Imibuzo Evela Kubafundi
USamsoni waqhubeka kanjani engumNaziri nangemva kokuthinta izidumbu zabantu ayebabulele?
Kwa-Israyeli wasendulo, umuntu wayengenza isifungo ngokuzithandela futhi abe umNaziri isikhathi esithile.a Omunye wemithetho okwakufanele umuntu owenze lesi sifungo awugcine wawuthi: “Zonke izinsuku zokuzigcina ehlukaniselwe uJehova akanakusondela kunoma yimuphi umphefumulo ofile. Akanakuzingcolisa ngisho nangenxa kayise noma unina noma umfowabo noma udadewabo lapho befa.” Kwakuthiwani lapho othile ‘efa ngokuzuma okukhulu eceleni kwakhe’? Ukusithinta kwakhe ngephutha isidumbu kwakuyongcolisa ubuNaziri bakhe. Ngakho kwathiwa: “Izinsuku zangaphambili ngeke zibalwe.” Kwakuyodingeka azihlanze futhi akuqale phansi ukuba umNaziri.—Numeri 6:6-12.
Nokho, uSamsoni wayengumNaziri ngomqondo ohlukile. Ngaphambi kokuzalwa kukaSamsoni, ingelosi kaJehova yatshela unina: “Bheka! uzokhulelwa, ngokuqinisekile uzozala indodana, futhi akukho nsingo okufanele ithinte ikhanda layo, ngoba lo mntwana uyoba umNaziri kaNkulunkulu lapho ephuma esiswini; nguye oyohola ekusindiseni u-Israyeli esandleni samaFilisti.” (AbaHluleli 13:5) USamsoni akasenzanga isifungo sobuNaziri. Wamiswa uNkulunkulu njengomNaziri, futhi wayezoba umNaziri ukuphila kwakhe konke. Umthetho onqabela ukuthinta isidumbu wawungenakusebenza kuye. Ukube wawusebenza abese ethinta isidumbu ngephutha, wayengabuqala kanjani phansi ubuNaziri obaqala ekuzalweni kwakhe? Ngakho kusobala ukuthi izimfuneko zobuNaziri bokuphila konke zazingafani ngezindlela ezithile nezimfuneko zobuNaziri bokuzithandela.
Cabanga ngemiyalo uJehova ayinika abantu abathathu ababa amaNaziri ukuphila kwabo konke, okukhulunywa ngabo eBhayibhelini—uSamsoni, uSamuweli, uJohane uMbhapathizi. Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, kwakudingeka uSamsoni angazigundi izinwele zekhanda lakhe. UHana wenza lesi sifungo ngoSamuweli—umntwana ayesazomkhulelwa: ‘Ngizomnika uJehova zonke izinsuku zokuphila kwakhe, akukho nsingo eyothinta ikhanda lakhe.’ (1 Samuweli 1:11) Endabeni kaJohane uMbhapathizi, ingelosi kaJehova yathi: ‘Akumelwe neze aphuze iwayini nesiphuzo esinamandla.’ (Luke 1:15) Futhi “uJohane [wayegqoka] izembatho zoboya bekamela nebhande lesikhumba okhalweni; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi noju lwezinyosi zasendle.” (Mathewu 3:4) Bobathathu laba bantu babengayalwanga ukuba bangasondeli emphefumulweni ofile.
Nakuba ayengumNaziri, uSamsoni wayephakathi kwabahluleli uJehova abavusa ukuze basindise u-Israyeli esandleni sababemgcugca. (AbaHluleli 2:16) Futhi wayethinta izidumbu lapho efeza lesi sabelo. Ngesinye isikhathi, uSamsoni wabulala amaFilisti angu-30 futhi wawahlubula izingubo. Kamuva, wabulala isitha, “enqwabelanisa imilenze phezu kwamathanga ngokuceka okukhulu.” Wathatha nethambo elimanzi lomhlathi wembongolo wabulala ngalo amadoda ayinkulungwane. (AbaHluleli 14:19; 15:8, 15) USamsoni wakwenza konke lokhu evunyelwa futhi esekelwa uJehova. ImiBhalo ikhuluma ngaye njengendoda enokholo oluyisibonelo.—Hebheru 11:32; 12:1.
Ingabe inkulumo ethi uSamsoni wadwengula ingonyama “njengalapho umuntu edwengula izinyane leduna” isikisela ukuthi ukudwengula amazinyane kwakuwumkhuba ovamile osukwini lwakhe?
Abukho ubufakazi obuthi ngesikhathi sabaHluleli bakwa-Israyeli, abantu babenomkhuba wokudwengula amazinyane. Incwadi yabaHluleli 14:6 ithi: “Umoya kaJehova wasebenza [kuSamsoni], walidwengula [ibhongo lengonyama elinomhlwenga], njengalapho umuntu edwengula izinyane leduna, wayengaphethe lutho nhlobo ngesandla sakhe.” Cishe le nkulumo iyisifaniso.
Inkulumo ethi “walidwengula” ingaba nezincazelo ezimbili. Ingasho ukuthi uSamsoni wahlukanisa imihlathi yengonyama noma wakhumula amalungu ayo omzimba ngandlela-thile. Uma kuyincazelo yokuqala okuyiyonayona, khona-ke kuyinto umuntu angayenza leyo ezinyaneni lembuzi. Kulokhu, lesi sifaniso sibonisa ukuthi kwakulula ngoSamsoni ukubulala ingonyama ngezandla njengoba kwakungaba lula ukube leyo ngonyama yayiyizinyane leduna. Nokho, kuthiwani-ke uma uSamsoni abulala ingonyama ngokuyikhumula ilungu ngalinye? Khona-ke leyo nkulumo kumelwe ithathwe njengesifaniso. Iphuzu elitholakala kulesi sifaniso lingaba ukuthi umoya kaJehova wanika uSamsoni amandla okwenza imisebenzi eyayidinga amandla angaphezu kwavamile. Kunoma ikuphi, isifaniso esitholakala encwadini yabaHluleli 14:6 sibonisa ukuthi ngosizo lukaJehova, ingonyama enamandla yavele yabonakala ingenamandla kuSamsoni njengoba nje izinyane leduna linamandla amancane uma eqhathaniswa nawomuntu ovamile.
[Umbhalo waphansi]
a Kwakushiyelwa kumuntu owenza isifungo ukuthi ufuna ukuba ngumNaziri isikhathi esingakanani. Kodwa ngokwesiko lamaJuda, ubude baleso sifungo babuyizinsuku okungenani ezingu-30. Kwakucatshangwa ukuthi ukwenza leso sifungo izinsuku ezingaphansi kwezingu-30 kwakungasenza sithathwe kalula.