Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 9/1 kk. 8-12
  • Ngosizo LukaJehova, Sasinda Emibusweni Yomashiqela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngosizo LukaJehova, Sasinda Emibusweni Yomashiqela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufika Kweqiniso LeBhayibheli Ekhaya
  • “Mfana, Uyazi Ukuthi Kusho Ukuthini Ukubhapathizwa?”
  • Ukuqala Koshushiso
  • Ekamu Lokuhlushwa
  • Ukuya Ekamu Elilandelayo
  • Ukukhululwa Emakamu
  • Ukubuyela Ekhaya Ekugcineni!
  • Okwangisiza Ukuba Ngikhuthazele
  • Yeka Injabulo Okuyiyo Ukuhlala Etafuleni LikaJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Asizange Siyisekele Impi KaHitler
    I-Phaphama!—1994
  • Ngikude Nasekhaya, Ngathembisa Ukukhonza Unkulunkulu
    I-Phaphama!—1992
  • Ukugcina Ubuqotho EJalimane LamaNazi
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 9/1 kk. 8-12

Indaba Yokuphila

Ngosizo LukaJehova, Sasinda Emibusweni Yomashiqela

ILANDISWA UHENRYK DORNIK

NGAZALWA abazali abangamaKatolika azinikele ngo-1926. Babehlala eRuda Slaska, idolobha lasemayini eliseduze kweKatowice, eningizimu yePoland. Bafundisa abantwana babo—umfowethu omdala, uBernard; odadewethu ababili abancane, uRóża no-Edyta; nami—ukuthandaza, ukuya esontweni nokugcina isakramente lokuphenduka.

Ukufika Kweqiniso LeBhayibheli Ekhaya

Ngelinye ilanga kungu-January 1937, lapho ngineminyaka eyishumi ubudala, ubaba wafika ekhaya ejabule kakhulu. Wayephethe incwadi enkulu ayeyithole koFakazi BakaJehova. Wathi, “Bantabami, bhekani ukuthi ngiphetheni—imiBhalo Engcwele!” Ngangingakaze ngilibone iBhayibheli.

Kwase kuyisikhathi eside iSonto LamaKatolika linethonya elikhulu kubantu baseRuda Slaska namaphethelo. Abefundisi babenobungane kakhulu kubaphathi bezimayini futhi babefuna ngenkani ukuba abasebenza emayini nemikhaya yabo babalalele. Uma isisebenzi sasemayini singayanga eMiseni noma senqaba ukuyovuma izono, sasibhekwa njengomhedeni futhi sasizoxoshwa emayini. Kwase kukhona okusina kumjeqeza ubaba ngoba wayesehlanganyela noFakazi BakaJehova. Nokho, lapho sivakashelwe umpristi ekhaya, ubaba wadalula ukuzenzisa kwalo mpristi ezindabeni zenkolo phambi kwethu sonke. Lo mpristi owayesenamahloni wayengasafuni ezinye izinkinga, ngakho ubaba akazange axoshwe.

Ukuzwa lo mpristi etshelwa ezikabhoqo kwangiqinisa ukuba ngizimisele ukwazi iBhayibheli. Kancane kancane ngaqala ukuthanda uJehova, futhi ngaba nobuhlobo naye. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa ubaba ebe nengxoxo nompristi, saya eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, lapho ubaba ethulwa khona eqenjini labantu abangu-30 ngala mazwi, “Lona ungowesigaba sikaJonadaba.” Ngokushesha ngathola ukuthi “amaJonadaba” amaKristu anethemba lasemhlabeni nokuthi ayezokwanda.a—2 AmaKhosi 10:15-17.

“Mfana, Uyazi Ukuthi Kusho Ukuthini Ukubhapathizwa?”

Ngemva kokwamukela iqiniso, ubaba wayeka ukuphuza utshwala futhi waba umyeni nobaba omuhle. Noma kunjalo, umama akazange ayamukele imibono kababa yenkolo, futhi wayevame ukuthi wayengakhetha ukuba ubaba aphile ngendlela ayephila ngayo ngaphambili futhi aqhubeke engumKatolika. Nokho, ngemva kokugqashuka kweMpi Yezwe II, waphawula ukuthi abefundisi ababethandazele ukuba iPoland inqobe amaJalimane ahlaselayo manje base bethandaza bebonga ngokunqoba kukaHitler! Kamuva ngo-1941, umama waqala ukukhonza uJehova kanye nathi.

Ngaphambi kwalokho, ngangizwakalise isifiso sami sokubonisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu ngokubhapathizwa emanzini, kodwa abadala bebandla babecabanga ukuthi ngangisemncane kakhulu. Bathi mangilinde. Nokho, ekugcineni ngo-December 10, 1940, uKonrad Grabowy (umzalwane owashona ethembekile ekamu lokuhlushwa) waxoxa nami ekamelweni kunganake muntu. Wangibuza imibuzo emihlanu, futhi wangibhapathiza ngemva kokuba aneliswe izimpendulo zami. Omunye wemibuzo yakhe wawuthi, “Mfana, uyazi ukuthi kusho ukuthini ukubhapathizwa?” Omunye wawuthi, “Uyazi yini ukuthi manje kunempi, nokuthi ngokushesha kuzodingeka wenze isinqumo sokuthi uyothembeka kuHitler noma kuJehova, futhi isinqumo sakho singase sisho ukufa?” Ngaphendula ngokungananazi, “Yebo, ngiyazi.”

Ukuqala Koshushiso

Kungani uKonrad Grabowy ayebuza le mibuzo engagwegwesi? Amabutho aseJalimane ayedle iPoland ngo-1939, futhi ngemva kwalokho ukholo nobuqotho bethu bavivinywa kakhulu. Usuku nosuku, izinto zaziba nzima kakhulu njengoba sasizwa ukuthi abafowethu nodadewethu abangamaKristu bayaboshwa, badingiswe futhi bathunyelwe emajele noma emakamu okuhlushwa. Maduze nathi sasizobhekana noshushiso olufanayo.

AmaNazi ayefuna ukwenza isizukulwane esisha—kuhlanganise nathi zingane ezine—sibe amalungu ashisekayo oMbuso WamaNazi. Njengoba ubaba nomama babenqabe kaningana ukufaka amagama abo kuyi-Volkslist (uhlu lwamagama abantu ababefuna noma abafuna ukuba izakhamuzi zaseJalimane), baphucwa ilungelo lokugcina abantwana babo. Ubaba wayiswa ekamu lokuhlushwa e-Auschwitz. Ngo-February 1944 mina nomfowethu sayiswa esikoleni sokuqondisa izigwegwe eGrodków (eGrottkau), ngaseNysa, futhi odadewethu bayiswa esigodlweni sezindela samaKatolika eCzarnowąsy (eKlosterbrück), ngase-Opole. Umgomo wabo kwakuwukusenza senqabe lokho iziphathimandla ezazikubiza ngokuthi “imibono ekhohlisayo yabazali bethu.” Umama wasala yedwa ekhaya.

Njalo ekuseni egcekeni lesikole sokuqondisa izigwegwe, kwakuphakanyiswa ifulege le-swastika futhi sasiyalwa ukuba siphakamise izandla zethu zokunene, sishayele ifulege indesheni bese sithi “Heil Hitler.” Kwakuwuvivinyo olunzima lokholo, kodwa mina noBernard sahlala siqotho, senqaba ukuyekethisa. Ngenxa yalokho, sashaywa kabuhlungu kuthiwa “siyadelela.” Imizamo eyalandela yokusiqeda umdlandla nayo ayizange iphumelele, ngakho ekugcineni onogada abangama-SS basinqumela ugwayi katiki, “Kuphakathi kokuthi nisayina ifomu elithi nizoba qotho eMbusweni WaseJalimane futhi nijoyine i-Wehrmacht [ibutho laseJalimane] noma niyiswa ekamu lokuhlushwa.”

Ngo-August 1944 lapho izikhulu zithi masiyiswe ekamu lokuhlushwa, zathi: “Ngeke sikwazi ukubenza benze noma yini. Ukuhlupheka kwabo ngenxa yokholo lwabo kuyabajabulisa. Isimo sabo sokuvukela siwusongo kubo bonke abasesikoleni sokuqondisa izigwegwe.” Nakuba ngangingafisi ukuba umfel’ ukholo, ukuhlupheka ngesibindi kodwa ngiqhubeke ngithobekile ngenxa yobuqotho bami kuJehova kwangijabulisa. (IzEnzo 5:41) Ngangingeke neze ngikwazi ukukhuthazelela ukuhlupheka okwakungilindele ngamandla ami. Ngakolunye uhlangothi, imithandazo yami eqotho yangenza ngasondelana noJehova, futhi wazibonakalisa enguMsizi engingathembela kuye.—Hebheru 13:6.

