Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 4/1 k. 9
  • Imisebenzi Emihle Ekhazimulisa UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imisebenzi Emihle Ekhazimulisa UJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “UNkulunkulu Akabheki Ubuso Bamuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • “[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • “Manibe-Ngcwele”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izimvu ZikaJesu Zilalela Izwi Lakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 4/1 k. 9

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Imisebenzi Emihle Ekhazimulisa UJehova

ENTSHUMAYELWENI yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:16) Ngokufanayo, namuhla amaKristu eqiniso enza “imisebenzi emihle” ekhazimulisa uJehova.

Iyini lemisebenzi emihle? Ihlanganisa nokushumayela izindaba ezinhle, kodwa ukuziphatha kwethu okuyisibonelo nako kuyingxenye ebalulekile. Ngokuvamile ukuziphatha kwethu okuhle yikho okudonsela abantu ebandleni lobuKristu okokuqala. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa indlela oFakazi BakaJehova eMartinique abenza ngayo ‘ukukhanya kwabo kukhanye phambi kwabantu.’

◻ Ngenkathi enza umsebenzi wokushumayela endlini ngendlu, omunye woFakazi BakaJehova wavakashela owesifazane othile ongumKatolika. Kwase kuyiminyaka engu-25 lona wesifazane ehlala nendoda angashadile nayo. Wayejwayelene nezimfundiso zoFakazi BakaJehova, njengoba ayethole incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni cishe eminyakeni engu-7 ngaphambili.a Lona wesifazane watshela uFakazi: “Kunezinkolo eziningi kakhulu. Angazi ukuthi ngikholelwe bani kulesi siphithiphithi.” LoFakazi wachaza ukuthi iqiniso lingatholakala kuphela eBhayibhelini nokuthi ukuze alithole, kwakudingeka atadishe imiBhalo ngokucophelela futhi athandaze kuNkulunkulu acele umoya nesiqondiso sakhe.

Okwesikhathi esithile, nakuba ayenesithakazelo ekutadisheni iBhayibheli, lona wesifazane wenqaba izimemo eziningana zokuba eze emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova. Ngani? Wayenamahloni ngendlela emangalisayo. Nokho, ngemva kokuthola isimemo sokuba eze eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, wawanqoba amahloni akhe futhi waba khona.

Okwamhlaba umxhwele kakhulu ngalomhlangano umoya wothando owawuseHholo LoMbuso. Wayengakaze abubone ubungane beqiniso obunjengalobo esontweni lakhe! Ngemva kwalowo mhlangano waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano eqhutshwa oFakazi kuleyo ndawo, futhi ngokushesha washada nendoda ayekade ehlala nayo. Manje uyilungu elibhapathiziwe lebandla.

◻ Imisebenzi emihle yomunye uFakazi yaveza imiphumela emihle. Wayenesikhundla esithile emsebenzini. Ngemva kokuba kuqashwe indoda ethile yasesiqhingini saseRéunion, ezinye zezisebenzi zaqala ukuyigcona ngenxa yokuba mfushane kwayo. Yaba inhlekisa. Ngokuphambene, ngaso sonke isikhathi loFakazi wayenomusa kulendoda futhi eyihlonipha. Ngokushesha yabuza ukuthi kungani ayehluke kangaka.

LoFakazi wachaza ukuthi ukuziphatha kwakhe okunenhlonipho kwakubangelwa izimiso zeBhayibheli ayezifunde koFakazi BakaJehova. Wayibonisa nalokho imiBhalo ekushoyo ngezinjongo zikaNkulunkulu nethemba lezwe elisha. Lendoda yavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli, yaqala ukuba khona emihlanganweni yobuKristu, futhi yashada nowesifazane eyayikade ihlala naye.

Ekugcineni yabuyela eRéunion. Esikhathini esidlule, yayibe nezinkinga nezihlobo zayo, ikakhulukazi abasekhweni. Kodwa manje ukuziphatha kwayo okuhle kobuKrisu kwabahlaba umxhwele kakhulu. Lendoda yabhapathizwa futhi njengamanje iyinceku ekhonzayo. Amalungu amaningana omkhaya, kuhlanganise nomkayo namadodakazi amabili, nawo akhonza njengabamemezeli bezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ebandleni lobuKristu.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela