Kufanele Sibabheke Kanjani Abantu Njengoba Usuku LukaJehova Lusondela?
“UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, . . . kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”—2 PETRU 3:9.
1, 2. (a) UJehova ubabheka kanjani abantu namuhla? (b) Imiphi imibuzo esingazibuza yona?
IZINCEKU zikaJehova zithunywé ‘ukwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19) Njengoba sifeza lesi sabelo sibe silinde “usuku olukhulu lukaJehova,” kudingeka sibheke abantu ngendlela yena ababheka ngayo. (Zefaniya 1:14) Ubabheka kanjani yena? Umphostoli uPetru uthi: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) UNkulunkulu ubheka abantu njengabangase baphenduke. “[Intando] yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) UJehova uyajabula nokujabula lapho ‘omubi ebuya endleleni yakhe futhi empeleni aqhubeke ephila’!—Hezekeli 33:11.
2 Ingabe thina ngokwethu sinombono kaJehova ngabantu? Ingabe njengaye sibheka abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe njengabangase babe ‘izimvu zedlelo lakhe’? (IHubo 100:3; IzEnzo 10:34, 35) Ake sihlole izibonelo ezimbili ezibonisa ukubaluleka kokuba nombono kaNkulunkulu. Kuzo zombili izimo, imbubhiso yayiseduze, futhi izinceku zikaJehova zaziswa ngalokhu kusengaphambili. Lezi zibonelo zibaluleke ngokukhethekile njengoba silinde usuku olukhulu lukaJehova.
U-Abrahama Wayenombono KaJehova
3. UJehova wayezibheka kanjani izakhamuzi zaseSodoma naseGomora?
3 Isibonelo sokuqala sihilela inzalamizi ethembekile u-Abrahama nemizi emibi yaseSodoma naseGomora. Lapho uJehova ezwa “isikhalo ngeSodoma neGomora,” akayibhubhisanga ngaso leso sikhathi leyo mizi nazo zonke izakhamuzi zakhona. Waqale waphenya. (Genesise 18:20, 21) Kwathunyelwa izingelosi ezimbili eSodoma, zafike zahlala endlini yendoda elungile, uLoti. Ngobusuku izingelosi ezafika ngabo, “amadoda omuzi . . . ahaqa indlu, kusukela kumfana kuya exhegwini, bonke abantu beyisixuku esisodwa,” befuna ukuba nobuhlobo bobulili bobungqingili nezingelosi. Ukonakala kwezakhamuzi kwabonisa ngokucacile ukuthi umuzi wawufanelwe ukubhujiswa. Noma kunjalo, izingelosi zathi kuLoti: “Ukhona omunye umuntu onaye lapha? Umkhwenyana namadodana akho namadodakazi akho nabo bonke abangabakho emzini, bakhiphe kule ndawo!” UJehova wavula ithuba lokusindisa izakhamuzi ezithile zakulowo muzi, kodwa kwagcina kusinde uLoti namadodakazi akhe amabili kuphela embubhisweni.—Genesise 19:4, 5, 12, 16, 23-26.
4, 5. Kungani u-Abrahama anxusela izakhamuzi zaseSodoma, futhi ingabe umbono wakhe ngabantu wawuvumelana nokaJehova?
4 Manje, ake sihlehlele esikhathini lapho uJehova eveza inhloso yakhe yokuhlola umuzi waseSodoma nowaseGomora. Kwakungaleso sikhathi lapho u-Abrahama enxusa: “Ake sithi kukhona abantu abalungile abangamashumi amahlanu phakathi komuzi. Ingabe-ke uzobakhukhula ungayixoleli indawo ngenxa yabalungile abangamashumi amahlanu abangaphakathi kwayo? Kuyinto engacabangeki ukuba wenze ngale ndlela, ukuba ubulale umuntu olungile kanye nomubi ukuze kwenzeke kolungile njengoba kwenzeka komubi! Kuyinto engacabangeki ngawe. Ubengeke yini uMahluleli womhlaba wonke enze okulungile?” U-Abrahama wasebenzisa inkulumo ethi ‘kuyinto engacabangeki ngawe’ kabili. Ngokwalokho ayekubonile, u-Abrahama wayazi ukuthi uJehova wayengeke abhubhise abalungile kanye nababi. Lapho uJehova ethi ngeke alibhubhise iSodoma uma kukhona “abantu abalungile abangamashumi amahlanu phakathi komuzi,” u-Abrahama walokhu elinciphisa inani laze lafika kwabayishumi kuphela.—Genesise 18:22-33.
