Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/1 kk. 16-21
  • Bonisa Abanye Udumo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bonisa Abanye Udumo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uyabadumisa Abantu
  • UJesu Wabadumisa Abanye
  • UPawulu Walubonisa Udumo
  • Ukubonisa Udumo Osukwini Lwethu
  • Ukudumisa UJehova
  • Dumisa Abantu Bazo Zonke Izinhlobo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Dumisa UJehova—Ngani Futhi Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Nikeza Udumo Kulowo Olumfanele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ingabe Uyahola Ekuboniseni Okholwa Nabo Udumo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/1 kk. 16-21

Bonisa Abanye Udumo

“Ekubonisaneni udumo nihole.”—ROMA 12:10.

1, 2. (a) Yini okufanele siyenze umkhuba ukuze sibonise ukuthobeka kwethu kwengqondo? (b) IBhayibheli kaningi lilisebenzisa kanjani igama elithi “udumo,” futhi obani abakuthola kulula ukubonisa udumo?

ISIHLOKO sethu esandulele sigcizelele lesi seluleko seZwi likaNkulunkulu: “Nonke bhincani ukuthobeka kwengqondo omunye komunye, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.” (1 Petru 5:5) Enye indlela esingabhinca ngayo ukuthobeka kwengqondo iwukuhlakulela umkhuba wokubonisa abanye udumo.

2 Igama elithi “udumo” kaningi lisetshenziswé eBhayibhelini ukubonisa inhlonipho, ukwazisa, nokucabangela okufanele sikubonise abanye. Siyabadumisa abanye ngokuba nomusa kubo, sihloniphe isithunzi sabo, silalele umbono wabo, sizimisele ukufeza izicelo ezinengqondo ezenziwa kithi. Ngokuvamile labo abathobekile engqondweni ngeke bakuthole kunzima lokhu. Nokho, labo abanenhliziyo ezidlayo bangase bakuthole kunzima ukubonisa udumo lwangempela futhi kunalokho bangazama ukuthola ukuthandwa nezinzuzo ngokuthopha kokukhohlisa.

UJehova Uyabadumisa Abantu

3, 4. UJehova wambonisa kanjani u-Abrahama udumo, futhi ngani?

3 UJehova ngokwakhe ubeka isibonelo ekuboniseni udumo. Wadala abantu benenkululeko yokuzikhethela futhi akabaphathisi okwamarobhothi nje. (1 Petru 2:16) Ngokwesibonelo, lapho etshela u-Abrahama ukuthi iSodoma lalizobhujiswa ngenxa yobubi balo obukhulu kakhulu, u-Abrahama wabuza: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na? Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?” UJehova waphendula wathi uzowuyeka umuzi ngenxa yabangu-50 abalungileyo. U-Abrahama wabe eseqhubeka enxusa ngokuthobeka. Kuthiwani uma bekunabangu-45? 40? 30? 20? 10? UJehova wamqinisekisa u-Abrahama ukuthi wayengeke alibhubhise iSodoma uma nje kwakungatholakala amadoda alungile ayishumi.—Genesise 18:20-33.

4 UJehova wayazi ukuthi ayengekho amadoda ayishumi alungile eSodoma, nokho wamdumisa u-Abrahama ngokulalela umbono wakhe nangokumphatha ngenhlonipho. Ngani? Ngoba u-Abrahama “wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga.” U-Abrahama wabizwa ngokuthi “umngane kaJehova.” (Genesise 15:6; Jakobe 2:23) Ngaphezu kwalokho, uJehova wayebona ukuthi u-Abrahama wayebadumisa abanye. Lapho kuphakama impikiswano ngokuphathelene nendawo phakathi kwabelusi bakhe nabakaLoti, indodana yomfowabo, u-Abrahama wadumisa uLoti ngokuba athi makayikhethe kuqala indawo ayeyithanda. ULoti wakhetha leyo ayeyibheka njengezwe eliyikhethelo, u-Abrahama yena wathuthela kwenye indawo.—Genesise 13:5-11.

5. UJehova wamdumisa kanjani uLoti?

5 Ngokufanayo uJehova wamdumisa uLoti olungileyo. Ngaphambi kokuba kubhujiswe iSodoma, watshela uLoti ukuba abalekele endaweni enezintaba. Nokho, uLoti wathi wayengakuthandi ukuya khona; wakhetha ukuya eSowari eliseduze, nakuba lowo muzi wawusendaweni eyayizobhujiswa. UJehova wathi kuLoti: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.” UJehova wabonisa uLoti othembekile udumo ngokwenza ayekucelile.—Genesise 19:15-22; 2 Petru 2:6-9.

6. UJehova wamdumisa kanjani uMose?

6 Lapho uJehova ephindisela uMose eGibithe ukuba ayohola abantu baKhe abakhiphe ebugqileni nokuba akhulume noFaro ngokuphathelene nokukhulula abantu baKhe bahambe, uMose waphendula: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu.” UJehova wamqinisekisa uMose: “Ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.” Kodwa uMose wayesangabaza. Kulokho uJehova waphinde wamqinisekisa uMose futhi wahlela ukuba athumele umfowabo, u-Aroni, kanye naye ukuba abe umkhulumeli wakhe.—Eksodusi 4:10-16.

7. Kungani uJehova ayezimisele ukudumisa abanye?

7 Kuzo zonke lezo zenzakalo, uJehova wabonisa ukuzimisela kwakhe ukudumisa abanye, ikakhulu labo ababemkhonza. Nakuba kungenzeka ukuthi lokho ababekucela kwakuhlukile kulokho uJehova ayekuhlosile ekuqaleni, wazicabangela izicelo zabo futhi wazivumela uma nje lezi zazingayephuli injongo yakhe.

UJesu Wabadumisa Abanye

8. UJesu wamdumisa kanjani owesifazane owayegula kakhulu?

8 UJesu walingisa uJehova ngokudumisa abanye. Ngesinye isikhathi esixukwini, kwakukhona owesifazane owayeseneminyaka engu-12 ephethwe umopho. Odokotela babengakwazanga ukumelapha. Ngaphansi koMthetho KaMose, wayebhekwa njengongahlanzekile ngokwesiko futhi kwakungamelwe ukuba abe lapho. Weza ngemva kukaJesu, wathinta ingubo yakhe, waphulukiswa. UJesu akazange abambelele emicikilishweni yoMthetho, amthethise ngenxa yalokho ayekwenzile. Kunalokho, njengoba ayezazi izimo, wamdumisa, ethi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukwenze waphila. Hamba ngokuthula, futhi uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.”—Marku 5:25-34; Levitikusi 15:25-27.

9. UJesu wamdumisa kanjani oweZizwe?

9 Ngesinye isikhathi, owesifazane ongumFenike wathi kuJesu: “Yiba nesihe kimi, Nkosi, Ndodana kaDavide. Indodakazi yami ikhwelwe kabi idemoni.” Njengoba ayazi ukuthi wayethunyelwe esizweni sakwa-Israyeli kodwa hhayi kwabeZizwe, uJesu wathi: “Akulungile ukuthatha isinkwa sabantwana [bakwa-Israyeli] usiphonse ezinjaneni [abeZizwe].” Lona wesifazane waphendula: “Kodwa empeleni izinjana zidla izimvuthuluka eziwa etafuleni lamakhosi azo.” Khona-ke uJesu wathi: “O sifazane, ukholo lwakho lukhulu; makwenzeke kuwe njengoba ufisa.” Indodakazi yakhe yaphulukiswa. UJesu wamdumisa lo weZizwe ngenxa yokholo lwakhe. Ngisho nokusebenzisa kwakhe inkulumo ethi ‘izinjana,’ esikhundleni sokubhekisela ezinjeni zasendle, kwayithambisa le ndaba futhi kwabonisa ububele bakhe.—Mathewu 15:21-28.

10. Yisiphi isifundo esinamandla uJesu asifundisa abafundi bakhe, futhi kungani sasidingeka?

10 UJesu waqhubeka efundisa abafundi bakhe ngesidingo sokuba othobekile engqondweni nokudumisa abanye, njengoba babesenayo inkinga yobumina. Ngesinye isikhathi ngemva kokuba babebe nempikiswano, uJesu wabuza: “Beniphikisana ngani?” Bathula, ngoba “babephikisene bodwa ngokuthi ubani omkhulu.” (Marku 9:33, 34) Ngisho nangobusuku bangaphambi kokufa kukaJesu, “kwavela futhi impikiswano evuthayo phakathi kwabo ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke.” (Luka 22:24) Ngakho phakathi nesidlo sePhasika, uJesu “wafaka amanzi esitsheni sokugezela waqala ukugeza izinyawo zabafundi.” Yeka isifundo esinamandla! UJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu, kunguJehova kuphela omkhulu kunaye embulungeni yonke. Kodwa wafundisa abafundi bakhe isifundo esitusekayo ngokugeza izinyawo zabo. Wathi: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani kufanele nenze kanjalo.”—Johane 13:5-15.

UPawulu Walubonisa Udumo

11, 12. Ngemva kokuba uPawulu ebe ngumKristu, yini ayifunda, futhi wakusebenzisa kanjani lokho akufunda endabeni kaFilemoni?

11 Njengomlingisi kaKristu, umphostoli uPawulu wababonisa abanye udumo. (1 Korinte 11:1) Wathi: “Besingafuni nkazimulo evela kubantu . . . Ngokuphambene nalokho, saba mnene phakathi kwenu, njengalapho umama oncelisayo enakekela ngesisa abantwana bakhe siqu.” (1 Thesalonika 2:6, 7) Umdlezane uyabanakekela abantwana bakhe. Ngemva kokuba uPawulu ebe ngumKristu, wafunda ukuba othobekile engqondweni futhi wabonisa amaKristu akanye nawo udumo ngokuwaphatha ngobumnene. Ngokwenza kanjalo, wahlonipha futhi nenkululeko yawo yokuzikhethela, njengoba kwaboniswa isenzakalo esenzeka lapho eyisiboshwa eRoma.

12 Isigqila esingumbaleki esigama laso kwakungu-Onesimu sazilalela izimfundiso zikaPawulu. Saba umKristu kanye nomngane kaPawulu. Umnikazi walesi sigqila kwakunguFilemoni, naye engumKristu, futhi ehlala e-Asia Minor. Encwadini ayibhalela uFilemoni, uPawulu wabhala ngendlela u-Onesimu ayewusizo ngayo kuye, ethi: “Ngingathanda ukuzigodlela yena.” Nokho, uPawulu wambuyisela kuFilemoni u-Onesimu, ngoba wabhala: “Angifuni ukwenza noma yini ngaphandle kwemvume yakho, ukuze isenzo sakho esihle singabi njengokungathi ungaphansi kokucindezelwa, kodwa sibe ngokuzithandela kwakho siqu.” UPawulu akazange asizakale ngokuthi wayengumphostoli, kodwa wadumisa uFilemoni ngokungaziceleli ukuba agcine u-Onesimu eRoma. Ngaphezu kwalokho, uPawulu wanxusa uFilemoni ukuba adumise u-Onesimu, amphathe ‘njengongaphezu kwesigqila, njengomfowethu othandekayo.’—Filemoni 13-16.

Ukubonisa Udumo Osukwini Lwethu

13. EyabaseRoma 12:10 isitshela ukuba senzeni?

13 IZwi likaNkulunkulu liyeluleka: “Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Lokhu kusho ukuthi akufanele silinde abanye ukuba kube yibo abasibonisa udumo kuqala, kodwa yithi okufanele sithathe isinyathelo kuqala. “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” (1 Korinte 10:24; 1 Petru 3:8, 9) Ngakho, izinceku zikaJehova zifuna amathuba okubonisa udumo kulabo ezikanye nabo emkhayeni, kumaKristu ezikanye nawo ebandleni, ngisho nakulabo abangaphandle kwebandla.

14. Udumo luboniswa kanjani phakathi kwendoda nomfazi?

14 IBhayibheli lithi: “Inhloko yawo wonke amadoda uKristu; nenhloko yowesifazane indoda.” (1 Korinte 11:3) UJehova uyayibopha indoda ukuba iphathe umkayo njengoba uKristu aphatha ibandla. Ku-1 Petru 3:7, indoda iyalwa ukuba inike umkayo “udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane.” Ingenza lokhu ngokubonisa ukuzimisela okuqotho ukulalela nangokucabangela ukusikisela okunikezwa ngumkayo. (Genesise 21:12) Ingase inike yena kuqala ithuba lokusikisela uma kungekho simiso esibekelwa inselele, futhi imenzela izinto imphathe nangomusa. Kanti, “umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:33) Uyamlalela umyeni wakhe, akalweli ngaso sonke isikhathi ukuzenzela umathanda, akamlulazi noma ambelesele. Ubonisa ukuthobeka kwengqondo ngokungazami ukulawula umyeni wakhe, ngisho noma enamakhono avelele ezicini ezithile.

15. Yikuphi ukucabangela okuboniswa abantu abadala, futhi kufanele basabele kanjani?

15 Ngaphakathi kwebandla lobuKristu, kukhona labo abakufanelekela ngokukhethekile ukudunyiswa, njengabantu abadala. “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala.” (Levitikusi 19:32) Lokhu kufanele kube njalo ikakhulu kulabo asebekhonze uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi ngoba “ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31) Ababonisi kufanele babeke isibonelo ngokubonisa ukukhathalela okufanele ngamaKristu abakanye nawo amadala kunabo ngeminyaka. Yiqiniso, asebekhulile nabo kufanele babonise isimo sengqondo sokuhlonipha kwabasebasha, ikakhulu labo abahlanganyela umthwalo wemfanelo wokwalusa umhlambi.—1 Petru 5:2, 3.

16. Abazali nabantwana badumisana kanjani?

16 Abantwana kufanele badumise abazali babo: “Bantwana, lalelani abazali benu ebunyeni neNkosi, ngoba lokhu kulungile: ‘Dumisa uyihlo nonyoko’; okuwumyalo wokuqala onesithembiso: ‘Ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.’” Nabazali badumisa abantwana babo, ngoba bayatshelwa ukuba ‘bangabacasuli abantwana babo, kodwa ukuba baqhubeke bebakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’—Efesu 6:1-4; Eksodusi 20:12.

17. Obani okubafanele ukuboniswa udumo “oluphindwe kabili”?

17 Abanye futhi okufanele baboniswe udumo yilabo abasebenza kanzima bekhonza ibandla: “Amadoda amadala engamela ngendlela enhle mawabhekwe njengafanelwe udumo oluphindiwe, ikakhulukazi lawo asebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni.” (1 Thimothewu 5:17) Enye indlela esingababonisa ngayo lolu dumo iwukwenza lokho amaHeberu 13:17 akushoyo: “Lalelani labo abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe.”

18. Yini okufanele siyenze kulabo abangaphandle kwebandla?

18 Kufanele yini sibonise udumo kulabo abangaphandle kwebandla? Yebo. Ngokwesibonelo siyayalwa: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” (Roma 13:1) Laba ngababusi bezwe uJehova abavumelé ukuba basebenzise igunya kuze kube yilapho uMbuso wakhe ubagudluza. (Daniyeli 2:44) Ngakho ‘sinikeza bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela; lowo ofuna inkokhiso, inkokhiso; lowo ofuna ukwesatshwa, ukwesaba okunjalo; lowo ofuna udumo, udumo olunjalo.’ (Roma 13:7) Kufanele ‘sidumise abantu bazo zonke izinhlobo.’—1 Petru 2:17.

19. ‘Singakusebenza kanjani okuhle’ kwabanye futhi sibabonise udumo?

19 Nakuba kuyiqiniso ukuthi kufanele sidumise ngisho nalabo abangaphandle kwebandla, phawula lokho okugcizelelwa yiZwi likaNkulunkulu: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Yebo, indlela engcono kakhulu ‘esingasebenza ngayo okuhle’ kwabanye iwukuhlakulela futhi sanelise izidingo zabo ezingokomoya. (Mathewu 5:3) Lokhu singakwenza ngokulalela isikhumbuzo somphostoli uPawulu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzethule wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” Lapho sisebenzisa wonke amathuba ngokuhlakanipha ukuze sinikeze ubufakazi, ‘siyifeza ngokugcwele inkonzo yethu,’ asenzi okuhle nje kuphela kubo bonke kodwa futhi sibabonisa nodumo.—2 Thimothewu 2:15; 4:5.

Ukudumisa UJehova

20. Yini eyenzeka kuFaro nasemabuthweni akhe, futhi ngani?

20 UJehova uyazidumisa izidalwa zakhe. Kuyafaneleka ukuba nathi ngokufanayo simdumise. (IzAga 3:9; IsAmbulo 4:11) IZwi likaJehova lithi futhi: “Abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.” (1 Samuweli 2:30) Lapho uFaro waseGibithe etshelwa ukuba akhulule abantu bakaNkulunkulu bahambe, waphendula ngokuqhosha: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe?” (Eksodusi 5:2) Lapho uFaro ethumela amabutho akhe ukuba achoboze ama-Israyeli, uJehova wahlukanisa amanzi oLwandle Olubomvu ukuze u-Israyeli adlule. Kodwa lapho abaseGibithe belandela, uJehova wenza ukuba amanzi abuye. “Izinqola zikaFaro nempi yakhe [uJehova] ukuphonse elwandle.” (Eksodusi 14:26-28; 15:4) Ngakho ukwenqaba kukaFaro kokuzidla ukudumisa uJehova kwaholela ekufeni kwakhe okuyinhlekelele.—IHubo 136:15.

21. Kungani uJehova amelana noBelishasari, futhi kwaba namuphi umphumela?

21 INkosi yaseBabiloni uBelishasari yenqaba ukudumisa uJehova. Phakathi nomkhosi wokudakwa, yahleka uJehova ngokuphuza iwayini ngezitsha ezingcwele zegolide nesiliva ezazithathwe ethempelini laseJerusalema. Ngesikhathi yenza lokhu, yayidumisa onkulunkulu bayo bobuqaba. Kodwa inceku kaJehova uDaniyeli yamtshela: “Awuthobanga inhliziyo yakho . . . kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini.” Ngabo kanye lobo busuku uBelishasari wabulawa, waphucwa umbuso wakhe.—Daniyeli 5:22-31.

22. (a) Kungani ulaka lukaJehova lwehlela phezu kwabaholi bakwa-Israyeli nabantu babo? (b) Ubani owayethandwa uJehova, futhi kwaba namuphi umphumela?

22 Ekhulwini lokuqala C.E., iNkosi uHerode yayinikeza inkulumo eningini labantu, futhi bamemeza: “Izwi likankulunkulu, akulona elomuntu!” Le nkosi eqhoshayo ayizange imelane nalokho kodwa yayifuna udumo. Ngaso leso sikhathi, “ingelosi kaJehova yamshaya, ngoba enganikanga uNkulunkulu inkazimulo.” (IzEnzo 12:21-23) UHerode akamdumisanga uJehova, wazidumisa yena, wabulawa. Abaholi benkolo bangaleso sikhathi babehlaze uNkulunkulu ngokubopha uzungu lokubulala iNdodana yakhe, uJesu. Abanye ababusi babazi ukuthi uJesu wayefundisa iqiniso kodwa bengenakumlandela, “ngoba babethanda inkazimulo yabantu ngisho nangaphezu kwenkazimulo kaNkulunkulu.” (Johane 11:47-53; 12:42, 43) Isizwe sisonke asizange simdumise uJehova noma uMmeleli wakhe omisiwe, uJesu. Ngenxa yalokho, uJehova akabange esasidumisa, wasishiya kanye nethempeli laso ukuba sibhujiswe. Kodwa wabalonda labo ababemdumisa yena neNdodana yakhe.—Mathewu 23:38; Luka 21:20-22.

23. Yini okumelwe siyenze ukuze siphile ezweni elisha likaNkulunkulu? (IHubo 37:9-11; Mathewu 5:5)

23 Bonke labo abafuna ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu ngemva kokuba lesi simiso sezinto samanje sibhujisiwe kumelwe badumise uNkulunkulu neNdodana yakhe, uKristu Jesu, babalalele. (Johane 5:22, 23; Filipi 2:9-11) Labo abangalubonisi udumo olunjalo “bayakunqunywa ezweni.” Ngakolunye uhlangothi, abaqotho abadumisa uNkulunkulu noKristu futhi babalalele “bayakuhlala ezweni.”—IzAga 2:21, 22.

Ukubukeza

◻ Kusho ukuthini ukudumisa abanye, futhi uJehova wakwenza kanjani lokhu?

◻ UJesu noPawulu babadumisa kanjani abanye?

◻ Obani abafanelwe udumo osukwini lwethu?

◻ Kungani kufanele sidumise uJehova noJesu?

[Isithombe ekhasini 17]

UJehova wamdumisa u-Abrahama ngokucabangela ukunxusa kwakhe

[Isithombe ekhasini 18]

Emishadweni ephumelelayo, indoda nomfazi bayadumisana

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela