Ingabe Uyakhumbula?
Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Manje, ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:
• Yini umKristu angayenza lapho ekhathala ngokomzwelo nangokomoya?
Kudingeka sithole ukuthi yini esenza sikhathale. Kungase kusize ukuhlola imikhuba nezinto esinazo, sisuse konke okusindayo okungadingekile. Singazibekela imigomo efinyelelekayo kuye ngezimo zethu. Ukunakekela impilo yethu engokomoya kubalulekile futhi kufanele kuhlanganise ukuthandaza nokuzindla njalo.—8/15, amakhasi 23-6.
• Kungani oFakazi BakaJehova belithatha njengoba linjalo inani elingu-144 000?
Ngemva kokuba umphostoli uJohane etshelwe nge-144 000, wabona “isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala.” (IsAmbulo 7:4, 9) Ukube inani elingu-144 000 belingokomfanekiso, umehluko ubungeke ucace. UJesu wabiza labo abayobusa kanye naye ngokuthi ‘bawumhlambi omncane.’ (Luka 12:32)—9/1, ikhasi 30.
• Kungani umIsrayeli ayengathengisela umfokazi isilwane esifile esingophiswanga?
Umfokazi noma umuntu wakwesinye isizwe owayengazange abe umproselithe wayengekho ngaphansi koMthetho. Ngakho, umIsrayeli wayevunyelwe ukumupha noma ukumthengisela isilwane esinjalo. (Duteronomi 14:21) Kodwa umproselithe yena wayeboshwa uMthetho futhi wayengenakuyidla inyama engophiswanga yesilwane esinjalo. (Levitikusi 17:10)—9/15, ikhasi 26.
• Iyini i-biomimetics, futhi kungani ingase iwathakazelise amaKristu?
Iwumkhakha wesayensi ozama ukulingisa imiklamo yendalo. Ngokwesibonelo, izelamani zakwaWright zaklama indiza ngemva kokutadisha izinyoni ezinkulu zindiza. Ngakho, i-biomimetics ingashukumisela umKristu ukuba akhazimulise uMdali.—10/1, ikhasi 9.
• Ubani lona kweyesi-2 Korinte 12:2-4 okuthiwa wathathwa wayiswa epharadesi?
Leyo ndima ingemva nje kwamavesi uPawulu avikela kuwo ukufaneleka kwakhe njengomphostoli. Njengoba iBhayibheli lingakhulumi ngomunye umuntu okwenzeka into enjalo kuye, futhi njengoba kunguPawulu osixoxela lokhu, cishe nguye uPawulu owaba nalo mbono.—10/15, ikhasi 8.
• Iziphi ezinye izici zikaJesu ezimenza afanelekele ukukhonza njengoMholi okhethwe uNkulunkulu?
UJesu wagcina ubuqotho obuphelele, ethembekile futhi ukuziphatha kwakhe kuqotho. Wayezinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. UJesu wayebakhathalela ngokujulile abantu futhi wayezimisele ukusebenza.—11/1, amakhasi 6-7.
• Ayobe ekuphi amademoni phakathi neMinyaka Eyinkulungwane?
Singaphetha ngokunengqondo ngokuthi phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, ayobe efakwe kwalasha kanye noSathane. (IsAmbulo 20:1-3) UGenesise 3:15 wabikezela ngokulinyazwa kwenyoka ekhanda, okuhlanganisa ukufakwa kukaSathane kwalasha phakathi neMinyaka Eyinkulungwane. Inzalo kaSathane ihlanganisa izingelozi ezimbi, noma amademoni. Ukwesaba kwawo ukufakwa kwalasha kubonisa ukuthi ayazi ukuthi kuzofika isikhathi lapho ezobekelwa khona imingcele. (Luka 8:31)—11/15, amakhasi 30-1.
• Kungani kufanele umuntu aqaphele lapho ephuza iziphuzo ezidakayo, ngisho noma egwema ukufika eqophelweni lapho ebonakala khona ukuthi udakiwe?
Abanye abantu ababonakali ukuthi badakiwe ngisho sebephuze izingilazi eziningi zotshwala. Nokho, kancane kancane, umuntu angagcina engasakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala, abe ‘yisigqila sewayini eliningi.’ (Thithu 2:3) UJesu waxwayisa ‘ngokusindwa ukuminza nokuphuza kakhulu.’ (Luka 21:34, 35) Akudingekile ukuba umuntu aze adakwe ngaphambi kokuba ozele futhi avilaphe—ngokoqobo nangokomoya.—12/1, amakhasi 19-21.