Izimangaliso—Ziyiqiniso Noma Ziyindaba Eqanjiwe?
INDODA ethile yakhangwa umbhalo owawusemotweni edlulayo othi, “Izimangaliso Ziyenzeka—Mane Ubuze Izingelosi.” Nakuba le ndoda yayiyithanda inkolo, yayingaqiniseki ukuthi kusho ukuthini lokhu. Ingabe lo mbhalo wawusho ukuthi umshayeli wale moto uyakholelwa ukuthi izimangaliso ziyenzeka? Noma, mhlawumbe wayentela nje, engakholelwa nhlobo ezimangalisweni nasezingelosini?
Kungase kukuthakazelise okwashiwo umlobi ongumJalimane uManfred Barthel: “Igama elithi izimangaliso igama elivele lihlukanise abafundi babe amaqembu amabili anemibono ephikisanayo.” Labo abakholelwa ukuthi izimangaliso ziyenzeka bayaqiniseka ukuthi ziyenzeka nokuthi mhlawumbe zenzeka njalo.a Ngokwesibonelo, eGreece, kubikwa ukuthi kule minyaka embalwa edlule amakholwa aye athi kwenzeka izimangaliso cishe kanye ngenyanga. Lokhu kwénza umbhishobhi weSonto LamaGreki Lobu-Orthodox waxwayisa: “Umuntu oyikholwa uthambekele ekubhekeni uNkulunkulu, uMariya, nosanta njengokungathi bangabantu benyama. Akufanele amakholwa abe nehaba.”
Kwamanye amazwe akwandile kangako ukukholelwa ukuthi izimangaliso ziyenzeka. Ngokwenhlolo-vo eyenziwa e-Allensbach eyanyatheliswa eJalimane ngo-2002, amaphesenti angu-71 ezakhamuzi zaseJalimane athi izimangaliso ziyindaba eqanjiwe, azilona iqiniso. Nokho, kubantu abangaphansi kwengxenye eyodwa kwezintathu abakholelwa ezimangalisweni, kunabesifazane abathathu abathi bake bathola umyalezo uvela eNcasakazini uMariya. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa kuthiwé uMariya uvele kubo—ehamba nezingelosi nejuba—iphephandaba laseJalimane i-Westfalenpost labika: “Kuze kube manje, abantu abavakashela izindawo ezingcwele abacishe babe ngu-50 000, abantu abafuna ukwelashwa, nalabo abanelukuluku lokwazi, baye babonisa isithakazelo esikhulu emibonweni yalaba besifazane.” Kunabanye abangu-10 000 ababelindeleke ukuba bagcwale kule ndawo ukuze bazibonele mathupha ukuvela kukaMariya. Kuthiwa iNcasakazi uMariya yabonakala naseLourdes, eFrance, ngo-1858, naseFátima, ePortugal, ngo-1917.
Ziyenzeka Yini Ezinkolweni Ezingezona EzobuKristu?
Cishe zonke izinkolo ziyakholelwa ukuthi izimangaliso ziyenzeka. I-Encyclopedia of Religion ichaza ukuthi abantu abasungula ubuBuddha, ubuKristu, nobuSulumane babenemibono engafani ngezimangaliso. Kodwa ithi: “Izenzakalo ezenzeka zibonisa kahle ukuthi izimangaliso nezindaba ezikhuluma ngezimangaliso bezilokhu ziyinto eyinhloko ezinkolweni zesintu.” Le ncwadi ithi “uBuddha ngokwakhe wayezenza izimangaliso ngezinye izikhathi.” Kamuva, lapho “ubuBuddha sebuyiswe eChina, abasakazi bevangeli abangamaBuddha babevame ukubonisa amandla abo okwenza izimangaliso.”
Ngemva kokukhuluma ngezimangaliso eziningana ezinjalo okuthiwa zenzeka, leyo ncwadi iyaphetha: “Umuntu angase angayikholwa yonke le mibiko yezimangaliso elandiswa abantu abakhonze inkolo ababengabalobi bemilando yabantu, kodwa akungabazeki ukuthi le mibiko yaqanjwa ngezizathu ezinhle zokudumisa uBuddha, owakwazi ukunika abalandeli bakhe abashisekayo amandla anjalo okwenza izimangaliso.” Yona le ncwadi ikhuluma kanje ngobuSulumane: “Abantu abaningi abangamaSulumane bahlala belindele izimangaliso. Ezindabeni ezixoxwayo zamasiko obuSulumane (hadīths), kukhulunywa ngoMuhammad enza izimangaliso obala ezimweni eziningi. . . . Kukholelwa ukuthi ngisho sebefile, osanta benzela abantu abathembekile izimangaliso besemathuneni abo, futhi laba bantu babanxusa ngenkulu inhlonipho osanta ukuba babasize.”
Kuthiwani Ngezimangaliso Enkolweni YobuKristu?
Abantu abaningi abamukele ubuKristu banemibono ehlukene. Abanye bayithatha njengeyiqiniso imibiko eseBhayibhelini yezimangaliso ezenziwa uJesu Kristu noma ezenziwa izinceku zikaNkulunkulu ngezikhathi zangaphambi kobuKristu. Noma kunjalo, abaningi bavumelana noMartin Luther, uMshisekeli Wezinguquko ongumProthestani. Ikhuluma ngaye, i-Encyclopedia of Religion ithi: “Bobabili uLuther noCalvin babhala bathi inkathi yezimangaliso iphelile futhi akufanele abantu bazilindele.” Le ncwadi ithi iSonto LamaKatolika laqhubeka nokukholelwa ukuthi izimangaliso ziyenzeka “alangazama ukuchaza ukuthi zenzeka kanjani.” Nokho, “umphakathi wamaProthestani wezifundiswa waphetha ngokuthi ukuba umKristu kusho nje ukuthi kufanele umuntu aziphathe kahle futhi akukho Nkulunkulu noma indawo ethile yemimoya exhumana noma ithonye ukuphila kwabantu nganoma iliphi izinga elikhulu.”
Amanye amaKristu okuzisholo, kuhlanganise nabanye abefundisi, ayangabaza ukuthi izimangaliso eziseBhayibhelini ziyiqiniso. Cabanga ngesibonelo sendaba eseBhayibhelini yesihlahla esivuthayo etholakala encwadini ka-Eksodusi 3:1-5. Incwadi ethi What the Bible Really Says ichaza ukuthi izazi eziningi zemfundiso yenkolo ezingamaJalimane aziyibheki le ndaba njengeyisimangaliso esenzeka ngempela. Kunalokho, zichaza lesiya sihlahla ngokuthi “siwuphawu lokudideka kukaMose okubangelwa imizwa yecala ebeleselayo neminjunju yokudliwa unembeza.” Le ncwadi iyanezela: “Amalangabi angase futhi abhekwe njengezimbali ezavele zaqhakaziswa ukukhanya kwelanga kokuba khona kukaNkulunkulu [kuleyo ndawo].”
Ingase ingakugculisi neze le ncazelo. Kufanele ukholelwe yikuphi-ke? Kunengqondo yini ukukholelwa ukuthi izimangaliso zake zenzeka? Kuthiwani ngezimangaliso zanamuhla? Njengoba singeke sikwazi ukubuza izingelosi, singabuza bani?
Umbono WeBhayibheli
Akekho ongaphika ukuthi iBhayibheli libika ukuthi ngezinye izikhathi kudala uNkulunkulu wayengenela enze izinto ezingenakwenziwa umuntu. Sifunda lokhu ngaye: “Wakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibhithe, ngezibonakaliso nangezimangaliso nangesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangokwesabeka okukhulu.” (Jeremiya 32:21) Cabanga nje, isizwe esasinamandla kakhulu ngesikhathi sikaMose sathotshiswa izinhlupho eziyishumi ezivela kuNkulunkulu, kuhlanganise nokufa kwamazibulo aso. Lezi zinhlupho zaziyizimangaliso ngempela!—Eksodusi, izahluko 7 kuya ku-14.
Kamuva, sekudlule amakhulu amaningi eminyaka, abalobi bamaVangeli abane bachaza izimangaliso ezingaba ngu-35 ezenziwa uJesu. Empeleni, amazwi abo asikisela ukuthi uJesu wenza izimangaliso eziningi ezingenakwenziwa umuntu kunalezo bona abazibika. Ingabe le mibiko iyiqiniso noma iyindaba eqanjiwe?b—Mathewu 9:35; Luka 9:11.
Uma iBhayibheli liyilokhu elithi liyikho—iZwi likaNkulunkulu eliyiqiniso—khona-ke, unesizathu esizwakalayo sokuzikholelwa izimangaliso elikhuluma ngazo. IBhayibheli lizisho njengoba zinjalo izinto ezenzeka kudala—ukuphulukisa ngokuyisimangaliso, uvuko, nokunye okunjalo—kanti futhi alifihli ukuthi izimangaliso ezinjalo azisenzeki manje. (Bheka ibhokisi elithi “Okwenza Izimangaliso Zingabe Zisenzeka Njengakudala,” ekhasini 4.) Ingabe lokhu kusho ukuthi ngisho nalabo abamukela iBhayibheli njengeliyiqiniso abazikholelwa izimangaliso ezenzeka namuhla? Vumela isihloko esilandelayo siphendule.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama elithi “izimangaliso” lisetshenziswe kulesi sihloko ngendlela elichazwe ngayo kusichaza-mazwi seBhayibheli: “Izinto ezenzeka ezweni elihlala abantu, ezingenakufezwa amandla omuntu noma amandla emvelo, futhi ngenxa yalokho, kuthiwa lezi zinto zenziwa umuntu onamandla angaphezu kwavamile.”
b Ungafunda ngobufakazi obubonisa ukuthi kufanele abantu balikholelwe iBhayibheli. Lobo bufakazi busencwadini enyatheliswa oFakazi BakaJehova ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
[Ibhokisi ekhasini 4]
OKWENZA IZIMANGALISO ZINGABE ZISENZEKA NJENGAKUDALA
IBhayibheli likhuluma ngezinhlobo ezihlukahlukene zezimangaliso. (Eksodusi 7:19-21; 1 AmaKhosi 17:1-7; 18:22-38; 2 AmaKhosi 5:1-14; Mathewu 8:24-27; Luka 17:11-19; Johane 2:1-11; 9:1-7) Eziningi zalezi zimangaliso zasiza ekwenzeni abantu babone ukuthi uJesu unguMesiya, futhi zafakazela ukuthi wayesekelwa uNkulunkulu. Abalandeli bakaJesu bokuqala babonakalisa izipho eziyisimangaliso, ezinjengokukhuluma ngezilimi nokuqonda izinkulumo eziphefumulelwe. (IzEnzo 2:5-12; 1 Korinte 12:28-31) Lezo zipho eziyisimangaliso zalisiza ibandla lobuKristu elalisafufusa. Kanjani?
Phela, amakhophi emiBhalo ayembalwa. Kwakuvame ukuthi kube izicebi kuphela eziba nemiqulu noma izincwadi zanoma iluphi uhlobo. Emazweni angewona awobuKristu, abantu babengazi lutho ngeBhayibheli bengazi nangoMlobi walo, uJehova. Kwakumelwe abantu bazifundiswe ngomlomo izimfundiso zobuKristu. Izipho eziyisimangaliso zasiza ekuboniseni ukuthi uNkulunkulu wayesebenzisa ibandla lobuKristu.
Kodwa uPawulu wachaza ukuthi lezi zipho zaziyophela lapho zingasadingeki. “Kungakhathaliseki ukuthi kukhona izipho zokuprofetha, ziyoqedwa; kungakhathaliseki ukuthi kukhona izilimi, ziyokhawuka; kungakhathaliseki ukuthi kukhona ulwazi, luyoqedwa. Ngoba sinolwazi oluyingxenye futhi siprofetha ingxenye; kodwa lapho lokho okuphelele kufika, lokho okuyingxenye kuyophela.”—1 Korinte 13:8-10.
Namuhla abantu banamaBhayibheli, amakhonkodensi nama-encyclopedia. AmaKristu aqeqeshiwe angaphezu kwezigidi eziyisithupha asiza abanye ukuba bathole ulwazi ngoNkulunkulu olusekelwe eBhayibhelini. Ngakho, akusadingeki ukuba kube nezimangaliso ezingafakazela ukuthi uJesu Kristu unguMkhululi okhethwe uNkulunkulu, noma zifakazele ukuthi uJehova uyazisekela izinceku zakhe.