Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 9/15 kk. 26-30
  • Bonisani Isihe—Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bonisani Isihe—Kanjani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Uma Umzalwane . . . Ehamba-ze”
  • “Uma Niqhubeka Nibonisa Ukukhetha”
  • “Ukuhlakanipha Kwaphezulu . . . Kugcwele Isihe”
  • ‘Thethelelani Abantu Iziphambeko Zabo’
  • ‘Yenzani Okuhle Kubo Bonke’
  • Yiphani “Izinto Ezingaphakathi”
  • ‘Uyihlo Unesihe’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Sikhonza UNkulunkulu “Ocebile Ngesihe”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Bayajabula Abanesihe!
    Hubelani UJehova
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 9/15 kk. 26-30

Bonisani Isihe—Kanjani?

“Masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.”—GALATHIYA 6:10.

1, 2. Umzekeliso womSamariya omuhle usifundisani ngesihe?

NJENGOBA indoda ethile eyazi uMthetho ixoxa noJesu, yambuza: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” UJesu wayiphendula ngokuxoxa lo mzekeliso: “Umuntu othile wayehla evela eJerusalema eya eJeriko, wazithela kubaphangi, abamhlubula futhi bamshaya, bahamba, bamshiya kusele umndondo. Manje, kwaqondana nokuthi umpristi othile wayehla ngaleyo ndlela, kodwa, lapho embona, wadlula ngakolunye uhlangothi. Ngokufanayo, nomLevi, lapho efika kule ndawo futhi embona, wadlula ngakolunye uhlangothi. Kodwa umSamariya othile owayehamba ngaleyo ndlela wafika kuye, lapho embona, waba nesihawu. Ngakho wasondela kuye wabopha amanxeba akhe, emgcoba ngamafutha nangewayini kuwona. Ngemva kwalokho wamgibelisa esilwaneni sakhe wamyisa endlini yezihambi wamnakekela. Ngosuku olulandelayo wakhipha odenariyu ababili, wabanika umgcini wendlu yezihambi, wathi, ‘Mnakekele, futhi noma yini oyisebenzisayo ngaphandle kwalokhu, ngizokukhokhela yona uma ngibuya.’” UJesu wabe esebuza isilaleli sakhe: “Ubani kulaba abathathu obonakala kuwe azenza umakhelwane walo muntu owazithela kubaphangi?” Le ndoda yathi: “Yilowo owenza isenzo sesihe kuye.”—Luka 10:25, 29-37a.

2 Yeka ukuthi indlela umSamariya aphatha ngayo lo mlisa owayelimele ikuveza kahle kanjani ukuthi siyini isihe sangempela! Eshukunyiswe isihawu, noma ububele, lo mSamariya wamsiza lona owayelimele. Ngaphezu kwalokho, umSamariya wayengamazi lo mlisa owayedinga usizo. Isihe asithiywa ubuzwe, inkolo noma amasiko. Ngemva kokulandisa umfanekiso womSamariya omuhle, uJesu weluleka isilaleli sakhe: “Hamba wenze okufanayo nawe.” (Luka 10:37b) Nathi singasilalela leso siyalo silwele ukuba nesihe kwabanye. Kodwa kanjani? Singasibonisa ngaziphi izindlela isihe ekuphileni kwethu kwansuku zonke?

“Uma Umzalwane . . . Ehamba-ze”

3, 4. Kungani kufanele sizihluphe ngokukhethekile ngokubonisa isihe ebandleni lobuKristu?

3 Umphostoli uPawulu wathi: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Khona-ke, ake siqale sizwe ukuthi singavama kanjani ezenzweni zesihe esizenzela esihlobene nabo okholweni.

4 Lapho ekhuthaza amaKristu eqiniso ukuba abonisane isihe, umfundi uJakobe waloba: “Lowo ongasibonisi isihe uyothola isahlulelo ngaphandle kwesihe.” (Jakobe 2:13) Umongo wala mazwi aphefumulelwe usitshela ezinye zezindlela esingabonisa ngazo isihe. Ngokwesibonelo, kuJakobe 1:27, siyafunda: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala ezweni.” UJakobe 2:15, 16 uthi: “Uma umzalwane noma udade ehamba-ze futhi entula ukudla okwanele lolo suku, nokho othile kini athi kuye: ‘Hamba ngokuthula, ufudumale futhi usuthe,’ kodwa ningamniki izidingo zomzimba wakhe, kunanzuzoni?”

5, 6. Singavama kanjani ezenzweni zesihe ebandleni lakithi?

5 Ukunakekela abanye nokusiza abahluphekile kuwuphawu lwenkolo yeqiniso. Indlela yethu yokukhulekela ayisivumeli ukuba sigcine ngokufisela abanye ukuba izinto zibahambele kahle. Kunalokho, ububele busishukumisela ekubenzeleni okuthile labo abahlupheke ngempela. (1 Johane 3:17, 18) Yebo, ukwenzela umuntu ogulayo ukudla, ukulekelela osekhulile ngemisebenzi ethile, ukulungiselela into yokuya emihlanganweni yobuKristu uma kudingeka nokungabancishi abafanelekayo, kuphakathi kwezenzo eziningi zesihe okufanele sivame kuzo.—Duteronomi 15:7-10.

6 Okubaluleke ngaphezu kokupha ngokwenyama ukupha ngokomoya ukuze sisize amalungu ebandla lobuKristu elandayo. Sinxuswa ukuba ‘sikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, sisekele ababuthakathaka.’ (1 Thesalonika 5:14) “Abesifazane asebekhulile” bakhuthazwa ukuba “babe abafundisi bokuhle.” (Thithu 2:3) Ngokuqondene nababonisi abangamaKristu, iBhayibheli lithi: “Ngamunye kumelwe abe njengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula.”—Isaya 32:2.

7. Yini esiyifunda kubafundi base-Antiyokiya yaseSiriya ngokubonisa isihe?

7 Ngalé kokunakekela abafelokazi, izintandane nabadinga usizo nesikhuthazo ebandleni, amabandla ekhulu lokuqala ayebuye enze namalungiselelo okusiza amakholwa akwezinye izindawo. Ngokwesibonelo, lapho umprofethi u-Agabu ebikezela ukuthi “kukhona indlala enkulu eyayizokwehlela wonke umhlaba owakhiwe,” abafundi base-Antiyokiya yaseSiriya “banquma, yilowo nalowo kubo ngokwalokho umuntu ayenamandla okukwenza, ukuba benze inkonzo ngokuthumela usizo kubazalwane abahlala eJudiya.” Lwathunyelwa kubadala bakhona “ngesandla sikaBarnaba noSawulu.” (IzEnzo 11:28-30) Kunjani namuhla? “Inceku ethembekileyo neqondayo” iye yahlela amakomiti osizo ukuze kunakekelwe abafowethu okungenzeka bahlukunyezwe izinhlekelele zemvelo ezinjengeziphepho, ukuzamazama komhlaba noma ama-tsunami. (Mathewu 24:45) Ukunikela ngokuzithandela ngesikhathi sethu, amandla nezinto zethu eziyigugu ukuze sisekele leli lungiselelo kuyindlela enhle yokubonisa isihe.

“Uma Niqhubeka Nibonisa Ukukhetha”

8. Ukukhetha kuphambene kanjani nesihe?

8 Exwayisa ngesici esiphambene nesihe ‘nomthetho wobukhosi’ wothando, uJakobe waloba: “Uma niqhubeka nibonisa ukukhetha, nenza isono, ngoba nisolwa umthetho njengezeqamthetho.” (Jakobe 2:8, 9) Ukuba nomusa ngokweqile kubantu ngoba bemi kahle noma ngoba bevelele kungasenza singakunaki kangako “ukukhalaza komuntu ophansi.” (IzAga 21:13) Ukukhetha kuyawubulala umoya wokubonisa isihe. Sibonisa isihe ngokungabi abakhethayo.

9. Kungani kungekubi ukubabonelela ngokukhethekile abakufanelekelayo?

9 Ingabe ukungakhethi kusho ukuthi akufanele nanini sibabonelele ngokhethekile abanye? Phinde. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseFilipi mayelana nesisebenzi ayekanye naso, u-Ephafrodithu: “Niqhubeke nibheka amadoda alolu hlobo njengathandekayo.” Ngani? “Ngoba ngenxa yomsebenzi weNkosi wasondela impela ekufeni, eneka umphefumulo wakhe engozini, ukuze asivale ngokugcwele isikhala sokungabikho kwenu lapha ukuba ningikhonze ngasese.” (Filipi 2:25, 29, 30) Inkonzo yokwethembeka ka-Ephafrodithu yayikufanelekela ukunconywa. Ngaphezu kwalokho, kweyoku-1 Thimothewu 5:17, siyafunda: “Amadoda amadala engamela ngendlela enhle mawabhekwe njengafanelwe udumo oluphindiwe, ikakhulukazi lawo asebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni.” Izimfanelo ezinhle ezingokomoya ziyakufanelekela ukunconywa. Ukubonelela okunjalo akukhona ukukhetha.

“Ukuhlakanipha Kwaphezulu . . . Kugcwele Isihe”

10. Kungani kufanele silawule ulimi?

10 Mayelana nolimi, uJakobe wathi: “Luyinto engalawuleki elimazayo, lugcwele ubuthi obubulalayo. Ngalo situsa uJehova, yebo, uBaba, kodwa nokho siqalekise ngalo abantu ababa khona ‘ngomfanekiso kaNkulunkulu.’ Emlonyeni ofanayo kuphuma ukubusisa nokuqalekisa.” Kulo mongo, uJakobe wenezela: “Uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, musani ukuzigabisa niqambela iqiniso amanga. Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu, kodwa okwasemhlabeni, okobulwane, okobudemoni. Ngoba lapho kukhona khona umhawu nokubanga, kukhona isiyaluyalu nayo yonke into embi. Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi.”—Jakobe 3:8-10a, 14-17.

11. Singaba kanjani abanesihe ekusebenziseni kwethu ulimi?

11 Ngakho indlela esisebenzisa ngayo ulimi iyinkomba yokuthi sinakho yini ukuhlakanipha ‘okugcwele isihe’ noma asinakho. Kuthiwani uma, ngenxa yomhawu noma ukubanga, siqhosha, siqamba amanga noma sisakaze inhlebo elimazayo? IHubo 94:4 lithi: “Bonke abakwenza umkhuba okulimazayo balokhu bezigabisa.” Futhi yeka indlela inkulumo elimazayo eshesha ngayo ukonakalisa idumela elihle lomuntu ongenacala! (IHubo 64:2-4) Ngaphezu kwalokho, cabanga ngomonakalo ongenziwa ‘ufakazi wamanga ophafuza amanga nje.’ (IzAga 14:5; 1 AmaKhosi 21:7-13) Ngemva kokukhuluma ngokusebenzisa kabi ulimi, uJakobe uthi: “Akufanelekile, bazalwane, ukuba lezi zinto ziqhubeke zenzeka ngale ndlela.” (Jakobe 3:10b) Isihe sangempela sidinga ukuba sisebenzise ulimi ngendlela emsulwa, enokuthula nebonelelayo. UJesu wathi: “Ngiyanitshela ngithi wonke amazwi angakhi abantu abawakhulumayo, bayolandisa ngawo ngoSuku Lokwahlulela.” (Mathewu 12:36) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sibe nesihe endleleni esisebenzisa ngayo ulimi!

‘Thethelelani Abantu Iziphambeko Zabo’

12, 13. (a) Yini esiyifundayo ngesihe emzekelisweni wenceku eyayikweleta inkosi yayo isizumbulu semali? (b) Kusho ukuthini ukuthethelela umfowethu “kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa”?

12 Umzekeliso kaJesu wenceku eyayikweleta inkosi yayo odenariyu abangu-60 000 000 uveza enye indlela yokubonisa isihe. Njengoba le nceku yayingenamali yokukhokha lesi sikweletu, yazincengela ukuba iboniswe isihe. “Kuyivusela isihawu lokhu,” inkosi yale nceku yayithethelela, yasesula isikweletu sayo. Kodwa leyo nceku yaphuma yathola enye inceku eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu nje kuphela futhi yangabonisa sihe, yenza ukuba iphonswe etilongweni. Lapho inkosi ikuzwa okwakwenzekile, yabiza le nceku eyayiyithethelele yathi kuyo: “Nceku embi, ngisesule sonke lesiya sikweletu obunaso, lapho ungincenga. Bekungafanele yini nawe ube nesihe encekwini okanye nayo, njengoba nami ngibe nesihe kuwe?” Khona-ke inkosi yayinikela kubagcini bejele. UJesu waphetha lo mzekeliso ngokuthi: “UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka enhliziyweni.”—Mathewu 18:23-35.

13 Yeka indlela enamandla lo mzekeliso ongenhla oveza ngayo ukuthi isihe sihlanganisa nokulungela ukuthethelela! UJehova usithethelele isikweletu esikhulu esiyisono. Akufanele yini nathi ‘sithethelele abantu iziphambeko zabo’? (Mathewu 6:14, 15) Ngaphambi kokuba uJesu alandise umzekeliso wenceku engenasihe, uPetru wayembuzile: “Nkosi, umfowethu kumelwe angone kangaki ngimthethelela? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi, Kuze kube kasikhombisa, kodwa, Kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.” (Mathewu 18:21, 22) Yebo, umuntu onesihe ukulungele ukuthethelela “izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa,” okusho ukuthi, ngokungenamkhawulo.

14. NgokukaMathewu 7:1-4, singasibonisa kanjani isihe nsuku zonke?

14 Ebonisa enye futhi indlela yokubonisa isihe, uJesu wathi eNtshumayelweni yaseNtabeni: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa; ngoba noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, nani niyokwahlulelwa ngaso . . . Khona-ke, kungani ubheka umucwana osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngogongolo olukwelakho iso? Noma, ungasho kanjani kumfowenu ukuthi, ‘Ngivumele ngikhiphe umucwana esweni lakho’; kuyilapho, bheka! kwelakho iso kukhona ugongolo na?” (Mathewu 7:1-4) Ngakho-ke, singabonisa isihe nsuku zonke ngokubekezelela ubuthaka babanye ngaphandle kokubahlulela noma ukubagxeka ngokweqile.

‘Yenzani Okuhle Kubo Bonke’

15. Kungani izenzo zesihe zingagcini kwesikholwa nabo?

15 Nakuba incwadi yeBhayibheli kaJakobe igcizelela isihe phakathi kwamakholwa, akusho ukuthi izenzo zesihe kufanele zigcine ebandleni lobuKristu kuphela. IHubo 145:9 lithi: “UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.” Sinxuswa ukuba ‘sibe ngabalingisi bakaNkulunkulu,’ nokuba “senze okuhle kubo bonke.” (Efesu 5:1; Galathiya 6:10) Nakuba singalithandi “izwe noma izinto ezisezweni,” asizishayi indiva izidingo zabantu abasezweni.—1 Johane 2:15.

16. Yiziphi izici ezithonya indlela esibonisa ngayo isihe kwabanye?

16 NjengamaKristu, asinqikazi ukunikeza noma yiluphi usizo ezisulwini ‘zesenzakalo esingalindelekile’ noma kulabo abasebunzimeni. (UmShumayeli 9:11) Yiqiniso, izimo yizona eziyonquma ukuthi yini esiyenzayo nokuthi siyenza kangakanani. (IzAga 3:27) Lapho sisiza abanye ngezinto ezibonakalayo, sifuna ukuqaphela ukuthi isenzo esibonakala sisihle asikhuthazi ubuvila. (IzAga 20:1, 4; 2 Thesalonika 3:10-12) Ngakho, isenzo seqiniso sesihe sihambisana nobubele noma uzwela kanye nokuhluzeka kwengqondo.

17. Iyiphi indlela enhle kunazo zonke yokubonisa isihe kubantu abangaphandle kwebandla lobuKristu?

17 Indlela enhle kunazo zonke yokubonisa isihe kubantu abangaphandle kwebandla lobuKristu iwukuhlanganyela nabo iqiniso leBhayibheli. Ngani? Ngoba iningi lesintu namuhla liphumputha ebumnyameni obungokomoya. Njengoba lingenandlela yokuxazulula izinkinga zalo, lingenalo nethemba langempela ngekusasa, ‘liphundlekile futhi lihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Umyalezo weZwi likaNkulunkulu ungaba ‘isibani onyaweni lwabo,’ ubasize bakwazi ukubhekana nezinkinga zokuphila. Ungaba ‘nawukukhanya endleleni yabo’ ngomqondo wokuthi iBhayibheli libikezela injongo kaNkulunkulu ngekusasa, libanikeze isisekelo sokuba nethemba eliqhakazile. (IHubo 119:105) Yeka ilungelo okuyilo ukuyisa isigijimi esihle seqiniso kubantu abasidinga ngempela! Ngenxa yokuba seduze ‘kosizi olukhulu’ olusondelayo, manje yisikhathi sokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 24:3-8, 21, 22, 36-41; 28:19, 20) Asikho esinye isenzo sesihe esibaluleke njengalesi.

Yiphani “Izinto Ezingaphakathi”

18, 19. Kungani kufanele sisebenzele ukwandisa izenzo zesihe ekuphileni kwethu?

18 “Yiphani njengezipho zesihe izinto ezingaphakathi,” kusho uJesu. (Luka 11:41) Ukuze isenzo esihle sibe isenzo sesihe sangempela, kumelwe kube isipho esivela ngaphakathi—enhliziyweni enothando nevumayo. (2 Korinte 9:7) Ezweni lapho indluzula, ubugovu nokungabi nandaba nokuhlupheka nezinkinga zabanye kuyinsakavukela khona, yeka indlela esiqabula ngayo isihe esinjalo!

19 Khona-ke masisebenzele ukwandisa izenzo zesihe ekuphileni kwethu. Uma sibonisa isihe ngokwengeziwe, siyofana noNkulunkulu ngokwengeziwe. Lokhu kuyosisiza ukuba siphile ukuphila okunenjongo nokwanelisa ngempela.—Mathewu 5:7.

Ufundeni?

• Kungani kubaluleke ngokukhethekile ukuba nesihe kwesikholwa nabo?

• Singasibonisa kanjani isihe ebandleni lobuKristu?

• Singakwenza kanjani okuhle kwabangaphandle kwebandla?

[Isithombe ekhasini 26]

UmSamariya wenza isenzo sesihe

[Izithombe ekhasini 27]

AmaKristu enza izenzo eziningi zesihe

[Isithombe ekhasini 30]

Indlela enhle kunazo zonke yokubonisa isihe kwabangaphandle kwebandla iwukuhlanganyela nabo iqiniso leBhayibheli

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela