Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Usizo Ekulondolozeni Ubungcwele Begazi
EMHLABENI wonke izinceku zikaJehova ziye zabonisa ubuqotho kuNkulunkulu mayelana nobungcwele begazi. (IzEnzo 15:28, 29) Isigaba senceku ethembekileyo neqondayo siye salungiselela abafowabo abangamaKristu usizo. (Mathewu 24:45-47) Ake sibone ukuthi yaba yini imiphumela ePhilippines.
Igatsha lasePhilippines liyabika: “Ngo-1990 saziswa ukuthi abameleli beBethel yaseBrooklyn bazoba nomhlangano lapha ePhilippines. Kwamenywa abazalwane emagatsheni amaningana ase-Asia, kuhlanganise neKorea, iTaiwan, neHong Kong. Injongo kwakuwukwakha uMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela nokuhlela ukuba kube namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela emagatsheni akubo. EPhilippines amakomiti aqale amiswa emadolobheni amakhulu amane.” La makomiti ayezozama ukuthola odokotela abazimisele ukubambisana nathi ezinkolelweni zobuKristu ngegazi. Ayezosiza nabazalwane lapho kuvela izinkinga ezihilela igazi.
URemegio wakhethwa ukuba abe seKomitini Yokubonisana Nezibhedlela eBaguio. Njengoba isikhathi sihamba, odokotela baqala ukuyiqaphela le nkonzo. URemegio ukhumbula ngesinye isikhathi lapho odokotela abaningana ababenomhlangano neKomiti Yokubonisana Nezibhedlela befuna ukwazi ukuthi kufanele bazelaphe kanjani iziguli ezingoFakazi ezenqaba igazi. URemegio wathi: “Odokotela baqala ukubuza imibuzo, kodwa zavele zayima emthumeni kimi ngoba babebuza ngezinto ezijule kakhulu.” Wathandaza kuJehova ecela usizo lokusingatha le nselele. URemegio waqhubeka: “Ngemva kombuzo ngamunye, abanye odokotela babephakamisa izandla basho ukuthi bona babesisingathe kanjani isimo esithi asifane.” URemegio walujabulela lolo sizo, ikakhulu njengoba leyo mibuzo nezimpendulo kwaqhubeka amahora amabili.
Manje kunamakomiti angu-21 kulelo zwe, abazalwane abakhonza kuwo bangu-77. UDanilo, uFakazi ongudokotela, uthi: “Odokotela bayaqaphela ukuthi iziguli ezingoFakazi zisekelwa inhlangano ezinakekela ngothando.” Omunye udokotela waqale waba madolonzima ukuhlinza umzalwane ngaphandle kokumfaka igazi. Nokho, lo mzalwane wama waqina. Wahlinzwa ngempumelelo. UMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela uyabika: “Udokotela kwavele kwammangaza ukululama komzalwane. Wathi: ‘Ngokwalokho okwenzeke lapha, uma kuba khona elinye lamalungu enu elifuna lolu hlobo lokuhlinzwa ngaphandle kwegazi, ngiyokujabulela ukukwenza.’”