“Bantwana, Lalelani Abazali Benu”
“Bantwana, lalelani abazali benu abanobunye neNkosi, ngoba lokhu kulungile.”—EFESU 6:1.
1. Ukulalela kungakuvikela kanjani?
NJENGOBA siphila manje kungenzeka kungenxa yokuthi salalela, kanti abanye abaphili ngoba abalalelanga. Salalela ini? Mhlawumbe izixwayiso zemizimba yethu ‘eyenziwe ngokumangalisayo.’ (IHubo 139:14) Ngamehlo ethu sibona amafu amnyama, ngezindlebe zethu sizwe ukuqeqebula kwezulu. Ukubaneka kwalo kusiphuzelisa unwele. Kulabo abaye bafundiswa ngezingozi elingazidala, lezi zimpawu ziyisixwayiso sokuba bafune indawo ephephile kuleli zulu elingakhipha isidumbu ngemibani nesichotho salo.
2. Kungani izingane zidinga izixwayiso, futhi kungani kufanele zilalele abazali bazo?
2 Zingane, nidinga izixwayiso ngezinto ezingase zibe ingozi, futhi abazali benu banomthwalo wemfanelo wokuninika zona. Ungase ukhumbule utshelwa: “Ungasithinti isitofu. Siyashisa.” “Ungayi ngasemanzini. Kuyingozi.” “Uboqalaza nxazombili ngaphambi kokuwela umgwaqo.” Ngokudabukisayo, izingane ziye zalimala noma zafa imbala ngenxa yokungalaleli. Ukulalela abazali bakho “kulungile”—kuyinto enhle nefanele. Futhi kuwukuhlakanipha. (IzAga 8:33) Omunye umBhalo weBhayibheli uthi “kuyajabulisa kakhulu” eNkosini yethu uJesu Kristu. Yebo, uNkulunkulu ukuyala ukuba ubalalele abazali bakho.—Kolose 3:20; 1 Korinte 8:6.
Imivuzo Yokulalela Ehlala Njalo
3. Eningini lethu kuyoba yini “ukuphila kwangempela,” futhi izingane zingaba kanjani nethemba lokukujabulela?
3 Ukulalela abazali bakho kuvikela ‘ukuphila kwakho kwamanje,’ kodwa futhi kuyokwenza ukwazi ukujabulela ukuphila “okuzayo,” okubizwa ngokuthi “ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 4:8; 6:19) Eningini lethu, ukuphila kwangempela kuyoba ukuphila okungenasiphelo emhlabeni ezweni elisha likaNkulunkulu, akuthembisa labo abagcina imiyalo yakhe ngokwethembeka. Omunye wemiyalo yakhe eyinhloko uthi: “‘Hlonipha uyihlo nonyoko’; okuwumyalo wokuqala onalesi sithembiso: ‘Ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.’” Ngakho, uma ulalela abazali bakho, uyojabula. Ikusasa lakho liyolondeka, futhi uyoba sethubeni lokujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyiPharadesi!—Efesu 6:2, 3.
4. Izingane zingamdumisa kanjani uNkulunkulu, kanjalo zizuze?
4 Lapho uhlonipha abazali bakho ngokubalalela, uhlonipha noNkulunkulu ngoba nguye okuyala ukuba ubalalele. Ngesikhathi esifanayo, kwawena uyazuza. IBhayibheli lithi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze.” (Isaya 48:17; 1 Johane 5:3) Ukulalela kukuzuzisa kanjani? Kwenza uyihlo nonyoko bajabule, bese bebonisa injabulo yabo ngezindlela ezenza ukuphila kwakho kujabulise ngokwengeziwe. (IzAga 23:22-25) Kodwa okubaluleke kakhulu, ukulalela kwakho kwenza uYihlo osezulwini ajabule, futhi uyokuvuza ngezindlela ezimangalisayo! Ake sibone indlela uJehova abusisa futhi wavikela ngayo uJesu, owathi ngaye ngokwakhe: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.”—Johane 8:29.
UJesu Wayekhuthele
5. Iziphi izizathu ezingasenza sikholelwe ukuthi uJesu wayeyisisebenzi esinekhono?
5 UJesu wayeyizibulo kunina, uMariya. Usingayise, uJosefa, wayengumbazi. NoJesu waba ngumbazi, ngokusobala ewufundiswa uJosefa lo msebenzi. (Mathewu 13:55; Marku 6:3; Luka 1:26-31) Ucabanga ukuthi uJesu wayengumbazi onjani? Lapho esezulwini, ngaphambi kokuba unina owayeyintombi amkhulelwe ngokuyisimangaliso, wachaza njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu: “Ngangiseceleni [kukaNkulunkulu] ngiyisisebenzi esiyingcweti, futhi wayengithanda ngokukhethekile usuku nosuku.” UNkulunkulu wayejabula ngoJesu, owayeyisisebenzi esinekhono ezulwini. Awucabangi yini ukuthi nalapho eseyingane emhlabeni wazama kakhulu ukuba yisisebenzi esinekhono, umbazi oyingcweti?—IzAga 8:30; Kolose 1:15, 16.
6. (a) Ucabanga ukuthi kungani kungenzeka ukuthi uJesu wayeyenza imisebenzi yasekhaya lapho eseyingane? (b) Izingane zingamlingisa ngaziphi izindlela uJesu?
6 Akungabazeki ukuthi lapho uJesu eseyingane, ngezinye izikhathi wayedlala, njengoba nje iBhayibheli lithi izingane zazenza endulo. (Zakariya 8:5; Mathewu 11:16, 17) Nokho, ungaqiniseka ukuthi njengengane endala emkhayeni omkhulu ozihluphekelayo, wayenemisebenzi okwakufanele ayenze ngaphezu kokuqeqeshwa nguJosefa njengombazi. Kamuva, uJesu waba umshumayeli futhi wazinikela enkonzweni yakhe waze wadela ukunethezeka kwakhe siqu. (Luka 9:58; Johane 5:17) Uyazibona yini izindlela ongamlingisa ngazo uJesu? Abazali bakho bayakucela yini ukuba ucoce ikamelo lakho noma wenze eminye imisebenzi ekhaya? Bayakukhuthaza yini ukuba ukhulekele uNkulunkulu ngokuya emihlanganweni yobuKristu nangokushumayela? Ucabanga ukuthi lapho uJesu esemncane wayeyokwenze njani lapho ecelwa ukuba enze lezo zinto?
Wayengumfundi Nomfundisi Okhuthele WeBhayibheli
7. (a) Obani okungenzeka babekanye noJesu lapho eya ePhasikeni? (b) Wayekuphi uJesu lapho abanye begoduka, futhi kungani ayelapho?
7 Emkhayeni wama-Israyeli, bonke abantu besilisa babeyalwe ukuba baye kokhulekela uJehova ethempelini ngemikhosi emithathu yamaJuda. (Duteronomi 16:16) Lapho uJesu eneminyaka engu-12 ubudala, kungenzeka ukuthi umkhaya wakubo wahamba wonke waya ePhasikeni eJerusalema. Cishe kwakukhona nabafowabo nodadewabo. Abanye okungenzeka babehamba nomkhaya wakubo kaJesu nguSalome, mhlawumbe owayengudadewabo kaMariya, kanye nomyeni wakhe uZebedewu namadodana abo uJakobe noJohane, kamuva ababa abaphostoli.a (Mathewu 4:20, 21; 13:54-56; 27:56; Marku 15:40; Johane 19:25) Lapho sekugodukwa, mhlawumbe uJosefa noMariya bazitshela ukuthi uJesu ukanye nezihlobo, ngakho bangashesha ukubona ukuthi akekho. Ngemva kwezinsuku ezintathu, lapho uMariya noJosefa begcina bemtholile uJesu, wayesethempelini, “ehlezi phakathi kwabafundisi ebalalele futhi ebabuza.”—Luka 2:44-46.
8. UJesu wayenzani ethempelini, futhi kungani abantu bamangala?
8 UJesu ‘wayebabuza’ kanjani abafundisi? Ukubuza kwakhe kungenzeka kwakungekhona nje okokufuna ukwazi noma ukuthola izimpendulo. Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha lingasho ukuphonsa imibuzo okufana nokwenziwa enkantolo okungahilela ukuphenyisisa. Yebo, ngisho esemncane, uJesu wayesengumfundi weBhayibheli owakhexisa abafundisi benkolo abayizifundiswa! IBhayibheli lithi: “Bonke ababemlalele babelokhu bemangele ngenxa yokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.”—Luka 2:47.
9. Ungasilandela kanjani isibonelo sikaJesu sokutadisha iBhayibheli?
9 Ucabanga ukuthi kungani uJesu nakuba ayesemncane akwazi ukumangaza ngisho nabafundisi abangomakad’ ebona ngolwazi lwakhe lweBhayibheli? Yebo, wayebusiswe ngokuba nabazali abesaba uNkulunkulu abamfundisa ngoNkulunkulu kusukela ewusana. (Eksodusi 12:24-27; Duteronomi 6:6-9; Mathewu 1:18-20) Singaqiniseka ukuthi uJosefa wayehamba naye uJesu esemncane lapho eya esinagogeni eyolalela ukufundwa nokudingidwa kwemiBhalo. Ingabe nawe ubusiswe ngokuba nabazali abatadisha iBhayibheli nawe futhi bahambe nawe ukuya emihlanganweni yobuKristu? Uyayazisa yini imizamo yabo, njengoba uJesu ayeyazisa eyabazali bakhe? Uyabaxoxela yini abanye izinto ozifundayo, njengoba kwakwenza uJesu?
UJesu Wayezithoba
10. (a) Kungani abazali bakaJesu kwakufanele bazi ukuthi bangamtholaphi? (b) Isiphi isibonelo esihle uJesu asibekela izingane?
10 Ucabanga ukuthi uMariya noJosefa bazizwa kanjani lapho begcina bemtholile uJesu ethempelini ngemva kwezinsuku ezintathu? Akungabazeki ukuthi bajabula kakhulu. Kodwa uJesu wamangala ukuthi abazali bakhe bebengazi ukuthi ukuphi. Bobabili babazi ukuthi wayezalwe ngokuyisimangaliso. Ngaphezu kwalokho, nakuba babengazi konke, kumelwe ukuba kukhona ababekwazi ngendima yakhe yesikhathi esizayo njengoMsindisi noMbusi eMbusweni kaNkulunkulu. (Mathewu 1:21; Luka 1:32-35; 2:11) Ngakho, uJesu wababuza: “Kungani kuye kwadingeka nihambe ningifuna? Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe sendlini kaBaba?” Nokho, uJesu walalela abazali bakhe wagoduka nabo baya eNazaretha. IBhayibheli lithi: “Waqhubeka ezithoba kubo.” Ngaphezu kwalokho, “unina wawagcina ngokucophelela wonke la mazwi enhliziyweni yakhe.”—Luka 2:48-51.
11. Isiphi isifundo sokulalela ongasifunda kuJesu?
11 Kuwena kulula yini ukulingisa uJesu, ubalalele njalo abazali bakho? Noma, ingabe uye ucabange ukuthi abakuqondi ukuphila kwanamuhla nokuthi wena wazi ngaphezu kwabo? Yiqiniso ukuthi ungase uzazi kakhulu ezinye izinto—mhlawumbe ukusebenzisa omakhal’ ekhukhwini, ama-computer, noma ezinye izinto zesimanje. Kodwa cabanga ngoJesu, owamangaza abafundisi abangomakad’ ebona “ngenxa yokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.” Cishe uzovuma ukuthi uJesu uyakudlula kakhulu ngolwazi. Nokho, wayezithoba kubazali bakhe. Lokhu akusho ukuthi wayehlale evumelana nezinqumo zabo. Noma kunjalo, “waqhubeka ezithoba kubo” phakathi nayo yonke iminyaka yokukhula kwakhe. Ucabanga ukuthi ungafunda siphi isifundo esibonelweni sakhe?—Duteronomi 5:16, 29.
Ukulalela Kuyinselele
12. Ukulalela kungakusindisa kanjani ukuphila kwakho?
12 Akulula ngaso sonke isikhathi ukulalela, njengoba kwabonakala eminyakeni ethile edlule lapho amantombazane amabili amancane ayesezothathela ngejubane awele umgwaqo omkhulu onemizila eyisithupha kunokuba ahambe ngaphezulu ebhulohweni labahamba ngezinyawo. Lapho umngane wawo eya ngasebhulohweni, ambiza, “Hawu, John, angithi uhamba nathi?” Lapho enqikaza, enye intombazane yamgcona, “Uyigwala!” Nakuba uJohn ayengesabi, wathi, “Kufanele ngilalele umama.” Ngemva kwesikhashana, lapho uJohn ehamba ebhulohweni wezwa umsindo wamasondo emoto wabheka ngezansi, wabona la mantombazane eshayiswa imoto. Enye yafa, enye yalimala kakhulu kangangokuthi kwadingeka inqunywe umlenze. Kamuva unina wamantombazane, owayewatshele ukuthi ahambe ngaphezulu ebhulohweni, wathi kunina kaJohn: “Sengathi ngabe babelalele njengendodana yakho.”—Efesu 6:1.
13. (a) Kungani kufanele ulalele abazali bakho? (b) Kunini lapho kungafaneleka khona ukuba ingane ingakwenzi lokho umzali athi ayikwenze?
13 Kungani uNkulunkulu ethi: “Bantwana, lalelani abazali benu”? Uma ulalela abazali bakho usuke ulalela uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, abazali bakho banokuhlangenwe nakho kunawe. Ngokwesibonelo, eminyakeni emihlanu ngaphambi kwale ngozi elandiswe ngenhla, umngane kanina kaJohn wayeshonelwe ingane eyayizama ukuwela wona lowo mgwaqo omkhulu! Yiqiniso, kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi ukulalela abazali bakho, kodwa uNkulunkulu uthi kufanele ubalalele. Ngakolunye uhlangothi, uma abazali bakho—noma abanye abantu—bethi qamba amanga, noma bethi ntshontsha, noma bethi yenza noma yini uNkulunkulu angayifuni, kumelwe ‘ulalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’ Yingakho ngemva kokuthi “lalelani abazali benu,” iBhayibheli lesiZulu elivamile linezela ukuthi “eNkosini.” Lokhu kusho ukulalela abazali bakho kuzo zonke izinto ezivumelana nemithetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 5:29.
14. Kungani kulula kakhudlwana ukulalela kumuntu ophelele, kodwa futhi kungani kungadingeka afunde okuthile ngako?
14 Ingabe ucabanga ukuthi ukube ubungumuntu ophelele—“ongangcolile, ohlukanisiwe nezoni,” njengoba uJesu ayenjalo—bekuyoba lula njalo ukulalela abazali bakho? (Hebheru 7:26) Ukube ubuphelele, ubungeke uthambekele ekwenzeni okubi, njengoba unjalo manje. (Genesise 8:21; IHubo 51:5) Kodwa ngisho noJesu kwadingeka afunde izifundo ezithile ngokulalela. IBhayibheli lithi: “Nakuba [uJesu] ayeyiNdodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo.” (Hebheru 5:8) Ukuhlupheka kwamsiza kanjani uJesu ukuba afunde ukulalela, isifundo okwakungakaze kudingeke asifunde ezulwini?
15, 16. UJesu wakufunda kanjani ukulalela?
15 Beqondiswa nguJehova, uJosefa noMariya bamvikela uJesu esemncane. (Mathewu 2:7-23) Kodwa ekugcineni uNkulunkulu wasisusa kuJesu isivikelo esingavamile. UJesu wahlukumezeka kakhulu engqondweni nasemzimbeni kangangokuthi iBhayibheli lithi “wenza ukunxusa nezicelo . . . ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Hebheru 5:7) Kwenzeka nini lokhu?
16 Kwenzeka ngokukhethekile phakathi namahora okugcina okuphila kwakhe kwasemhlabeni lapho uSathane ezama ngawo wonke amandla ukuphula ubuqotho baKhe. Ngokusobala, uJesu kwamhlupha kakhulu ukucabanga ukuthi ukufa kwakhe njengokungathi ungumenzi wokubi kwakungase kulethe isihlamba egameni likaYise, kangangokuthi njengoba “[eqhubeka] ethandaza [ensimini yaseGetsemane] izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini.” Ngemva kwamahora ambalwa, indlela afa ngayo esigxotsheni sokuhlushwa yayibuhlungu kangangokuthi uJesu wanxusa “ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Luka 22:42-44; Marku 15:34) Ngakho, “wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo,” kanjalo wajabulisa inhliziyo kaYise. Manje njengoba esesezulwini, uJesu uyazwelana nathi ebuhlungwini bethu njengoba ngokuvamile silwa kanzima ukuze silalele.—IzAga 27:11; Hebheru 2:18; 4:15.
Ukufunda Isifundo Sokulalela
17. Kufanele sikubheke kanjani ukuthola isiyalo?
17 Lapho uyihlo nonyoko bekuyala, kubonisa ukuthi bakufunela okungcono kakhulu, bayakuthanda. IBhayibheli liyabuza: “Iyiphi indodana engayalwa uyise?” Bekungeke yini kube buhlungu ukube abazali bakho abakuthandi ngokwanele ukuba bazinike isikhathi futhi benze umzamo wokukuyala? Ngokufanayo, uJehova ukuyala ngoba ekuthanda. “Yiqiniso, asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo sokuthula, okuwukuthi, ukulunga.”—Hebheru 12:7-11.
18. (a) Isiyalo sothando sibonisani? (b) Isiyalo sothando uye wabona sibumba abantu ngaziphi izindlela ezinhle?
18 Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uJesu aphawula ukuthi yayihlakaniphe kakhulu, yakhuluma ngesidingo sokuyalwa abazali ngothando. USolomoni wabhala: “Ogodla induku yakhe uyayizonda indodana yakhe, kodwa ngoyithandayo oyifunayo ukuze ayiyale.” USolomoni waze wathi umuntu oyalwa ngothando angase akhulule umphefumulo wakhe ekufeni. (IzAga 13:24; 23:13, 14; Mathewu 12:42) Omunye wesifazane ongumKristu ukhumbula ukuthi lapho eseyingane kwakuthi uma ehlupha emihlanganweni yobuKristu, uyise amthembise induku uma befika ekhaya. Manje uyajabula lapho ekhumbula uyise ngoba wamnika isiyalo sothando esakubumba kahle ukuphila kwakhe.
19. Kungani ngokukhethekile kufanele ubalalele abazali bakho?
19 Uma unabazali abakuthanda ngokwanele ukuba bazinike isikhathi futhi benze umzamo wokukuyala ngothando, bonga ngalokho. Balalele, njengoba nje iNkosi yethu uJesu Kristu yalalela abazali bayo, uJosefa noMariya. Kodwa balalele ngokukhethekile ngenxa yokuthi uYihlo osezulwini, uJehova uNkulunkulu, uthi balalele. Uyozizuzisa ngokwenza kanjalo, futhi kungase “kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.”—Efesu 6:2, 3.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 2, ikhasi 841, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• Iziphi izinzuzo izingane ezingazithola ngokulalela abazali bazo?
• Lapho eseyingane, uJesu wasibeka kanjani isibonelo ngokulalela abazali bakhe?
• UJesu wakufunda kanjani ukulalela?
[Isithombe ekhasini 24]
UJesu owayeneminyaka engu-12 wayeyazi kahle imiBhalo
[Isithombe ekhasini 26]
UJesu wakufunda kanjani ukulalela lapho ehlupheka?