Imibuzo Evela Kubafundi
Ngokuqondene nemiyalo yeBhayibheli mayelana nokusetshenziswa okufanele kwegazi, oFakazi BakaJehova bazibheka kanjani izinqubo zokwelapha ezisebenzisa igazi lakho siqu?
Kunokuba anqume kuphela ngesisekelo salokho yena akukhethayo noma lokho okutuswa abezokwelapha, umKristu ngamunye kufanele akucabangele ngokungathi sína lokho iBhayibheli elikushoyo. Kuyindaba yakhe noJehova.
UJehova, esimkweleta ukuphila kwethu, wayala ukuba igazi lingadliwa. (Genesise 9:3, 4) EMthethweni ka-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu wakubekela imingcele ukusetshenziswa kwegazi ngoba limelela ukuphila. Wayala: “Umphefumulo [noma ukuphila] womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana.” Kuthiwani lapho umuntu ayebulala isilwane ukuze athole ukudla? UNkulunkulu wathi: “Makachithe igazi [laso], alisibekele ngothuli.”a (Levitikusi 17:11, 13) UJehova wawuphindaphinda kaningi lo myalo. (Duteronomi 12:16, 24; 15:23) I-Soncino Chumash yamaJuda ithi: “Igazi akumelwe ligcinwe kodwa kumelwe lenziwe lingakufanelekeli ukudliwa ngokuthelwa emhlabathini.” Akekho umuntu wakwa-Israyeli okwakufanele akhiphe, agcine abese esebenzisa igazi lesinye isidalwa, esikuphila kwaso kungokukaNkulunkulu.
Isibopho sokugcina uMthetho KaMose saphela lapho uMesiya efa. Nokho, umbono kaNkulunkulu ngobungcwele begazi awushintshanga. Beshukunyiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu, abaphostoli bayala amaKristu ukuba ‘adede egazini.’ Lowo myalo kwakungamelwe uthathwe kalula. Wawubalulekile ngokokuziphatha njengokudeda ekuziphatheni okubi kobulili noma ekukhonzeni izithombe. (IzEnzo 15:28, 29; 21:25) Lapho ukuthekelisa nokumpompela igazi kwanda ekhulwini lama-20, oFakazi BakaJehova baqonda ukuthi lesi senzo siyangqubuzana neZwi likaNkulunkulu.b
Ngezinye izikhathi, udokotela unxusa isiguli ukuba sigcine igazi laso kusasele amasonto ngaphambi kokuba sihlinzwe (i-preoperative autologous blood donation, noma i-PAD) ukuze uma kudingeka, akwazi ukulimpompela esigulini leli gazi laso ebeligciniwe. Nokho, lokho kukhishwa kwegazi, ligcinwe bese limpontshelwa kungqubuzana ngokuqondile nalokho okushiwo kuLevitikusi nakuDuteronomi. Igazi akumelwe ligcinwe; kumelwe lithululwe—njengokungathi libuyiselwa kuNkulunkulu. Kuyavunywa, uMthetho KaMose awusasebenzi manje. Nokho, oFakazi BakaJehova bayazihlonipha izimiso uNkulunkulu azifaka kuwo, futhi bazimisele ‘ukudeda egazini.’ Ngakho, asilithekelisi igazi, futhi asiligcini igazi lethu ukuze liphinde limpontshelwe kube kufanele ‘lithululwe.’ Leso senzo siyangqubuzana nomthetho kaNkulunkulu.
Ezinye izinqubo nokuhlolwa okuhilela igazi lakho siqu akungqubuzani ngokucace kangaka nezimiso zikaNkulunkulu azishilo. Ngokwesibonelo, amaKristu amaningi aye avuma ukuba akhishwe igazi elithile ukuze lihlolwe noma lihlaziywe, bese liyalahlwa kamuva. Kunezinye futhi izinqubo eziyinkimbinkimbi ngokwengeziwe ezihilela igazi lakho ezingase zituswe odokotela.
Ngokwesibonelo, phakathi nezinqubo ezithile zokuhlinza, igazi elithile lingase liphambukiselwe ngaphandle komzimba ngenqubo okuthiwa yi-hemodilution. Igazi elisele esigulini libe selenziwa lihlambuluke. Kamuva, igazi lesiguli elijikeleza ngaphandle libuyiselwa kuso, kanjalo umthamo wegazi laso usondele ezingeni elivamile. Ngokufanayo, igazi eliya enxebeni lingase libanjwe bese licwengwa ukuze kubuyiselwe amangqamuzana abomvu esigulini; lokhu kuthiwa ukuhlengwa kwamangqamuzana (cell salvage). Enqubweni ehlukile, igazi lingase liphambukiselwe emshinini ozokwenza umsebenzi ovame ukwenziwa yizitho zomzimba okwesikhashana (ngokwesibonelo inhliziyo, amaphaphu, noma izinso). Igazi elivela emshinini libe selibuyiselwa esigulini. Kwezinye izinqubo, igazi liphambukiselwa emshinini wokucwenga (centrifuge) ukuze kukhishwe izingxenye zalo ezilimazayo noma ezilimele. Noma, umgomo ungase ube ukukhipha esinye sezakhi zegazi ukuze sisetshenziswe kwenye indawo emzimbeni. Kukhona nokuhlolwa okukhishwa kukho igazi elithile ukuze lifakwe uphawu noma lixutshwe nemithi, bese libuyiselwa esigulini.
Imininingwane ingase ihlukahluke, futhi nakanjani kusazosungulwa izinqubo ezintsha, izindlela zokwelapha nezokuhlola. Akukhona okwethu ukuhlaziya ngayinye bese sikhipha isinqumo. UmKristu kumelwe azinqumele ukuthi liyosetshenziswa kanjani igazi lakhe phakathi nenqubo yokuhlinzwa, ukuhlolwa kwezokwelapha noma ukwelashwa okuqhubekayo. Kufanele athole amaqiniso kusengaphambili kudokotela noma uchwepheshe mayelana nalokho okungase kwenziwe ngegazi lakhe kuleyo nqubo. Ngemva kwalokho kumelwe anqume ngokwalokho okuvunyelwa unembeza wakhe. (Bheka ibhokisi.)
AmaKristu kumelwe akhumbule ukuzinikezela kwawo kuNkulunkulu nesibopho sawo ‘sokumthanda ngenhliziyo yonke, ngomphefumulo wonke, izikhwepha zonke nengqondo yawo yonke.’ (Luka 10:27) Ngokungafani neningi ezweni, oFakazi BakaJehova babazisa kakhulu ubuhlobo babo obuhle noNkulunkulu. UMniki-kuphila unxusa wonke umuntu ukuba athembele egazini likaJesu elachithwa. Siyafunda: “Ngaye [uJesu Kristu] sitholé ukukhululwa ngesihlengo esingegazi lakhe lowo, yebo, ukuthethelelwa kweziphambeko zethu.”—Efesu 1:7.
[Imibhalo yaphansi]
a UProfesa Frank H. Gorman uyabhala: “Ukuthululwa kwegazi kuqondakala kangcono kakhulu njengesenzo sokuhlonipha esibonisa inhlonipho ngokuphila kwesilwane, futhi kanjalo, nenhlonipho ngoNkulunkulu, owadala lokho kuphila futhi oqhubekayo ekunakekela.”
b INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 1, 1951, yaphendula imibuzo eyisihluthulelo ngale ndaba, yabonisa ukuthi kungani ukumpompela igazi elithekelisiwe kungafaneleki.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 31]
IMIBUZO OKUFANELE UZIBUZE YONA
Uma elinye legazi lami lizophambukiselwa ngaphandle komzimba wami futhi ukugeleza kwalo kungase kumiswe okwesikhathi esithile imbala, unembeza wami uzongivumela yini ukuba leli gazi ngilibheke njengeliseyingxenye yami, okwenza kungadingeki ukuba ˈlithululwe emhlabathiniˈ?
Unembeza wami oqeqeshwe yiBhayibheli uyokhathazeka yini uma phakathi nenqubo ethile yokuthola isifo noma yokwelapha, elinye legazi lami likhishwa, kushintshwe okuthile kulo bese libuyiselwa emzimbeni wami?