Fundisa Lokho IBhayibheli Elikufundisayo Ngempela
“[Yenzani] abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise.”—MATHEWU 28:19, 20.
1. IBhayibheli litholakala kabanzi kangakanani?
IZWI LIKAJEHOVA, iBhayibheli Elingcwele, lingenye yezincwadi ezindala nezisakazwa kabanzi kunazo zonke emhlabeni. Izingxenye zalo ziye zahunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-2 300. Abantu abangamaphesenti angaphezu kuka-90 emhlabeni banalo ngolimi lwabo.
2, 3. (a) Kungani kukhona ukudideka mayelana nezimfundiso zeBhayibheli? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?
2 Izigidi zabantu zifunda ingxenye ethile yeBhayibheli nsuku zonke. Abanye sebelifunde baliqeda kaningi. Izinkulungwane zezinkolo zithi izimfundiso zazo zisekelwe eBhayibhelini, kodwa azivumelani ngalokho elikufundisayo. Okudida kakhulu ukungavumelani kwabantu abasenkolweni eyodwa. Abanye bayalingabaza iBhayibheli, umsuka walo nokubaluleka kwalo. Abaningi balibheka njengencwadi engcwele esetshenziswa nje emicikilishweni yokwenza izifungo noma ezinkantolo lapho abantu befungiswa ukukhuluma iqiniso.
3 Empeleni, iBhayibheli liqukethe izwi likaNkulunkulu elinamandla, noma umyalezo wakhe esintwini. (Hebheru 4:12) Ngakho-ke, njengoFakazi BakaJehova sifuna abantu bazi lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Siyakujabulela ukufeza umsebenzi uJesu Kristu awunika abalandeli bakhe lapho ethi: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise.” (Mathewu 28:19, 20) Enkonzweni yethu yasobala sithola abantu abanhliziyo ziqotho abakhathazwa ukudideka okungokwenkolo okugcwele izwe. Bafuna ukwazi iqiniso ngoMdali wethu futhi bafisa ukwazi lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjongo yokuphila. Ake sixoxe ngemibuzo emithathu ehlupha abantu abaningi. Embuzweni ngamunye, sizoveza lokho okuyiphutha okushiwo abaholi benkolo, bese sibheka lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Le mibuzo ithi: (1) Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela? (2) Kungani silapha? (3) Kwenzekani kithi lapho sifa?
Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela?
4, 5. Kungani abantu becabanga ukuthi uNkulunkulu akasikhathaleli?
4 Masiqale ngombuzo othi, Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela? Kuyadabukisa ukuthi abantu abaningi bacabanga ukuthi impendulo ingucha. Kungani becabanga kanjalo? Esinye sezizathu ukuthi baphila emhlabeni ogcwele inzondo, izimpi nokuhlupheka. Bathi, ‘Ukube uNkulunkulu ubesikhathalela ngempela, ubezozivimba nakanjani lezi zinto ezimbi.’
5 Esinye isizathu esenza abantu bacabange ukuthi uNkulunkulu akasikhathaleli ukuthi abaholi benkolo baye babenza bacabanga kanjalo. Baye bathini abefundisi lapho kwenzeka inhlekelele ethile? Lapho umama othile eshonelwa izingane zakhe ezimbili ezincane engozini yemoto, umfundisi wakhe wathi: “Bekuyintando kaNkulunkulu. UNkulunkulu ubedinga ezinye izingelosi ezimbili.” Uma abefundisi bekhuluma kanje, empeleni basuke besola uNkulunkulu ngezinto ezimbi ezenzekayo. Kodwa umfundi uJakobe wabhala: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) UJehova uNkulunkulu akakubangeli neze okubi. Empeleni, kuyinto “[ekude] noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala.”—Jobe 34:10.
6. Ubani obangela ububi nokuhlupheka okukuleli zwe?
6 Pho kungani kunobubi nokuhlupheka okungaka? Esinye sezizathu ukuthi isintu sisonke simlahlile uNkulunkulu njengoMbusi; asifuni ukuthobela imithetho nezimiso zakhe zokulunga. Abantu baye bazinikela eSitheni sikaNkulunkulu, uSathane, bengaqondile, ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ukwazi leli qiniso kwenza kungabi nzima kangako ukuqonda ukuthi kungani kwenzeka izinto ezimbi. USathane ukhohlakele, unenzondo, uyakhohlisa futhi unonya. Ngakho, kufanele silindele ukuba izwe libonakalise ubuntu bombusi walo. Shono kukhona ububi obungaka!
7. Iziphi ezinye zezizathu ezenza sihlupheke?
7 Esinye isizathu esenza sihlupheke siwukungapheleli kwabantu. Abantu abanesono bathanda ukulwela amandla okubusa, futhi ngokuvamile lokho kugcina kudale izimpi, ukucindezelwa kwabanye nokuhlupheka. UmShumayeli 8:9 usho kufanele: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ Esinye isizathu sokuhlupheka “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile.” (UmShumayeli 9:11) Ngokuvamile abantu behlelwa izinto ezibuhlungu ngoba basuke besendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele.
8, 9. Sazi kanjani ukuthi uJehova uyasikhathalela ngempela?
8 Kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova akakubangeli ukuhlupheka. Kodwa ingabe uNkulunkulu unendaba ngempela ngokwenzeka ekuphileni kwethu? Impendulo ejabulisayo inguyebo! Siyazi ukuthi uJehova unendaba ngoba iZwi lakhe eliphefumulelwe liyasitshela ukuthi kungani evumele ukuba abantu balandele inkambo embi. Izizathu zikaNkulunkulu zihilela izimpikiswano ezimbili: ubukhosi bakhe nobuqotho babantu. Ngenxa yokuthi unguMdali onguMninimandla onke, uJehova akabophekile ukuba asitshele ukuthi ukuvumeleleni ukuhlupheka. Noma kunjalo, uyasitshela ngoba uyasikhathalela.
9 Cabanga ngobunye ubufakazi bokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela. Lapho ububi bugcwala emhlabeni ezinsukwini zikaNowa, uNkulunkulu “wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.” (Genesise 6:5, 6) Ingabe uzizwa ngendlela ehlukile namuhla? Cha, ngoba akashintshi. (Malaki 3:6) Uyakuzonda ukungalungi nokubona abantu behlupheka. IBhayibheli lifundisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzowulungisa wonke umonakalo odalwe ukubusa kwabantu nethonya likaDeveli. Akubona yini lobo ubufakazi obugculisayo bokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela?
10. UJehova uzizwa kanjani ngokuhlupheka kwabantu?
10 Abaholi benkolo bammelela kabi uNkulunkulu uma bethi izinhlekelele ezisehlelayo ziyintando yakhe. Ngokuphambene nalokho, uJehova uyakulangazelela ukuqeda ukuhlupheka kwabantu. Eyoku-1 Petru 5:7 ithi “uyanikhathalela.” Yilokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela!
Kungani Silapha?
11. Izinkolo zomhlaba ziye zithini ngokuphila kwabantu emhlabeni?
11 Manje ake sixoxe ngombuzo wesibili abaningi abazibuza wona othi, Kungani silapha? Izinkolo zomhlaba ziye ziphendule ngokuthi umuntu uyadlula kulo mhlaba. Zibheka umhlaba njengesiteshi, noma ibhuloho, endleleni eya ekuphileni kwenye indawo. Abanye abefundisi bafundisa iphutha bathi ngelinye ilanga uNkulunkulu uzoyibhubhisa le planethi. Ngenxa yezimfundiso ezinjalo, abantu abaningi baye baphetha ngokuthi kungcono bathole konke abangakuthola ekuphileni ngoba ukufa kuphela okubalindele. Lifundisani ngempela iBhayibheli ngokuthi kungani silapha?
12-14. IBhayibheli lifundisani ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nesintu?
12 UNkulunkulu unenjongo emangalisayo ngomhlaba nesintu. ‘Akawudalelanga ize nje umhlaba,’ kodwa “wawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.” (Isaya 45:18) Ngaphezu kwalokho, uJehova “usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” (IHubo 104:5) Ukufunda lezi zinto mayelana nenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nangesintu kungasisiza siqonde ukuthi kungani silapha.
13 UGenesise izahluko 1 no-2 ubonisa ukuthi uJehova wawulungisa ngesikhulu isineke umhlaba ukuze kuhlale abantu. Lapho kuphela inkathi yokudalwa komhlaba wethu, konke “kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) UNkulunkulu wabeka indoda yokuqala nowesifazane, u-Adamu no-Eva, ensimini enhle yase-Edene, wayesebanika inala yokudla okumnandi. Lo mbhangqwana wokuqala watshelwa: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.” Wawuzoba nezingane eziphelele, unwebe imingcele yensimu eyayiyikhaya lawo ifike emhlabeni wonke futhi ubuse izilwane ngothando.—Genesise 1:26-28.
14 Kuyinjongo kaJehova ukuba umkhaya wabantu abaphelele uphile phakade emhlabeni. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Yebo, uNkulunkulu wayehlose ukuba isintu sijabulele ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni. Yileyo injongo kaNkulunkulu, futhi yilokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela!
Kwenzekani Kithi Lapho Sifa?
15. Iningi lezinkolo emhlabeni lifundisa ukuthi kwenzekani kithi lapho sifa?
15 Manje ake sixoxe ngombuzo wesithathu ohlupha abaningi: Kwenzekani kithi lapho sifa? Iningi lezinkolo emhlabeni lifundisa ukuthi kunento engaphakathi kumuntu eqhubeka iphila ngemva kokuba umzimba ufile. Ezinye zisabambelele emfundisweni yokuthi uNkulunkulu ujezisa ababi ngokubahlupha phakade esihogweni somlilo. Kodwa ingabe kuyiqiniso lokho? Lifundisani ngempela iBhayibheli ngokufa?
16, 17. NgokweBhayibheli, siyini isimo sabafileyo?
16 IZwi likaNkulunkulu lithi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo.” Njengoba abafileyo ‘bengazi lutho,’ abezwa, ababoni, abakhulumi, abanamizwa futhi abacabangi. Akusekho mvuzo abangawuthola. Bangawuthola kanjani? Ingani abakwazi kwenza msebenzi! Ngaphezu kwalokho, “uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade,” ngoba abasakwazi ukubonisa imizwelo.—UmShumayeli 9:5, 6, 10.
17 Okushiwo iBhayibheli kule ndaba kulula futhi kucacile—abafileyo abaqhubeki bephila ndawana-thile. Lapho sifa, akukho lutho olushiya umzimba luqhubeke luphila ukuze luzalwe kabusha komunye umzimba, njengoba kusho labo abakholelwa emfundisweni yokuphind’ ukuzalwa. Le ndaba singayifanekisa kanje: Ukuphila esikuphilayo kufana nelangabi lekhandlela. Uma ulicima, aliyi ndawo. Lisuke lingasekho nje kwaphela.
18. Lapho ofundelwa iBhayibheli ethola ukuthi abafileyo abazi lutho, iziphi iziphetho angazifinyelela?
18 Cabanga ngokushiwo yilelo qiniso elilula nokho elinamandla. Lapho ofundelwa iBhayibheli ethola ukuthi abafileyo abazi lutho, kufanele kube lula ukuba aphethe ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi abakubo abangasekho babenenzondo engakanani besaphila, abasakwazi ukumhlupha. Kufanele asheshe aqonde nokuthi abantu abathandayo abafileyo abasezwa, abasaboni, abasakhulumi, abasenamizwa futhi abasacabangi. Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuthi babulawa isizungu esihlanzweni noma bahlushwa ngomlilo ndawana-thile. Nokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuswa. Yeka ithemba elimangalisayo!—Johane 5:28, 29.
Incwadi Entsha Esiyilungiselelwe
19, 20. NjengamaKristu, sinamuphi umthwalo wemfanelo, futhi iliphi ithuluzi lokutadisha iBhayibheli eliklanyelwe ngokukhethekile ukuba silisebenzise enkonzweni yethu?
19 Sixoxe ngemibuzo emithathu kuphela abantu abaningi abazibuza yona. Embuzweni ngamunye, okufundiswa iBhayibheli kucacile futhi kuqondile. Yeka intokozo okuyiyo ukuxoxa ngamaqiniso anjalo nabantu abafuna ukwazi lokho iBhayibheli elikufundisayo! Kodwa miningi eminye imibuzo ebalulekile abantu abaqotho abadinga izimpendulo zayo ezigculisayo. NjengamaKristu, sinomthwalo wemfanelo wokubasiza bathole izimpendulo zaleyo mibuzo.
20 Kuyinselele ukufundisa amaqiniso emiBhalo ngendlela ecacile nefinyelela inhliziyo. Ukuze isisize sihlangabezane naleyo nselele, “inceku ethembekileyo neqondayo” yalungiselela incwadi eklanyelwe ngokukhethekile ukuba siyisebenzise enkonzweni yethu yobuKristu. (Mathewu 24:45-47) Le ncwadi enamakhasi angu-224 inesihloko esithi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
21, 22. Iziphi ezinye zezici eziphawulekayo zencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
21 Le ncwadi, eyakhululwa eMihlanganweni Yesigodi YoFakazi BakaJehova ngo-2005/06 eyayinesihloko esithi “Ukulalela UNkulunkulu,” inezici ezihlukahlukene eziphawulekayo. Ngokwesibonelo, inesandulela esinamakhasi amahlanu esisiza kakhulu ekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Cishe uzokuthola kulula ukuxoxa ngezithombe nangemiBhalo ekulesi sandulela. Ungase usebenzise le ngxenye ukuze ubonise obafundelayo ukuthi bangazithola kanjani izahluko namavesi eBhayibheli.
22 Indlela le ncwadi ebhalwe ngayo ilula futhi icacile. Kwenziwe umzamo wokufinyelela inhliziyo yomfundi ngokumhilela noma nini lapho kungenzeka. Isahluko ngasinye sinemibuzo embalwa yesethulo nebhokisi ekugcineni elithi “Lokho Okufundiswa IBhayibheli.” Leli bhokisi linezimpendulo ezingokomBhalo zemibuzo yesethulo. Izithombe ezinhle namagama ahambisana nazo kanye nemifanekiso emihle ekule ncwadi kuyosiza umfundi ukuba aqonde izinto ezintsha. Nakuba ukwaziswa kwenziwe kwaba lula, kunesithasiselo esizokwenza nikwazi ukujula ngokwengeziwe ezihlokweni ezibalulekile ezingu-14 uma ofundelwayo edinga amaphuzu engeziwe.
23. Ikuphi ukusikisela okunikezwayo ngokuqondene nokusebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ezifundweni zeBhayibheli?
23 Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli? iklanyelwe ukusisiza sifundise abantu abasemazingeni ahlukahlukene emfundo nabezinkolo ezihlukahlukene. Uma umfundi engazi lutho ngeBhayibheli, kungase kudingeke isihloko esisodwa sithathwe kancane kancane. Ungajahi, kunalokho zama ukufinyelela inhliziyo yomfundi. Uma engawuqondi umfanekiso osetshenziswe encwadini, uchaze noma usebenzise omunye esikhundleni sawo. Lungiselela kahle, wenze okusemandleni ukuze uyisebenzise ngokuphumelelayo le ncwadi futhi uthandazele usizo lukaNkulunkulu ukuze ukwazi ‘ukuphatha izwi leqiniso ngokufanele.’—2 Thimothewu 2:15.
Wazise Amalungelo Akho Ayigugu
24, 25. UJehova ubanike maphi amalungelo ayigugu abantu bakhe?
24 UJehova unike abantu bakhe amalungelo ayigugu. Usenze sakwazi ukufunda iqiniso ngaye. Akumelwe nanini silithathe kalula lelo lungelo! Ingani abazidlayo uNkulunkulu ubafihlele izinjongo zakhe wazambulela abathobekileyo. Ngokuqondene nalokhu, uJesu wathi: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihlile lezi zinto kwabahlakaniphile nakongqondongqondo wazambulela izingane.” (Mathewu 11:25) Kuyilungelo elingandile ukubalwa phakathi kwabathobekileyo abakhonza uMbusi Wendawo Yonke, uJehova.
25 UNkulunkulu usinike nelungelo lokufundisa abanye ngaye. Khumbula ukuthi labo abafundise amanga ngaye baye bammelela kabi. Ngakho, abantu abaningi banombono ongaqondile neze ngoJehova, bacabanga ukuthi akakhathaleli futhi unenhliziyo elukhuni. Ingabe wena uzimisele, futhi empeleni uyakulangazelela, ukusiza ekulungiseni lowo mbono? Ingabe uyafuna ukuba abantu abanhliziyo ziqotho yonke indawo bazi iqiniso ngoNkulunkulu? Khona-ke, bonisa ukulalela kwakho uNkulunkulu ngokushumayela nangokufundisa abanye ngentshiseko lokho imiBhalo ekushoyo ngezindaba ezibalulekile. Abafuna iqiniso kudingeka bazi lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela.
Zithini Izimpendulo Zakho?
• Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela?
• Kungani silapha emhlabeni?
• Kwenzekani kithi lapho sifa?
• Iziphi izici zencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ozazisa ngokukhethekile?
[Izithombe ekhasini 22]
IBhayibheli lifundisa ukuthi ukuhlupheka kuzophela
[Imithombo]
Top right, girl: © Bruno Morandi/age fotostock; left, woman: AP Photo/Gemunu Amarasinghe; bottom right, refugees: © Sven Torfinn/Panos Pictures
[Isithombe ekhasini 23]
Abalungileyo bayophila phakade ePharadesi