Duduza Abasosizini
“UJehova ungigcobile . . . ukuba ngiduduze bonke abalilayo.”—ISAYA 61:1, 2.
1, 2. Obani okufanele sibaduduze, futhi ngani?
UJEHOVA, uNkulunkulu wayo yonke induduzo yangempela usifundisa ukuba sithinteke lapho abanye bevelelwa inhlekelele. Usifundisa ukuba ‘sikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile’ nokuba siduduze bonke abalilayo. (1 Thesalonika 5:14) Lapho esikholwa nabo bedinga usizo olunjalo, siyabanika lona. Sibonisa uthando nakulabo abangaphandle kwebandla, ngisho nalabo okungenzeka abakaze babonise bufakazi bokuthi bayasithanda.—Mathewu 5:43-48; Galathiya 6:10.
2 UJesu Kristu wawafunda futhi wawabhekisa kuye la mazwi esiprofetho okuthunywa: “Umoya weNkosi EnguMbusi uJehova uphezu kwami, ngenxa yokuthi uJehova ungigcobile ukuba ngitshele abamnene izindaba ezinhle. Ungithumé ukuba ngibophe abanhliziyo zaphukileyo, . . . ngiduduze bonke abalilayo.” (Isaya 61:1, 2; Luka 4:16-19) AmaKristu agcotshiwe anamuhla asenesikhathi eside eqaphela ukuthi lokhu kuthunywa kuyawahlanganisa nawo, futhi “ezinye izimvu” zizihlanganisa nawo ngenjabulo kulowo msebenzi.—Johane 10:16.
3. Singabasiza kanjani abantu lapho bebuza ukuthi, “Kungani uNkulunkulu evumela izinhlekelele zenzeke”?
3 Lapho kuvela inhlekelele bese abantu besala belusizi, bavame ukubuza ukuthi, “Kungani uNkulunkulu evumela izinhlekelele zenzeke?” IBhayibheli liwuphendula ngokucacile lowo mbuzo. Nokho, umuntu ongalitadishi iBhayibheli kungase kumthathe isikhathi ukuyiqonda ngokugcwele impendulo. Izincwadi zoFakazi BakaJehova zinikeza usizo.a Nokho, abanye abantu baye baqale baduduzwa nje ukubona umbhalo onjengo-Isaya 61:1, 2 eBhayibhelini, ngoba uveza isifiso sikaNkulunkulu sokuba abantu bathole induduzo.
4. UFakazi ePoland wakwazi kanjani ukusiza intombazane yesikole eyayicindezelekile, futhi leyo ndaba ingakusiza kanjani ukuba usize abanye?
4 Intsha, nabantu abadala, bayayidinga induduzo. Omusha owayecindezelekile ePoland wacela icebiso kumngane. Ngokubuzabuza ngomusa, lo mngane, ongomunye woFakazi BakaJehova, wathola ukuthi intombazane ikhungathekiswe imibuzo nokungaqiniseki: “Kungani kunobubi obungaka? Kungani abantu behlupheka? Kungani udadewethu okhubazekile ehlupheka? Kungani inhliziyo yami ingaphilile? ISonto lithi kuyintando kaNkulunkulu. Kodwa uma kunjalo, ngizoyeka ukukholelwa kuye!” UFakazi wathandaza kuJehova buthule wayesethi: “Ngiyajabula ngokuthi ungibuzile ngalokhu. Ngizozama ukukusiza.” Walandisa ngokuthi naye esemncane wayenezinto ayezingabaza, wasizwa oFakazi BakaJehova. Wachaza: “Ngathola ukuthi uNkulunkulu akabenzi abantu bahlupheke. Uyabathanda, ubafunela okungcono kakhulu, futhi maduze uzokwenza izinguquko ezinkulu emhlabeni. Ukugula, izinkinga zokuguga, nokufa ngeke kusaba khona, futhi abantu abalalelayo bayophila phakade—khona la kulo mhlaba.” Le ntombazana wayibonisa isAmbulo 21:3, 4; uJobe 33:25; u-Isaya 35:5-7 no-65:21-25. Ngemva kwengxoxo ende, intombazane eyayibonakala yethulwe umthwalo, yathi: “Sengiyazi manje ukuthi ngiphilelani. Ngingaphinda ngizokubona futhi?” Yaqhutshelwa isifundo seBhayibheli kabili ngesonto.
Ngenduduzo Enikezwa NguNkulunkulu
5. Lapho sizwelana nothile, yini eyonikeza induduzo yangempela?
5 Lapho sifuna ukududuza abanye, amazwi okuzwelana nabo ayafaneleka impela. Umuntu ososizini sizama ukumbonisa ngamazwi nangesimo sezwi ukuthi simkhathalela ngokujulile esimweni akuso. Lokhu akufezwa ngokusho amazwana ayize. IBhayibheli lisitshela ukuthi “ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni [siba] nethemba.” (Roma 15:4) Ngenxa yalokhu, ngesikhathi esikahle singachaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyini, futhi singabonisa ngeBhayibheli ukuthi uyozixazulula kanjani izinkinga zamanje. Singabe sesibonisa ukuthi kungani uyithemba eliqinisekile. Ngale ndlela, siyonikeza induduzo.
6. Yini okufanele sisize abantu bayiqonde ukuze bakwazi ukuzuza ngokugcwele enduduzweni esemiBhalweni?
6 Ukuze azuze ngokugcwele enduduzweni ayinikwayo, umuntu kudingeka azi uNkulunkulu weqiniso, uhlobo loMuntu ayilo, nokuthi izithembiso zakhe ziqinisekile. Lapho sizama ukusiza umuntu ongakabi umkhulekeli kaJehova, kuhle ukuchaza amaphuzu alandelayo. (1) Induduzo etholakala eBhayibhelini ivela kuJehova, uNkulunkulu weqiniso. (2) UJehova unguMninimandla onke, uMdali wezulu nomhlaba. UnguNkulunkulu wothando futhi uchichima umusa wothando neqiniso. (3) Singathola amandla okubhekana nezimo uma sisondela kuNkulunkulu ngokuthola ulwazi olunembile eZwini lakhe. (4) IBhayibheli linemibhalo ephathelene nokulingwa okwehlela abantu abahlukahlukene.
7. (a) Kungafezani ukugcizelela ukuthi induduzo enikezwa uNkulunkulu “iyavama ngoKristu”? (b) Ungamduduza kanjani umuntu oqaphelayo ukuthi ubeziphethe kabi?
7 Abanye baye badlulisela isibusiso esingokomoya kwabasosizini abajwayelene neBhayibheli ngokufunda eyesi-2 Korinte 1:3-7. Lapho benza kanjalo, baye bagcizelela inkulumo ethi “nenduduzo esiyitholayo . . . iyavama ngoKristu.” Lo mbhalo ungase usize umuntu abone ukuthi iBhayibheli liwumthombo wenduduzo okufanele awunake kakhudlwana. Ungaba nayisisekelo sengxoxo eqhubekayo, mhlawumbe ngesinye isikhathi. Uma umuntu enomuzwa wokuthi izinhlupheko zakhe zibangelwa izinto ezimbi azenzile, singase simtshele, ngaphandle kokumahlulela, ukuthi kuyaduduza ukwazi lokho okulotshwe kweyoku-1 Johane 2:1, 2 nakumaHubo 103:11-14. Ngalezi zindlela, sibaduduza ngempela abanye ngenduduzo enikezwa uNkulunkulu.
Lapho Ukuphila Koniwa Ubudlova Noma Ubumpofu
8, 9. Abantu abaye bahlushwa ubudlova bangaduduzwa kanjani ngendlela efanele?
8 Ukuphila kwezigidigidi kuye koniwa ubudlova—ubudlova bezigebengu emphakathini noma ubudlova bempi. Singaziduduza kanjani?
9 AmaKristu eqiniso ayaqiniseka ukuthi awathathi hlangothi emibangweni yezwe ngezwi noma ngesenzo. (Johane 17:16) Kodwa asebenzisa iBhayibheli ngendlela efanele ukuze abonise ukuthi izimo ezinzima zanamuhla ngeke ziqhubeke unomphela. Angase afunde amaHubo 11:5 ukuze abonise indlela uJehova azizwa ngayo ngalabo abathanda ubudlova noma amaHubo 37:1-4 ukuze aveze isikhuthazo sikaNkulunkulu sokuba umuntu angaziphindiseleli, kodwa athembele kuNkulunkulu. Amazwi amaHubo 72:12-14 abonisa indlela uSolomoni Omkhulu, uJesu Kristu, obusa njengeNkosi yasezulwini manje, azizwa ngayo ngabantu abangenacala abahlushwa ubudlova.
10. Uma usuneminyaka usendaweni enempi, ingakududuza kanjani imibhalo ekhonjiwe?
10 Abanye abantu baye basinda ezimpini zemibango eziningi lapho amaqembu aphikisanayo elwela ukulawula. Sebaze bakwamukela ukuthi impi nemiphumela yayo kuyingxenye yokuphila. Ukuphela kwethemba abalibonayo ukuthi kungaba ngcono uma bengabalekela kwelinye izwe. Kodwa iningi labo aliphumeleli ekwenzeni lokho, futhi abaningi abaye bazama baye bafa. Labo abagcina befikile kwelinye izwe ngokuvamile bathola ukuthi bamané basuka kwezinye izinkinga bayongena kwezinye. AmaHubo 146:3-6 angase asetshenziswe ekusizeni abantu abanjalo ukuba babeke ithemba labo kokuthile okuqinisekile kunokuthuthela kwelinye izwe. Isiprofetho esikuMathewu 24:3, 7, 14 noma kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5 singase sibasize bathole umbono obanzi futhi baqonde okushiwo izimo ababhekene nazo, okungukuthi, siphila esiphelweni sesimiso sezinto esidala. Imibhalo enjengamaHubo 46:1-3, 8, 9 no-Isaya 2:2-4 ingase ibasize baqaphele ukuthi likhona ngempela ithemba lekusasa elinokuthula.
11. Imiphi imibhalo eyaduduza owesifazane eNtshonalanga Afrika, futhi ngani?
11 Phakathi nenkathi yempi eqhubekayo eNtshonalanga Afrika, owesifazane wabaleka ekhaya enethwa izinhlamvu zezibhamu. Ukuphila kwakhe kwagcwala ukwesaba, usizi nokudumala okuphula umoya. Kamuva, umkhaya usuhlala kwelinye izwe, umyeni wakhe wanquma ukushisa incwadi yabo yomshado, waxosha umkakhe owayekhulelwe nendodana yabo eneminyaka eyishumi ubudala, waba umpristi. Lapho lona wesifazane efundelwa eyabaseFilipi 4:6, 7 namaHubo 55:22, kanye nezihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ezisekelwe emiBhalweni, ekugcineni wathola induduzo nenjongo ekuphileni.
12. (a) ImiBhalo ibathembisa yiphi impumuzo labo abacindezelekile ngokwezomnotho? (b) UFakazi e-Asia wakwazi kanjani ukusiza umthengi?
12 Izinhlekelele zezomnotho ziye zona ukuphila kwezigidi zabantu. Kwesinye isikhathi, nalokhu kubangelwa impi nemiphumela yayo. Kwesinye, izinqubo ezingahlakaniphile zohulumeni nokuhaha nokungathembeki kwabaphethe kuye kwaqothula izimali zabantu ezilondoloziwe futhi kwabaphoqa ukuba bahlukane nempahla yabo. Abanye abakaze babe nezinto eziningi zaleli zwe. Bonke abanjalo bangaduduzeka ngokwazi ukuthi labo abathembela kuye, uNkulunkulu ubaqinisekisa ngempumuzo nezwe lokulunga, abantu abayojabulela kulo umsebenzi wezandla zabo. (IHubo 146:6, 7; Isaya 65:17, 21-23; 2 Petru 3:13) Kwelinye izwe lase-Asia, lapho uFakazi ezwa umthengi eveza ukukhathazeka kwakhe ngesimo sezomnotho kulelo zwe, wachaza ukuthi lokhu okwenzekayo kuyingxenye yezenzakalo ezenzeka emhlabeni wonke. Ingxoxo yabo ngoMathewu 24:3-14 namaHubo 37:9-11 yaholela esifundweni seBhayibheli esiqhutshwa njalo.
13. (a) Lapho abantu bedunyazwe izithembiso eziyize, singalisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuze sibasize? (b) Uma abantu benomuzwa wokuthi izimo ezimbi zifakazela ukuthi uNkulunkulu akekho, ungazama kanjani ukubabonisa?
13 Lapho abantu sebeneminyaka behlupheka noma bedunyazwe izithembiso eziningi eziyize, bangase babe njengama-Israyeli eGibhithe okwathi “ngenxa yokudumazeka” angalalela. (Eksodusi 6:9) Kubantu abanjalo, kungase kusize ukuqokomisa izindlela iBhayibheli elingabasiza ngazo ukuba babhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zamanje futhi bagweme izingibe ezonakalisa ukuphila kwabaningi ngokungadingekile. (1 Thimothewu 4:8b) Abanye bangase babheke izimo ezimbi abaphila kuzo njengobufakazi bokuthi uNkulunkulu akekho noma bokuthi akanandaba nabo. Ungase ubonisane nabo ngemibhalo efanelekayo ukuze ubasize baqaphele ukuthi uNkulunkulu unikeza usizo kodwa abaningi abalwamukeli.—Isaya 48:17, 18.
Lapho Kubhekenwe Neziphepho Nokuzamazama Komhlaba
14, 15. Lapho enye inhlekelele ishiya abaningi beshaqekile, oFakazi BakaJehova bakubonisa kanjani ukukhathalela kwabo?
14 Inhlekelele ingase ibangelwe isiphepho, ukuzamazama komhlaba, umlilo, noma ukuqhuma okuthile. Bangase babe baningi abalusizi. Yini engenziwa ukuze kududuzwe abasindile?
15 Abantu badinga ukwazi ukuthi ukhona obakhathalelayo. Ngemva kokuhlasela kwamaphekula kwelinye izwe, abaningi basala beshaqekile. Abaningi babo balahlekelwa amalungu omkhaya, abondli bemizi, abangane, umsebenzi, noma umuzwana wokulondeka ababecabanga ukuthi banako. OFakazi BakaJehova bazama ukusiza labo ababesemiphakathini yabo, bezwelana nabo ekulahlekelweni kwabo okukhulu futhi benikeza amazwi enduduzo avela eBhayibhelini. Abaningi bákwazisa ngokujulile ukukhathalelwa.
16. Lapho kugadla inhlekelele endaweni yase-El Salvador, kungani oFakazi bendawo baphumelela kakhulu enkonzweni yasensimini?
16 E-El Salvador ukuzamazama komhlaba okukhulu ngo-2001 kwalandelwa isiwolokohlo esikhulu sodaka esabulala abantu abaningi. Indodana kaFakazi eneminyaka engu-25 ubudala nezelamani ezimbili ezingodadewabo kangoduso yale ndodana bashona. Unina wale nsizwa nengoduso yayo baba matasa ngokushesha enkonzweni yasensimini. Abaningi babethi kubo nguNkulunkulu othathe labo abashonile noma bathi bekuyintando kaNkulunkulu. Lab’ oFakazi bacaphuna izAga 10:22 ukuze babonise ukuthi uNkulunkulu akafuni sizwe ubuhlungu. Bafunda amaRoma 5:12 ukuze babonise ukuthi ukufa kwalethwa isono somuntu, akuyona intando kaNkulunkulu. Bababonisa nomyalezo wenduduzo okumaHubo 34:18, AmaHubo 37:29, u-Isaya 25:8, nesAmbulo 21:3, 4. Abantu balalela ngokuzimisela, ikakhulu njengoba laba besifazane ababili kwabona babelahlekelwe amalungu omkhaya kule nhlekelele, futhi kwaqalwa izifundo zeBhayibheli eziningi.
17. Ngezikhathi zenhlekelele, hlobo luni losizo esingalunikeza?
17 Lapho kugadla inhlekelele, ungase uhlangane nomuntu odinga usizo ngaso leso sikhathi. Lokhu kungase kusho ukubiza udokotela, ukusiza umuntu afike emtholampilo, noma ukwenza noma yini engenzeka ukuze athole ukudla nendawo yokukhosela. Phakathi nenhlekelele enjalo e-Italy ngo-1998, intatheli ethile yaphawula ukuthi oFakazi BakaJehova “basebenza ngendlela ewusizo, besiza labo abahluphekile, bengakhathazeki ngokuthi bayiyiphi inkolo.” Kwezinye izindawo, izenzakalo ezaprofethelwa izinsuku zokugcina zibangela ukuhlupheka okukhulu. Kulezo zindawo, oFakazi BakaJehova babhekisela eziprofethweni zeBhayibheli, futhi baduduza abantu ngesiqinisekiso seBhayibheli sokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoletha ukulondeka kweqiniso esintwini.—IzAga 1:33; Mika 4:4.
Lapho Kushoné Ilungu Lomkhaya
18-20. Lapho kushoniwe emkhayeni, yini ongayisho noma uyenze ukuze ududuze?
18 Nsuku zonke izigidi ziba lusizi ngokushonelwa othile othandekayo. Ungase uhlangane nabashonelwe lapho usenkonzweni yobuKristu noma lapho wenza imisebenzi yansuku zonke. Yini ongayenza noma uyisho engaba yinduduzo?
19 Ingabe lowo muntu ulusizi ngokomzwelo? Ingabe indlu igcwele izihlobo ezishonelwe? Kungase kube kuningi ongathanda ukukusho, kodwa ukuqonda isimo kubalulekile. (UmShumayeli 3:1, 7) Mhlawumbe into efanelekayo ukuzwelana nabo, ushiye incwadi yeBhayibheli efanelekayo (incwajana, umagazini, noma ipheshana), bese ubuya ngemva kwezinsukwana uzobona ukuthi lukhona yini olunye usizo ongalunikeza. Ngesikhathi esifanelekayo, cela ukuhlanganyela nabo amaphuzu akhuthazayo aseBhayibhelini. Lokhu kungaletha ukuzola futhi kubathuthuzele. (IzAga 16:24; 25:11) Awunakubavusa abafileyo njengoba kwenza uJesu. Kodwa ungaxoxa ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngesimo sabafileyo, nakuba lesi kungase kungabi isikhathi esihle sokuzama ukuphikisa imibono eyiphutha. (IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4) Ningafunda ndawonye izithembiso zeBhayibheli zovuko. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Ningase nixoxe ngokuthi zisho ukuthini, mhlawumbe nisebenzise nombiko othile weBhayibheli ngovuko. (Luka 8:49-56; Johane 11:39-44) Qokomisa nezimfanelo zikaNkulunkulu onothando onikeza lelo themba. (Jobe 14:14, 15; Johane 3:16) Chaza ukuthi lezi zimfundiso zikusize kanjani nokuthi kungani uqiniseka ngazo.
20 Ukumenyelwa eHholo LoMbuso kungase kusize oshonelwe ukuba azi abantu ababathanda ngempela omakhelwane babo futhi abakwaziyo ukwakhana. Owesifazane waseSweden wathola ukuthi yilokhu ayekufuna ekuphileni kwakhe konke.—Johane 13:35; 1 Thesalonika 5:11.
21, 22. (a) Yini edingekayo kithi ukuze sinikeze induduzo? (b) Ungamduduza kanjani umuntu oseyazi kakade imiBhalo?
21 Lapho wazi ukuthi othile usosizini, kungaba ngaphakathi noma ngaphandle kwebandla lobuKristu, ingabe ngezinye izikhathi uzizwa ungaqiniseki ukuthi kufanele uthini noma wenzeni? Igama lesiGreki elivame ukuhunyushwa ngokuthi “induduzo” eBhayibhelini, ngokwezwi nezwi lisho “ukubizela eceleni kwakho.” Ukuba umduduzi wangempela kusho ukuzenza utholakale kulabo abasosizini.—IzAga 17:17.
22 Kuthiwani uma umuntu ofuna ukumduduza esekwazi kakade lokho iBhayibheli elikushoyo ngokufa, isihlengo, novuko? Ukuba khona nje komngane onezinkolelo ezifanayo kungamduduza. Uma efuna ukukhuluma, yiba isilaleli esihle. Ungabi nomuzwa wokuthi kudingeka umbekele inkulumo. Uma nifunda imibhalo, yibheke njengamazwi kaNkulunkulu aqinisa izinhliziyo zenu nobabili. Veza ukuqiniseka okunamandla eninakho nobabili ngalokho ekuthembisayo. Ngokubonisa ububele bukaNkulunkulu nangokuhlanganyela nabo amaqiniso ayigugu aseZwini likaNkulunkulu, ungabasiza labo abasosizini ukuba bathole induduzo namandla ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke,’ uJehova.—2 Korinte 1:3.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka lezi zincwadi: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, isahluko 8; Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 227-31, 284-91; Is There a Creator Who Cares About You?, isahluko 10; nencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Uthini?
• Abantu abaningi basola bani ngezinhlekelele, futhi singabasiza kanjani?
• Yini esingayenza ukuze sisize abanye bazuze ngokugcwele enduduzweni enikezwa yiBhayibheli?
• Iziphi izimo ezibangela usizi kwabaningi endaweni yakini, futhi ungabaduduza kanjani?
[Izithombe ekhasini 23]
Ukuhlanganyela nabanye umyalezo wenduduzo yangempela ezikhathini zokucindezeleka
[Umthombo]
Refugee camp: UN PHOTO 186811/J. Isaac
[Isithombe ekhasini 24]
Ukuba khona nje komngane kungaduduza