“Usizo Lwami Luvela KuJehova”
Lapho Ukuguga Kuba “Umqhele Wobuhle”
UMURIEL oneminyaka engu-101 ubudala wathi: “Kuwukuphila okungcono kakhulu.” UTheodoros oneminyaka engu-70 ubudala yena wathi: “Kuyilungelo ngempela!” “Ukuphila kwami ngikuphile ngendlela engcono kakhulu,” kusho uMaria oneminyaka engu-73 ubudala. Bonke laba baye basebenzisa ukuphila kwabo konke bekhonza uJehova uNkulunkulu.
Laba bantu asebekhulile bafana nabakhulekeli bakaJehova abaningi abakhuthele emhlabeni wonke. Naphezu kokuguga, izinkinga zempilo, nezinye izimo ezinzima, basakhonza uNkulunkulu ngomphefumulo wonke. Ebandleni lobuKristu, abantu abathembekile abakhulile njengalaba bayizibonelo ezihlonishwayo zokuzinikela kuNkulunkulu. UJehova uyazisa kakhulu inkonzo yasebekhulile, nakuba izimo zabo zingase zibenze bangakwazi ukwenza abafisa ukukwenza.a—2 Korinte 8:12.
Incwadi yamaHubo inamazwi ayiqiniso ngezinga lokuphila asebekhulile abathembekile abangalindela ukuba nalo. Bangafana nomuthi omdala oyisizemazema ohlala uthela. Ngokuqondene nasebekhulile abathembekile, umhubi wahlabelela: “Basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni, bayohlala bekhuluphele bencwaba.”—IHubo 92:14.
Abanye bangase besabe ukuthi bayoshiywa dengwane futhi banganakwa lapho sebegugile bengasenawo amandla. UDavide wancenga uNkulunkulu: “Ungangilahli esikhathini sokuguga; ungangishiyi lapho nje amandla ami ephela.” (IHubo 71:9) Yini eyenza umuntu achume lapho esegugile, angantengantengi? Ukubonisa kwakhe imfanelo kaNkulunkulu yokulunga. Umhubi wahlabelela: “Olungileyo uyoqhakaza njengomuthi wesundu.”—IHubo 92:12.
Labo abaye benza ukuphila kwabo kwaba matasa ngenkonzo yokwethembeka kuNkulunkulu bavame ukuqhubeka bethela izithelo ezinhle nalapho sebekhulile. Empeleni, izinto eziningi abazenze ekuphileni kwabo ukuze bazisize bona noma basize abanye ziba nemiphumela emihle, njengembewu ehluma futhi ikhule ibe umuthi othela kakhulu. (Galathiya 6:7-10; Kolose 1:10) Yebo, abantu abaye badlala ngokuphila kwabo bephishekela izinto ezizuzisa bona kuphela ezenza bangazinaki izindlela zikaNkulunkulu bavame ukungabi nokutheni okuyigugu lapho sebegugile.
Ukuba kokulunga ngumqhele wokuguga kuyagcizelelwa nasencwadini yeBhayibheli yezAga. Lapho sifunda lokhu: “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31) Yebo, ukulunga kubonisa ubuhle bangaphakathi. Ukuphishekela inkambo yokulunga isikhathi eside umuntu ephila kumenza ahlonishwe. (Levitikusi 19:32) Lapho ubumpunga buhambisana nokuhlakanipha nobuhle, lowo muntu uyahlonishwa.—Jobe 12:12.
UJehova uyajabula ukubona umuntu echitha ukuphila kwakhe enza okulungile enkonzweni yaKhe. ImiBhalo ithi: “Ngisho nasekugugeni komuntu [mina Jehova] ngingofanayo; nasebumpungeni bakhe mina ngiyoqhubeka ngiphasile. Ngokuqinisekile ngizothatha isinyathelo, ukuba mina ngokwami ngithwale, ngiphase futhi ngenze indlela yokuphunyuka.” (Isaya 46:4) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uBaba wethu osezulwini onothando uthembisa ukubagcina nokubasekela abantu bakhe abaqotho lapho sebegugile!—IHubo 48:14.
Njengoba emuhle kuJehova umuntu ochithe ukuphila kwakhe ethembekile enkonzweni, akufanele yini nabanye abantu bamhloniphe? Nathi siyabazisa abakhulekeli esikanye nabo abakhulile lapho silingisa umbono kaNkulunkulu,. (1 Thimothewu 5:1, 2) Ngakho masifune izindlela ezingokoqobo zokubonisa uthando lobuKristu ngokunakekela izidingo zasebekhulile.
Ukungena Endleleni Yokulunga Ekugugeni
USolomoni uyasiqinisekisa: “Endleleni yokulunga kukhona ukuphila.” (IzAga 12:28) Ukuguga akumvimbeli umuntu ukuqala ukuhamba kule ndlela. Ngokwesibonelo, eMoldova, ikhehla elineminyaka engu-99 ubudala lalinikele ngobusha balo likhuthaza ubuKhomanisi. Laliziqhenya ngokuthi lalike lakhuluma umlomo nomlomo nabaholi bamaKhomanisi abadumile, abafana no-V. I. Lenin. Nokho, lapho ubuKhomanisi bufadalala futhi buphela, leli khehla lalahlekelwa injongo ekuphileni langazi ukuthi lizokwenzani. Kodwa lapho oFakazi BakaJehova belibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwesixazululo sangempela sezinkinga zesintu, lalamukela ngenhliziyo yonke iqiniso leBhayibheli futhi laba umfundi okhuthele wemiBhalo. Ukufa kuphela okwalivimbela ukuba inceku kaJehova ebhapathiziwe.
Lapho isalukazi saseHungary esineminyaka engu-81 ubudala sifunda ngezindinganiso zokuziphatha zikaNkulunkulu, sabona ukuthi kwakufanele sishade nekhehla esase sihlale nalo iminyaka eminingana. Lona wesifazane waqunga isibindi futhi wachazela indoda ayehlala nayo umbono wakhe osekelwe eBhayibhelini. Wamangala futhi wajabula kakhulu lona wesifazane lapho le ndoda ivuma ukumshada. Lapho ubuhlobo babo sebusemthethweni, wathuthuka ngokushesha ngokomoya. Ezinyangeni ezingu-8 eqale ukufundelwa waba ummemezeli ongabhapathiziwe, futhi wabhapathizwa ngokushesha ngemva kwalokho. Yeka ukuthi kuyiqiniso kanjani ukuthi ukulunga kunganika abakhulile umqhele wobuhle bangempela!
Yebo, amaKristu asekhulile athembekile angaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu unesithakazelo kuwo. UJehova ngeke abashiye labo abahlala bethembekile kuye. Kunalokho, uthembisa ukubaqondisa, abasekele futhi abagcine nasekugugeni kwabo. Futhi bafakazela amazwi omhubi: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2005, January/February.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.”—IZAGA 16:31
[Ibhokisi ekhasini 8]
UJEHOVA UYAZIKHATHALELA IZINCEKU ZAKHE EZIKHULILE
“Kufanele usukume phambi kwempunga, ubonise ukucabangela ixhegu.”—Levitikusi 19:32.
“Ngisho nasekugugeni komuntu ngingofanayo; nasebumpungeni bakhe mina ngiyoqhubeka ngiphasile.”—Isaya 46:4.