Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 3/1 kk. 25-28
  • Ingabe Uyesaba Ukuthemba Abanye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyesaba Ukuthemba Abanye?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqonda Ukwesaba
  • Kungani Kumelwe Kudilike Udonga?
  • Ukuthemba Umkhaya Wakho
  • Ukuthemba Ibandla
  • Indlela Yokwakha Ubuhlobo Obunokwethenjelwa
  • Ungabethemba Abafowenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Badala—Vikelani Enikuphathisiweyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Bonisa Ukuthi Uthembekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 3/1 kk. 25-28

Ingabe Uyesaba Ukuthemba Abanye?

‘AKEKHO engingakhuluma naye. Abantu ngeke baqonde. Bamatasa kakhulu ngezabo izinkinga. Abanaso isikhathi sezami.’ Abaningi bazizwa ngaleyo ndlela, ngakho bayakugodla lokho abakucabangayo. Lapho abanye bebabuza ukuthi banjani, ngokuvamile bayafuna ukubatshela, kodwa ababatsheli. Bamane nje bayahluleka ukukhuluma ngokukhululekile.

Yiqiniso, bakhona abangaludingi usizo lwabanye. Nokho, abaningi balufuna kakhulu usizo kodwa bayesaba ukuveza imicabango, imizwa kanye nokuhlangenwe nakho kwabo komuntu siqu. Ingabe ungomunye wabo? Ingabe ngempela akekho ongamethemba?

Ukuqonda Ukwesaba

Namuhla ezweni kunesimo sokungathembani. Intsha ayikhulumi nabazali bayo. Abazali bayahluleka ukukhulumisana. Bambalwa abangenqeni ukukhuluma nalabo abanamagunya. Behluleka ukuthululela abanye isifuba, abanye baphendukela otshwaleni, ezidakamizweni, noma endleleni yokuphila yobudlova ukuze bazame ukubalekela izinkinga zabo.—IzAga 23:29-35; Isaya 56:12.

Ukuthemba abantu abanegunya, njengabefundisi, odokotela, izazi zezokwelapha nothisha, kuye kwathikanyezwa ukudalulwa okungapheli kokungathembeki nokuziphatha okubi. Ngokwesibonelo, okunye ukulinganisela kubonisa ukuthi abefundisi abangaphezu kwamaphesenti ayishumi bahileleke ekuziphatheni okubi ngokobulili. Laba “bonakalisi bokwethembana,” kuphawula omunye umlobi, “bamba imihosha nemifantu ebudlelwaneni babantu.” Lokhu kuwathinta kanjani amabandla abo? Konakalisa ukwethembana.

Ukuwohloka kokuziphatha okusakazekile nakho kuye kwaholela ezinkingeni emkhayeni, kangangokuthi imikhaya enezinkinga ezingathi sína cishe isivamile, ayisatholakali ngokwethukela. Ikhaya lake laba indawo yokufundisa. Namuhla ngokuvamile selifana nendawo yokuthiba iphango. Lapho ingane ikhulela emkhayeni ‘ongenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo,’ umphumela ngokuvamile uba ukwehluleka ukuthemba abanye lapho isikhulile.—2 Thimothewu 3:3.

Ngaphezu kwalokho, njengoba izimo zezwe ziba zimbi kakhulu, aya anda amathuba okuba sibhekane nezinto ezibuhlungu. Esesimweni esifanayo, umprofethi uMika wabhala: “Ningakholwa ngumhlobo.” (Mika 7:5) Ungase uzizwe ngendlela efanayo ngemva kokudumazeka okuncane, ukudalulwa kwemfihlo yakho ngothile omethembayo, noma isenzakalo esisongela ukuphila. Ukuthola kunzima ukuphinde uthembe abanye futhi uyafa ngokomzwelo, uphile usuku ngalunye nodonga oluvimbela umzwelo. (Qhathanisa neHubo 102:1-7.) Yiqiniso, isimo sengqondo esinjalo singase sikusize ukuba uqhubeke uphila, kodwa ‘usizi lwenhliziyo’ yakho lukuphuca injabulo yangempela ekuphileni. (IzAga 15:13) Iqiniso liwukuthi, ukuze ube ophile kahle ngokomoya, ngokomzwelo, ngokwengqondo nangokomzimba, kumelwe ludilike lolo donga futhi ufunde ukuthemba abantu. Ingabe kungenzeka lokho? Yebo.

Kungani Kumelwe Kudilike Udonga?

Ukuthululela abanye isifuba kuletha ukukhululeka enhliziyweni ekhathazekile. UHana waba nokuhlangenwe nakho okunjalo. Wayenomshado ojabulisayo, nekhaya elilondekile, kodwa wayecindezeleke kakhulu. Nakuba “umphefumulo wakhe wawunomunyu,” ngokuhlakanipha “wakhuleka kuJehova” ngamandla kangangokuba izindebe zakhe zanyakaza. Yebo, wathululela uJehova isifuba sakhe. Wabe esevulela ummeleli kaNkulunkulu u-Eli, inhliziyo yakhe. Waba yini umphumela? “[UHana] wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala.”—1 Samuweli 1:1-18.

Izizwe eziningi ziye zaziqaphela izinzuzo zokuthulula isifuba. Ngokwesibonelo, ukuhlanganyela imibono nokuhlangenwe nakho nalabo abaye baba sezimweni ezifana nezakho kungasiza. Abacwaningi baphetha ngokuthi: “Ukuzihlukanisa ngokomzwelo kubangela ukugula—sidinga ukukhipha ingonyuluka ukuze sihlale siphilile engqondweni.” Isibalo esandayo sokucwaninga kwezesayensi sifakazela ukuba iqiniso kwesaga esiphefumulelwe esithi: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.”—IzAga 18:1.

Uma ungakhulumi ngokukhululekile nabanye, bangakusiza kanjani? Nakuba uJehova uNkulunkulu efunda izinhliziyo, imicabango nemizwa yakho esekujuleni ifana nencwadi evaliwe emkhayeni nakubangane—ngaphandle kokuba ukhulume. (1 IziKronike 28:9) Lapho inkinga ihilela ukweqiwa komthetho kaNkulunkulu, ukuhlehlisa ukukhuluma ngayo kuyenza ibe yimbi nakakhulu.—IzAga 28:13.

Ngokuqinisekile, izinzuzo zokuthululela abanye isifuba ngokucindezeleka onako zizedlula kude izingozi zokuzwa ubuhlungu. Yiqiniso, lokho akusho ukuthi kufanele sidalule imininingwane yomuntu siqu kunoma ngubani. (Qhathanisa nabAhluleli 16:18; Jeremiya 9:4; Luka 21:16.) “Umuntu wabangane uyazilimaza,” kuxwayisa IzAga 18:24 kodwa zibe sezenezela: “Kukhona abangane ababambelela kuneselamani.” Ungamtholaphi umngane onjalo?

Ukuthemba Umkhaya Wakho

Uma unenkinga, ingabe uye wazama ukuyixoxa nomngane wakho womshado noma abazali bakho? “Ukuphela kwento edingekayo ezinkingeni eziningi, ukuba kuxoxwe ngazo ngokujulile,” kuvuma omunye umeluleki onokuhlangenwe nakho. (IzAga 27:9) Abayeni abangamaKristu ‘abathanda omkabo njengoba bezithanda bona,’ amakhosikazi ‘azithoba kubayeni bawo,’ nabazali abawuthatha ngokungathi sína umthwalo wabo wemfanelo abawabelwe uNkulunkulu ‘wokukhulisa izingane zabo ngokuqondisa umqondo kukaJehova’ bayozikhandla ukuze babe izilaleli ezinobubele nabeluleki abawusizo. (Efesu 5:22, 33; 6:4) Nakuba ayengenayo inkosikazi noma izingane ngomqondo ongokwenyama, yeka isibonelo esihle uJesu asibeka kulokhu!—Marku 10:13-16; Efesu 5:25-27.

Kuthiwani uma inkinga ingaphezu kwaleyo engasingathwa emkhayeni? Ebandleni lobuKristu, akudingekile nanini ukuba sibe sodwa. Umphostoli uPawulu wathi: “Ubani obuthakathaka, ngingabi buthakathaka nami?” (2 Korinte 11:29) Wayala: “Qhubekani nithwalelana imithwalo esindayo.” (Galathiya 6:2; Roma 15:1) Ngokungangabazeki, phakathi kwabafowethu nodadewethu abangokomoya, singathola abaningi ‘abangaba abazalwane abazalwa ekuhluphekeni.’—IzAga 17:17.

Ukuthemba Ibandla

Emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-80 000 emhlabeni wonke, kunamadoda athobekile akhonza ‘njengezisebenzi ezikanye nani ngenjongo yenjabulo yenu.’ (2 Korinte 1:24) Laba abadala. U-Isaya uthi: “Umuntu uyakuba-yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” Yilokho abadala abazama ukuba yikho.—Isaya 32:2; 50:4; 1 Thesalonika 5:14.

Abadala bahlangabezana nezimfuneko ezingokomBhalo ngaphambi kokuba ‘bamiswe umoya ongcwele.’ Ukwazi lokhu kuyoqinisa ukubathemba kwakho. (IzEnzo 20:28; 1 Thimothewu 3:2-7; Thithu 1:5-9) Okuxoxa nomdala kuyohlala kuyimfihlo ngokuphelele. Ukuthembeka kungenye yezimfanelo okumelwe abe nazo.—Qhathanisa no-Eksodusi 18:21; Nehemiya 7:2.

Abadala ebandleni “baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa.” (Heberu 13:17) Lokhu akukushukumiseli yini ukuba uwathembe lamadoda? Ngokuvamile, abadala abanazo izimfanelo ezifanayo. Abanye bangase babonakale bengeneka, benomusa, noma beqonda kakhudlwana kunabanye. (2 Korinte 12:15; 1 Thesalonika 2:7, 8, 11) Kungani ungathululi isifuba kumdala ozizwa ukhululekile kuye?

Lamadoda awazona izisebenzi ezikhokhelwayo. Kunalokho, ‘ayizipho ezingabantu,’ ezilungiselelwe uJehova ukuba zikusize. (Efesu 4:8, 11-13; Galathiya 6:1) Kanjani? Esebenzisa iBhayibheli ngekhono, ayosebenzisa amandla alo elaphayo esimweni sakho siqu. (IHubo 107:20; IzAga 12:18; Heberu 4:12, 13) Ayothandaza nawe futhi akuthandazele. (Filipi 1:9; Jakobe 5:13-18) Usizo oluvela kulabeluleki abanothando lungenza lukhulu ekwelapheni umoya okhathazekile nasekubuyiseleni ukuthula kwengqondo.

Indlela Yokwakha Ubuhlobo Obunokwethenjelwa

Ukucela usizo, iseluleko noma nje umuntu ongakulalela akulona uphawu lobuthakathaka noma ukuhluleka. Kumane kuwukuvuma okuqotho ukuthi asiphelele nokuthi akekho onazo zonke izimpendulo. Ngokuqinisekile, umeluleki omkhulu kunabo bonke nesingamthululela isifuba uBaba wethu osezulwini, uJehova uNkulunkulu. Siyavumelana nomhubi owabhala: “UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembé kuye, ngasizwa.” (IHubo 28:7) Ngomthandazo ‘singathulula izinhliziyo zethu’ kuye ngokungagodli noma ngasiphi isikhathi, siqiniseka ukuthi uyasizwa futhi uyasikhathalela.—IHubo 62:7, 8; 1 Petru 5:7.

Kodwa ungakufunda kanjani ukuthemba abadala nabanye ebandleni? Okokuqala, zihlole. Ingabe ukwesaba kwakho kusekelwe ezizathwini eziqinile? Ingabe usola izisusa zabanye? (1 Korinte 13:4, 7) Ingabe ikhona indlela yokunciphisa ingozi yokuzwa ubuhlungu? Yebo. Kanjani? Zama ukujwayelana nabanye esimweni esingokomoya. Khuluma nabo emihlanganweni yebandla. Hlanganyela nabo emsebenzini wendlu ngendlu. Njengenhlonipho, kumelwe umuntu akuzuze ukuthenjwa. Ngakho yiba nesineke. Ngokwesibonelo, njengoba umjwayela njengomelusi ongokomoya, ukumethemba kwakho kuyokhula. Veza ukukhathazeka kwakho kancane kancane. Uma esabela ngendlela enhle, enobubele, nebonisa ukuqonda, ungabe usuzama ukuveza okwengeziwe.

Abakhulekeli bakaJehova esikanye nabo, ikakhulukazi abadala abangamaKristu, bayazikhandla ukuze balingise izimfanelo ezithandekayo zikaNkulunkulu ebuhlotsheni babo nabanye. (Mathewu 5:48) Lokhu kuphumela ekuthembaneni ebandleni. Omunye umdala osenesikhathi eside uthi: “Abafowethu kufanele bazi into eyodwa: Kungakhathaliseki ukuthi umuntu wenzani, umdala akaphelelwa uthando lobuKristu ngaye. Angase angakuthandi lokho okwenziwa, kodwa usamthanda umfowabo futhi ufuna ukumsiza.”

Ngakho asikho isidingo sokuzizwa uwedwa lapho unenkinga. Khuluma nothile ‘onezimfanelo ezingokomoya’ ongakusiza uthwale umthwalo wakho. (Galathiya 6:1) Khumbula ukuthi “ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,” kepha “amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.”—IzAga 12:25; 16:24.

[Ibhokisi ekhasini 26]

Kungase kucelwe noma imuphi umKristu ukuba asize isihlobo, umngane, noma umfowabo ongokomoya ngenkinga yomuntu siqu. Ingabe uyazi ukuthi ungasiza kanjani?

Umeluleki Ophumelelayo

uyangeneka: Mathewu 11:28, 29; 1 Petru 1:22; 5:2, 3

ukhetha Isimo Esifanele: Marku 9:33-37

uzama Ukuqonda Inkinga: Luka 8:18; Jakobe 1:19

akasabeli Ngendlela Eyeqisayo: Kolose 3:12-14

usiza Ekubhekaneni Nemizwa Ebuhlungu: 1 Thesalonika 5:14; 1 Petru 3:8

uyakwazi Ukulinganiselwa Kwakhe: Galathiya 6:3; 1 Petru 5:5

unikeza Iseluleko Esiqondile: IHubo 19:7-9; IzAga 24:26

ugcina Imfihlo: IzAga 10:19; 25:9

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela