Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 5/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukujonga Emgomweni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Filipi 4:13—“Nginamandla Okwenza Zonke Izinto NgoKristu Ongiqinisayo”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Imfihlakalo Eyafundwa AbaseFilipi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Phikelela Emgomweni!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 5/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Wayesho ukuthini umphostoli uPawulu lapho ethi ‘wayekhohlwa izinto ezingemuva futhi elulekela phambili ezintweni ezingaphambili’? (Filipi 3:13) Ingabe umuntu angakhohlwa okuthile ngenhloso?

Cha, ezimweni eziningi asikwazi ukususa into ethile enkumbulweni yethu ngenhloso. Iqiniso liwukuthi, okuningi esifuna ukukukhumbula siyakukhohlwa futhi sikhumbule izinto eziningi ebesingathanda ukuzikhohlwa. Khona-ke, wayesho ukuthini uPawulu lapho ebhala amazwi akweyabaseFilipi 3:13? Umongo uyasisiza ukuba siqonde.

KweyabaseFilipi isahluko 3, uPawulu uchaza ‘izizathu zakhe zokuqiniseka enyameni.’ Ukhuluma ngesizinda sakhe sobuJuda esingenasici nokushisekela kwakhe uMthetho—izinto ezazingamnikeza izinzuzo eziningi esizweni sakwa-Israyeli. (Filipi 3:4-6; IzEnzo 22:3-5) Nakuba kunjalo, wazifulathela lezi zinzuzo, ezithatha njengezinto ezingathi shú. Ngani? Ngoba wayethole okuthile okungcono—‘inzuzo edlula zonke izinto yolwazi ngoKristu Jesu.’—Filipi 3:7, 8.

Umgomo kaPawulu oyinhloko kwakungekhona ukufinyelela isikhundla esithile kulelizwe, kodwa kwakuwukufinyelela “ekuvukeni kokuqala kwelabafileyo.” (Filipi 3:11, 12) Ngakho, uyabhala: “Ukukhohlwa izinto ezingemuva nokwelulekela phambili ezintweni ezingaphambili, ngiphishekela emgomweni ukuze ngithole umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu ngoKristu Jesu.” (Filipi 3:13, 14) Lapho uPawulu ethi ‘wayekhohlwa izinto ezingemuva,’ wayengasho ukuthi ngandlela-thile wayezisulile “izinto ezingemuva” engqondweni yakhe. Ngokusobala wayesazikhumbula, njengoba ayesanda kuzibala. Ngaphandle kwalokho, ngokwesiGreki sokuqala, usebenzisa igama eliyisenzo elibonisa into eqhubekayo, hhayi eqediwe. Uthi “ukukhohlwa,” akasho ukuthi “njengoba sengikhohliwe.”

Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “khohlwa” (e·pi·lan·thaʹno·mai) linemiqondo ehlukahlukene, omunye wayo ‘ukungabi nandaba nokuthile,’ noma ‘ukukushaya indiva.’ Ngokwe-Exegetical Dictionary of the New Testament (ehlelwe uHorst Balz noGerhard Schneider), yilokhu okushiwo elithi “ukukhohlwa” kweyabaseFilipi 3:13. UPawulu wayengahlali ecabanga ngezinto ayezidelile. Wayefunde ukuzibheka njengezingasho lutho. ‘Zazinjengenqwaba yezibi’ uma ziqhathaniswa nethemba lasezulwini.—Filipi 3:8.

Amazwi kaPawulu angasebenza kanjani namuhla? NjengoPawulu, kungenzeka umKristu uye wadela okuthile ukuze akhonze uNkulunkulu. Kungenzeka uye wadela umsebenzi okhokhelayo ngenxa yenkonzo yesikhathi esigcwele. Noma kungenzeka uzalwa emkhayeni ocebile oye wamkhipha ezimalini zawo ngoba ungalamukeli iqiniso. Ukudela izinto ezinjalo kuyancomeka, kodwa akufanele kuhlale kucatshangwa ngakho. UmKristu ‘uyakhohlwa,’ angabi nandaba ‘nezinto ezingemuva’ ngenxa yekusasa elikhazimulayo elimlindele.—Luka 9:62.

Isimiso esisemazwini kaPawulu mhlawumbe singasebenza nangenye indlela. Kuthiwani ngomKristu owaziphatha ngendlela engafanele ngaphambi kokufunda ngoNkulunkulu? (Kolose 3:5-7) Noma ake sithi ngemva kokuba umKristu, wenza isono esingathi sína futhi wathola isiyalo ebandleni. (2 Korinte 7:8-13; Jakobe 5:15-20) Uma eye waphenduka ngempela futhi washintsha izindlela zakhe, useye ‘wagezwa wahlanzeka.’ (1 Korinte 6:9-11) Okwenzeka sekudlulile. Angase angakukhohlwa ngokoqobo akwenza—ngempela, uyobe ehlakaniphile uma efunda kulokhu okuhlangenwe nakho ukuze angasiphindi leso sono. Nakuba kunjalo, ‘uyakhohlwa’ ngomqondo wokungaqhubeki ezisola. (Qhathanisa no-Isaya 65:17.) Njengoba eye wathethelelwa ngesisekelo somhlatshelo kaJesu, uzama ukungakunaki okwesikhathi esidlule.

KweyabaseFilipi 3:13, 14, uPawulu uzichaza njengomgijimi emncintiswaneni, ‘elulekela phambili’ ukuze afinyelele umgomo. Umgijimi ubheka phambili, hhayi emuva. Ngokufanayo, umKristu kufanele abheke ezibusisweni ezingaphambili, hhayi ezintweni azishiye ngemuva. UPawulu uthi futhi: “Uma ninokuthambekela kwengqondo okuhlukile kunoma isiphi isici, uNkulunkulu uyonambulela isimo sengqondo esingenhla.” (Filipi 3:15) Ngakho-ke, thandaza kuNkulunkulu ucele ukuba akusize uhlakulele lombono. Gcwalisa ingqondo yakho ngemicabango kaNkulunkulu njengoba itholakala eBhayibhelini. (Filipi 4:6-9) Zindla ngothando uJehova analo ngawe nangezibusiso ozijabulelayo ngenxa yalo. (1 Johane 4:9, 10, 17-19) Khona-ke, ngomoya ongcwele uJehova uyokusiza ukuba ungabi nandaba nezinto ozishiye ngemuva. Kunalokho, njengoPawulu, uyobheka ekusaseni elikhazimulayo elingaphambili.—Filipi 3:17.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela