Imibuzo Evela Kubafundi
Izinzuzo zezinkonzo zikaKristu Jesu njengompristi ophakeme, ezikhulunyelwe kweyamaHeberu 4:15, 16, zisebenza kanjani ‘kwezinye izimvu’ manje?
Nakuba indima kaJesu njengomPristi Ophakeme ibaluleke ngokuyinhloko kulabo abayoba naye ezulwini, amaKristu anamathemba asemhlabeni ayazuza ngisho kwamanje ezinkonzweni zikaJesu zobupristi.
Kusukela ku-Adamu, abantu baye bathweswa umthwalo onzima wesono. Sihlushwa ukungapheleli esikuzuze njengefa, njengoba kwakunjalo ngama-Israyeli. Aphendukela kubapristi abaphakeme ngokulandelana kwabo namasekela abo, ababenza imihlatshelo yezono zabo siqu kanye nezabantu. Ngokuhamba kwesikhathi, uJesu wagcotshwa njengompristi “ngendlela kaMelkisedeki.” Ngemva kokuba evusiwe, uJesu wabonakala phambi kukaJehova ukuze alethe inani lomhlatshelo wakhe ophelele wobuntu.—IHubo 110:1, 4.
Kusho ukuthini lokhu kithi namuhla? Encwadini yakhe eyayiya kumaHeberu, uPawulu wakhuluma ngenkonzo kaJesu njengomPristi Ophakeme. KweyamaHeberu 5:1, siyafunda: “Yilowo nalowompristi ophakeme othathwa kubantu umiswa ngenxa yabantu phezu kwezinto eziphathelene noNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngezono.” Khona-ke, emavesini 5 no-6, uPawulu wabonisa ukuthi uJesu waba umpristi ophakeme, okungaholela ezinzuzweni ngathi.
Kanjani? UPawulu wabhala: “Nakuba ayeyiNdodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo; futhi ngemva kokuba enziwe waphelela waba isisusa sensindiso emi phakade kubo bonke abamlalelayo.” (Heberu 5:8, 9) Ekuqaleni, lelovesi lingasenza sicabange ngendlela esiyokwazi ukuzuza ngayo ezweni elisha, lapho isimo sesono salabo abathembekile kuNkulunkulu noJesu siyosuswa khona futhi bazuze ukuphila okuphakade. Lelo ithemba eliqinisekile, elisekelwe enanini elihlawulelayo lomhlatshelo kaJesu nenkonzo yakhe njengomPristi Ophakeme.
Empeleni, singazuza kwamanje endimeni yakhe noma inkonzo njengomPristi Ophakeme. Phawula okushiwo eyamaHeberu 4:15, 16: “Lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono. Ngakho-ke, masisondeleni ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.” Siyoba nini ‘isikhathi esifanele’? Yilapho sidinga khona isihe nomusa ongafanelwe. Ngenxa yokungapheleli kwethu, sonke kufanele sisizwe lesisidingo manje.
EyamaHeberu 4:15, 16 iveza iphuzu lokuthi uJesu—manje ongumpristi ezulwini—naye uke waba umuntu, ngakho angabonisa ububele. Kobani? Kithina. Nini? Manje. Lapho engumuntu, uJesu wabhekana nokucindezeleka okuvamile kubantu. Ngesinye isikhathi, uJesu wayelambile futhi omile. Futhi naphezu kokuphelela, wayekhathala. Lokho kufanele kusiqinisekise. Ngani? Ngenxa yokuthi uJesu wabhekana nokukhathala okungokwemvelo, uyayazi indlela esivame ukuzizwa ngayo. Khumbula futhi ukuthi kwadingeka ukuba uJesu alwe nengxabano yomona phakathi kwabaphostoli bakhe. (Marku 9:33-37; Luka 22:24) Yebo, wayedumazeka. Akufanele yini lokho kusinike ithemba lokuthi uyaqonda lapho sidumazeka? Ngokuqinisekile.
Lapho udumele, yini ongayenza? Ingabe uPawulu wathi kumelwe ulinde nje kuze kube yilapho, ezweni elisha, umPristi wakho Ophakeme, uJesu, ekusiza ukuba uphelele engqondweni nasemzimbeni? Cha. UPawulu wathi: “Ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele,” futhi lokho kuhlanganisa nesikhathi samanje. Ngaphezu kwalokho, lapho uJesu engumuntu, wabhekana nokuhlupheka nobunzima, ‘evivinywa ezicini zonke njengathi.’ Ngakho lapho sibhekana nezinto ezinjalo, ukulungele ukusisiza, ngokusekelwe ekuqondeni kwakhe lokho esibhekana nakho. Ingabe lokho akukudonseli kuye?
Manje phawula ivesi lika-16. UPawulu uthi thina—futhi lokhu kuhlanganisa kokubili abagcotshiwe nalabo bezinye izimvu—singasondela kuNkulunkulu ngenkululeko yokukhuluma. (Johane 10:16) Umphostoli wayengasho ukuthi singase sisho noma yini esifuna ukuyisho emthandazweni, ngisho nentukuthelo, nezinto ezingabonisi inhlonipho. Kunalokho, ngesisekelo somhlatshelo kaJesu nendima yakhe njengomPristi Ophakeme, singasondela kuNkulunkulu naphezu kokuba kwethu izoni.
Enye indlela esingazuza ngayo ngisho kwamanje ezinkonzweni zomPristi wethu Ophakeme, uJesu Kristu, ihilela izono zethu, noma amaphutha. Ngokuqinisekile asilindele ukuba uJesu asebenzisa kithi zonke izinzuzo zomhlatshelo wakhe kulesisimiso samanje. Ngisho noma ebengakwenza, besiyolokhu singenakho ukuphila okumi phakade. Ingabe uyayikhumbula indaba elotshwe kuLuka 5:18-26, ehilela umuntu ofe uhlangothi umbhede wakhe owehliswa ngembobo eyayivulwe ophahleni? UJesu wamtshela: “Ndoda, uthethelelwe izono zakho.” Lokho kwakungasho ukuthi ithethelelwe ezonweni ezithile ezazibangela lokho kufa kohlangothi. Kumelwe ukuba kwakusho izono zalomuntu ezivamile, futhi ngezinga elithile kungenzeka ukuthi kwakuhilela ukungapheleli kwakhe kobuntu okuzuzwe njengefa, okubangela ukuhlupheka.
Ngokusekelwe emhlatshelweni ayezowunikela, uJesu wayengaziqeda izono zalomuntu, njengoba nempongo ka-Azazeli yayiqeda izono zika-Israyeli ngoSuku Lokubuyisana. (Levitikusi 16:7-10) Nokho, lomuntu ofe uhlangothi wayesengumuntu. Wayesazophinde one, futhi ngokuhamba kwesikhathi wafa, njengoba kumelwe kube njalo ngezoni. (Roma 5:12; 6:23) Lokho uJesu akusho kwakungasho ukuthi lomuntu wayesethole ukuphila okuphakade ngaso leso sikhathi. Kodwa lomuntu wabusiswa ngezinga elithile lokuthethelelwa ngalesosikhathi.
Manje cabangela isimo sethu. Njengoba singaphelele, sona nsuku zonke. (Jakobe 3:2) Yini esingayenza ngalokho? Phela, sinomPristi Ophakeme onesihe ezulwini esingasondela ngaye kuJehova ngomthandazo. Yebo, njengoba uPawulu abhala, sonke ‘singasondela ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi [sikaNkulunkulu] somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.’ Ngenxa yalokho, bonke namuhla abangabezinye izimvu ngokuqinisekile bazuza izinzuzo ezimangalisayo, kuhlanganise nonembeza omsulwa, ezinkonzweni zikaKristu njengompristi ophakeme.
Wonke amaKristu anethemba lasemhlabeni angabheka phambili ezinzuzweni ezinkulu ezweni elisha elisondelayo. Khona-ke umPristi wethu Ophakeme wasezulwini uyozisebenzisa ngokugcwele izinzuzo zomhlatshelo wakhe, kuholele ekuthethelelweni okuphelele kwesono. Uyophinde adlulisele izinzuzo ezinkulu ngokunakekela impilo yabantu engokomzimba nengokomoya. Futhi uJesu uyoyandisa kakhulu imfundo yabantu bakaNkulunkulu emhlabeni, njengoba ukufundisa uMthetho kwakuwumthwalo wemfanelo omkhulu wabapristi kwa-Israyeli. (Levitikusi 10:8-10; Duteronomi 24:8; 33:8, 11) Ngakho, nakuba sizuza ezinkonzweni zikaJesu zobupristi manje, kuningi okusasilindele!