Ukuhlukanisa Phakathi Kobuthakathaka, Ububi, Nokuphenduka
ISONO siyinto ezondwa amaKristu—ukusilela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga. (Heberu 1:9) Ngokudabukisayo, sonke siyona ngezikhathi ezithile. Sonke silwisana nobuthakathaka nokungapheleli okungaphakathi kithina. Nokho, ezimweni eziningi, uma sizivuma izono zethu kuJehova futhi sizama ngobuqotho ukuba singaziphindi, singasondela kuye sinonembeza ohlanzekile. (Roma 7:21-24; 1 Johane 1:8, 9; 2:1, 2) Siyambonga uJehova ngoba, naphezu kobuthakathaka bethu, uyayamukela inkonzo yethu engcwele ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo.
Uma umuntu ewela esonweni esingathi sína ngenxa yobuthakathaka obungokwenyama, ukudinga ngokuphuthumayo ukweluswa ngokuvumelana nenqubo echazwe kuJakobe 5:14-16: “Kukhona ogulayo [ngokomoya] phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla . . . noma enzile izono‚ uzakuthethelelwa zona. Ngakho vumani izono omunye komunye‚ nikhulekelane ukuba niphulukiswe.”
Ngakho, lapho umKristu ozinikezele enza isono esingathi sína, kudingeka okungaphezu kokuvuma isono kuJehova. Abadala kumelwe bathathe izinyathelo, ngoba ukuhlanzeka noma ukuthula kwebandla kuyasongelwa. (Mathewu 18:15-17; 1 Korinte 5:9-11; 6:9, 10) Abadala kungase kudingeke ukuba banqume lokhu: Lomuntu uyaphenduka yini? Yini eholele kulesisono? Ingabe sibangelwe ubuthakathaka obethuke bavela? Ubesenza umkhuba yini isono? Ukunquma okunjalo akulula noma akucacile ngaso sonke isikhathi futhi kudinga ukuqonda okukhulu.
Nokho, kuthiwani uma isono senziwe ngenxa yokuphishekela inkambo yobubi nokuziphatha okubi? Khona-ke, umthwalo wemfanelo wabadala ucacile. Lapho enikeza isiqondiso sokusingatha indaba engathi sína ebandleni laseKorinte, umphostoli uPawulu wathi: “Xoshani omubi phakathi kwenu.” (1 Korinte 5:13) Ayikho indawo yabantu ababi ebandleni lobuKristu.
Ukuvivinya Ubuthakathaka, Ububi, Kanye Nokuphenduka
Abadala bangazi kanjani ukuthi umuntu uyaphenduka?a Lona akuwona umbuzo olula. Ngokwesibonelo, cabanga ngeNkosi uDavide. Yaphinga yabe isibulala ngokungemthetho. Nokho, uJehova wayivumela ukuba iqhubeke iphila. (2 Samuweli 11:2-24; 12:1-14) Khona-ke cabanga ngo-Ananiya noSafira. Ngokuqamba amanga bazama ukukhohlisa abaphostoli, ngobuzenzisi bezishaya abaphana kakhulu kunalokho ababeyikho ngempela. Indaba engathi sína? Yebo. Yimbi kunokubulala nokuphinga? Lutho neze! Nokho, o-Ananiya noSafira bakhokha ngokuphila kwabo.—IzEnzo 5:1-11.
Kungani izahlulelo zingefani? UDavide wawela esonweni esingathi sína ngenxa yobuthakathaka obungokwenyama. Lapho ebuzwa ngalokho ayekwenzile, waphenduka, futhi uJehova wamthethelela—ngisho nakuba athola ukuyalwa okuqatha ngokubhekiselwe ezinkingeni ezaba khona emzini wakhe. U-Ananiya noSafira bona ngokuthi baqamba amanga ngobuzenzisi, bezama ukukhohlisa ibandla lobuKristu kanjalo ‘beqamba amanga emoyeni ongcwele nakuNkulunkulu.’ Lokho kwabonakala kuwubufakazi bokuba nenhliziyo embi. Ngakho, bahlulelwa kanzima kakhulu.
Kuwo womabili lamacala uJehova owakhipha isahlulelo futhi isahlulelo sakhe sasilungile ngoba uyakwazi ukuhlola izinhliziyo. (IzAga 17:3) Abadala abangabantu abakwazi ukukwenza lokho. Ngakho abadala bangaqonda kanjani ukuthi isono esithile esingathi sína siwubufakazi bobuthakathaka kunokuba ubufakazi bobubi?
Eqinisweni, zonke izono zimbi, kodwa akuzona zonke izoni ezimbi. Izono ezifanayo zingase zibe ubufakazi bobuthakathaka komunye umuntu komunye zibe ubufakazi bobubi. Ngempela, ukona ngokuvamile kuhilela isilinganiso esithile sakho kokubili ubuthakathaka nobubi bomuntu oyisoni. Esinye isici esinqumayo indlela isoni esikubheka ngayo lokho esikwenzile nalokho esihlose ukukwenza ngakho. Ingabe sibonisa umoya wokuphenduka? Abadala badinga ukuqonda ukuze babone lokhu. Bangakuthola kanjani lokho kuqonda? Umphostoli uPawulu wathembisa uThimothewu: “Cabanga njalo ngalokhu engikushoyo; iNkosi iyokunika ngempela ukuqonda ezintweni zonke.” (2 Thimothewu 2:7, NW) Uma abadala ngokuthobeka ‘becabanga njalo’ ngamazwi aphefumlelwe kaPawulu kanye nabanye abalobi beBhayibheli, bayothola ukuqonda okudingekile ukuze bababheke ngokufanele labo abonayo ebandleni. Khona-ke, izinqumo zabo ziyobonisa ukucabanga kukaJehova, hhayi okwabo siqu.—IzAga 11:2; Mathewu 18:18.
Kwenziwa kanjani lokhu? Enye indlela iwukuhlola indlela iBhayibheli elibachaza ngayo abantu ababi bese bebona ukuthi lencazelo iyasebenza yini kumuntu okusetshenzelwana naye ngalesosikhathi.
Ukuvuma Icala Nokuphenduka
Abantu bokuqala abakhetha inkambo yobubi kwakungu-Adamu no-Eva. Nakuba babephelele futhi benolwazi olugcwele lomthetho kaJehova, bavukela ububusi baphezulu. Lapho uJehova ebabuza ngalokho ababekwenzile, ukusabela kwabo kwakuphawuleka—u-Adamu wasola u-Eva, no-Eva wasola inyoka! (Genesise 3:12, 13) Qhathanisa lokhu nokuthobeka okujulile kukaDavide. Lapho enziwa abhekane nezono zakhe ezingathi sína, walamukela icala futhi wacela intethelelo, ethi: “Ngonile kuJehova.”—2 Samuweli 12:13; IHubo 51:4, 9, 10.
Abadala benza kahle uma becabangela lezizibonelo ezimbili lapho besingatha amacala esono esingathi sína, ikakhulukazi omuntu omdala. Ingabe lomuntu oyisoni—njengoDavide lapho esesiqonda isono sakhe—ulivuma ngokuqondile icala futhi ngokuphenduka abheke kuJehova ukuze athole usizo nentethelelo, noma ingabe ufuna ukukunciphisa lokho akwenzile, mhlawumbe asole omunye? Yiqiniso, umuntu owonile angase afune ukuchaza ukuthi yini eyaholela ezenzweni zakhe, futhi kungenzeka zikhona izimo, kungaba ezesikhathi esidlule noma ezamanje, abadala okungase kudingeke bazicabangele lapho benquma indlela yokumsiza. (Qhathanisa noHoseya 4:14.) Kodwa kumelwe avume ukuthi wonile nokuthi unecala phambi kukaJehova. Khumbulani: “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.”—IHubo 34:18.
Ukukwenza Umkhuba Okubi
Encwadini yamaHubo, kukhulunywa kaningi ngabantu ababi. Imibhalo enjalo inganikeza usizo olwengeziwe kubadala ukuze baqonde ukuthi ngokuyisisekelo lomuntu mubi noma ubuthakathaka. Ngokwesibonelo, cabangela umthandazo ophefumlelwe weNkosi uDavide: “Ungangimukisi kanye nababi [nabakwenza umkhuba, NW] okubi abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.” (IHubo 28:3) Phawula ukuthi abantu ababi baphawulwa kanye “nabakwenza umkhuba okubi.” Umuntu owona ngenxa yobuthakathaka obungokwenyama cishe uyokuyeka ngokushesha lapho esanguluka. Nokho, uma umuntu ‘ekwenza umkhuba’ okubi kangangokuba kube yingxenye yokuphila kwakhe, lokhu kungaba ubufakazi bokuba nenhliziyo embi.
UDavide kulelovesi waphawula esinye isici esiwuphawu lobubi. Njengo-Ananiya noSafira, umuntu omubi ukhuluma izinto ezinhle ngomlomo wakhe kodwa ebe enezinto ezimbi enhliziyweni yakhe. Angase abe umzenzisi—njengabaFarisi bosuku lukaJesu ‘ababebonakala kubantu belungile kanti ngaphakathi bagcwele ukuzenzisa nobubi.’ (Mathewu 23:28; Luka 11:39) UJehova uyabuzonda ubuzenzisi. (IzAga 6:16-19) Uma umuntu ngobuzenzisi ezama ukuphika izono zakhe ezingathi sína ngisho nalapho ekhuluma nekomiti yokwahlulela, noma evuma ngokukhononda kuphela lokho osekwaziwa abanye, enqaba ukuvuma izono zakhe ngokugcwele, lokhu ngokufanelekile kungase kube ubufakazi bokuba nenhliziyo embi.
Ukungamnaki UJehova Ngokuzidla
Ezinye izinto eziphawula umuntu omubi zichazwe kumaHubo 10. Lapho siyafunda: “Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka; . . . amdelele uJehova.” (IHubo 10:2, 3) Kumelwe simbheke kanjani umKristu ozinikezele oqhoshayo futhi odelela uJehova? Ngokuqinisekile, lezizimo zengqondo zimbi. Umuntu owona ngenxa yobuthakathaka, lapho nje eqaphela isono sakhe noma lapho silethwa ekunakekeleni kwakhe, uyophenduka futhi alwe kanzima ukuba aguqule ukuphila kwakhe. (2 Korinte 7:10, 11) Ngokuphambene, uma umuntu ona ngoba ngokuyinhloko edelela uJehova, yini eyomvimbela ukuba angabuyeli ngokuphindaphindiwe enkambweni yakhe yokona? Uma eqhosha naphezu kokululekwa ngomoya wobumnene, angaba kanjani nokuthobeka okudingekayo ukuze aphenduke ngobuqotho nangeqiniso?
Manje cabangela amazwi kaDavide awasho kamuva kulo lelihubo: “Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu, athi enhliziyweni yakhe: Awuyikukunaka, na?” (IHubo 10:13) Ebandleni lobuKristu, umuntu omubi uyawazi umehluko phakathi kokulungile nokubi, kodwa akanqikazi ukwenza okubi lapho ecabanga ukuthi angakwenza ngaphandle kokuthola isijeziso. Uma nje lungekho uvalo lokuthi uzodaluleka, uvumela ukuthambekela esonweni kumbuse. Ngokungafani noDavide, uma izono zakhe zivela obala, uyodala amaqhinga okubalekela isiyalo. Umuntu onjalo umedelela kakhulu uJehova. “Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe. . . . Okubi kakwenyanyi.”—IHubo 36:1, 4.
Ukulimaza Abanye
Ngokuvamile, kuthinteka abantu abangaphezu koyedwa ngesono esisodwa. Ngokwesibonelo, umuntu ophingayo wona kuNkulunkulu; wenza umkakhe nabantwana babe izisulu; futhi uma umuntu aphinge naye eshadile, wenza abomkhaya walowomuntu izisulu; futhi ungcolisa igama elihle lebandla. Ukubheka kanjani konke lokhu? Ingabe ubonisa ukudabuka okusuka enhliziyweni kanye nokuphenduka okuqotho? Noma ingabe ubonisa umoya ochazwe kumaHubo 94: “Bayazidla bonke abenza okubi. Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza, nefa lakho balinyathela phansi. Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala. Bathi: UJehova akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki”?—IHubo 94:4-7.
Cishe, izono ezisingathwa ibandla ngeke zihilele ukubulala. Nokho umoya oboniswayo lapha—umoya wokuzimisela ukwenza abanye izisulu ngenxa yenzuzo yomuntu siqu—ungase ube sobala njengoba abadala bephenya ngobubi. Nalokhu futhi kuwukuzidla, uphawu lomuntu omubi. (IzAga 21:4) Kuphambene ngokuphelele nomoya womKristu weqiniso, ozimisele ukuzidela ngenxa yomfowabo.—Johane 15:12, 13.
Ukusebenzisa Izimiso Zokwesaba UNkulunkulu
Leziziqondiso ezimbalwa azihloselwe ukubeka imithetho. Nokho, ziyawunikeza umqondo wezinto ezithile uJehova azibheka njengezimbi ngempela. Lomuntu uyenqaba yini ukwamukela icala lobubi abenzile? Lomuntu owonile uye wangasinaka ngendelelo yini iseluleko sesikhathi esidlule ngokuphathelene nayo kanye lendaba? Ugxilile yini emkhubeni wokwenza ububi obungathi sína? Umenzi wobubi ukuveza obala yini ukungawunaki umthetho kaJehova? Ingabe uye wenza imizamo yobuqili yokufihla ububi, mhlawumbe onakalisa nabanye ngesikhathi esifanayo? (Juda 4) Imizamo enjalo iya ijula lapho ububi buvela obala? Umenzi wobubi ubonisa ukungakunaki ngokuphelele yini ukulimala aye wakubangela kwabanye nasegameni likaJehova? Kuthiwani ngesimo sakhe sengqondo? Ngemva kokuba enikezwe iseluleko esingokomBhalo somusa, uyaqhosha noma uyazidla? Ingabe untula isifiso esisuka enhliziyweni sokugwema ukuphinda lobobubi? Uma abadala bezibona izinto ezinjalo, ezibonisa ngokunamandla ukuntuleka kokuphenduka, bangase bafinyelele isiphetho sokuthi izono ezenziwe zinikeza ubufakazi bobubi kunokumane nje kube ubuthakathaka benyama.
Ngisho nalapho besingethe udaba lomuntu obonakala ethambekele kokubi, abadala abayeki ukumnxusa ukuba aphishekele ukulunga. (Heberu 3:12) Abantu ababi bangaphenduka futhi bashintshe. Ukuba bekungenjalo, kungani uJehova anxusa ama-Israyeli: “Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba-nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu”? (Isaya 55:7) Mhlawumbe, phakathi nokuthethwa kwecala, abadala bayolubona ushintsho oluphawulekayo enhliziyweni yakhe njengoba luboniswa ukuziphatha nesimo sengqondo okubonisa ukuphenduka.
Ngisho nangesikhathi sokususa umuntu ekuhlanganyeleni, abadala, njengabelusi, bayomnxusa ukuba aphenduke futhi azame ukubuyela emseni kaJehova. Khumbula ‘umuntu omubi’ waseKorinte. Kusobala ukuthi wayishintsha indlela yakhe, futhi uPawulu kamuva watusa ukuba abuyiselwe. (2 Korinte 2:7, 8) Cabanga futhi ngeNkosi uManase. Yayiyimbi kakhulu, kodwa lapho ekugcineni iphenduka, uJehova wakwamukela ukuphenduka kwayo.—2 AmaKhosi 21:10-16; 2 IziKronike 33:9, 13, 19.
Yiqiniso, sikhona isono esingeke sithethelelwe—ukona umoya ongcwele. (Heberu 10:26, 27) UJehova yedwa onqumayo ukuthi ubani owenze isono esinjalo. Abantu abanalo igunya lokwenza kanjalo. Umthwalo wemfanelo wabadala uwukugcina ibandla lihlanzekile nokusiza ekubuyiseleni izoni eziphendukayo. Uma lokhu bekwenza ngokuqonda nangokuthobeka, bevumela ukuba izinqumo zabo zibonise ukuhlakanipha kukaJehova, khona-ke uJehova uyosibusisa lesisici sokwelusa kwabo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1982, amakhasi 27-30; ne-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, amakhasi 772-4.
[Isithombe ekhasini 29]
U-Ananiya noSafira ngobuzenzisi baqamba amanga emoyeni ongcwele, okubonisa ukuthi izinhliziyo zabo zazizimbi