Thokoza NgoJehova!
“Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani.”—FILIPI 4:4.
1. Kungani singase sizibuze ukuthi uPawulu wayesho ukuthini lapho ethi amaKristu kufanele ajabule njalonjalo?
EZINSUKWINI zanamuhla, izizathu zokujabula zingase zibonakale zimbalwa futhi ziyivelakancane. Abantu abenziwe ngothuli, ngisho namaKristu angempela, babhekana nezimo ezibangela ukudabuka—ukuntula umsebenzi, impilo engeyinhle, ukufa kwabathandekayo, izinkinga zobuntu, noma ukuphikiswa amalungu omkhaya angakholwa noma yilabo ababengabangane. Ngakho kufanele sisiqonde kanjani isiyalo sikaPawulu, ‘Thokozani njalonjalo’? Ngenxa yezimo ezingathandeki nezivivinyayo sonke okumelwe sibhekane nazo, ingabe lokhu kungenzeka? Ukuxoxa ngomongo walamagama kuyosiza ukucacisa lendaba.
Thokozani—Ngani Futhi Kanjani?
2, 3. Ibaluleke ngani injabulo, njengoba kuboniswe endabeni kaJesu nama-Israyeli asendulo?
2 “Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani.” Lokhu kungase kusikhumbuze amazwi ayeqondiswe kuma-Israyeli emakhulwini eminyaka angaba ngu-24 adlule: “Injabulo kaJehova iyinqaba yenu,” noma ngokwenguqulo ka-Moffatt: “Ukujabula ngoSimakade kungamandla enu.” (Nehemiya 8:10) Injabulo inikeza amandla futhi ifana nenqaba umuntu angase acashe kuyo ukuze athole induduzo nesivikelo. Injabulo yasebenza ekusizeni ngisho nomuntu ophelele uJesu ukuba akhuthazele. “[Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, NW], engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heberu 12:2) Ngokusobala, ukukwazi ukujabula naphezu kobunzima kubalulekile ukuze sisindiswe.
3 Ngaphambi kokungena eZweni Lesithembiso, ama-Israyeli ayeyaliwe: “Wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.” Imiphumela yokuhluleka ukukhonza uJehova ngokujabula yayiyoba buhlungu. “Zonke leziziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe . . . Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto.”—Duteronomi 26:11; 28:45-47.
4 .Kungani singase sihluleke ukujabula?
4 Ngakho-ke, kubalulekile ukuba insali egcotshiwe yanamuhla nabangane bayo ‘bezinye izimvu’ bajabule! (Johane 10:16) Ngokuphinda iseluleko sakhe ethi, “ngiyaphinda ngithi,” uPawulu wagcizelela ukubaluleka kokujabula ngakho konke okuhle uJehova aye wasenzela khona. Ingabe siyajabula? Noma ingabe sihileleka kakhulu enqubweni yokuphila yansuku zonke kangangokuba ngezinye izikhathi siyakhohlwa izizathu eziningi esinazo zokujabula? Ingabe izinkinga zinqwabelana kakhulu kangangokuba zifiphaza umbono wethu ngoMbuso nezibusiso zawo? Ingabe sivumela ezinye izinto—ukungayilaleli imithetho kaNkulunkulu, ukuzishaya indiva izimiso zaphezulu, noma ukungayinaki imisebenzi yobuKristu—zisiphuce injabulo yethu?
5. Kungani umuntu ongacabangeli ekuthola kunzima ukujabula?
5 “[Ukucabangela, NW] kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.” (Filipi 4:5) Umuntu ongacabangeli untula ukulinganisela. Angase ahluleke ukunakekela impilo yakhe ngokufanele, ebeka umzimba wakhe ngaphansi kokucindezeleka nokukhathazeka ngokungadingekile. Mhlawumbe akafundanga ukwamukela ukulinganiselwa kwakhe nokuphila ngokuvumelana nakho. Angase azibekele imigomo ephakeme kakhulu bese ezama ukuyifinyelela kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Noma angase asebenzise ukulinganiselwa kwakhe njengezaba zokuyekelela noma ukuyekethisa. Njengoba entula ukulinganisela futhi engacabangeli ukuthola kunzima ukujabula.
6. (a) Yini amaKristu esikanye nawo okufanele ayibone kithi, futhi kunini kuphela lapho lokhu kuyoba njalo khona? (b) Amazwi kaPawulu akweyesi-2 Korinte 1:24 neyabaseRoma 14:4 asisiza kanjani ukuba sibe abacabangelayo?
6 Ngisho noma abaphikisi besibheka njengabashiseka ngokweqile, amaKristu esikanye nawo kufanele ngaso sonke isikhathi akwazi ukubona ukucabangela kwethu. Futhi ayosibheka kanjalo uma silinganisela futhi singalindele ukuphelela kithi ngokwethu noma kwabanye. Ngaphezu kwakho konke, kumelwe sigweme ukuthwesa abanye imithwalo engaphezu kwalokho iZwi likaNkulunkulu elikufunayo. Umphostoli uPawulu wathi: “Kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu.” (2 Korinte 1:24) Njengoba ayeke waba umFarisi, uPawulu wayazi kahle ukuthi imithetho eqinile emiswe nebekwe yilabo abasegunyeni yayincisha umuntu injabulo, kuyilapho ukusikisela okuwusizo okwakunikezwa izisebenzi ezikanye naye kwakuyandisa. Iqiniso lokuthi “iNkosi iseduze” kufanele likhumbuze umuntu ocabangelayo ukuthi akufanele ‘sahlulele inceku yomunye. Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo.’—Roma 14:4.
7, 8. Kungani kumelwe amaKristu alindele ukuba nezinkinga, kodwa kungenzeka kanjani ukuba aqhubeke ejabula?
7 “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6) Namuhla sibhekana ‘nezikhathi ezinzima’ uPawulu abhala ngazo. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho amaKristu kumelwe akulindele ukubhekana nezinkinga. Amazwi kaPawulu athi ‘thokozani njalonjalo’ awaliphiki iqiniso lokuthi kungenzeka ukuba umKristu othembekile abe nezikhathi zokudangala noma ukudumazeka. Endabeni kaPawulu siqu, wavuma ngokoqobo: “Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa.” (2 Korinte 4:8, 9) Nokho, injabulo yomKristu inciphisa futhi ekugcineni inqobe izikhathi zokukhathazeka nokudabuka kwesikhashana. Inikeza amandla adingekile okuqhubeka ephokophele phambili, engalahlekelwa neze umbono wezizathu eziningi zokujabula.
8 Lapho kuphakama izinkinga, kungakhathaliseki ukuthi ezaluhlobo luni, umKristu ojabulayo ngokuthobeka unxusa usizo lukaJehova ngomthandazo. Akazivumeli ukuba akhathazeke ngokweqile. Ngemva kokwenza lokho yena uqobo angakwenza ngangokusemandleni akhe ukuze axazulule inkinga, ushiyela umphumela ezandleni zikaJehova ngokuvumelana nalesisimemo: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa.” Phakathi nalesosikhathi, lomKristu uyaqhubeka ebonga uJehova ngabo bonke ubuhle baKhe.—IHubo 55:22; bheka noMathewu 6:25-34.
9. Ulwazi lweqiniso lukunikeza kanjani ukuthula kwengqondo, futhi lokhu kunamuphi umphumela omuhle kumKristu?
9 “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.” (Filipi 4:7) Ulwazi lweqiniso leBhayibheli lukhulula ingqondo yomKristu emangeni futhi lumsize ukuba abe nezindlela zokucabanga ezinempilo. (2 Thimothewu 1:13) Ngaleyondlela uyasizwa ukuba agweme ukuziphatha okungalungile noma okungahlakaniphile okungafaka engozini ubuhlobo obunokuthula anabo nabanye. Kunokuba akhungathekiswe ukungabi nabulungisa nobubi, ubeka ithemba lakhe kuJehova ukuba axazulule izinkinga zesintu ngoMbuso. Ukuthula kwengqondo okunjalo kulondoloza inhliziyo yakhe, kugcine izisusa zakhe zizinhle, futhi kuqondise ukucabanga kwakhe endleleni yokulunga. Izisusa ezinhle nokucabanga okuhle, nakho kunikeza izizathu eziningi zokujabula, naphezu kwezinkinga nokucindezela okulethwa izwe elinezinxushunxushu.
10. Ukukhuluma nokucabanga ngani kuphela okungasenza sithole injabulo yeqiniso?
10 “Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.” (Filipi 4:8) UmKristu akumjabulisi ukukhuluma noma ukucabanga ngezinto ezimbi. Lokhu ngokuzenzekelayo kulahla ukuzijabulisa okuningi izwe elikunikezayo. Akekho ongalondoloza injabulo yobuKristu uma egcwalisa ingqondo nenhliziyo yakhe ngamanga, amahlaya obuwula, nezindaba ezingalungile, ezinokuziphatha okubi, ezingenabo ubuhle, zenzondo, nezenyanyekayo. Uma silibeka ngesihloko, akekho ongajabula ngempela ngokugcwalisa ingqondo nenhliziyo yakhe ngamanyala. Ezweni likaSathane elonakele, yeka ukuthi kwakha kanjani ukwazi ukuthi amaKristu anezinto ezinhle eziningi kakhulu angacabanga futhi axoxe ngazo!
Izizathu Eziningi Zokujabula
11. (a) Yini okungamelwe ithathwe kalula, futhi ngani? (b) Yimuphi umphumela ukuba khona emhlanganweni wezizwe okwaba nawo kwesinye isihambeli nomkaso?
11 Lapho sikhuluma ngezizathu zokujabula, masingakhohlwa ubuzalwane bethu bomhlaba wonke. (1 Petru 2:17) Nakuba amaqembu ezizwe nawezinhlanga ebonisa ukuzondana okukhulu, abantu bakaNkulunkulu basondelana ngothando. Ubunye babo bubonakala ngokukhethekile emihlanganweni yezizwe. Komunye owawuseKiev, e-Ukraine ngo-1993, isihambeli esivela e-United States sabhala: “Izinyembezi zenjabulo, amehlo agcwele injabulo, ukwangana okunjengokomkhaya okwakulokhu kuqhubeke njalo, nemikhonzo eyayidluliselwa nxazonke enkundleni yezemidlalo amaqembu ayevayizelana izambulela ezinemibala emihle namaduku ngokusobala kwakuwubufakazi bobunye obungokwasezulwini. Izinhliziyo zethu zagcwala ukuziqhenya ngalokho uJehova aye wakufeza ngokuyisimangaliso ebuzalwaneni bomhlaba wonke. Lokhu kuye kwasithinta ngokujulile mina nomkami futhi kuye kwenezela injongo entsha okholweni lwethu.”
12. U-Isaya 60:22 ugcwaliseka kanjani phambi kwamehlo ethu?
12 Yeka indlela okuqinisa ngayo ukholo kumaKristu namuhla ukubona iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka phambi kwamehlo awo! Ngokwesibonelo, cabangela amazwi ka-Isaya 60:22: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.” Ekuzalweni koMbuso ngo-1914, babengu-5 100 kuphela—omncane—ababeshumayela ngenkuthalo. Kodwa phakathi neminyaka emihlanu edlule, ubungako bobuzalwane bomhlaba wonke bebanda ngezinga elilinganiselwa koFakazi abangu-5 628 abasanda kubhapathizwa isonto ngalinye! Ngo-1993, kwafinyelelwa inani eliphakeme lezikhonzi ezikhuthele ezingu-4 709 889. Cabanga nje! Lokhu kusho ukuthi “omncane” wango-1914 ngendlela engokoqobo usezoba “yinkulungwane”!
13. (a) Yini ebiyenzeka kusukela ngo-1914? (b) OFakazi BaJehova basigcina kanjani isimiso samazwi kaPawulu akweyesi-2 Korinte 9:7?
13 Kusukela ngo-1914 iNkosi YobuMesiya iye yaqhubeka ibusa phakathi kwezitha zayo. Ukubusa kwayo kuye kwasekelwa abalandeli abangabantu abazimisele abanikela ngesikhathi, amandla, nemali ukuze kuqhutshwe umsebenzi wokushumayela kanye nomkhankaso wokwakha owenziwa emhlabeni wonke. (IHubo 110:2, 3) OFakazi BakaJehova bayajabula ngokuthi kwenziwa iminikelo yezimali ukuze kufezwe lemisebenzi, nakuba kungakhulunywa kakhulu ngemali emihlanganweni yabo.a (Qhathanisa neyoku-1 IziKronike 29:9.) Akudingekile ukuba amaKristu eqiniso anxenxwe ukuze aphe; akubheka njengelungelo ukusekela iNkosi yawo ngokwezinga izimo zawo ezilivumelayo, yilowo nalowo “njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa.”—2 Korinte 9:7.
14. Yisiphi isimo esiye saba sobala phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kusukela ngo-1919, sibanikeza siphi isizathu sokujabula?
14 Ukubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso okwabikezelwa phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kuye kwaphumela ekwakhiweni kwepharadesi elingokomoya. Kusukela ngo-1919 kuye kwandisa imingcele yalo ngokuqhubekayo. (IHubo 14:7; Isaya 52:9, 10) Waba yini umphumela? AmaKristu eqiniso athola “injabulo nentokozo.” (Isaya 51:11) Izithelo ezinhle eziwumphumela ziwubufakazi balokho umoya ongcwele kaNkulunkulu okwazi ukukufeza ngabantu abangaphelele. Lonke udumo nenhlonipho kuya kuJehova, kodwa yiliphi ilungelo elikhulu kunaleli elingaba khona kunokuba isisebenzi kanye noNkulunkulu? (1 Korinte 3:9) UJehova unamandla amakhulu ngokwanele ukubangela amatshe ukuba amemezele isigijimi seqiniso, uma kudingekile. Nokho, uye wakubona kufanelekile ukuba angasebenzisi lendlela, kodwa, kunalokho, ukuba ashukumisele izidalwa ezizimisele ezenziwe ngothuli ukuba zenze intando yakhe.—Luka 19:40.
15. (a) Yiziphi izenzakalo zanamuhla esinesithakazelo kuzo? (b) Yisiphi isenzakalo esibheke phambili kuso ngenjabulo?
15 Zigcwele ukwesaba, izinceku zikaJehova manje ziqaphela izenzakalo zezwe njengoba lezizenzakalo zihlobene neziprofetho zeBhayibheli ezivelele. Izizwe zizama kanzima—kodwa ziyahluleka—ukufinyelela ukuthula okuhlala njalo. Izenzakalo ziziphoqelela ukuba zicele inhlangano yeZizwe Ezihlangene ukuba ithathe izinyathelo ezithile ezindaweni zezwe ezikhungethwe izinkinga. (IsAmbulo 13:15-17) Phakathi nalesosikhathi, abantu bakaNkulunkulu kakade babheke phambili ngokulindela okukhulu kwesinye sezenzakalo ezijabulisa kakhulu kwezake zenzeka, leso esisondela usuku nosuku. “Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele.”—IsAmbulo 19:7.
Ukushumayela—Umthwalo Noma Injabulo?
16. Bonisa indlela ukuhluleka ukwenza lokho umKristu akufundile okungamephuca ngayo injabulo yakhe.
16 “Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba-nani.” (Filipi 4:9) Ngokwenza lokho akufundile, amaKristu angalindela ukwamukela isibusiso sikaNkulunkulu. Enye yezinto ezibaluleke kakhulu azifundile isidingo sokushumayela izindaba ezinhle kwabanye. Ngempela, ubani ongathola ukuthula kwengqondo noma ongajabula uma egodlele abantu abanhliziyo ziqotho ukwaziswa ukuphila kwabo okuxhomeke ekukuzweni?—Hezekeli 3:17-21; 1 Korinte 9:16; 1 Thimothewu 4:16.
17. Kungani umsebenzi wethu wokushumayela kufanele ngaso sonke isikhathi ube umthombo wenjabulo?
17 Yeka injabulo okuyiyo ukuthola abantu abanjengezimvu abazimisele ukufunda ngoJehova! Ngempela, labo abakhonza ngesisusa esihle ngaso sonke isikhathi bayothola ukuthi inkonzo yoMbuso iwumthombo wenjabulo. Lokhu kungenxa yokuthi isizathu esiyinhloko sokuba uFakazi kaJehova siwukudumisa igama laKhe nokusekela isikhundla saKhe njengoMbusi Ophakeme. (1 IziKronike 16:31) Umuntu oliqaphelayo leliqiniso uyojabula ngisho nalapho abantu ngokungahlakaniphi benqaba izindaba ezinhle azilethayo. Uyazi ukuthi ukushumayela kubantu abangakholwa ngolunye usuku kuyophela; ukudumisa igama likaJehova kuyoqhubeka phakade.
18. Yini eshukumisela umKristu ukuba enze intando kaJehova?
18 Inkolo yeqiniso ishukumisela labo abayiqhubayo ukuba benze izinto ezifunwa uJehova, hhayi ngoba kumelwe bazenze, kodwa ngoba bayathanda. (IHubo 40:8; Johane 4:34) Abantu abaningi bakuthola kunzima ukukuqonda lokhu. Owesifazane othile wake watshela uFakazi owayemvakashele: “Uyazi ukuthini, kumelwe ngikutuse. Angisoze ngempela ngaya endlini ngendlu ngishumayele ngenkolo yami njengoba wenza.” Emomotheka loFakazi waphendula: “Ngiyayiqonda indlela ozizwa ngayo. Ngaphambi kokuba ngibe omunye woFakazi BakaJehova, wawungenakungenza ukuba ngiye kwabanye abantu ngiyokhuluma ngenkolo. Kodwa manje sengiyafuna.” Lowesifazane wacabanga okwesikhashana wayesephetha: “Ngokusobala inkolo yakho inokuthile eyami engenakho. Mhlawumbe kumelwe ngenze ukuhlola.”
19. Kungani manje kuyisikhathi sokujabula kunanini ngaphambili?
19 Itekisi lonyaka lika-1994, eliboniswe ngokugqamile emaHholo ethu oMbuso, lisikhumbuza njalo ukuthi: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” (IzAga 3:5) Singaba khona yini esinye isizathu esikhulu sokujabula kunokukwazi ukubeka ithemba lethu kuJehova, inqaba yethu esiphephela kuyo? IHubo 64:10 liyachaza: “Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye.” Lesi akusona isikhathi sokuntengantenga noma ukuyeka. Inyanga ngayinye edlulayo isisondeza ekugcwalisekeni kwalokho izinceku zikaJehova eziye zalangazelela ukukubona kusukela ezinsukwini zika-Abela. Manje yisikhathi sokuthembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu, sazi ukuthi asikaze nanini ngaphambili sibe nezizathu eziningi kangaka zokujabula!
[Umbhalo waphansi]
a Emihlanganweni yesigodi nasemabandleni kanye ngenyanga, kufundwa isaziso esifushane esibonisa inani elamukelwe leminikelo yokuzithandela kanye nezindleko okubhekanwe nazo. Ngezinye izikhathi kuthunyelwa izincwadi ezibonisa indlela iminikelo enjalo esetshenziswa ngayo. Kanjalo bonke bayakhunjuzwa ngesimo esingokwezimali somsebenzi woFakazi BakaJehova womhlaba wonke.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ NgokukaNehemiya 8:10, kungani kufanele sijabule?
◻ UDuteronomi 26:11 no–28:45-47 ukubonisa kanjani ukubaluleka kokujabula?
◻ EyabaseFilipi 4:4-9 ingasisiza kanjani ukuba sijabule ngaso sonke isikhathi?
◻ Itekisi lonyaka lika-1994 lisinikeza siphi isizathu sokujabula?
[Isithombe ekhasini 16]
OFakazi baseRussia nabaseJalimane bayajabula ngokuba ingxenye yobuzalwane bezizwe zonke
[Isithombe ekhasini 17]
Ukuhlanganyela iqiniso nabanye kuyimbangela yenjabulo