Izimpendulo Ezisebenzayo!
AMACEBISO amaningi asezincwadini zokuzithuthukisa ezitholakala ngobuningi namuhla agxile ekusizeni abantu asebesenkiyankiyeni yenkinga. IBhayibheli lihlukile. Nakuba iseluleko salo singabasiza abantu abasosizini, lenza okungaphezu kwalokho. Iseluleko salo sisiza umuntu ukuba awagweme amaphutha angenza ukuphila kube nzima ngokungadingekile.
IBhayibheli ‘linganika ongenalo ulwazi ukukhalipha, nensizwa ulwazi nekhono lokucabanga.’ (IzAga 1:4) Uma ukusebenzisa lokho okushiwo iBhayibheli, “ikhono lokucabanga liyokuqapha, ukuqonda kuyokulonda, ukuze kukukhulule endleleni embi.” (IzAga 2:11, 12) Cabanga ngezibonelo eziqondile ezibonisa indlela ukulalela iseluleko seBhayibheli okungayilonda ngayo impilo yakho, kuthuthukise ukuphila komkhaya wakho futhi kukwenze ube isisebenzi noma umqashi ongcono.
Linganisela Otshwaleni
IBhayibheli alikulahli ukusetshenziswa kotshwala okusesilinganisweni. Umphostoli uPawulu wabonisa indlela iwayini elingelapha ngayo lapho ecebisa uThimothewu owayesemncane: “Sebenzisa iwayini elincane ngenxa yesisu sakho nokugula kwakho kaningi.” (1 Thimothewu 5:23) Ezinye izindima zeBhayibheli zibonisa ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba iwayini lenze okungaphezu nje kokwelapha. Iwayini lichazwa njengelenza “inhliziyo yomuntu ofayo ijabule.” (IHubo 104:15) Nokho, iBhayibheli lixwayisa ngokuba ‘yisigqila sewayini eliningi.’ (Thithu 2:3) Lithi: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini, phakathi kwamakloza. Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu.” (IzAga 23:20, 21) Uba yini umphumela lapho leso seluleko esingeqisi sishaywa indiva? Phawula imininingwane yamazwe ambalwa nje.
I-Global Status Report on Alcohol 2004 ye-World Health Organization ithi: “Izinkinga ezihlobene notshwala zibiza izakhamuzi zase-Ireland ama-euro angaba izigidi eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amane [amarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-22 namakhulu amahlanu] ngonyaka.” Lo mbiko uthi lezi zindleko ezinkulu zihlanganisa “izindleko zokwelashwa (ama-euro ayizigidi ezingu-279 [amarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha]), izindleko zezingozi zomgwaqo (ama-euro ayizigidi ezingu-315 [amarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezintathu]), izindleko zobugebengu obuhlobene notshwala (ama-euro ayizigidi eziyikhulu [amarandi ayizigidi ezingu-938]), ukulahleka komkhiqizo ngenxa yokuphutha emsebenzini okuhlobene notshwala (ama-euro ayizigidi ezingu-1 034 [amarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-9 namakhulu angu-7]).”
Okubaluleke ngaphezu kwezindleko ezingokwezimali zokusetshenziswa kabi kotshwala yizinga lokuhlupheka kwabantu. Ngokwesibonelo, ngenkathi ethile eyizinyanga ezingu-12 nje, e-Australia kwaba nabantu abangaphezu kwesigamu sesigidi abahlukunyezwa ngokomzimba abantu ababephuzile. EFrance, ukusetshenziswa kabi kotshwala kuthiwa kubangela amaphesenti angaba ngu-30 obudlova basekhaya. Uma sicabanga ngala maqiniso, iseluleko seBhayibheli mayelana notshwala asizwakali yini sinengqondo kuwe?
Gwema Imikhuba Engcolisayo
Kudala ngo-1942, lapho ukubhema kwakusabhekwa njengento esemfashinini, lo magazini wasiza abafundi bawo ukuba babone ukuthi ukusebenzisa ugwayi kuwukwephula izimiso zeBhayibheli futhi kufanele kugwenywe. Isihloko esanyatheliswa ngalowo nyaka sabonisa ukuthi labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu kumelwe balalele umyalo weBhayibheli ‘wokuzihlanza kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.’ (2 Korinte 7:1) Manje, eminyakeni engaba ngu-65 kamuva, akucacile yini ukuthi lesi seluleko esisekelwe eBhayibhelini sasinengqondo?
Ngo- 2006, i-World Health Organization yachaza ugwayi ngokuthi “imbangela yokufa yesibili kweziyinhloko emhlabeni.” Unyaka ngamunye, abantu abangaba izigidi ezinhlanu babulawa ukusebenzisa ugwayi. Isandulela-ngculaza nengculaza kona kubulala abangaba izigidi ezintathu unyaka ngamunye. Phakathi nekhulu lama-20, ukubhema kwabulala abantu abalinganiselwa ezigidini eziyikhulu, abacishe balingane nalabo abafa kuzo zonke izimpi zalelo khulu leminyaka. Yebo, manje ukuhlakanipha kokugwema ugwayi kwamukelwa kabanzi.
“Balekelani Ubufebe”
Nokho, lokho iBhayibheli elikushoyo ezindabeni zobulili akwamukeleki kalula. Ngokuphambene nalokho abaningi abaye bathonywa ukuba bakukholelwe, iBhayibheli alilahli sonke isifiso sobulili njengesiyisono. Kunalokho, linikeza iseluleko esinengqondo sendlela abantu okufanele basanelise ngayo isifiso sobulili. IBhayibheli lifundisa ukuthi ubuhlobo bobulili kufanele bugcine phakathi kwendoda nomfazi abashadene. (Genesise 2:24; Mathewu 19:4-6; Hebheru 13:4) Ubulili buyindlela yokuba abangane bomshado babonisane uthando. (1 Korinte 7:1-5) Izingane ezizalwa yilabo bantu ziyazuza ngokuba nabazali ababili abakhathalelanayo.—Kolose 3:18-21.
Ngokuqondene nokuziphatha okubi kobulili, iBhayibheli liyayala: “Balekelani ubufebe.” (1 Korinte 6:18) Isiphi esinye sezizathu zalokhu? Leli vesi liyaqhubeka: “Zonke ezinye izono umuntu angase azenze zingaphandle komzimba wakhe, kodwa lowo ofebayo wona owakhe umzimba.” Uba yini umphumela lapho iseluleko seBhayibheli ezindabeni zobulili singanakwa?
Cabanga ngalokho okwenzekayo e-United States. Kulelo zwe, izinga lentsha ekhulelwayo liphakeme kunakunoma iliphi elinye izwe elithuthukile ngoba kukhulelwa intsha engaba ngu-850 000 unyaka ngamunye. Izingane eziningi ezisindayo ekubulaweni onina ngokukhipha isisu zizalwa omama abangashadile. Ngokungangabazeki, abathile balab’omama abasebancane benza okusemandleni ukuze bakhulise izingane zabo ngothando nangempatho enhle, futhi abanye bayaphumelela. Nokho, iqiniso elibuhlungu ukuthi amadodana omama abaseyizingane anamathuba engeziwe okugcina engene ejele nokuthi amadodakazi anamathuba engeziwe okuba nawo abe omama eseyizingane. Ngemva kokubukeza izibalo zamashumi eminyaka athile edlule, umcwaningi uRobert Lerman wabhala: “Ukwanda kwemikhaya enomzali oyedwa kungenzeka kubé nomthelela ekwandeni kwezinye izinkinga zenhlalo, njengokwanda kwabafundi abangasiqedi isikole, [ukwanda] kokusetshenziswa kabi kotshwala nezidakamizwa, kwentsha ekhulelwayo ithole abantwana nokwentsha engamahlongandlebe.”
Labo abaziphatha kabi ngokobulili babhekene nanezingozi ezinkulu zempilo engokwenyama nengokwengqondo. Ngokwesibonelo, iphephabhuku i-Pediatrics liyabika: “Imininingwane isikisela ukuthi intsha ehlanganyela ubulili isengozini enkulu yokucindezeleka nokuzibulala.” Ngokuqondene nezinye izingozi zempilo, i-American Social Health Association ithi: “Abantu abangaphezu kwesigamu [e-United States] bayoba nesifo esidluliselwa ngobulili esikhathini esithile ekuphileni kwabo.” Cabanga ngobuhlungu benhliziyo nokuhlupheka abantu abebengakugwema ukube bebesilalela iseluleko seBhayibheli esisebenzayo ngokuqondene nobulili!
Yenza Umkhaya Usondelane
IBhayibheli aligcini nje ngokuxwayisa ngemikhuba elimazayo. Phawula iseluleko salo esisebenzayo mayelana nendlela yokuthuthukisa ukuphila komkhaya.
IZwi likaNkulunkulu lithi: “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu.” (Efesu 5:28) Kunokuthatha omkawo kalula, amadoda akhuthazwa ukuba ahlale nabo ‘ngokolwazi, ebazisa njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane.’ (1 Petru 3:7) Ngokuqondene nezimpikiswano ezingase zibe khona, amadoda ayelulekwa: “Qhubekani nithanda omkenu futhi ningabathukutheleli kakhulu.” (Kolose 3:19) Awuvumi yini ukuthi indoda esebenzisa lesi seluleko iyothandwa futhi ihlonishwe umkayo?
Kubafazi, iBhayibheli lithi: “Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla . . . Umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:22, 23, 33) Awucabangi yini ukuthi umfazi olalela lesi seluleko lapho ekhuluma nomyeni wakhe—noma lapho ekhuluma ngaye—uyothandwa kakhulu ngumyeni wakhe?
Mayelana nokuqeqesha izingane, iseluleko seBhayibheli kini bazali sithi xoxani nezingane zenu ‘lapho nihleli endlini yenu nalapho nihamba endleleni nalapho nilala nalapho nivuka.’ (Duteronomi 6:7) Obaba ngokukhethekile bayalwa ukuba banikeze izingane zabo isiqondiso sokuziphatha nesiyalo sothando. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Ezinganeni kuthiwa: “Lalelani abazali benu,” futhi kuthiwa “hlonipha uyihlo nonyoko.”a—Efesu 6:1, 2.
Ucabanga ukuthi imikhaya ingazuza yini uma isebenzisa lezi zeluleko? Ungase uthi, ‘Kona kuzwakala kukuhle uma kukhulunywa nje, kodwa kuyasebenza ngempela yini?’ Sikumema ukuba uvakashele eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova elisendaweni yakini. Uyobona imikhaya ezama ukusebenzisa izeluleko ezihlakaniphile zeBhayibheli. Xoxa nayo. Bheka indlela amalungu emikhaya akhulumisana ngayo. Uyozibonela ukuthi ukuphila ngezimiso zeBhayibheli kuyayenza ngempela imikhaya ijabule!
Isisebenzi Esikhuthele Nomqashi Onobulungisa
IBhayibheli lithini ngenselele yansuku zonke yokugwema ukudilizwa emsebenzini? Lithi isisebenzi esifunda umsebenzi waso siwazi kahle sinamathuba engeziwe okuba sithandwe futhi sinikwe umvuzo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabuza: “Uke wambona umuntu onekhono emsebenzini wakhe? Phambi kwamakhosi yilapho eyokuma khona.” (IzAga 22:29) Ngakolunye uhlangothi, “umuntu oyivila” ‘unjengomusi’ oxhophayo “emehlweni’ omqashi wakhe. (IzAga 10:26) IBhayibheli likhuthaza izisebenzi ukuba zithembeke futhi zikhuthale. “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe.” (Efesu 4:28) Lesi seluleko sisebenza ngisho nalapho umqashi engabhekile. “Balaleleni kukho konke labo abangamakhosi enu ngomqondo ongokwenyama, kungabi ngezenzo zokuthenga amehlo, njengabajabulisa abantu, kodwa ngobuqotho benhliziyo, ngokwesaba uJehova.” (Kolose 3:22) Uma ungumqashi, ubungeke yini usazise isisebenzi esisebenzisa lesi seluleko?
IBhayibheli likhumbuza abaqashi: “Isisebenzi sifanelwe inkokhelo yaso.” (1 Thimothewu 5:18) UMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli wayala ukuba abaqashi bakhokhele izisebenzi zabo ngokushesha nangokwethembeka. UMose wabhala: “Ungamphambi umuntu wakini, futhi ungamphangi. Inkokhelo yesisebenzi esiqashiwe akufanele ihlale ubusuku bonke kuwe kuze kube sekuseni.” (Levitikusi 19:13) Ubungeke yini ukujabulele ukusebenzela umqashi olalela isiqondiso seBhayibheli akukhokhele ngokushesha nangokwethembeka?
Umthombo Ophakeme Wokuhlakanipha
Kuyakumangaza yini ukuthi incwadi endala njengeBhayibheli ineseluleko esisebenzayo namuhla? Isizathu esiye senza iBhayibheli laqhubeka lisebenza kuyilapho ezinye izincwadi ziye zaphelelwa isikhathi ukuthi liqukethe ‘izwi likaNkulunkulu’ hhayi elabantu.—1 Thesalonika 2:13.
Sikukhuthaza ukuba uzinike isikhathi sokuzijwayeza iZwi likaNkulunkulu. Uma wenza kanjalo, uyoqala ukuzizwa umthanda uMlobi weBhayibheli, uJehova uNkulunkulu. Sebenzisa iseluleko asinikezayo, uzibonele sikulonda ezingozini futhi sikusiza ukuba uthuthukise ukuphila kwakho. Ngokwenza kanjalo, ‘uyosondela kuNkulunkulu, naye uyosondela kuwe.’ (Jakobe 4:8) Ayikho enye incwadi engakusiza kanjalo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe yezimiso zeBhayibheli ezingasiza umkhaya wakho, bheka incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 4]
Ucabanga ukuthi umbono weBhayibheli ngokusetshenziswa kotshwala uyasebenza?
[Isithombe ekhasini 5]
Uyavumelana yini neseluleko esisekelwe eBhayibhelini sokugwema ugwayi?
[Izithombe ekhasini 7]
Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kuthuthukisa ukuphila komkhaya
[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]
Globe: Based on NASA photo