Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 7/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • UGabriyeli Uvakashela UMariya
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 7/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe uMariya owaba ngunina kaJesu wayesekhulelwe kakade lapho ehamba eyovakashela isihlobo sakhe u-Elisabethe?

Yebo, ngokobufakazi obutholakalayo wayesekhulelwe kakade.

KuLuka isahluko 1, okokuqala sifunda ngokukhulelwa kuka-Elisabethe, umkampristi uZakariya, owazala uJohane (uMbhapathizi). Lapho u-Elisabethe ‘esenyangeni yakhe yesithupha ingelosi uGabriyeli’ yavakashela uMariya ukuze imazise ukuthi wayezokhulelwa futhi azale “iNdodana YoPhezukonke.” (Luka 1:26, 30-33) Kodwa wakhulelwa nini uMariya?

Ukulandisa kukaLuka kuqhubeka kulandise ukuthi ngemva kwalokho uMariya wahamba waya kwaJuda eyovakashela isihlobo sakhe u-Elisabethe owayekhulelwe. Lapho laba besifazane ababili behlangana, usana olwalusesibelethweni sika-Elisabethe (uJohane) lwagxuma. U-Elisabethe wabhekisela ‘esithelweni sesibeletho sikaMariya,’ futhi wabiza uMariya ngokuthi “unina weNkosi yami.” (Luka 1:39-44) Ngakho-ke isiphetho esinengqondo siwukuthi uMariya wayesekhulelwe kakade, ukuthi wayekhulelwe lapho eyobona u-Elisabethe.

ULuka 1:56 ufundeka kanje: “Khona-ke uMariya wahlala naye cishe izinyanga ezintathu, futhi wabuyela ekhaya.” Leli vesi alinikezi indlela yokubala enembile ekhomba usuku lwekhalenda oluqondile. Lithi “cishe izinyanga ezintathu,” okubeka u-Elisabethe enyangeni yakhe yesishiyagalolunye ekhulelwe.

Ngemva kokusiza u-Elisabethe phakathi nengxenye yokugcina yokukhulelwa kwakhe, uMariya wahamba waya ekhaya eNazaretha. Kungenzeka ukuthi uMariya wayeqaphela ukuthi lapho nje u-Elisabethe esebelethe (uJohane), kwakungase kube nezivakashi eziningi, ezinye zazo zibe ngisho nayizihlobo. Lokho kwakungase kubangele ukuzinyeza nokuphoxeka kowesifazane osemusha ongashadile owayekhulelwe naye ngokwakhe. UMariya wayesenesikhathi esingakanani ekhulelwe lapho ehamba eya eNazaretha? Njengoba ayeno-Elisabethe “cishe izinyanga ezintathu,” cishe uMariya wayengasekupheleni kwenyanga yakhe yesithathu noma ekuqaleni kweyesine ekhulelwe lapho ebuyela eNazaretha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela