Ingabe Siyohlala Siwadinga Amabutho?
AMABUTHO aye achitha ingxenye enkulu yengcebo yesintu futhi aqeda injabulo enkulu yomuntu. Ngakho-ke abanye abantu baye bazibuza, ‘Ingabe isintu siyoke siluthole uhlobo lokulondeka kwezwe okungadingi mabutho?’ Lo mbuzo uyaphuthuma ngenxa yokuthi izikhali zokubhubhisa abantu abaningi zingakwazi ukuqotha imbokodo nesisekelo. Kunengqondo kangakanani ukuthemba ukuthi kuyoba khona izwe elingenawo amabutho?
Eziningi izenzakalo ezandulelayo ziqinisekisa ukuthi uma ubudlelwano bomhlaba wonke buveza ukwethembana, kungase kuholele ekuncishisweni kwezikhali ngokwezinga elithile. Ngokwesibonelo, ubudlelwane obuvamile phakathi kweCanada ne-United States, buye basho ukungabi bikho kwamabutho agada emngceleni wabo ongamakhilomitha angu-5 000 eminyakeni eyikhulu nengxenye. Izwe laseNorway nelaseSweden aye afinyelela isiphetho esifanayo, kanjalo nezinye izizwe eziningi. Ingabe isivumelwano phakathi kwazo zonke izizwe singaphumela ezweni elingenawo amabutho? Ngenxa yobunzima obabangelwa iMpi YeZwe I, lo mbono wathakazelelwa ngendlela engakaze ibonwe ngaphambili.
Lapho kuhlongozwa ukuthula ngo-1918, enye yezinjongo zesivumelwano sokuthula saseVersailles ‘kwakuwukuthatha isinyathelo sokunciphisa izikhali zazo zonke izizwe.’ Ngeminyaka eyalandela, abantu abaningi bamelana nempi. Abanye ababemelene nempi baba nenkolelo-mbono yokuthi impi into embi kunazo zonke ezingehlela isizwe ngakho-ke yimbi ngaphezu kokunqotshwa. Ababevumelana nempi bakuphika lokho, bethi emakhulwini eminyaka edlule, amaJuda ezindaweni ezinkulu ayengenawo amabutho okumelana nabahlaseli, nokho imizamo yonya yokuwaqothula yaqhubeka. AbaNsundu abazange balwe nalabo ababayisa kwabaseMelika njengezigqila, nakuba kunjalo baphathwa ngonya amakhulu eminyaka.
Nokho, lapho kugqashuka iMpi YeZwe II, abaningi abamelene nempi baphetha ngokuthi amazwe adinga ukuvikelwa. Ngakho-ke lapho kusungulwa inhlangano yeZizwe Ezihlangene ngemva kweMpi YeZwe II, akuzange kugcizelelwe ukuncishiswa kwezikhali kodwa kwagcizelelwa ukuba izizwe zonke zibambisane ukuze zivimbele ukuhlaselwa. Izizwe ezingamalungu ayo zazethemba ukuthi ukuvikeleka okwakunikeziwe ngokwezinga elithile kwakuzokwenza izizwe zingathembeli ezikhalini.
Kwabe sekuvela enye inkinga. Ngokuvamile imizamo yesizwe yokuzivikela yenza umakhelwane waso azizwe engavikelekile. Le nkinga yaholela ekuncintisaneni ngezikhali futhi. Kodwa muva nje, ubudlelwano obuthuthukisiwe phakathi kwezizwe ezinkulu buye baqinisa ithemba lokuqedwa kwezikhali. Nokho, kusukela lapho, iMpi YaseGulf nezinkinga ezweni elaliyiYugoslavia, kwabaningi kuye kwawashabalalisa amathemba okuqedwa kwezikhali. Cishe eminyakeni emihlanu edlule, umagazini i-Time waphawula: “Nakuba impi yomshoshaphansi isiphelile, izwe liye laba indawo eyingozi kakhulu, kunokuba libe ngcono.”
Isifiso Sokuba Kube Khona “Amaphoyisa” Omhlaba Wonke
Izingqapheli eziningi ziphetha ngokuthi isintu sidinga uhulumeni oyedwa wezwe lonke onebutho elinamandla ngokwanele ukuba livikele wonke umuntu. Njengoba inhlangano yeZizwe Ezihlangene noma amabutho ezempi anamandla emhlabeni engakwazi ukwenza lokhu, abanye banomuzwa wokuthi alikho ithemba ngekusasa. Kodwa uma wamukela iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu, kungenzeka wake wazibuza ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke uyosanelisa yini lesi sidingo esiphuthumayo.
Ingabe Lowo iBhayibheli elimbiza ngokuthi “uNkulunkulu wothando nowokuthula” angasebenzisa amandla ezempi ukuze enze kube khona ubulungisa? Uma kunjalo, iliphi ibutho ayolisebenzisa? Amabutho amaningi namuhla athi asekelwa uNkulunkulu, kodwa ingabe ngempela afeza intando kaNkulunkulu? Noma ingabe uNkulunkulu unenye indlela azoyisebenzisa ukuze alethe ukuthula nokulondeka?—2 Korinte 13:11.
UNkulunkulu uMninimandla onke wasingatha ukuhlubuka kokuqala ngokuxosha u-Adamu no-Eva e-Edene wayesebeka amakherubi ukuba abavimbele bangabuyi. Futhi wamemezela injongo yakhe yokuqeda bonke abamelana nobukhosi bakhe. (Genesise 3:15) Ingabe lokho kungahilela ukuba uNkulunkulu asebenzise ibutho?
IBhayibheli lisitshela ngezenzakalo lapho uNkulunkulu asebenzisa khona amabutho ukuze akhiphe izahlulelo zakhe. Ngokwesibonelo, imibuso ezweni laseKhanani yayenza ubuhlobo bobulili nezilwane, yenza imihlatshelo ngezingane futhi ilwa ngonya. UNkulunkulu wanquma ukuzibhubhisa ngokuphelele futhi wasebenzisa ibutho likaJoshuwa ukuba akhiphe isahlulelo. (Duteronomi 7:1, 2) Ngokufanayo, ibutho leNkosi uDavide lakhipha isahlulelo sikaNkulunkulu kumaFilisti libonisa indlela uNkulunkulu ayoqeda ngayo bonke ububi osukwini lwakhe lokugcina lokwahlulela.
Lezo zenzakalo zazifundisa. UJehova wabonisa ukuthi angalisebenzisa ibutho ukuze anikeze abantu ukulondeka. Ngempela, uJehova unohlobo oluhlukile lwebutho eliyoqeda labo abahlubuka ekubuseni kwakhe ngezinga lomhlaba wonke.
“UJehova Wamabutho”
IBhayibheli lisebenzisa inkulumo ethi “uJehova [wamabutho, NW]” izikhathi ezingaphezu kwezingu-250. Le nkulumo ngokuyinhloko ichaza isikhundla sikaNkulunkulu njengomphathi wamabutho amakhulu ezingelosi. Ngesinye isikhathi umprofethi uMikhaya watshela amaKhosi u-Ahabi noJehoshafati wathi: “Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi nebandla [“nebutho,” NW] lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.” (1 AmaKhosi 22:19) Lapha kukhulunywa ngamabutho ezingelosi. UJehova wasebenzisa la mabutho ukuze avikele abantu bakhe. Ngesikhathi idolobha laseDothani lihlaselwa, inceku ka-Elisha yalahla ithemba. Nokho, ukuze ayiqinise, uNkulunkulu wayibonisa umbono oyisimangaliso webutho lakhe lezidalwa ezingokomoya. “UJehova wavula-ke amehlo aleyonceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahashi nezinqola zomlilo nxazonke.”—2 AmaKhosi 6:15-17.
Ingabe izenzakalo ezinjalo zibonisa ukuthi uNkulunkulu uyawasekela amabutho namuhla? Amanye amabutho eLobukholwa angase athi angamabutho kaNkulunkulu. Amaningi aye acela abefundisi ukuba bawabusise. Kodwa amabutho eLobukholwa avame ukulwa wodwa, elwa namakholwa akubo. Izimpi ezimbili zezwe zaleli khulu leminyaka zaqala phakathi kwamabutho athi angamaKristu. Akunakwenzeka ukuthi lokhu kwabangelwa uNkulunkulu. (1 Johane 4:20) Nakuba amabutho ezempi anjalo engase athi alwela ukuthula, ingabe uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bahlele amabutho anjalo ukuze bazame ukuvimbela ukuphazamiseka kokuthula ezweni?
Ukuphazamiseka kwangempela kokuthula kwenzeka lapho ibutho elihlomile libamba uJesu ensimini lapho ayekade ethandaza khona nabafundi bakhe. Omunye wabafundi wagenca indoda eyayisesixukwini ngenkemba. UJesu wasebenzisa leso senzakalo ukuze achaze isimiso esibalulekile. Wathi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba. Noma ucabanga ukuthi anginakunxusa yini kuBaba ukuba anginikeze ngalomzuzwana amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili?” UJesu wayengumphathi webutho elikhulu, kodwa uPetru wayengabuthiwe njengesosha kulo, kuhlanganise nanoma imuphi omunye umuntu. Kunalokho, uPetru kanye nabo bonke abanye abalandeli bakaJesu babebizelwe ukuba babe “abadobi babantu.” (Mathewu 4:19; 26:47-53) Emahoreni ambalwa kamuva, uJesu wacacisa lesi simo kuPilatu. Wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yalelizwe. Ukuba umbuso wami ubuyingxenye yalelizwe, izikhonzi zami beziyokulwa ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulomthombo.” (Johane 18:36) Ngokungafani nombuso kaDavide owasungulwa emhlabeni, uMbuso uNkulunkulu awunikeze uJesu usezulwini futhi uzoletha ukuthula emhlabeni.
Amabutho KaNkulunkulu Aya Empini
Ngokushesha amabutho kaNkulunkulu azothatha isinyathelo. Sichaza impi esazoba khona, isAmbulo sibiza uJesu ngokuthi “uLizwi KaNkulunkulu.” Siyafunda: “Namabutho ayesezulwini ayemlandela egibele amahhashi amhlophe, futhi egqoké ilineni elimhlophe, elihlanzekile, elicolekileyo. Futhi emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ende ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe.” IBhayibheli lithi lempi iyophumela ekupheleni ‘kwamakhosi omhlaba namabutho awo.’ Ngalabo abahluleka ukubonisa ubuqotho babo kuNkulunkulu, lesi siprofetho siyanezela: “Bonke abanye babulawa ngenkemba ende yalowo ohlezi ehhashini.” Ngisho noSathane uDeveli uyoyekiswa ukusebenza. Ngokuqinisekile lokhu kuyovumela izwe lokuthula elingenawo amabutho.—IsAmbulo 19:11-21; 20:1-3.
Cabanga Nje Ngezwe Elingenayo Impi
Ungacabanga yini ngezwe elivikeleke kangangokuthi amabutho awadingeki? Ihubo leBhayibheli lithi: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:8, 9.
Yeka ukuthi lokhu kuyoba impumuzo kangakanani! Cabanga nje ngomphakathi wesintu ekugcineni usukhululekile emthwalweni okhinyabezayo wokukhokhela amabutho nezikhali zawo! Abantu bayokwazi ukusebenzisela amandla abo ekuthuthukiseni izimo zokuphila zabo bonke abantu, ekuhlanzeni umhlaba nokuphinde batshale kuwo. Kuyoba namathuba amasha okusungula izinto eziyoba usizo lwangempela esintwini.
Lesi sithembiso siyogcwaliseka ngezinga lomhlaba wonke: “Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho.” (Isaya 60:18) Izigidi zababaleki ezingenathemba ngeke zisaphinde zithutheleke zisuka ezindaweni zempi ziphoqelelwa ukuba zishiye amakhaya nezimpahla zazo ziyohlala emakamu ababaleki agcwele usizi. Abantu ngeke baphinde bakhalele abathandekayo babo ababulewe noma bagogeka ezimpini zezizwe. INkosi kaJehova yasezulwini iyomisa ukuthula kwezwe kwaphakade. “Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni.”—IHubo 72:7, 14.
Kuyojabulisa ngisho nakakhulu ukuphila phakathi kwabantu abaye bafunda ukungabi nanzondo kodwa balingisa izindlela zikaNkulunkulu zothando. IZwi likaNkulunkulu liyabikezela: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” Kuyoba njani ukuphila phakathi kwabantu abamaziyo futhi abamthandayo uJehova? Incwadi efanayo iyaprofetha: “Umsebenzi wokulunga uyakuba-ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe-ngukulondeka kuze kube-phakade. Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.”—Isaya 11:9; 32:17, 18.
Abantu abanokholo olusekelwe olwazini lweBhayibheli bayaqonda ukuthi amabutho kaNkulunkulu asemi ngomumo ukuba ahlanze umhlaba asuse zonke izitha zokuthula. Lolu lwazi lubanikeza isiqiniseko sokuba benze lokho iBhayibheli elithi kuyakwenzeka “ngezinsuku ezizayo.” Okungukuthi: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:2-4.
Abantu bezizwe zonke abaye baba oFakazi BakaJehova kakade sebeye bayeka ‘ukufunda ukulwa.’ Baye bathembela esivikelweni samabutho kaNkulunkulu asezulwini. Ngokutadisha iBhayibheli nabo, nawe futhi ungathembela kuso.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 28]
U.S. National Archives photo