5 Ingabe uJehova wayeyokulalela ukunxusa kuka-Abrahama ukube kwakungavumelani nombono waKhe? Kusobala ukuthi wayengeke. ‘Njengomngane kaJehova,’ kuyacaca ukuthi u-Abrahama wayewazi umbono kaJehova futhi enawo naye. (Jakobe 2:23) Lapho uJehova ephendukela eSodoma naseGomora, wayezimisele ukucabangela ukunxusa kuka-Abrahama. Ngani? Ngoba uBaba wethu osezulwini “akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”
Umbono KaJona Ngabantu Wawuhluke Kakhulu
6. AbaseNineve basabela kanjani esimemezelweni sikaJona?
6 Manje cabanga ngesibonelo sesibili—esikaJona. Kulokhu, umuzi owawuzobhujiswa kwakuyiNineve. Umprofethi uJona kwathiwa makamemezele ukuthi ububi balowo muzi base “bukhuphukele phambi [kukaJehova].” (Jona 1:2) INineve namadolobhana alo laliwumuzi omkhulu, “lingangebanga lohambo lwezinyawo lwezinsuku ezintathu.” Lapho ekugcineni uJona elalela futhi engena eNineve, walokhu ememezela ethi: “Kusele izinsuku ezingamashumi amane kuphela, bese iNineve ligumbuqelwa.” Ezwa lokho, “amadoda aseNineve aqala ukuba nokholo kuNkulunkulu, amemezela ukuzila ukudla agqoka indwangu yesaka.” Ngisho nenkosi yakhona eNineve yaphenduka.—Jona 3:1-6.
7. UJehova wasibheka kanjani isimo sengqondo sokuphenduka sabaseNineve?
7 Lokho kwakuhluke kakhulu ekungasabelini kwabaseSodoma! UJehova wababheka kanjani abaseNineve ababephendukile? UJona 3:10 uthi: “UNkulunkulu weqiniso wadabuka ngenhlekelele ayekhulumé ukuthi uzobabangela yona; akabange esayibangela.” UJehova “wadabuka” ngomqondo wokuthi washintsha ayehlose ukukwenza kwabaseNineve ngoba babezishintshile izindlela zabo. Izindinganiso zikaNkulunkulu azishintshanga, kodwa uJehova washintsha isinqumo sakhe lapho ebona ukuthi abaseNineve babephendukile.—Malaki 3:6.
8. Kungani uJona anyukubala?
8 Lapho uJona ebona ukuthi abaseNineve ngeke besabhujiswa, ingabe wabona izinto ngombono kaJehova? Akazange, ngoba siyatshelwa: “Nokho, kuJona kwakungathandeki neze, futhi wavutha ngentukuthelo.” Wenzani futhi uJona? Ukulandisa kuthi: “Wathandaza kuJehova wathi: ‘Awu, Jehova, akukhona yini lokhu okwakungikhathaza, lapho ngisezweni lakithi? Yingakho ngahambela phambili ngabalekela eTharishishi; ngoba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nonesihe, owephuza ukuthukuthela nogcwele umusa wothando, nodabukayo ngenhlekelele.’” (Jona 4:1, 2) UJona wayazi ngezimfanelo zikaJehova. Nokho, ngaleso sikhathi, lo mprofethi wanyukubala, wangaba nombono kaNkulunkulu ngezakhamuzi zaseNineve eziphendukile.
9, 10. (a) Isiphi isifundo uJehova asifundisa uJona? (b) Kungani sithi uJona wagcina ebe nombono kaJehova ngabaseNineve?
9 UJona waphuma eNineve, wakha idokodo, wahlala emthunzini walo ‘ukuze abone ukuthi kwakuyokwenzekani ngalo muzi.’ UJehova wakhulisa uselwa ukuze lumakhele umthunzi uJona. Nokho, ngakusasa lesi sitshalo sabuna. Lapho uJona ethukuthela ngenxa yalokho, uJehova wathi: “Wena, uhawukele uselwa . . . Mina, akufanele yini ngilihawukele iNineve umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangawazi nhlobo umehluko phakathi kwesandla sabo sokunene nesobunxele, ngaphandle kwezilwane eziningi ezifuywayo?” (Jona 4:5-11) Yeka isifundo uJona asithola mayelana nombono kaJehova ngabantu!
10 Ukuthi uJona wamphendula wathini uNkulunkulu ngokuhawukela abantu baseNineve akushiwo. Nokho, kusobala ukuthi lo mprofethi wawulungisa umbono wakhe ngabaseNineve ababephendukile. Siphetha kanjalo ngoba uJehova wamsebenzisa ekulobeni lokhu kulandisa okuphefumulelwe.
Wena Unasiphi Isimo Sengqondo?
11. Cishe u-Abrahama wayeyobabheka kanjani abantu abaphila namuhla?
11 Namuhla, sibhekene nenye imbubhiso—eyalesi simiso sezinto esibi osukwini olukhulu lukaJehova. (Luka 17:26-30; Galathiya 1:4; 2 Petru 3:10) U-Abrahama wayeyobabheka kanjani abantu abaphila kuleli zwe eselizobhujiswa maduze? Cishe wayeyokhathazeka ngalabo abangakazizwa ‘izindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) U-Abrahama wanxusa uNkulunkulu ngokuphindaphindiwe enxusela abantu abalungile okungenzeka babekhona eSodoma. Ingabe thina ngokwethu siyakhathazeka ngabantu abebengazilahla izindlela zaleli zwe elilawulwa uSathane uma bebenganikwa ithuba lokuphenduka bakhonze uNkulunkulu?—1 Johane 5:19; IsAmbulo 18:2-4.
12. Kungani kulula ukuba nesimo sengqondo esinjengesikaJona ngabantu esibathola enkonzweni yethu, futhi yini esingayenza ngalokhu?
12 Kuyafaneleka ukulangazelela ukuphela kobubi. (Habakuki 1:2, 3) Nokho, kulula kakhulu ukuba nesimo sengqondo esinjengesikaJona, singabi nandaba nenhlalakahle yabantu abangase baphenduke. Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile uma silokhu sithola abantu abangasinaki, abasiphikisayo, noma abasilwisayo imbala lapho sibahambele emizini yabo ngesigijimi soMbuso. Singase sikhohlwe yilabo uJehova asazobaqoqa abakhiphe kulesi simiso sezinto esibi. (Roma 2:4) Uma ukuzihlola okuqotho kuveza ukuthi sinanenhlansana yesimo sengqondo sikaJona sasekuqaleni ngabaseNineve, singathandazela usizo lokuba sivumelanise umbono wethu nokaJehova.
13. Kungani sithi uJehova uyabakhathalela abantu namuhla?
13 UJehova uyabakhathalela labo abangakamkhonzi, futhi uyazilalela izicelo zabantu bakhe abazinikezele. (Mathewu 10:11) Ngokwesibonelo, uyophendula imithandazo yabo ‘ngokubangela ukuba benzelwe ubulungisa.’ (Luka 18:7, 8) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyofeza zonke izithembiso nezinjongo zakhe ngesikhathi sakhe. (Habakuki 2:3) Lokhu kuyohlanganisa ukususa bonke ububi emhlabeni, njengoba nje abhubhisa iNineve ngemva kokuba izakhamuzi zakhona ziphindele ebubini.—Nahume 3:5-7.
14. Yini okufanele sibe siyenza njengoba silinde usuku olukhulu lukaJehova?
14 Ingabe siyolinda ngesineke, simatasa ekwenzeni intando kaNkulunkulu, kuze kube yilapho lesi simiso sezinto esibi sisuswa osukwini olukhulu lukaJehova? Asiyazi imininingwane mayelana nezinga osazokwenziwa ngalo umsebenzi wokushumayela ngaphambi kokufika kosuku lukaJehova, kodwa siyazi ukuthi izindaba ezinhle zoMbuso zizoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe kuze kwaneliseke uNkulunkulu ngaphambi kokufika kokuphela. Futhi ngokuqinisekile kufanele sizikhathalele “izinto ezifiselekayo” ezisazongeniswa njengoba uJehova eqhubeka egcwalisa indlu yakhe ngenkazimulo.—Hagayi 2:7.
Umbono Wethu Ubonakala Ngezenzo Zethu
15. Yini engakhulisa ukwazisa kwethu umsebenzi wokushumayela?
15 Mhlawumbe sihlala emphakathini ongawamukeli kahle umsebenzi wokushumayela futhi asikho esimweni sokuba singathuthela lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli boMbuso. Ake sithi kunabayishumi abasengatholakala ensimini yethu ngaphambi kokufika kokuphela. Ingabe sinomuzwa wokuthi labo abayishumi bayakufanelekela ukufunwa? UJesu “wafikelwa isihawu” ngezixuku “ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Ngokutadisha iBhayibheli sifunde ngokucophelela izihloko ezikuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, singaluqonda kakhudlwana usizi lwaleli zwe. Lokhu kuyobe sekusenza sisiqonde kakhudlwana isidingo sokushumayela izindaba ezinhle. Ngaphezu kwalokho, ukuzisebenzisa ngokwazisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwa ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’ kuyothuthukisa ikhono lethu lokukholisa abantu ensimini esetshenzwa njalo.—Mathewu 24:45-47; 2 Thimothewu 3:14-17.
16. Singayenza kanjani inkonzo yethu iphumelele kakhudlwana?
16 Ukukhathalela kwethu labo okungenzeka basazosabela esigijimini seBhayibheli esinikeza ukuphila kusishukumisela ukuba sicabange ngezikhathi nezindlela ezihlukahlukene esingaxoxa ngazo nabaninikhaya enkonzweni yethu. Ingabe sithola ukuthi abaningi basuke bengekho emakhaya lapho sibahambele? Uma kunjalo, singase sikwazi ukwenza inkonzo yethu iphumelele kakhudlwana ngokushintshashintsha izikhathi nezindawo zomsebenzi wethu wokushumayela. Abadobi badoba ngezikhathi abangabamba ngazo izinhlanzi. Ingabe nathi singakwenza okufanayo emsebenzini wethu wokudoba okungokomoya? (Marku 1:16-18) Kungani ungazami ukushumayela kusihlwa nokushumayela ngocingo, lapho kusemthethweni khona? Abanye baye bathola ukuthi izindawo zokupaka izimoto, zokupaka amaloli, amarenke amatekisi, amagalaji kaphethiloli, nezitolo ‘ziyizindawo zokudoba’ ezikhiqizayo. Ukuthi sinesimo sengqondo esinjengesika-Abrahama ngabantu kuyabonakala nalapho sisebenzisa amathuba okushumayela ngokwethukela.
17. Iziphi izindlela esingakhuthaza ngazo izithunywa zevangeli nabanye abakhonza kwamanye amazwe?
17 Kusenezigidi ezingakasizwa isigijimi soMbuso. Ngaphezu kokushumayela kwethu, singakubonisa yini ukukhathalela kwethu abantu abanjalo singaphumanga nasekhaya? Zikhona yini izithunywa zevangeli noma izikhonzi zesikhathi esigcwele esizaziyo ezikhonza emazweni aphesheya? Uma zikhona, singase sizibhalele izincwadi ezibonisa ukwazisa kwethu umsebenzi wazo. Kungakubonisa kanjani lokho ukukhathalela abantu? Izincwadi zethu ezikhuthazayo nezitusayo zingaqinisa izithunywa zevangeli ukuba zihlale ezabelweni zazo, kanjalo kusizakale abantu abaningi kakhulu ukuba bazi iqiniso. (AbaHluleli 11:40) Singazithandazela futhi izithunywa zevangeli nalabo abalambele iqiniso kwamanye amazwe. (Efesu 6:18-20) Enye indlela yokubonisa ukubakhathalela iwukunikela ngemali emsebenzini womhlaba wonke woFakazi BakaJehova.—2 Korinte 8:13, 14; 9:6, 7.
Ungakwazi Yini Ukuthutha?
18. Yini amanye amaKristu aye ayenza ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso ezweni ahlala kulo?
18 Labo abaye bathuthela ezindaweni ezinesidingo esikhudlwana sabamemezeli boMbuso baye babusiswa ngenxa yemizamo yabo yokuzidela. Nokho, abanye oFakazi BakaJehova, nakuba besezweni lakubo, baye bafunda olunye ulimi ukuze basize ngokomoya abantu abavela kwamanye amazwe. Imizamo enjalo iye yaletha imivuzo ngempela. Ngokwesibonelo, oFakazi abangu-7 ababesiza abantu abangamaShayina edolobheni eliseTexas, e-U.S.A., bamukela abantu abangu-114 emkhosini weSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngo-2001. Labo abasiza amaqembu anjalo baye bathola amasimu abo elungele ukuvunwa.—Mathewu 9:37, 38.
19. Kutuswa ukuba wenzeni uma ucabanga ukuthuthela kwelinye izwe ukuze uyothuthukisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso khona?
19 Mhlawumbe wena nomkhaya wakho ninomuzwa wokuthi ningakwazi ukuthuthela endaweni enesidingo esikhudlwana sabashumayeli boMbuso. Yebo, kuwukuhlakanipha ukuqale ‘nihlale phansi nibale izindleko.’ (Luka 14:28) Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile lapho umuntu ecabanga ukuthuthela kwelinye izwe. Noma ubani ocabanga lokho kungaba kuhle azibuze imibuzo enjengalena: ‘Ngiyokwazi yini ukondla umkhaya wami? Ngingayithola yini i-visa efanele? Ingabe sengiyalwazi kakade ulimi lwakulelo zwe, noma ingabe ngizimisele ukulufunda? Ngicabangile yini ngesimo sezulu nesiko-mpilo lakhona? Ngingaba ngempela yini “usizo oluqinisayo” kwengikholwa nabo kulelo zwe, ngingabi umthwalo kubo?’ (Kolose 4:10, 11) Ukuze uthole ukuthi singakanani isidingo ezweni ocabanga ukuthuthela kulo, kuyafaneleka njalo ukubhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elengamele umsebenzi wokushumayela kuleyo ndawo.a
20. UmKristu othile osemusha uye wazidela kanjani ukuze kuzuze akholwa nabo kanye nabanye kwelinye izwe?
20 Omunye umKristu owayesemsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso eJapane wathola ukuthi kunesidingo sezisebenzi ezinamakhono ekwakhiweni kwendawo yokukhulekela eParaguay. Njengoba ayengashadile futhi enamandla obusha, wathuthela kulelo zwe wafike wasebenza izinyanga ezingu-8 kunguye yedwa isisebenzi sesikhathi esigcwele kuleso sakhiwo. Elapho, wafunda iSipanishi waqhuba nezifundo zeBhayibheli zasekhaya. Wasibona isidingo sabamemezeli boMbuso kulelo zwe. Nakuba aphindela eJapane, ngokushesha wabuyela eParaguay eyosiza ekubutheni abantu bangene kulo lelo Hholo LoMbuso.
21. Yini okufanele siyikhathalele ngokuyinhloko njengoba silinde usuku olukhulu lukaJehova, futhi umbono wethu kufanele ube njani?
21 UNkulunkulu uyoqiniseka ukuthi umsebenzi wokushumayela wenziwa ngokugcwele, ngokuvumelana nentando yakhe. Namuhla, usheshisa ukuvuna kokugcina okungokomoya. (Isaya 60:22) Ngakho-ke, njengoba silinde usuku lukaJehova masihlanganyele ngentshiseko emsebenzini wokuvuna futhi sibheke abantu ngendlela uNkulunkulu wethu onothando ababheka ngayo.
[Umbhalo waphansi]
a Akusizi njalo ukuba uthuthele ezweni lapho umsebenzi wokushumayela uvinjelwe noma ubekelwe imingcele khona. Ukwenza kanjalo kungase kubalimaze nokubalimaza abamemezeli boMbuso abasebenza ngomshoshaphansi ezimweni ezinjalo.
Uyakhumbula?
• Njengoba silinde usuku lukaJehova, kufanele sibabheke kanjani abantu?
• U-Abrahama wayebabheka kanjani abantu abalungile okungenzeka babehlala eSodoma?
• UJona wababheka kanjani abantu baseNineve ababephendukile?
• Singabonisa kanjani ukuthi nathi sinombono kaJehova ngabantu abangakazizwa izindaba ezinhle?
[Isithombe ekhasini 16]
U-Abrahama wayebheka abantu ngendlela uJehova ababheka ngayo
[Isithombe ekhasini 17]
UJona wagcina esenombono kaJehova ngabaseNineve ababephendukile
[Izithombe ekhasini 18]
Ukukhathalela abantu kusishukumisela ukuba sicabange ngezikhathi nezindlela ezihlukahlukene zokushumayela izindaba ezinhle