Ekamu Lokuhlushwa

Ngokushesha ngayiswa eGross-Rosen, ikamu lokuhlushwa eliseSilesia. Nganikwa inombolo yesiboshwa nonxantathu onsomi, obonisa ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Onogada abangama-SS bathi mangikhethe. Ngangingakhululwa ekamu ngize ngibe yisikhulu sebutho lamaNazi uma ngenza okuthile. “Kumelwe ulahle imibono yabaFundi BeBhayibheli, engqubuzana noMbuso WamaNazi.” Azikho ezinye iziboshwa ezathola ithuba elinjalo. NgoFakazi BakaJehova kuphela abanikwa ithuba lokuphuma emakamu. Noma kunjalo, mina—njengabanye abayizinkulungwane—ngalenqaba ngokuqinile lelo “lungelo.” Onogada bathi: “Wubuke kahle loya shimula wendlu yokushisa izidumbu. Cabangisisa ngalokho esikushilo, ngale kwalokho inkululeko yakho usuzoyithola kuphela ngaloya shimula.” Ngaphinde ngenqaba ngokuqinile, futhi ngaleso sikhathi ngagcwala “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.”—Filipi 4:6, 7.

Ngathandazela ukuba ngikwazi ukuxhumana nabanye oFakazi ekamu, futhi uJehova wawuzwa umthandazo wami. Phakathi kwalawo maKristu kwakunomfowethu othembekile ogama lakhe linguGustaw Baumert, owanginakekela ngesisa nangothando. Angingabazi nakancane ukuthi uJehova waba “uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke” kimi.—2 Korinte 1:3.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, amabutho aseRussia ayehlasela aphoqa amaNazi ukuba abaleke ngokushesha ekamu. Njengoba sasilungiselela ukuhamba, thina bazalwane safaka ukuphila kwethu engozini, sanquma ukuya ekamu labesifazane siyohlola isimo sodadewethu abangokomoya abangaba ngu-20—phakathi kwabo kuno-Elsa Abt noGertrud Ott.b Lapho besibona, beza kithi ngejubane futhi ngemva kokukhuthazana isikhashana, bacula ingoma yoMbuso enamazwi athi: “Othembekile, oneqiniso, ngeke esabe lutho.”c Kwehla izinyembezi kithi sonke!

Ukuya Ekamu Elilandelayo

AmaNazi ahlohla iziboshwa eziyikhulu kuya kwezingu-150 ezinqoleni zamalahle ezingenalutho, kungenakudla noma amanzi, futhi sadabula esithwathweni nasemvuleni eshubisa umnkantsha. Sasihlushwa ukoma nomkhuhlane. Njengoba iziboshwa ezigulayo nezikhathele zaziquleka zife, izinqola zasala zingasaminyene kangako. Imilenze namalunga ami avuvuka kangangokuthi ngangingasakwazi ukuma. Ngemva kokuhamba izinsuku eziyishumi, iziboshwa ezimbalwa ezasinda zafika ekamu lokujezisa eMittelbau-Dora eNordhausen, elingaseWeimar eThuringia. Kuyamangaza ukuthi akekho kubafowethu owashona kulolo hambo oluhlasimulisayo.

Ngemva nje kokuba ngiluleme kulolo hambo kwabhebhetheka isihudo ekamu, futhi mina nabanye abafowethu sagula. Satshelwa ukuba siliyeke isikhashana isobho esasilithola ekamu sidle kuphela isinkwa esithosiwe. Ngakwenza lokho futhi ngokushesha ngaba ngcono. Ngo-March 1945 sezwa ukuthi umBhalo walowo nyaka kwakuwuMathewu 28:19: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi.” (IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngokusobala, amasango ekamu ayezovuleka maduze futhi izindaba ezinhle ziqhubeke zishunyayelwa! Lokhu kwasijabulisa futhi kwasenza saba nethemba ngoba sasicabanga ukuthi i-Armagedoni yayizoqala lapho iMpi Yezwe II isishisa kakhulu. Yeka indlela uJehova asiqinisa ngokumangalisa ngayo phakathi nalezo zikhathi ezinzima!

Ukukhululwa Emakamu

Ngo-April 1, 1945, amabutho amaZwe Asizanayo ashaya ngamabhomu izindlu zama-SS nekamu lethu elaliseduze. Kwafa futhi kwalimala abaningi. Ngakusasa, sahlaselwa ngamabhomu amaningi kakhulu, futhi phakathi nalokho kuhlasela, kwaqhuma ibhomu elinamandla langiphonsa phezulu.

Ngasizwa omunye umzalwane, uFritz Ulrich. Wagubha indunduma yemfucumfucu, enethemba lokuthi ngangisaphila. Ekugcineni, wangithola futhi wangidonsa engikhipha kuleyo mfucumfucu. Lapho ngiphaphama, ngaphawula ukuthi ngangilimele kakhulu ebusweni nasemzimbeni futhi ngangingezwa nhlobo ezindlebeni. Umsindo wokuqhuma wawungivale izindlebe. Ngaba nezinkinga ezinkulu zezindlebe iminyaka eminingi kodwa ekugcineni zaphela.

Ezinkulungwaneni zeziboshwa, kwasinda ezimbalwa kuphela kulokho kuhlaselwa ngamabhomu. Abanye abafowethu bashona, phakathi kwabo kwakunoGustaw Baumert engangimthanda. Amanxeba engawathola angibangela izifo ezihambisana nomkhuhlane. Nokho, ngokushesha amabutho amaZwe Asizanayo asithola futhi asikhulula. Phakathi naleso sikhathi, izidumbu zeziboshwa ezaziqala ukubola zabangela isifo sezintwala esaba ubhadane, futhi nami sangiphatha. Ngayiswa esibhedlela kanye nabo bonke ababegula. Naphezu kwemizamo eqotho yodokotela, saba bathathu kuphela esasinda. Yeka indlela engambonga ngayo uJehova ngokungiqinisa ukuze ngihlale ngithembekile phakathi nalezo zikhathi ezinzima! Ngabonga nangokuthi uJehova wakubona kufaneleka ukungihlenga ‘ethunzini elimnyama’ lokufa.—IHubo 23:4.

Ukubuyela Ekhaya Ekugcineni!

Ngemva kokuba elaseJalimane licele umaluju, nganginethemba lokubuyela ekhaya ngokushesha ngangokunokwenzeka, kodwa lokho kwaba nzima kunalokho engangikulindele. Abanye engangiboshwe nabo ababengamalungu e-Catholic Action bangibona. Bamemeza, “Mbulaleni!” futhi bangilahla phansi, bangigxoba ngezinyawo. Kwaqhamuka indoda ethile yangisindisa kulolo lunya lwabo, kodwa kwathatha isikhathi eside ukuba ngilulame ngoba ngangilimele futhi ngibuthakathaka ngenxa yesifo sezintwala. Nokho, ekugcineni ngakwazi ukuya ekhaya. Yeka indlela engajabula ngayo ngokuphinde ngihlangane nomkhaya wakithi! Bonke babejabule ukungibona, ngoba babecabanga ukuthi ngafa.

Kungakabiphi saphinde saqala umsebenzi wokushumayela, futhi abaningi ababefuna iqiniso ngobuqotho basabela kahle. Ngaphathiswa umsebenzi wokuhambisela amabandla izincwadi zeBhayibheli. Ngikanye nabanye abazalwane, ngaba nelungelo lokuhlangana nabameleli behhovisi legatsha laseJalimane eWeimar, futhi sasuka lapho saya ePoland sihambisa omagazini bokuqala ngqá be-Nqabayokulinda abanyatheliswa ngemva kwempi. Ngokushesha bahunyushwa, kwalungiselelwa izigxivizo, futhi kwanyatheliswa amakhophi. Lapho ihhovisi lethu eLodz liqala ukwengamela ngokugwele umsebenzi ePoland, amabandla aqala ukuzithola njalo izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ngaqala ukukhonza njengephayona elikhethekile, noma umshumayeli wesikhathi esigcwele, ngihlanganisa insimu enkulu eSilesia, ingxenye enkulu yayo eyayisiyiPoland.

Nokho, kwathi kusenjalo oFakazi BakaJehova baqala ukushushiswa futhi, kulokhu sebeshushiswa umbuso wobuKhomanisi owawusanda kumiswa ePoland. Ngenxa yokungathathi-hlangothi kwami kobuKristu, ngo-1948 ngagwetshwa iminyaka emibili ngibhadla ejele. Ngesikhathi ngilapho, ngakwazi ukusiza ezinye iziboshwa eziningi ukuba zisondele kuNkulunkulu. Esinye salimelela iqiniso, kamuva sazinikezela kuJehova futhi sabhapathizwa.

Ngo-1952, ngaphinde ngaboshwa, kulokhu kuthiwa ngiyinhloli ye-United States! Ngenkathi ngisalindele ukuthethwa kwecala, ngagqunywa ngedwa esitokisini ngiphenywa ubusuku nemini. Nokho, uJehova waphinde wangisindisa ezandleni zababengishushisa, futhi eminyakeni eyalandela angibange ngisahlukunyezwa ngaleyo ndlela.

Okwangisiza Ukuba Ngikhuthazele

Uma ngibheka emuva kuyo yonke leyo minyaka yovivinyo nobunzima, kunezinto engingazibala ezaba isikhuthazo esikhulu. Okokuqala, amandla okukhuthazela ngawathola kuJehova naseZwini lakhe, iBhayibheli. Ukunxusa njalo nangobuqotho ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke’ nokutadisha iZwi lakhe nsuku zonke kwangisiza mina nabanye ukuba sihlale siphila ngokomoya. Amakhophi e-Nqabayokulinda abhalwe ngesandla nawo asakha kakhulu ngokomoya. Emakamu okuhlushwa, amakholwa anothando ayezimisele ukusiza ngokuzithandela angiqinisa kakhulu.

Esinye isibusiso esivela kuJehova kwaba umkami, uMaria. Sashada ngo-October 1950 futhi kamuva saba nendodakazi, uHalina, eyakhula yathanda uJehova futhi yamkhonza. Sase sineminyaka engu-35 sishadile noMaria lapho eshona ngemva kokugula isikhathi eside. Ukushona kwakhe kwangizwisa usizi nobuhlungu obukhulu. Nakuba ngazizwa ‘ngiphonswe phansi’ isikhathi esithile, angizange ‘ngibhubhe.’ (2 Korinte 4:9) Ngalezo zikhathi ezinzima, ngasekelwa indodakazi yami engiyithandayo, umyeni wayo nabantwana bayo—abazukulu bami—bonke abakhonza uJehova ngokwethembeka.

Kusukela ngo-1990, ngiye ngakhonza ehhovisi legatsha lasePoland. Ubudlelwane nomkhaya waseBethel omangalisayo buyisibusiso esikhulu. Ngezinye izikhathi impilo yami ewohlokayo ingenza ngizizwe njengokhozi olubuthaka olukwazi ukutshuza kuphela. Naphezu kwalokho, ngibheka ikusasa ngokuqiniseka, futhi ‘ngihlabelelela uJehova, ngoba usebenzelané nami ngendlela enomvuzo’ kuze kube namuhla. (IHubo 13:6) Ngibheke phambili esikhathini lapho uJehova, uMsizi wami, eyolungisa khona wonke umonakalo oye wabangelwa ukubusa kukaSathane okucindezelayo.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka INqabayokulinda ka-January 1, 1998, ikhasi 13, isigaba 6.

b Bheka indaba yokuphila ka-Elsa Abt kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 1980, amakhasi 13-17.

c Le ngoma ingunombolo 101 eculweni elanyatheliswa oFakazi BakaJehova ngo-1928, elinesihloko esithi Songs of Praise to Jehovah. Eculweni lanamuhla, ingunombolo 56.

[Isithombe ekhasini 10]

Nganikezwa le nombolo nonxantathu onsomi ekamu lokuhlushwa

[Isithombe ekhasini 12]

Nginomkami uMaria, ngo-1980

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela