“Yilwa Ukulwa Okuhle Kokholo”
UCABANGA ukuthi likhona isosha ebelingeke lijabule lapho ngesikhathi sempi liyalwa: “Kumelwe ubuyele ekhaya, ube nomkakho nomkhaya wakho”?
Isosha elithile esikhathini senkosi yakwa-Israyeli uDavide lathola isiqondiso esinjalo. U-Uriya, umHeti, wabizwa inkosi uqobo yamkhuthaza ukuba abuyele ekhaya. Nokho, u-Uriya wenqaba ukuya kwakhe. Lapho ebuzwa ngesenzo sakhe esingavamile, u-Uriya waphendula wathi umphongolo wesivumelwano, omelela ukuba khona kukaNkulunkulu, wawusempini kanye namabutho akwa-Israyeli. Wabe esebuza: “Mina-ke—ingabe kufanele ngingene endlini yami ngidle ngiphuze futhi ngilale nomkami?” U-Uriya wayengenakulokotha enze lokho ngesikhathi esibucayi kanje.—2 Samuweli 11:8-11.
Lesi senzo sika-Uriya siphakamisa imibuzo ebalulekile, ngoba nathi siphila esikhathini sempi. Le mpi ishisa ngaphezu kwanoma iyiphi eyake yalwiwa izizwe zomhlaba. Uma kuqhathaniswa, le mpi yenza zombili izimpi zezwe zibe ubala, futhi nawe uhilelekile kuyo. Amathuba okulimala maningi, isitha sishayisa uvalo. Akuqhumi zibhamu namabhomu, kodwa indlela yokulwa ishubile.
Ngaphambi kokuba uyolwa kule mpi, kumelwe wazi ukuthi kulungile yini lokho okulwelayo nokuthi ulwelani. Ozokuzuza ngokulwa kuwufanele yini umzamo? Injongo yale mpi engavamile icaciswa umphostoli uPawulu encwadini yakhe eya kuThimothewu: “Yilwa ukulwa okuhle kokholo.” Yebo, kule mpi kumelwe uvikele “ukholo”—okuyiwo wonke amaqiniso obuKristu njengoba embulwe eBhayibhelini—hhayi inqaba ethile. Ngokusobala, kumelwe ulwamukele ngokugcwele lolu “kholo” ukuze ululwele futhi unqobe.—1 Thimothewu 6:12.
Isosha elihlakaniphile lizama ngazo zonke izindlela ukwazi isitha salo. Kule mpi, isitha singumakad’ ebona emaswini empi, sinamandla amakhulu nezikhali eziningi. Sibuye sibe namandla angaphezu kwawomuntu. Sinolaka, sinobudlova futhi sonakele; leso sitha singuSathane. (1 Petru 5:8) Kulesi sitha, izikhali zangempela kanye nobuqili nokukhohlisa komuntu kuwumoya nje. (2 Korinte 10:4) Yini ongayisebenzisa ukuze ulwe le mpi?
Isikhali esiyinhloko ‘inkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu.’ (Efesu 6:17) Umphostoli uPawulu ubonisa indlela esisebenza kahle ngayo: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Hebheru 4:12) Isikhali esibukhali nesinemba kanjalo, size sifinyelele imicabango nezinhloso zomuntu, kumelwe sisetshenziswe ngobuciko nangokucophelela ngempela.
Cishe uyazi ukuthi ibutho lingaba nezikhali eziphambili kakhulu, kodwa uma amasosha engenawo amakhono okuzisebenzisa, lezo zikhali zifana nezingekho. Ngokufanayo, nawe udinga ukufundiswa ukuze usebenzise inkemba yakho ngokuphumelelayo. Kuyajabulisa ukuthi kunamasosha angomakad’ ebona angakuqeqesha. UJesu wabiza la masosha angabaqeqeshi ngokuthi “inceku ethembekileyo neqondayo,” ephathiswe umthwalo wokulungiselela abalandeli bakhe ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele, noma wokubafundisa. (Mathewu 24:45) Lesi sigaba senceku ungasibona ngokufundisa kwaso ngenkuthalo nangokuxwayisa ngamaqhinga esitha kusenesikhathi. Ubufakazi bukhomba ukuthi amalungu agcotshwe ngomoya ebandla lobuKristu loFakazi BakaJehova akha lesi sigaba.—IsAmbulo 14:1.
Lesi sigaba senceku asigcinanga nje ngokufundisa kuphela. Siye sabonisa umoya womphostoli uPawulu, owabhalela ibandla laseThesalonika: “Saba mnene kini, njengalapho umdlezane enakekela abantwana bakhe ngozwela. Kanjalo, njengoba sasinothando lomzwelo ngani, sakujabulela kakhulu ukungadluliseli kini nje kuphela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa futhi nemiphefumulo yethu uqobo, ngoba nathandeka kithi.” (1 Thesalonika 2:7, 8) Kusemahlombe omKristu ngamunye ukusebenzisa ukuqeqeshwa kothando esikutholayo.
Isembatho Sempi Esiphelele
Kukhona isembatho sempi esiphelele esingokomfanekiso esingakuvikela. Uhlu lwezinto ezakha lesi sembatho ungaluthola kweyabase-Efesu 6:13-18. Isosha eliqaphile ngeke liphume liye empini uma kukhona okuthile esembathweni salo esingokomoya okungekho noma okudinga ukulungiswa.
UmKristu uzidinga zonke izingxenye zesembatho sempi sokuzivikela, kodwa ewusizo ngokukhethekile isihlangu esikhulu sokholo. Yingakho uPawulu abhala: “Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.”—Efesu 6:16.
Isihlangu esikhulu, esingavikela wonke umzimba, simelela imfanelo yokholo. Kumelwe ube nokholo oluqinile esiqondisweni sikaJehova, wamukele ngaphandle kokunqikaza ukuthi zonke izithembiso zakhe ziyogcwaliseka. Kufanele kube njengokungathi lezo zithembiso sezigcwalisekile kakade. Ungangabazi nakancane ukuthi sonke isimiso sezwe likaSathane sizobhujiswa maduze, ukuthi umhlaba uzolungiswa ube ipharadesi, nokuthi abantu abaqotho kuNkulunkulu bazobuyiselwa ekupheleleni.—Isaya 33:24; 35:1, 2; IsAmbulo 19:17-21.
Nokho, kule mpi engaphezu kwevamile, udinga okwengeziwe—udinga umngane. Ngesikhathi sempi, kwakhiwa izibopho eziqinile zobungane njengoba amasosha ekhuthazana futhi evikelana, ngezinye izikhathi aze ophulane nasekufeni. Nakuba abanye abangane bengaba usizo, ukuze usinde kule mpi udinga ubungane bukaJehova uqobo. Yingakho uPawulu ephetha uhlu lwakhe lwesembatho sempi ngala mazwi: “Kuyilapho niqhubeka nithandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke.”—Efesu 6:18.
Siyakujabulela ukuba kanye nomngane oseduze. Senza imizamo yokuchitha isikhathi naye. Ngokuxoxa noJehova njalo ngomthandazo, uba ngokoqobo kithi, njengomngane esingamethemba. Umfundi uJakobe uyasikhuthaza: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.
Amaqhinga Esitha
Ngezinye izikhathi, ukuphila kuleli zwe kungafana nokuhamba esigangeni esigqitshwe amabhomu. Ungahlaselwa noma kuphi, futhi isitha sizama ukugalela ungaqaphile. Nokho, qiniseka ukuthi uJehova ukunikeze zonke izivikelo ozidingayo.—1 Korinte 10:13.
Isitha singase sizame ukugalela ngokugxeka amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo okholweni lwakho. Izihlubuki zingase zilalise ulimi, zithophe ngokukhohlisa futhi zisho izinto ezisontekile zizama ukukuketula. Kodwa isihlubuki asiyikhathaleli inhlalakahle yakho. IzAga 11:9 zithi: “Ngomlomo wakhe, oyisihlubuki uchitha umuntu wakubo, kodwa abalungile bophulwa ulwazi.”
Kungaba iphutha ukucabanga ukuthi kudingeka uzilalele izihlubuki noma ufunde izincwadi zazo ukuze ukwazi ukuphikisa lokho ezikushoyo. Izimfundiso zazo ezisontekile nezinobuthi zingakulimaza ngokomoya zonakalise nokholo lwakho njengesilonda esibhibha sibhibhile. (2 Thimothewu 2:16, 17) Kunalokho, lingisa indlela uJehova aziphatha ngayo izihlubuki. UJobe wathi ngoJehova: “Akukho sihlubuki esiyongena sime phambi kwakhe.”—Jobe 13:16.
Isitha singase sizame iqhinga elihlukile, iqhinga eliye laphumelela ngezinga elithile. Uma ibutho elimashayo lingayengwa ukuba liphume emgqeni ukuze liphishekele inkambo yokungazithibi neyokuziphatha okubi, lokho kungabanga isiyaluyalu.
Ezokuzijabulisa zezwe, njengamabhayisikobho nezinhlelo zethelevishini ezibonisa ukuziphatha okubi, nomculo onobudlwangudlwangu konke kuwukudla kwesife okusebenzayo. Abanye bathi bangabukela izigcawu zokuziphatha okubi noma bafunde izincwadi ezikhuluma ngokuziphatha okubi kodwa bangathonyeki. Kodwa othile owayevame ukubukela amabhayisikobho abonisa ubulili obuyingcaca wavuma ngobuqotho: “Awuzikhohlwa neze lezo zigcawu, lapho ucabanga ngazo ngokwengeziwe, kulapho uzithola khona ngokwengeziwe ufuna ukwenza okubonile . . . Ibhayisikobho ikwenza ucabange ukuthi kukhona okukuphuthelayo.” Sikhona yini isidingo sokuzifaka engozini yokulimala kulokhu kuhlasela okucashile?
Esinye isikhali isitha esinaso emgodleni ihuha lezinto ezibonakalayo. Kungaba nzima ukubona ingozi yazo ngoba sonke sinezidingo zenyama. Sidinga ikhaya, ukudla nezingubo zokugqoka, futhi akukho okubi ngokuba nezinto ezinhle. Ingozi iba sendleleni umuntu azibheka ngayo. Imali ingase ibaluleke kakhulu ukudlula izinto ezingokomoya. Singase sibe abathandi bemali. Kuhle ukuzikhumbuza ukuthi ingcebo inokulinganiselwa. Ihlala isikhashana, kanti ingcebo engokomoya ihlala phakade.—Mathewu 6:19, 20.
Uma ibutho lingenalo ugqozi, amathuba okuba linqobe ayancipha. “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” (IzAga 24:10) Ukudumazeka isikhali uSathane asisebenzise waphumelela. Ukufaka “nethemba lensindiso njengesigqoko sokuzivikela” kuyokusiza ukuba silwe nokudumazeka. (1 Thesalonika 5:8) Zama ukugcina ithemba lakho liqine njengelika-Abrahama. Lapho kuthiwa makanikele ngendodana yakhe ewukuphela kwayo, u-Isaka, njengomhlatshelo, u-Abrahama akazange anqikaze. Wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayeyosifeza isithembiso saKhe sokubusisa zonke izizwe ngenzalo yakhe, nokuthi uNkulunkulu wayengamvusa u-Isaka ekufeni uma kudingekile ukuze kugcwaliseke leso sithembiso.—Hebheru 11:17-19.
Ungayiyeki Le Mpi
Kungenzeka ukuthi abathile abaye balwa ngesibindi isikhathi eside sebeyakhathala manje, futhi ngenxa yalokho abasaqaphile kangako. Isibonelo sika-Uriya, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, singasiza bonke abakule mpi ukuba bahlale benombono ofanele. Amasosha amaningi angamaKristu esikanye nawo abekezelela ukuntula izinto eziyisisekelo, achayeke ezingozini, noma awanakho ukudla nendawo yokufihla ikhanda. Njengo-Uriya, asifuni ukucabanga ngokunethezeka esingakujabulela manje, noma sivumele isifiso sokuphila ngokutamasa. Sifuna ukuhlala sikanye nebutho likaJehova lomhlaba wonke lamasosha aqotho, futhi sifuna ukuqhubeka silwa kuze kube yilapho sijabulela izibusiso ezimangalisayo esibekelwe zona.—Hebheru 10:32-34.
Kungaba ingozi ukuzithela ngabandayo, mhlawumbe sicabange ukuthi kusekude kakhulu ukuhlasela kokugcina. Isibonelo seNkosi uDavide sigcizelela ingozi engaba khona. Ngasizathu simbe, uDavide wayengekho kanye namasosha akhe empini. Ngenxa yalokho, uDavide wenza isono esibi kakhulu esambangela usizi nobuhlungu ukuphila kwakhe konke.—2 Samuweli 12:10-14.
Kuwufanele yini umzamo ukulwa le mpi, ubhekane nokuba manzonzo kwesimo sempi, ubekezelele ukuhlekwa, futhi udele izinjabulo zezwe ezingabazekayo? Labo abalwa le mpi ngokuphumelelayo bayavuma ukuthi lokho izwe elingakunika kona kukhanga njengoqhakaza, kodwa uma ukubukisisa eduze, kuyize. (Filipi 3:8) Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile lezo zinjabulo zigcina zibangele ubuhlungu nokudumala.
Kule mpi, umKristu ujabulela ubungane obuseduze nabangane beqiniso, unembeza ohlanzekile, nethemba elimangalisayo. AmaKristu agcotshwe ngomoya abheke phambili ekuphileni kwasezulwini engasafi noKristu Jesu. (1 Korinte 15:54) Iningi lamasosha angamaKristu linethemba lokuphila ukuphila kobuntu okuphelele epharadesi emhlabeni. Ngokuqinisekile, lezi zinzuzo zikufanele ukuzidela. Futhi ngokungafani nezimpi zezwe, ukuphumelela kule mpi kuqinisekile, uma nje sihlala sithembekile. (Hebheru 11:1) Nokho, isigcino salesi simiso esilawulwa uSathane ukubhujiswa ngokuphelele.—2 Petru 3:10.
Njengoba ulwa kule mpi, khumbula amazwi kaJesu: “Yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Wanqoba ngokuhlala eqaphile nangokugcina ubuqotho lapho evivinywa. Nathi singenza okufanayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
Akuqhumi zibhamu namabhomu, kodwa indlela yokulwa ishubile
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]
Ukuphumelela kule mpi kuqinisekile, uma nje sihlala sithembekile
[Isithombe ekhasini 26]
Isigqoko sokuzivikela sensindiso siyosisiza ukuba silwe nokudumazeka
Sebenzisa isihlangu esikhulu sokholo, ukuze uphebeze “imicibisholo evuthayo” kaSathane
[Isithombe ekhasini 28]
“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini”
[Isithombe ekhasini 29]
Kufanele sibe nokholo ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaNkulunkulu