Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe ukudlala imidlalo ye-computer enobudlova kungabuthinta ubuhlobo bomuntu noJehova?
Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yabhala: “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” (IHubo 11:5) Olimini lokuqala igama elithi “zonda” lingasho ukuthi “umuntu oyisitha.” Ngakho, noma imuphi umuntu othanda ubudlova uzenza isitha sikaNkulunkulu. Nanku-ke umbuzo okudingeka siwuhlole: Ukudlala imidlalo ethile ye-computer kungamfaka yini umuntu umoya wokuthanda ubudlova?
Imidlalo ye-computer enobudlova ikhuthaza ukusetshenziswa kwezikhali. Ngokuvamile iqeqesha oyidlalayo ukuba abe nobuciko bokulwa. Umagazini i-Economist wathi: “Ezempi zaseMelika zincika ngokwengeziwe emidlalweni ye-computer njengamathuluzi okuqeqesha. Eminye imidlalo esetshenziswa abezempi yimidlalo etholakalayo ezitolo.”
Kuyiqiniso ukuthi labo abadlala imidlalo ye-computer enobudlova abalimazi abantu ngokoqobo. Kodwa lokho abakhetha ukuzijabulisa ngakho kubonisani ngalokho okungenzeka kusezinhliziyweni zabo? (Mathewu 5:21, 22; Luka 6:45) Ubungaphetha ngokuthini ngomuntu ojabulela ukugwaza, ukudubula, ukugoga nokubulala abantu okungebona abangokoqobo? Kuthiwani uma lowo muntu echitha amahora amaningi isonto ngalinye anelisa lezo zifiso zobudlova, aze acishe abe umlutha waleyo midlalo? Mhlawumbe ubungaphetha ngokuthi lowo muntu uhlakulela uthando ngobudlova, njengoba nje nomuntu obukela izithombe ezingcolile zobulili ehlakulela izifiso zokuziphatha okubi.—Mathewu 5:27-29.
UJehova umzonda kangakanani umuntu othanda ubudlova? UDavide wathi ‘ngokuqinisekile uJehova uyamzonda.’ Ngosuku lukaNowa, uJehova wabonisa inzondo enkulu ngalabo ababethanda ubudlova. UJehova wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama sekufikile phambi kwami, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yayo; futhi bheka ngiyayichitha kanye nomhlaba.” (Genesise 6:13) UNkulunkulu weqiniso wabhubhisa sonke isintu ngenxa yokuthi sasinobudlova. Wasindisa uNowa nomkhaya wakhe kuphela—abantu abangu-8 ababengabuthandi ubudlova.—2 Petru 2:5.
Abantu abafuna ukuba abangane bakaJehova ‘bakhanda izinkemba zabo zibe ngamageja nemikhonto yabo ibe ngocelemba.’ Kunokuba bafunde ukuthanda ubudlova, ‘abasayifundi impi.’ (Isaya 2:4) Ukuze sihlale singabangane bakaNkulunkulu kunokuba sibe izitha zakhe, kumelwe ‘sikufulathele okubi senze okuhle.’ Kudingeka ‘sifune ukuthula sikuphishekele.’—1 Petru 3:11.
Kuthiwani uma bese siyidlala kakade imidlalo ye-computer enobudlova? Kudingeka sizimisele ngokuqinile ukujabulisa uJehova ngokuyeka ukwenza izinto azizondayo. Ngokuqinisekile kufanele sithandazele usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu ukuze siyeke lo mkhuba olimazayo ngokomoya. Singawuyeka uma sivumela izimfanelo ezinjengokuthula, ubuhle nokuzithiba zenze indlela yethu yokuphila ivumelane nezindlela zikaNkulunkulu.—Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23.