Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Onika Ukukhuthazela Nenduduzo’
EMINYAKENI engaba ngu-2 000 edlule, umlobi weBhayibheli uPawulu wachaza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo.” (Roma 15:5) Njengoba iBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi uJehova akashintshi ngokuhamba kwesikhathi, singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu usabaduduza labo abamkhonzayo. (Jakobe 1:17) Empeleni, iBhayibheli lembula ukuthi uJehova ubaduduza ngezindlela ezihlukahlukene labo abadinga induduzo. Yiziphi ezinye zalezi zindlela? UNkulunkulu ubanika amandla labo abaphendukela kuye ngomthandazo, becela usizo lwakhe. Ushukumisa namaKristu eqiniso ukuba aduduze amanye amakholwa. Futhi uJehova unikeza izindaba eziduduzayo eziseZwini lakhe, iBhayibheli, eziqinisayo ikakhulukazi kulabo abasosizini lokushonelwa umntwana. Ake sixoxe ngayinye yalezi zindlela ezintathu zenduduzo.
“UJehova Wezwa”
INkosi uDavide yabhala ngoMdali wethu, uJehova: “O bantu, thembelani kuye ngazo zonke izikhathi. Thululani inhliziyo yenu phambi kwakhe. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu.” (IHubo 62:8) Kungani uDavide ayemethemba kangaka uJehova? Ekhuluma ngokwenzeka kuye ngokwakhe, uDavide wabhala: “Lona ohluphekile wabiza, uJehova wezwa. Futhi Yena wamsindisa kuzo zonke izingcindezi zakhe.” (IHubo 34:6) Kuzo zonke izimo ezicindezelayo uDavide abhekana nazo, njalo wayethandaza kuNkulunkulu acele usizo, futhi njalo uJehova wayemsiza. UDavide wayazi kulokho okwenzeka kuye ukuthi uNkulunkulu wayezomsekela futhi amsize ukuba akhuthazele.
Abazali abasosizini kudingeka bazi ukuthi uJehova uzobasekela phakathi nokudabuka kwabo okukhulu, njengoba nje asekela uDavide. Bangaya ‘kuMuzwi womthandazo,’ benethemba lokuthi uzobasiza. (IHubo 65:2) UWilliam, ocashunwe esihlokweni esandulelayo, waphawula: “Izikhathi eziningi ngiye ngaba nomuzwa wokuthi ngeke ngikwazi ukuqhubeka ngiphila ngaphandle kwendodana yami, futhi ngiye ngacela uJehova ukuba angisize. Njalo uye wanginika amandla nesibindi sokuqhubeka ngiphila.” Uma nawe uthandaza kuJehova ngokholo, uNkulunkulu wasezulwini omkhulu uzokusekela. Ngaphezu kwalokho, uJehova uNkulunkulu wethembisa labo abazama ukumkhonza: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”—Isaya 41:13.
Ukusekelwa Abangane Beqiniso
Labo abashonelwe umntwana ngokuvamile badinga isikhathi sokulila bebodwa futhi babhekane nemizwa yabo. Nokho, ukugwema ukuhlangana nabanye isikhathi eside ngeke kube ukuhlakanipha. NgokwezAga 18:1, “ozihlukanisayo” angase alimale. Ngakho, labo abasosizini kufanele baqaphele ukuba bangaweli ogibeni lokuzihlukanisa.
Abangane abesaba uNkulunkulu bangaba usizo kakhulu kulabo abasosizini. IzAga 17:17 zithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” ULucy, okukhulunywe nangaye esihlokweni esandulelayo, waduduzwa abangane beqiniso ngemva kokushonelwa indodana yakhe. Ekhuluma ngabangane bakhe basebandleni, wathi: “Ukusivakashela kwabo kwasiza kakhulu, nakuba ngezinye izikhathi babengakhulumi kakhulu. Omunye umngane wayengivakashela lapho ngingedwa. Wayazi ukuthi ngizobe ngisekhaya ngikhala, futhi wayevame ukuza akhale nami. Omunye wayengishayela ucingo zonke izinsuku angikhuthaze. Kanti abanye babesimemela ukudla emakhaya abo, futhi basaqhubeka bekwenza lokho.”
Nakuba ubuhlungu obujulile obuzwiwa abazali lapho beshonelwa umntwana bungapheli kalula, ukuthandaza kuNkulunkulu nokuhlangana nabangane abangamaKristu eqiniso kuyobaduduza ngempela labo abasosizini. Iningi labazali abangamaKristu abaye bashonelwa umntwana baye babone ukuthi uJehova unabo. Yebo, uJehova “uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.”—IHubo 147:3.
Izindaba EziseBhayibhelini Eziduduzayo
Ngaphandle komthandazo nobudlelwane obakhayo, iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe liwumthombo wenduduzo kulabo abalilayo. Izindaba eziseBhayibhelini zembula ukuthi uJesu unesifiso esijulile namandla okususa ubuhlungu obuzwiwa abazali abashonelwe ngokuvusa abafileyo. Lezo zindaba zibaduduza ngempela labo abasosizini. Ake sixoxe ngezimbili zalezo zindaba.
ULuka isahluko 7 uchaza lokho okwenzeka lapho uJesu ehlangana nodwendwe lomngcwabo emzini waseNayini. Abantu base bezongcwaba indodana eyodwa vó yomfelokazi. Ivesi 13 lithi: “Lapho iNkosi imbona, yamhawukela, yathi kuye: ‘Yeka ukukhala.’”
Bambalwa abangalokotha batshele umama emngcwabeni wendodana yakhe ukuba ayeke ukukhala. Kungani uJesu asho lokho? Kungenxa yokuthi wayazi ukuthi usizi lwalo mama lwase luzophela. Ukulandisa kuqhubeka kuthi: ‘UJesu wasondela wathinta uhlaka, ababeluthwele bema, wathi: “Nsizwa, ngithi kuwe, Vuka!” Lo muntu ofile wavuka wahlala futhi waqala ukukhuluma, wamnika unina.’ (Luka 7:14, 15) Ngaleso sikhathi, kumelwe ukuba unina wakhala futhi, kodwa manje sekuyizinyembezi zenjabulo.
Kwesinye isenzakako, indoda egama layo linguJayiru yaya kuJesu yamcela ukuba asize indodakazi yayo eneminyaka engu-12 ubudala eyayibangwa nezibi. Ngokushesha ngemva kwalokho, kwafika umbiko wokuthi leyo ntombazane isishonile. Lezo zindaba zenza uJayiru waba lusizi, kodwa uJesu wathi kuye: “Ungesabi, kuphela yiba nokholo.” Lapho esefike emzini kaJayiru, uJesu waya entombazaneni eshonile. Eyibamba ngesandla, wathi: “Ntombazane, ngithi kuwe, Vuka!” Kwenzekani? “Masinyane intombazane yavuka yahamba.” Bazizwa kanjani abazali bayo? “Bagajwa yinjabulo enkulu.” Njengoba uJayiru nomkakhe banga indodakazi yabo, bachichima injabulo. Kwakunjengokungathi bayaphupha.—Marku 5:22-24, 35-43.
Izindaba eziseBhayibhelini ezilandisa ngokuningiliziwe ngovuko lwabantwana ezinjengalezi zibonisa lokho abazali abasosizini namuhla abangakulindela esikhathini esizayo. UJesu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.” (Johane 5:28, 29) Injongo kaJehova iwukuba iNdodana yakhe ivuse labo abashona. Izigidi ezingenakubalwa zabantwana ezashona ‘ziyozwa izwi lakhe’ lapho ethi kuzo: ‘Ngithi kini, Vukani!’ Labo bantwana bayophinde bahambe futhi bakhulume. Futhi njengoJayiru nomkakhe, abazali balabo bantwana ‘bayogajwa injabulo enkulu.’
Uma uye washonelwa indodana noma indodakazi, sicela wazi ukuthi ngovuko uJehova angashintsha usizi lwakho lube injabulo. Ukuze uzuze kuleli themba elimangalisayo, lalela ukunxusa komhubi: “Funani uJehova nezikhwepha zakhe. Bufuneni njalo ubuso bakhe. Khumbulani imisebenzi yakhe emangalisayo ayenzile, izimangaliso zakhe.” (IHubo 105:4, 5) Yebo, khonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi umkhulekele ngendlela eyamukelekayo.
Yini ozoyithola kwamanje uma ‘ufuna uJehova’? Uzothola amandla ngokuthandaza kuNkulunkulu, ukukhathalela kothando kwabangane beqiniso abangamaKristu kuzokwenza uzizwe ududuzekile, futhi ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kuzokuvuselela. Ngaphezu kwalokho, maduze uzobona ‘imisebenzi emangalisayo nezimangaliso’ uJehova azozenza ukuze wena nomntanakho okushiye ngokufa nizuze phakade.
[Ibhokisi ekhasini 5]
“Ngilethele Owesifazane Owashonelwa Abantwana Ababili”
UKehinde noBintu, umbhangqwana waseNigeria ongoFakazi BakaJehova, bashonelwa abantwana babo ababili engozini yemoto. Kusukela ngaleso sikhathi, baye bezwa ubuhlungu ngenxa yalokhu kushonelwa okushaqisayo. Noma kunjalo, ukuthembela kwabo kuJehova kuyabaqinisa, futhi bayaqhubeka bekhuluma nomakhelwane babo ngesigijimi seBhayibheli sethemba.
Abanye baphawula ukuthi uKehinde noBintu banokuthula kwangaphakathi futhi baqinile. Ngolunye usuku uNkk. Ukoli wathi komunye umngane kaBintu: “Ngilethele owesifazane owashonelwa abantwana ababili ngasikhathi sinye futhi osashumayela isigijimi seBhayibheli. Ngifuna ukwazi ukuthi yini emnika amandla okuqhubeka eqinile.” Lapho uBintu efika emzini walona wesifazane, uNkk. Ukoli wathi kuye: “Ngifuna ukwazi ukuthi kungani usashumayela ngoNkulunkulu obulele abantwana bakho. UNkulunkulu wathatha indodakazi yami ewukuphela kwayo. Kusukela ngaleso sikhathi angisafune kuzwa lutho ngoNkulunkulu.” UBintu wasebenzisa iBhayibheli ukuze achaze isizathu sokufa kwabantu nesizathu sokuba sibe nethemba eliqinile lokuthi esibathandayo abashonile bayovuswa.—IzEnzo 24:15; Roma 5:12.
Ngemva kwalokho, uNkk. Ukoli wathi: “Ngangicabanga ukuthi lapho abantu befa basuke bethathwe nguNkulunkulu. Manje sengiyazi ukuthi akunjalo.” Wanquma ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ukuze afunde okwengeziwe ngezithembiso zikaNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 6]
‘Ngifuna Ukusiza, Kodwa Angazi Ukuthi Ngenzeni’
Lapho abazali bomntwana oshonile nezinga- ne zakwabo bezwa ubuhlungu obukhulu, abangane babo bangase bazizwe besaba. Bafuna ukuwusekela lowo mkhaya kodwa bayesaba ukuthi hleze basho noma benze into embi eyokwenza ubuhlungu bube bukhulu kakhulu. Nakhu okunye ukusikisela kulabo abangase bacabange, ‘Ngifuna ukusiza, kodwa angazi ukuthi ngenzeni.’
❖ Ungabagwemi abashonelwe ngoba ungaqiniseki ukuthi uzothini noma uzokwenzani. Ukuba khona nje kwakho kuyabaqinisa. Ingabe awazi ukuthi uzothini? Ukwanga namazwi aqotho athi “Ngiyazwelana nani” kubabonisa ukuthi uyabakhathalela. Ingabe uyesaba ukuthi uma uqala ukukhala, uyobe wandisa ukudabuka kwabo? IBhayibheli lithi: “Khalani nabantu abakhalayo.” (Roma 12:15) Ukukhala kwakho kubonisa ukuthi nawe ulusizi njengabo, futhi lokho kuyabaduduza.
❖ Thatha isinyathelo. Ingabe ungawulungiselela lowo mkhaya ukudla okulula? Ingabe ungawugezela izitsha ezingcolile ezinqwabelene? Ingabe ungawuyela ezindaweni ezithile? Ungabothi, “Ngicela ningazise uma nidinga noma yini.” Ngisho noma lawo mazwi eshiwo ngobuqotho, kubazali abaningi abashonelwe angase abatshele ukuthi umatasa kakhulu ukuba ungasiza. Kunalokho, buza, “Ngingasiza kuphi manje?” bese ukwenza lokho abakushoyo. Kodwa gwema ukungena lapho ungacelwanga ukuba ungene khona noma ukuzigaxa ezindabeni zokuphila kwabo.
❖ Gwema ukuthi, “Ngiyazi ukuthi nizizwa kanjani.” Umuntu ngamunye uzizwa ngendlela ehlukile lapho eshonelwa umuntu amthandayo. Ngisho noma nawe wake washonelwa umntwana, awazi ngokuqondile ukuthi bazizwa kanjani.
❖ Kuyodlula isikhathi eside ngaphambi kokuba lowo mkhaya uphinde uphile ngendlela evamile. Qhubeka ubasiza ngokusemandleni akho. Ekuqaleni, abantu bavame ukuwunaka nokuwusiza kakhulu umkhaya oshonelwe, kodwa akufanele kuphelele lapho. Ziqaphele izidingo zawo ngisho noma sekudlule amasonto nezinyanga.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongasiza ngayo labo abashonelwe umntwana, bheka isihloko esithi “Abanye Bangasiza Kanjani?” esisemakhasini 20-4, encwajaneni ethi Lapho Ufelwa Othandekayo enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Izithombe ekhasini 7]
Izindaba eziseBhayibhelini zibonisa ukuthi uJesu unamandla futhi uyafisa ukuvusa abantwana abafileyo