikaJesu esintwini, isimo sokugula sesintu esabangelwa isono—kuhlanganise nokufa uqobo—singelashwa. Lenqubo yokwelapha ichazwe ngokomfanekiso encwadini yokugcina yeBhayibheli: “Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.” (IsAmbulo 22:2) Cabanga! Umfula wamanzi okuphila ongokomfanekiso ugeleza phakathi kwemithi yokuphila namaqabunga ayo, konke kungokokuphulukisa isintu. Lemifanekiso ephefumlelwe ngokwaphezulu imelela ilungiselelo likaNkulunkulu lokubuyisela isintu ekupheleleni ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo.
Imibono eyisiprofetho yencwadi yesAmbulo ngokushesha izoba ngokoqobo. (IsAmbulo 22:6, 7) Khona-ke, lapho inani lomhlatshelo kaJesu wesihlengo selisetshenziswa ngokuphelele esintwini, bonke abanhliziyo-ziqotho bayoba ngabaphelele futhi ‘bayakukhululwa ebugqilini bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi lenkululeko ekhazimulayo iseduze. (IsAmbulo 6:1-8) Ngokushesha uNkulunkulu uzoqeda ububi embulungeni, futhi abantu bayojabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (Johane 3:16) Ngempela lelo kuyoba yizwe elingenaso isono!
[Isithombe ekhasini 7]
Umhlatshelo kaJesu wesihlengo uyokwenza imikhaya enjengalena ikwazi ukujabulela injabulo yaphakade