Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 9/1 kk. 4-7
  • “Zalotshelwa Ukuba Kufundiswe Thina”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Zalotshelwa Ukuba Kufundiswe Thina”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Elikushoyo Ngomlobi
  • Ingabe ImiBhalo YesiHebheru Yathathelwa Indawo?
  • Iseluleko Ngokuphila Kwansuku Zonke
  • Ithemba Ngekusasa
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakholelwa ETestamenteni Elidala?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayalamukela Itestamente Elidala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • “ITestamente Elidala” Noma “ImiBhalo YesiHeberu”—Ikuphi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Liyini IBhayibheli?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 9/1 kk. 4-7

“Zalotshelwa Ukuba Kufundiswe Thina”

“UKWENZA izincwadi eziningi akupheli.” (UmShumayeli 12:12) Ukwaziswa okuningi kakhulu okulotshiwe okukhona namuhla kwenza la mazwi abe iqiniso njengoba kwakunjalo ngesikhathi elotshwa. Ngakho, umfundi onokuqonda anganquma kanjani ukuthi yikuphi okufanele akufunde?

Lapho becabanga ngencwadi abangase bayifunde, abafundi abaningi bafuna ukwazi okuthile ngomlobi wayo. Abanyathelisi bangase bafake isigaba esincane esinegama ledolobha lomlobi, imfundo yakhe nezinye izincwadi azibhala. Igama lomlobi libalulekile, ngoba emakhulwini eminyaka adlule abalobi besifazane babevame ukusebenzisa igama-mbumbulu lowesilisa ukuze ababezofunda izincwadi zabo bangavele bazibukele phansi ngoba nje zibhalwe abesifazane.

Njengoba kuboniswe esihlokweni esandulele, kuyadabukisa ukuthi abanye abayinaki imiBhalo YesiHebheru ngoba bekholelwa ukuthi uNkulunkulu ovezwe kuyo ungunkulunkulu ononya owayebhubhisa izitha zakhe ngesihluku.a Ake sixoxe ngalokho esikutshelwa imiBhalo YesiHebheru nemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomLobi weBhayibheli.

Elikushoyo Ngomlobi

NgokwemiBhalo YesiHebheru, uNkulunkulu watshela isizwe sakwa-Israyeli: “NginguJehova; angizange ngishintshe.” (Malaki 3:6) Ngemva kweminyaka engaba ngu-500, umlobi weBhayibheli uJakobe wabhala lokhu ngoNkulunkulu: “Kuye akukho ukushintshashintsha kokuphenduka kwethunzi.” (Jakobe 1:17) Pho kungani abanye bebona sengathi uNkulunkulu owembulwa imiBhalo YesiHebheru uhlukile kuNkulunkulu osemiBhalweni YamaKristu YesiGreki?

Impendulo iwukuthi izimfanelo ezihlukahlukene zobuntu bukaNkulunkulu zembulwa ezingxenyeni ezihlukahlukene zeBhayibheli. Encwadini kaGenesise kuphela, uchazwa ngokuthi uzwa “ubuhlungu enhliziyweni yakhe,” “uMenzi wezulu nomhlaba” nangokuthi “uMahluleli womhlaba wonke.” (Genesise 6:6; 14:22; 18:25) Ingabe lezi zimfanelo ezingefani zichaza uNkulunkulu oyedwa? Yebo kunjalo.

Nasi isibonelo: Umahluleli wendawo angase aziwe kakhulu yilabo abake baba namacala enkantolo njengomuntu onamathela ngokuqinile emthethweni. Ngakolunye uhlangothi, abantwana bakhe bangase bambheke njengobaba onothando nophanayo, ebe enjalo ngempela. Abangane bakhe bangase bamazi njengendoda engenekayo nenamancoko. Lo muntu oyedwa ungumahluleli, ubaba nomngane. Kumane nje kuwukuthi izimfanelo ezihlukahlukene zobuntu bakhe zibonakala ezimweni ezihlukahlukene.

Ngokufanayo, imiBhalo YesiHebheru ichaza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso.” Kodwa sifunda nokuthi “ngeke neze akhulula esijezisweni.” (Eksodusi 34:6, 7) Lezi zici ezimbili zibonisa incazelo yegama likaNkulunkulu. Igama elithi “uJehova” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu uba yinoma yini edingekayo ukuze agcwalise izithembiso zakhe. (Eksodusi 3:13-15) Kodwa uhlala enguNkulunkulu ofanayo. UJesu wathi: “UJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa.”—Marku 12:29.

Ingabe ImiBhalo YesiHebheru Yathathelwa Indawo?

Kuyinto evamile namuhla ukuba izincwadi ezindala zithathelwe indawo ezintsha lapho kutholakala ukwaziswa okusha noma lapho imibono evamile ishintsha. Ingabe imiBhalo YamaKristu YesiGreki yangena kanjalo esikhundleni semiBhalo YesiHebheru? Cha.

Ukube uJesu wayehlose ukuba umlando wenkonzo yakhe nezincwadi ezabhalwa abafundi bakhe kungene esikhundleni semiBhalo YesiHebheru, ngokuqinisekile wayezokubonisa ngokucacile lokho. Nokho, ngaphambi nje kokuba uJesu anyukele ezulwini, ukulandisa kukaLuka kuthi: “Eqala kuMose nakubo bonke abaProfethi [emiBhalweni YesiHebheru] wabachazela [abafundi bakhe ababili] izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.” Kamuva, uJesu wabonakala kubaphostoli bakhe abathembekile nakwabanye. Ukulandisa kuyaqhubeka: “Manje wathi kubo: ‘Lawa ngamazwi ami engawakhuluma kini ngesikhathi ngisenani, ukuthi zonke izinto ezilotshwe ngami emthethweni kaMose nakubaProfethi nakumaHubo kumelwe zigcwaliseke.’” (Luka 24:27, 44) UJesu wayengabe esayisebenziselani imiBhalo YesiHebheru ngasekupheleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni uma kanti yayisiphelelwe isikhathi?

Ngemva kokumiswa kwebandla lobuKristu, abalandeli bakaJesu baqhubeka besebenzisa imiBhalo YesiHebheru ukuze bagcizelele iziprofetho ezazisazogcwaliseka, izimiso eziseMthethweni KaMose ezazinezifundo eziyinzuzo nokulandisa okukhuluma ngezibonelo ezinhle zezinceku zikaNkulunkulu zasendulo ezikhuthaza amaKristu ukuba ahlale ethembekile. (IzEnzo 2:16-21; 1 Korinte 9:9, 10; Hebheru 11:1–12:1) Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”b (2 Thimothewu 3:16) ImiBhalo YesiHebheru izuzisa kanjani namuhla?

Iseluleko Ngokuphila Kwansuku Zonke

Cabanga ngenkinga yanamuhla yobandlululo. Kwelinye idolobha eliseMpumalanga Yurophu, owesilisa waseTopiya oneminyaka engu-21 ubudala uthi: “Uma sifuna ukuya endaweni ethile, kumelwe sihlele ukuhamba njengeqembu. Singase singahlaselwa uma siyiqembu.” Uyaqhubeka: “Asikwazi ukuhamba uma sekushaye ihora lesithupha kusihlwa, ikakhulu emzileni ohamba ngaphansi komhlaba. Lapho abantu besibuka, babona nje ibala lethu lesikhumba.” Ingabe imiBhalo YesiHebheru iyakhuluma ngale nkiyankiya yenkinga?

Ama-Israyeli asendulo atshelwa: “Uma umfokazi egogobala ezweni lenu, akumelwe nimphathe kabi. Umfokazi ogogobele kini kufanele abe njengowokuzalwa kini; kumelwe umthande njengoba uzithanda wena, ngoba naba abafokazi ezweni laseGibhithe.” (Levitikusi 19:33, 34) Yebo, kwa-Israyeli wasendulo lo mthetho wawuthi kufanele bacabangele abantu abavela kwamanye amazwe, noma “abafokazi,” futhi usekhona emiBhalweni YesiHebheru. Awuvumi yini ukuthi izimiso ezikulowo mthetho zingaba isisekelo sokuqeda ubandlululo namuhla?

Nakuba inganikezi iseluleko esiningiliziwe ngezimali, imiBhalo YesiHebheru ineziqondiso ezisebenzayo zendlela yokuphatha imali ngokuhlakanipha. Ngokwesibonelo, encwadini yezAga 22:7 siyafunda: “Obolekayo uyisigqila somtshelekileyo.” (IBhayibheli lesiZulu elivamile) Abeluleki abaningi bezimali bayavuma ukuthi ukuthenga ngesikweleti ngobuwula kungaholela ezinkingeni ezinkulu zezimali.

Ngaphezu kwalokho, ukuphishekela ingcebo kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani—njengoba kuvame kangaka ezweni lanamuhla elithanda izinto ezibonakalayo—kwachazwa ngokunembile enye yamadoda eyayicebe kunabo bonke emlandweni, iNkosi uSolomoni. Yabhala: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo. Nalokhu kuyize.” (UmShumayeli 5:10) Yeka isixwayiso esihlakaniphile!

Ithemba Ngekusasa

Lonke iBhayibheli linesihloko esisodwa kuphela: UNkulunkulu uyosebenzisa uMbuso kaJesu Kristu ukuze alwele ubukhosi baKhe futhi angcwelise igama laKhe.—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 11:15.

EmiBhalweni YesiHebheru, sifunda ngemininingwane yokuphila lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu esiduduzayo futhi esisondeza eduze noMthombo waleyo nduduzo, uJehova uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi kuyoba nokuthula phakathi kwezilwane nabantu: “Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama elinomhlwenga nesilwane esikhuluphele konke ndawonye; nomfanyana nje uyoba umholi wako.” (Isaya 11:6-8) Yeka ithemba elimangalisayo!

Kuthiwani ngalabo abahlushwa ubandlululo, ukugula okungathí sina, noma izinkinga zomnotho ezingaphezu kwamandla abo? Sikhuluma ngoKristu Jesu, isiprofetho esisemiBhalweni YesiHebheru sithi: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.” (IHubo 72:12, 13) Lezi zithembiso ziyasiza ngoba zenza labo abazikholelwayo babheke ikusasa ngethemba nangokuqiniseka.—Hebheru 11:6.

Akumangazi ukuthi umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba”! (Roma 15:4) Yebo, imiBhalo YesiHebheru iseyingxenye eyinhloko yeBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Inenzuzo ngempela kithi namuhla. Siyethemba ukuthi uzolwela ukufunda okwengeziwe ngalokho lonke iBhayibheli elikufundisayo ngempela, ngaleyo ndlela usondele kumLobi walo, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 119:111, 112.

[Imibhalo yaphansi]

a Kulesi sihloko, sibiza iTestamente Elidala ngokuthi imiBhalo YesiHebheru. (Bheka ibhokisi elithi “Ingabe ITestamente Elidala Noma ImiBhalo YesiHebheru?” ekhasini 6.) Ngendlela efanayo, ngokuvamile oFakazi BakaJehova babiza iTestamente Elisha ngokuthi imiBhalo YamaKristu YesiGreki.

b ImiBhalo YesiHebheru inezimiso eziningi eziyinzuzo kakhulu namuhla. Nokho, kufanele siphawule ukuthi amaKristu awekho ngaphansi koMthetho uNkulunkulu awunika isizwe sakwa-Israyeli esebenzisa uMose.

[Ibhokisi ekhasini 6]

INGABE ITESTAMENTE ELIDALA NOMA IMIBHALO YESIHEBHERU?

Inkulumo ethi “itestamente elidala” itholakala kweye-2 Korinte 3:14 kuyi-King James Version. Kuleyo nguqulo, elithi “itestamente” limelela igama lesiGreki elithi di·a·theʹke. Nokho, izinguqulo eziningi zanamuhla, njenge-New International Version, zihumusha igama elithi di·a·theʹke ngokuthi “isivumelwano” kunokuthi “itestamente.” Kungani?

Umlobi wezichazamazwi u-Edward Robinson wathi: “Njengoba isivumelwano sasendulo sisezincwadini zikaMose, elithi [di·a·theʹke] limelela incwadi yesivumelwano, imibhalo kaMose, okungukuthi umthetho.” Kweye-2 Korinte 3:14, umphostoli uPawulu wayebhekisele eMthethweni KaMose, oyingxenye encane yemiBhalo yangaphambi kobuKristu.

Ngakho, iyiphi indlela efaneleka kakhulu yokubiza izincwadi zokuqala ezingu-39 zeBhayibheli Elingcwele? Kunokusikisela ukuthi le ngxenye yeBhayibheli yayisiphelelwe isikhathi noma yayisindala, uJesu Kristu nabalandeli bakhe babiza lezi zincwadi ngokuthi ‘imiBhalo’ nangokuthi ‘imiBhalo engcwele.’ (Mathewu 21:42; Roma 1:2) Ngakho, ngokuvumelana nala mazwi aphefumulelwe, oFakazi BakaJehova babiza iTestamente Elidala ngokuthi imiBhalo YesiHebheru ngoba ekuqaleni leyo ngxenye yeBhayibheli yayibhalwe ngesiHebheru ngokuyinhloko. Ngokufanayo, babhekisela kulokho okubizwa ngokuthi iTestamente Elisha ngokuthi imiBhalo YesiGreki, ngoba amadoda ayephefumulelwe uNkulunkulu ukuba abhale leyo ngxenye yeBhayibheli asebenzisa isiGreki.

[Izithombe ekhasini 4]

Indoda ingaziwa njengomahluleli oqinile, ubaba onothando nanjengomngane

[Isithombe ekhasini 5]

UJesu wasebenzisa imiBhalo YesiHebheru phakathi nayo yonke inkonzo yakhe

[Izithombe ekhasini 7]

Iziphi izimiso zeBhayibheli ezingasiza umuntu ukuba enze izinqumo ezilungile?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela