Inzalo YeNyoka—Idalulwe Kangakanani?
“Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe.”—GENESISE 3:15.
1. (a) Kungani uJehova enguNkulunkulu ojabulayo? (b) Yini aye wayenza ukuze asenze sikwazi ukuhlanganyela enjabulweni yakhe?
UJEHOVA unguNkulunkulu ojabulayo, futhi kuyafaneleka. UnguMuphi wezinto ezinhle omkhulu kunabo bonke novelele, futhi akukho lutho olungabhuntshisa ukugcwaliseka kwezinjongo zakhe. (Isaya 55:10, 11; 1 Thimothewu 1:11; Jakobe 1:17) Ufuna ukuba izinceku zakhe zihlanganyele enjabulweni yakhe, futhi unikeza izizathu ezizwakalayo zokuba zenze njalo. Ngakho, kwesinye sezikhathi zosizi kunazo zonke emlandweni wesintu—ukuhlubuka kwase-Edene—wanikeza isisekelo sokuba silindele isikhathi esizayo ngethemba.—Roma 8:19-21.
2. Lapho ememezela isahlulelo ezihlubukini e-Edene, uJehova wasinikeza kanjani isisekelo sethemba ngenzalo ka-Adamu no-Eva?
2 Enye yamadodana kaJehova omoya, ngokumelana noNkulunkulu nangokumnyundela, yayisanda kuzenza uSathane uDeveli. Abantu bokuqala, u-Eva kamuva u-Adamu, babenqotshwe ithonya layo futhi bephule umthetho kaJehova owawushiwo ngokucacile. Ngokufanelekile babegwetshelwe ukufa. (Genesise 3:1-24) Nokho, lapho ememezela isahlulelo kulezi zihlubuki, uJehova wanikeza isisekelo sethemba ngenzalo ka-Adamu no-Eva. Kanjani? Njengoba kulotshiwe kuGenesise 3:15, uJehova wathi: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” Leso siprofetho siyisihluthulelo sokuqonda lonke iBhayibheli kanye nezenzakalo ezidlule nezamanje ezihilela kokubili izwe nezinceku zikaJehova.
Lokho Isiprofetho Esikushoyo
3. Njengoba kubhekiselwe kubo kuGenesise 3:15, chaza (a) iNyoka, (b) “owesifazane,” (c) “inzalo” yeNyoka, (d) “inzalo” yowesifazane.
3 Ukuze uqonde ukubaluleka kwaso, cabangela izici ezihlukahlukene zesiprofetho ngokwaso. Okukhulunywa naye kuGenesise 3:15 iNyoka—hhayi inyoka ephansi kodwa lowo owayisebenzisa. (IsAmbulo 12:9) “Owesifazane” akuyena u-Eva kodwa yinhlangano kaJehova yasezulwini, unina wezinceku zakhe ezigcotshwe ngomoya ezisemhlabeni. (Galathiya 4:26) “Inzalo” yeNyoka, inzalo kaSathane, usapho lwakhe—amademoni nabantu kanye nezinhlangano zabantu ezibonisa izici zikaSathane futhi ezibonisa ubutha ‘ngenzalo’ yowesifazane. (Johane 15:19; 17:15) “Inzalo” yowesifazane ngokuyinhloko uJesu Kristu, owagcotshwa ngomoya ongcwele ngo-29 C.E. Abangu-144 000, ‘abaphinde bazalwa amanzi nomoya’ futhi abayizindlalifa zoMbuso wasezulwini noKristu, bayingxenye yesibili yenzalo yesithembiso. Laba baqala ukunezelwa enzalweni yowesifazane ngePentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke.—Johane 3:3, 5; Galathiya 3:16, 29.
4. UGenesise 3:15 uhlangene ngani nokuba komhlaba yipharadesi, eligcwele abantu abangenaso isono nokufa?
4 Inyoka yangempela e-Edene yasetshenziswa njengomlomo walowo okukhohlisa kwakhe kwaholela ekubeni isintu silahlekelwe iPharadesi. UGenesise 3:15 wakhomba phambili esikhathini lapho lowo owasebenzisa leyo nyoka eyochotshozwa khona. Khona-ke iyobuye ivuleke futhi indlela yokuba izinceku zikaNkulunkulu ezingabantu zihlale ePharadesi, zikhululekile esonweni nokufa. Yeka isikhathi esijabulisayo leso okuyoba yiso!—IsAmbulo 20:1-3; 21:1-5.
5. Yiziphi izici eziphawula inzalo kaDeveli engokomoya?
5 Ngemva kokuhlubuka e-Edene, kwaqala ukuba kuvele abantu nezinhlangano ezabonisa izici ezinjengezikaSathane uDeveli—ukuhlubuka, ukuqamba amanga, ukunyundela, nokubulala, okuhambisana nokuphikisa intando kaJehova nalabo abakhulekela uJehova. Lezo zici zaphawula inzalo kaDeveli, abantwana bakhe abangokomoya. Phakathi kwalaba kubalwa uKayini, owabulala u-Abela lapho uJehova amukela ukukhulekela kuka-Abela kunokukaKayini. (1 Johane 3:10-12) UNimrode ungomunye ogama lakhe lamchaza njengesihlubuki futhi owaba umzingeli onamandla nombusi ophikisana noJehova. (Genesise 10:9) Ngaphezu kwalokho kwaba nemibuso yasendulo eyalandelana, kuhlanganise neBabiloni, eyayinezinkolo ezazixhaswa umbuso ezazakhelwe emangeni, futhi lena yabacindezela ngonya abakhulekeli bakaJehova.—Jeremiya 50:29.
“Ubutha Phakathi Kwakho Nowesifazane”
6. Yiziphi izindlela uSathane abonise ngazo ubutha ngowesifazane kaJehova?
6 Phakathi naso sonke lesi sikhathi, kwakunobutha phakathi kweNyoka nowesifazane kaJehova, phakathi kukaSathane uDeveli nenhlangano kaJehova yasezulwini yezidalwa zomoya ezithembekile. Ubutha bukaSathane baboniswa lapho echukuluza uJehova efuna nokuphazamisa inhlangano kaJehova yasezulwini, eyenga izingelosi ukuba zishiye indawo yazo yokuhlala efanele. (IzAga 27:11; Jude 6) Babonakaliswa lapho uSathane esebenzisa amademoni akhe ukuba azame ukuphazamisa izithunywa eziyizingelosi ezazithunywe uJehova. (Daniyeli 10:13, 14, 20, 21) Baba sobala ngokuvelele kuleli khulu lama-20 lapho uSathane efuna ukuchitha uMbuso WobuMesiya lapho uzalwa.—IsAmbulo 12:1-4.
7. Kungani izingelosi zikaJehova ezithembekile zazizwa zinobutha ngeNyoka engokomfanekiso, kodwa yikuphi ukuzithiba eziye zakubonisa?
7 Owesifazane kaJehova, indikimba yezingelosi ezithembekile, waba nobutha ngeNyoka engokomfanekiso. USathane wayenyundele igama elihle likaNkulunkulu; futhi wayengabaze ubuqotho bazo zonke izidalwa zikaNkulunkulu ezihlakaniphile, kuhlanganise nazo zonke izingelosi, futhi wayezama ngenkuthalo ukuqeda ukuthembeka kwazo kuNkulunkulu. (IsAmbulo 12:4a) Akukho okunye izingelosi ezithembekile, amakherubi, namaserafi, ezazingakwenza ngaphandle kokuba zimenyanye lowo owayezenze ngokwakhe uDeveli noSathane. Nokho, ziye zalindela ukuba uJehova asingathe izindaba ngesikhathi nangendlela yakhe siqu.—Qhathanisa noJude 9.
Ukuzondwa Kwenzalo Yowesifazane KaNkulunkulu
8. Ubani uSathane ayembheke ngamehlo abomvu?
8 Phakathi naleso sikhathi, uSathane wayeyibheke ngabomvu iNzalo yowesifazane eyayibikezelwe, leyo uJehova ayethe yayiyolimaza iNyoka ekhanda. Lapho ingelosi evela ezulwini imemezela ukuthi uJesu, owayezalelwe eBetlehema, ‘wayenguMsindisi, onguKristu iNkosi,’ lokhu kwaba yisiqinisekiso esinamandla sokuthi wayeyoba iNzalo yowesifazane eyayibikezelwe.—Luka 2:10, 11.
9. Ngemva kokuzalwa kukaJesu, uSathane wabubonisa kanjani ubutha obunenzondo?
9 Ubutha obunonya bukaSathane babonakaliswa ngokushesha lapho eyenga ababhula ngezinkanyezi abangamaqaba ukuba bathathe uhambo olwaqale lwabayisa eNkosini uHerode eJerusalema kamuva endlini ethile eBetlehema lapho bathola khona umfana onguJesu nonina, uMariya. Ngokushesha ngemva kwalokho iNkosi uHerode yayala ukuba kubulawe bonke abafanyana abaneminyaka emibili nangaphansi ubudala, eBetlehema nasezindaweni ezizungezile. Ngalokhu, uHerode wabonisa inzondo yobusathane ngaleNzalo. Ngokusobala uHerode wayazi kahle ukuthi wayezama ukubulala lowo owayezoba uMesiya. (Mathewu 2:1-6, 16) Umlando uyakufakazela ukuthi iNkosi uHerode yayingenazimiso zokulunga, iyiqili, futhi ingumbulali—omunye wenzalo yeNyoka ngempela.
10. (a) Ngemva kokubhapathizwa kukaJesu, uSathane wazama kanjani ukubhuntshisa injongo kaJehova ngokuqondene neNzalo eyayithenjisiwe? (b) USathane wabasebenzisa kanjani abaholi benkolo bamaJuda ekuphishekeleni imigomo yakhe?
10 Ngemva kokuba uJesu egcotshwe ngomoya ongcwele ngo-29 C.E. futhi uJehova ekhulumé esezulwini ezwakalisa ukwamukela uJesu njengeNdodana yakhe, uSathane wazama ngokuphindaphindiwe ukwenza uJesu anqotshwe ukulingwa, ngalokho efuna ukubhuntshisa injongo kaJehova mayelana neNdodana yakhe. (Mathewu 4:1-10) Lapho lokho kuhluleka, waqhubeka esebenzisa abantu ukuze afinyelele imigomo yakhe. Phakathi kwalabo abasetshenziswa emzamweni wokuhlazisa uJesu kwakungabaholi benkolo abanobuzenzisi. Basebenzisa amanga nokunyundela, izinhlobo zamaqhinga ezazisetshenziswa uSathane uqobo. Lapho uJesu etshela owayefe uhlangothi, “Yima isibindi, . . . izono zakho zithethelelwe,” ababhali, ngaphandle kokulinda babone ukuthi leyo ndoda iyalapheka yini, bahlulela uJesu ngokuthi ungumhlambalazi. (Mathewu 9:2-7) Lapho uJesu ephulukisa abantu ngeSabatha, abaFarisi bamlahla njengomephuli womthetho weSabatha futhi bacebisana ukuba bambulale. (Mathewu 12:9-14; Johane 5:1-18) Lapho uJesu ekhipha amademoni, abaFarisi bammangalela ngokuthi wayehlangene ‘noBelzebule, umbusi wamademoni.’ (Mathewu 12:22-24) Ngemva kokuba uLazaru evuswe kwabafileyo, abantu abaningi baba nokholo kuJesu, kodwa abapristi abakhulu nabaFarisi babuye bacebisana ngokuba bambulale.—Johane 11:47-53.
11. Ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokufa kukaJesu, obani abachaza njengengxenye yenzalo yeNyoka, futhi ngani?
11 Ngo-Nisan 11, 33 C.E., nakuba ayazi kahle ukuthi yini ababeyiceba, ngesibindi uJesu waqonda ngqó endaweni yethempeli eJerusalema futhi wafike wamemezela obala isahlulelo phezu kwabo. Njengeqembu, ababhali nabaFarisi babebonise ngokungaguquki ukuthi baluhlobo luni lwabantu; ngakho uJesu wathi: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nivala umbuso wamazulu phambi kwabantu; ngoba nina ngokwenu aningeni, nalabo abaya kongena anibavumeli ukuba bangene.” Ngokungagwegwesi uJesu wathi babeyingxenye yenzalo yeNyoka, ethi: “Zinyoka, nzalo yezinyoka ezinesihlungu, nizokubalekela kanjani ukwahlulelwa kwaseGehena?” (Mathewu 23:13, 33) Inkulumo yakhe isikhumbuza isiprofetho sikaGenesise 3:15.
12, 13. (a) Abapristi abakhulu nababhali babunikeza kanjani obunye ubufakazi bokuthi ubani onguyise ongokomoya? (b) Ubani owazihlanganisa nabo? (c) Ekugcwalisekeni kukaGenesise 3:15, iNzalo yowesifazane yalinyazwa kanjani esithendeni?
12 Lapho bezwa amazwi kaJesu, ingabe bazisola, baze bacela isihe kuNkulunkulu? Ingabe baphenduka ebubini babo? Cha! UMarku 14:1 ubika ukuthi ngosuku olulandelayo, emhlanganweni owawusegcekeni lompristi ophakeme, “abapristi abakhulu nababhali babefuna indlela yokumbamba [uJesu] ngeqhinga futhi bambulale.” Baqhubeka bebonisa umoya kaSathane wokubulala, lowo ngaphambili uJesu ayemchaze ngokuthi umbulali wabantu. (Johane 8:44) Ngokushesha uJuda Iskariyothe, lowo uSathane ayemshukumisele ukuba abe yisihlubuki, wazihlanganisa nabo. UJuda walahla iNzalo yowesifazane kaNkulunkulu engenacala wahlanganyela nenzalo yeNyoka.
13 Ekuseni ngovivi ngo-Nisan 14, amalungu enkantolo yenkolo yamaJuda athatha uJesu njengesiboshwa amyisa kumbusi wamaRoma. Lapha, abapristi abakhulu ababehola ekumemezeni ukuba abethelwe. Lapho uPilatu ebuza, “Ngibethele inkosi yenu?” abapristi abakhulu abaphendula, “Asinankosi ngaphandle kukaKesari.” (Johane 19:6, 15) Ngempela, bakufakazela ngazo zonke izindlela ukuthi babeyingxenye yenzalo yeNyoka. Kodwa ngokuqinisekile babengebodwa. Ukulandisa okuphefumulelwe kuMathewu 27:24, 25 kunikeza lombiko: “UPilatu wathatha amanzi wageza izandla phambi kwesixuku.” Ngemva kwalokho bonke abantu bathi: “Igazi lakhe malehlele phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” Ngakho amaJuda amaningi aleso sizukulwane azibonakalisa eyingxenye yenzalo yeNyoka. Lwathi luphela lolo suku, uJesu wabe esefile. Esebenzisa inzalo yakhe ebonakalayo, uSathane wayelimaze iNzalo yowesifazane kaNkulunkulu esithendeni.
14. Kungani ukulinyazwa kwesithende seNzalo yowesifazane kungasho neze ukunqoba kukaSathane?
14 Ingabe uSathane wayenqobile? Lutho neze! UJesu Kristu wayenqobe izwe futhi enqobe nombusi walo. (Johane 14:30, 31; 16:33) Wayelondoloze ukuthembeka kwakhe kuJehova kwaze kwaba sekufeni. Ukufa kwakhe njengomuntu ophelele kwalungiselela inani lesihlengo elalidingeka ukuze kubuye kuthengwe amalungelo okuphila ayelahlwe u-Adamu. Ngakho wavula indlela eya ekuphileni okuphakade kulabo ababeyobonisa ukholo kulelo lungiselelo futhi balalele imiyalo kaNkulunkulu. (Mathewu 20:28; Johane 3:16) UJehova wamvusa uJesu kwabafileyo waya ekuphileni okungenakufa ezulwini. Ngesikhathi sikaJehova esifanele, uJesu uyochoboza uSathane angaphinde abe khona. KuGenesise 22:16-18, kuprofethwe ukuthi uJehova uyobonisa umusa kuyo yonke imindeni yomhlaba ethatha isinyathelo esidingekayo sokuzibusisa ngaleyo Nzalo ethembekile.
15. (a) Ngemva kokufa kukaJesu, abaphostoli bakhe baqhubeka kanjani bedalula inzalo yeNyoka? (b) Iyiphi inzondo eye yaboniswa yinzalo yeNyoka kuze kube sosukwini lwethu?
15 Ngemva kokufa kukaJesu, amaKristu agcotshwe ngomoya aqhubeka edalula inzalo yeNyoka, njengoba kwakwenze iNkosi yawo. Eshukunyiswa umoya ongcwele, umphostoli uPawulu waxwayisa ‘ngomuntu ongenamthetho’ ukuba khona kwakhe okwakuyoba “ngokokusebenza kukaSathane.” (2 Thesalonika 2:3-10) ‘Lomuntu’ oyinhlanganisela uye wabonakala engabefundisi beLobukholwa. Nayo lenzalo yeNyoka yabashushisa ngonya abalandeli bakaJesu Kristu. Esiprofethweni esilotshwe kusAmbulo 12:17, umphostoli uJohane wabikezela ukuthi uSathane wayeyoqhubeka elwa nabasele benzalo yowesifazane kaNkulunkulu kuze kube sosukwini lwethu. Yilokho kanye okuye kwenzeka. Emazweni amaningi, oFakazi BakaJehova baye bavinjelwa, bahlaselwa izixuku, baboshwa, noma bagqunywa emakamu okuhlushwa ngenxa yokumelela kwabo ngokuqinile uMbuso kaNkulunkulu nezindlela zakhe zokulunga.
Okudalulwe Osukwini Lwanamuhla Ngenzalo YeNyoka
16. Ezikhathini zanamuhla, obani abaye badalulwa njengabayingxenye yenzalo yeNyoka, futhi kanjani?
16 Elingisa uJesu Kristu, amaKristu eqiniso awazange ayeke ukudalula ngesibindi iNyoka nenzalo yayo. Ngo-1917 abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi, bakhipha incwadi ethi The Finished Mystery, abadalula kuyo ubuzenzisi babefundisi beLobukholwa. Lokhu kwalandelwa, ngo-1924, yizwi lesinqumo elalinyathelisiwe elalinesihloko esithi Abefundisi Bamangalelwe. Amakhophi ayizigidi ezingu-50 asakazwa emhlabeni wonke. Ngo-1937, uJ. F. Rutherford, umongameli wangaleso sikhathi we-Watch Tower Society, wethula ukudalulwa okunamandla kwenzalo kaSathane ngezinkulumo ezazinesihloko esithi “Lidaluliwe” nesithi “Inkolo NobuKristu.” Ngonyaka olandelayo, eseLondon, eNgilandi, elalelwe abantu ababesemihlanganweni engu-50 emazweni ahlukahlukene, wanikeza inkulumo ethi “Bhekana Namaqiniso” eyasakazwa ngamaza omsakazo. Esikhathini esingangenyanga kamuva, isimiso somsakazo esibanzi e-United States sasakaza inkulumo eyayithi “UbuFascist Noma Inkululeko.” Lokhu kwalandelwa ukudalulwa okunamandla ezincwadini ezinjengethi Enemies nethi Religion nasencwajaneni ethi Ezambuliweyo. Ngokuvumelana nalokho okwakunyathelisiwe kusukela ngawo-1920, incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!,a manje enyatheliswa ngezilimi ezingu-65, ichaza ababusi bezombangazwe abakhohlakele nabanobugovu, abaqhubi bamabhizinisi angemthetho abangenazimiso, ngokuthi baphakathi kwamalungu ayinhloko enzalo ebonakalayo yeNyoka. Lapho abaholi bezombangazwe bekwenza umkhuba ukuqamba amanga ukuze badukise abababusayo, bebonisa ukungabi nandaba nobungcwele begazi, futhi becindezela izinceku zikaJehova (ngalokho bebonisa inzondo ngenzalo yowesifazane kaNkulunkulu), ngokuqinisekile bazibonakalisa beyinzalo yeNyoka. Kungokufanayo nangabaqhubi bamabhizinisi angemthetho, okuthi ngaphandle kokuhlushwa unembeza, baqambe amanga ukuze bazuze imali futhi abakhiqiza noma bathengise imikhiqizo okwaziwayo ukuthi ibanga izifo.
17. Yiliphi ithuba elisavulekele abantu abavelele abangase baphume esimisweni sezwe?
17 Akubona bonke abantu abangcoliswe inkolo yezwe, ezombangazwe, noma ezentengiselwano ekugcineni abayobhekwa njengengxenye yenzalo yeNyoka. Abanye balaba besilisa nabesifazane baye babazisa oFakazi BakaJehova. Basebenzisa ithonya labo ukuze babasize, futhi ngokuhamba kwesikhathi bamukela ukukhulekela kweqiniso. (Qhathanisa nezEnzo 13:7, 12; 17:32-34.) Kubo bonke abanjalo, kuye kwadluliselwa lesi sikhuthazo: “Ngakho hlakaniphani nina-makhosi; yalekani nina-bahluleli bomhlaba. Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.” (IHubo 2:10-12) Ngempela, kubalulekile ukuba bonke abafisa ukuvunyelwa uJehova bathathe isinyathelo manje, ngaphambi kokuba uMahluleli wasezulwini avale umnyango wethuba!
18. Nakuba bengeyona ingxenye yenzalo yowesifazane, obani noma kunjalo abangabakhulekeli bakaJehova?
18 Yilabo abayokwakha uMbuso wasezulwini kuphela abayingxenye yenzalo yowesifazane. Laba bambalwa ngenani. (IsAmbulo 7:4, 9) Nokho, kunesixuku esikhulu sabanye, yebo, izigidi zabo, labo njengabakhulekeli bakaJehova balangazelela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Kokubili ngamazwi nangezenzo, bathi kwabagcotshiwe bakaJehova: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”—Zakariya 8:23.
19. (a) Yikuphi ukukhetha okumelwe bonke abantu bakwenze? (b) Siqondiswe kobani kakhulu isikhuthazo esiqotho sokuthatha isinyathelo sokuhlakanipha njengoba kusenethuba?
19 Manje yisikhathi sokuba sonke isintu sikhethe. Ingabe sifuna ukhonza uJehova futhi sisekele ubukhosi bakhe, noma ingabe siyovumela uSathane ukuba abe umbusi waso ngokwenza izinto azithandayo? Abantu abangaba yizigidi ezinhlanu abavela kuzo zonke izizwe baye bathatha ukuma kwabo ngasohlangothini lukaJehova behlanganyela nabasele benzalo yowesifazane, izindlalifa zoMbuso. Abanye abayizigidi ezingu-8 baye babonisa isithakazelo ngokutadisha iBhayibheli nabo noma ngokuba khona emihlanganweni yabo. OFakazi BakaJehova bathi kubo bonke laba: Umnyango wethuba usavulekile. Thatha ukuma kwakho ngasohlangothini lukaJehova ngokucacile. Vuma ukuthi uKristu Jesu uyiNzalo eyayithenjisiwe. Hlanganyela ngenjabulo nenhlangano kaJehova ebonakalayo. Kwangathi ungahlanganyela kuzo zonke izibusiso ayozilungiselela ngokubusa kweNkosi, uKristu Jesu.
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Uyakhumbula?
◻ Ingubani iNyoka okukhulunywe ngayo kuGenesise 3:15? Futhi ungubani owesifazane?
◻ Yiziphi izici eziphawula inzalo yeNyoka?
◻ UJesu wayidalula kanjani inzalo yeNyoka?
◻ Obani abaye badalulwa njengabayingxenye yenzalo yeNyoka namuhla?
◻ Yisiphi isinyathelo esiphuthumayo esidingekayo ukuze umuntu agweme ukuhlanganiswa nenzalo yeNyoka?
[Isithombe ekhasini 10]
UJesu wadalula abaholi benkolo abanobuzenzisi njengabayingxenye yenzalo yeNyoka