Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 4/15 kk. 21-22
  • Ithuluzi Eliwusizo Lokuhumusha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ithuluzi Eliwusizo Lokuhumusha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlaselwa Kwesimiso Sezokuxhumana!
    I-Phaphama!—2012
  • IBhayibheli Lakho—Indlela Elenziwa Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ingqopha-mlando Kubathandi BeZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • INququlo Yezwe Elisha Yaziswa Yizigidi Emhlabeni Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 4/15 kk. 21-22

Ithuluzi Eliwusizo Lokuhumusha

UMLOBI weBhayibheli, uJehova uNkulunkulu, ufuna ukuba izindaba ezinhle zoMbuso wakhe zimenyezelwe “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAmbulo 14:6) Ufuna ukuba iZwi lakhe elilotshiwe litholakale kalula kubo bonke abantu. Ukuze kufezwe lokho, iBhayibheli liye lahunyushelwa ezilimini eziningi ngaphezu kwanoma iyiphi incwadi ekhona emhlabeni. Izinkulungwane zabahumushi ziye zenza imizamo emikhulu noma zachitha isikhathi esiningi ukuze zidlulisele imiqondo kaNkulunkulu kolunye ulimi.

Kodwa iBhayibheli aliyona nje incwadi okumelwe ihunyushwe. Ngokuphindaphindiwe, liye lasetshenziswa njengethuluzi lokuhumusha ezinye izinto ezibhaliwe. Abahumushi abaningi baye baqhathanisa amagama aseBhayibhelini ngezilimi ezihlukahlukene ukuze bathole indlela enhle yokuhumusha amagama athile. Izici zeBhayibheli eziwusizo ekuhumusheni ziye zasetshenziswa nasekuhumusheni okwenziwa yi-computer.

Kunzima ngempela ukuba i-computer ihumushe. Ezinye izazi ziye zaba nomuzwa wokuthi i-computer ngeke ize ikwazi ukuhumusha. Ngani? Ngoba ulimi alulona nje iqoqo lamagama. Yilolo nalolo limi lunamabinzana alo, imithetho, izimo ezihlukile kuleyo mithetho, izaga nokugigiyela. Kuye kwenziwa imizamo ukuze kufundiswe i-computer konke lokhu, kodwa leyo mizamo ayiphumelelanga kangako. Okuningi okuhunyushwe i-computer kunzima kakhulu ukukuqonda.

Nokho, manje izazi ze-computer zihlola izindlela ezintsha zokuhumusha, ngokusho kukaFranz Josef Och, isazi esiphambili sezokuhumusha okwenziwa i-computer. Ake sithi ufuna ukuhumusha isiHindi siye esiNgisini. Okokuqala, thatha indaba ebhalwe ngazo zombili izilimi. Yifake kuyi-computer. I-computer ibe isiqhathanisa le ndaba ngazo zombili izilimi. Ngokwesibonelo, lapho i-computer ithola igama lesiHindi elifanayo ezindaweni ezihlukahlukene futhi ngaso sonke isikhathi ebinzeni elihambelanayo esiNgisini ithole igama elithi “house,” i-computer iphetha ngokuthi lelo gama lesiHindi kumelwe ukuba lisho ukuthi “house.” Futhi kunamathuba amaningi okuthi amagama aseduze ayiziphawulo, njengathi “big,” “small,” “old” noma “new.” Ngakho, i-computer yenza uhlu lwamagama namabinzana ahambelanayo. Ngemva kwalokho “kufundiswa,” okungase kuthathe nje izinsuku ezimbalwa noma amasonto, i-computer ingasebenzisa lokho “ekufundisiwe” emibhalweni emisha edinga ukuhunyushwa. Nakuba lokho okuhunyushiwe kungase kube sezingeni eliphansi ngokohlelo lolimi nangobumnandi bolimi, ngokuvamile kuqondakala ngokwanele ukuba kudlulisele incazelo nemininingwane ebalulekile.

Izinga lomsebenzi ohunyushiwe lixhomeke kakhulu ebuningini nasesimweni sombhalo owafakwa ekuqaleni kuyi-computer. Futhi yilapha-ke lapho iBhayibheli lizibonakalise khona liyinzuzo enkulu. Liye lahunyushelwa ezilimini eziningi ngokucophelela, litholakala kalula futhi liqukethe imibhalo eminingi. Ngakho umcubunguli wakhetha iBhayibheli kuqala lapho efundisa i-computer ukuhumusha ulimi olusha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela