Ukuthola Impumuzo Ekuphelelweni Yithemba Kwasebusheni
Njengoba Ilandiswa Ngu-Eusebio Morcillo
Ngo-September 1993, ngavakashela ejele leziboshwa eziyingozi. Kwakubhapathizwa isiboshwa, udadewethu omncane uMariví. Ezinye iziboshwa nezikhulu zasejele zabukela ngenhlonipho lapho ngenza le nkonzo. Ngaphambi kokuba ngichaze ukuthi kwenzeka kanjani ukuba mina naye sibe lapho, ake ngichaze indlela esakhula ngayo.
NGAZALELWA eSpain ngo-May 5, 1954, ngiyizibulo ezinganeni ezingu-8. UMariví wayengowesithathu. Ugogo wasikhulisa njengamaKatolika ashisekayo, futhi ngiyajabula uma ngicabanga ngesikhathi ngisakhula nginomuzwa wokuzinikela kuNkulunkulu lapho ngisahlala nogogo. Kodwa isimo sasekhaya sasingesihle ngokomoya. Ubaba wayesishaya njalo thina zingane nomama. Sasiphila ngokwesaba, futhi kwakubuhlungu kakhulu ukubona umama ehlupheka.
Esikoleni, ngabhekana nezinye izimo ezidumazayo. Omunye wothisha, owayengumpristi, wayesingqubuza ngekhanda odongeni uma singaphendulanga kahle. Omunye umpristi wayenukubeza abafundi ngokobulili lapho ehlola nabo umsebenzi wabo wesikole. Ngaphezu kwalokho, izimfundiso zamaKatolika ezinjengesihogo somlilo zazingidida futhi zingethusa. Ngokushesha kwadamba ukuzinikela kwami kuNkulunkulu.
Ukubanjwa Ukuphila Okungenangqondo
Njengoba ngangingenaso isiqondiso esingokomoya, ngaqala ukuchitha isikhathi nabantu abaziphethe kabi nabanobudlova ezikhungweni zomdanso. Kwakuvame ukusuka izimpi, abantu begwazana ngemimese, beshayana ngamaketanga, ngamabhodlela nangezihlalo. Nakuba ngangingahlanganyeli ngokuqondile kulobu budlova, ngesinye isikhathi ngashaywa ngaquleka.
Ekugcineni ngakhathala yileyo ndawo ngafuna izikhungo zomdanso ezinokuthula. Ngisho nakulezo zindawo, kwakugcwele izidakamizwa. Kodwa esikhundleni sokungijabulisa nokunginika ukuthula kwengqondo, izidakamizwa zangenza ngasangana futhi ngakhathazeka.
Nakuba nganginganelisekile, nganxenxa omunye wabafowethu abancane uJosé Luis, kanye nomngane wami omkhulu, uMiguel, ngabafaka kule ndlela yokuphila. Sikanye nenye intsha eningi eSpain ngaleso sikhathi, sabanjwa yizwe elonakele. Ngangenza cishe noma yini ukuze ngithole imali yezidakamizwa. Ngaphelelwa ukuzihlonipha.
UJehova Uyangitakula
Phakathi nalesi sikhathi, ngaxoxa kaningana nabangane bami ngobukhona bukaNkulunkulu nenjongo yokuphila. Ngaqala ukufuna uNkulunkulu ngokufuna othile engangingaxoxa naye ngemizwa yami. Ngangibona ukuthi uFrancisco, engangisebenza naye, wayehlukile kwabanye. Wayebonakala ejabule, ethembekile futhi enomusa, ngakho nganquma ukumthululela isifuba. UFrancisco wayengomunye woFakazi BakaJehova, futhi wanginika INqabayokulinda enesihloko esikhuluma ngezidakamizwa.
Ngemva kokufunda lesi sihloko, ngathandaza kuNkulunkulu ngicela usizo: “Nkosi, ngiyazi ukuthi ukhona, ngifuna ukukwazi futhi ngenze intando yakho. Ngicela ungisize!” UFrancisco nabanye oFakazi bangikhuthaza ngeBhayibheli futhi banginika izincwadi ezisekelwe kulo ukuze ngizifunde. Ngaqaphela ukuthi babenginika usizo engangilucele kuNkulunkulu. Ngokushesha ngaqala ukuxoxa nabangane bami kanye noJosé Luis ngezinto engangizifunda.
Ngolunye usuku lapho ngiphuma ekhonsathini ye-rock nabangane abathile, ngazihlukanisa neqembu. Ngababuka ngibuqamama, kwafika engqondweni ukuthi ukuziphatha kwethu kwakunyanyeka kangakanani ngenxa yokusebenzisa izidakamizwa. Ngaleso sikhathi, nganquma ukuyilahla leyo ndlela yokuphila ngaba omunye woFakazi BakaJehova.
Ngacela iBhayibheli kuFrancisco, wangipha lona kanye nencwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade.a Lapho ngifunda ngesithembiso sikaNkulunkulu sokusula zonke izinyembezi nokuqeda ngisho nokufa, kwakungekho nokuncane ukungabaza kokuthi ngangithole iqiniso elingakhulula isintu. (Johane 8:32; IsAmbulo 21:4) Kamuva, ngaya emhlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Ubungane nemfudumalo engakuthola lapho kwangihlaba umxhwele ngempela.
Ngimagange ukutshela abanye ngalokho engikubone eHholo LoMbuso, ngokushesha ngabiza uJosé Luis nabangane bami ngabatshela ngalokhu. Ngemva kwezinsukwana, sonke saya emhlanganweni. Intombazane ethile eyayihleli ngaphambi kwethu yasithi jeqe. Ngokusobala yayimangele ukubona leli qembu lama-hippie anezinwele ezinde, ngakho yaqiniseka ukuthi ayisibheki futhi. Kumelwe ukuba yamangala lapho sifika eHholo LoMbuso futhi ngesonto elalandela, ngoba kulokhu sasigqoke amasudi nothayi.
Ngokushesha ngemva kwalokho, mina noMiguel saya nasemhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova. Sasingakaze siyibone into enje ngaphambili—ubuzalwane beqiniso babantu babo bonke ubudala. Okwasimangaza ukuthi lo mhlangano wawusehholo esasisanda kuya kulo ekhonsathini ye-rock. Kodwa kulokhu, isimo sendawo nomculo esawuzwa kwasijabulisa.
Lonke iqembu lethu laqala ukufunda iBhayibheli. Cishe ngemva kwezinyanga ezingu-8, ngo-July 26, 1974, mina noMiguel sabhapathizwa. Sobabili sasineminyaka engu-20 ubudala. Abanye abane eqenjini lethu babhapathizwa ngemva kwezinyanga ezimbalwa. Ukuqeqeshwa ngeBhayibheli engangikutholile kwangishukumisela ukuba ngiqale ukusiza umama onesineke ngemisebenzi yasekhaya nokumtshela ngenkolo yami engangisanda kuyithola. Sasondelana. Ngachitha nesikhathi esengeziwe ngisiza abafowethu nodadewethu abancane.
Ngokuhamba kwesikhathi, umama nazo zonke izingane zakithi ngaphandle kweyodwa baqala ukufunda iqiniso leBhayibheli futhi babhapathizwa njengoFakazi BakaJehova. Ngo-1977, ngashada noSoledad. Yileya ntombazanyana eyamangala lapho isibona sivakashe okokuqala eHholo LoMbuso. Ngemva kwezinyangana, sobabili saba amaphayona, njengoba oFakazi BakaJehova bebabiza kanjalo abashumayeli besikhathi esigcwele bezindaba ezinhle.
Othandekayo Uyakhululwa
Udadewethu omncane uMariví wanukubezwa ngokobulili lapho esemncane, futhi leso simo esibuhlungu samthinta ngokujulile. Lapho esevile eminyakeni eyishumi nambili, waqala ukuphila ngokuziphatha okubi okwakuhilela ukusebenzisa izidakamizwa, ukweba nokudayisa ngomzimba. Lapho eseneminyaka engu-23, wagqunywa ejele, lapho aqhubeka khona nale ndlela yakhe yokuphila.
Ngaleso sikhathi, ngangingumbonisi wesifunda, isikhonzi esijikelezayo soFakazi BakaJehova. Ngo-1989, mina noSoledad sabelwa endaweni uMariví ayeboshwe kuyo. Izikhulu zazisanda kumephuca indodana yakhe, ngakho wayezwe ubuhlungu obukhulu, engasenandaba nokuphila. Ngolunye usuku ngamvakashela ngasikisela ukuba sifunde iBhayibheli ndawonye, futhi wavuma. Ngemva kokufundelwa isikhathi esingangenyanga, waziyeka izidakamizwa nogwayi. Kwangihlaba umxhwele ukubona indlela uJehova amqinisa ngayo ukuze enze lolu shintsho ekuphileni kwakhe.—Hebheru 4:12.
Ngemva nje kokuqala ukufundelwa, uMariví waqala ukutshela ezinye iziboshwa nezikhulu zejele ngamaqiniso eBhayibheli. Nakuba ayeshintshashintsha amajele, waqhubeka nokushumayela. Kwelinye ijele wayeshumayela isitokisi nesitokisi. Njengoba iminyaka yayihamba, uMariví waqala izifundo zeBhayibheli neziboshwa eziningi emajele ahlukahlukene.
Ngolunye usuku uMariví wangitshela ngesifiso sakhe sokunikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi abhapathizwe. Kodwa akayinikwanga imvume yokuphuma ejele, futhi akukho muntu owavunyelwa ukungena ngaphakathi ukuze ambhapathize. Wakhuthazela eminye iminyaka emine kuleso simo sasejele esinenkohlakalo. Yini eyamsiza ukuba alondoloze ukholo lwakhe? Lapho ibandla lendawo liqhuba umhlangano, naye wayehlaziya isimiso esifanayo esesitokisini. Futhi wayenesimiso sasikhathi sonke sesifundo seBhayibheli somuntu siqu nomthandazo.
Ngokuhamba kwesikhathi, uMariví wathuthelwa ejele leziboshwa eziyingozi elalinechibi lokubhukuda. Waba nomuzwa wokuthi wayengabhapathizwa kulezi zimo ezintsha. Nangempela, wayithola imvume ekugcinenil. Kwenzeka kanjalo-ke ukuba ngizithole nginikeza inkulumo yakhe yobhapathizo. Nganginaye ngalesi sikhathi esibaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe.
Ngenxa yendlela ayephila ngayo ngaphambili, uMariví waba nengculaza. Kodwa ngenxa yokuziphatha kwakhe okuhle washeshe wadedelwa ejele, ngo-March 1994. Wahlala ekhaya nomama futhi waqhubeka engumKristu oshisekayo kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngemva kweminyaka emibili.
Ukunqoba Imizwa Ephazamisayo
Nami angikaphunyuli ngokuphelele emiphumeleni yendlela yami yokuphila yangaphambili. Ukuxhashazwa ubaba kanye nendlela engangiphila ngayo ngisemusha kuye kwabuthonya ubuntu bami. Nakuba sengikhulile, ngiye ngahlushwa umuzwa wecala nokuzinyeza. Ngezinye izikhathi ngiye ngizizwe ngicindezeleke kakhulu. Kodwa iZwi likaNkulunkulu liye langisiza kakhulu ekulweni nale mizwa ephazamisayo. Ukuzindla njalo ngemibhalo enjengo-Isaya 1:18 neHubo 103:8-13 kuye kwangisiza ukuba ngidambise umuzwa wecala obeleselayo phakathi nale minyaka eminingi edlule.
Umthandazo ungesinye isikhali esingokomoya engisisebenzisayo ekulweni nokuzinyeza. Ngiye ngazithola ngithandaza kuJehova ngikhala izinyembezi. Kodwa amazwi akweyoku-1 Johane 3:19, 20 ayangiqinisa: “Ngalokhu siyokwazi ukuthi sivela eqinisweni, futhi siyoqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.”
Njengoba ngisondela kuNkulunkulu ngobuqotho ngenhliziyo “ephukile nechobozekile,” ngiyaqaphela ukuthi angimubi ngendlela engake ngacabanga ngayo. IBhayibheli liqinisekisa bonke abafuna uJehova ngokuthi akabadeleli labo abazisola ngobuqotho ngokuziphatha kwabo kwangaphambili futhi asebefuna ukwenza intando yakhe.—IHubo 51:17.
Njalo lapho kuphakama imizwa yokuzinyeza, ngizama ukugcwalisa ingqondo yami ngemicabango eyakhayo, ngezinto ezingokomoya okukhulunywa ngazo kweyabaseFilipi 4:8. Ngiye ngalibamba ngekhanda iHubo 23 neNtshumayelo YaseNtabeni. Lapho ngifikelwa yimicabango ephambene, ngizindla ngala mavesi emiBhalo. Le ndlela yokukhipha imicabango emibi iwusizo ikakhulukazi lapho ngiqwashile ebusuku.
Omunye umthombo wosizo uye waba ukunconywa umkami namanye amaKristu asevuthiwe. Nakuba ekuqaleni kwakunzima ukwamukela izikhuthazo zabo, iBhayibheli liye langisiza ukuba ngiqonde ukuthi uthando “lukholelwa yizo zonke izinto.” (1 Korinte 13:7) Futhi ngiye ngafunda kancane kancane ukwamukela ubuthaka nokulinganiselwa kwami ngokuthobeka.
Okuhle ukuthi ukulwa kwami nemizwa ephambene kuye kwangisiza ukuba ngibe umbonisi ojikelezayo onozwela. Mina nomkami sesichithe cishe iminyaka engu-30 ngamunye siyizikhonzi zesikhathi esigcwele zezindaba ezinhle. Injabulo engiyithola ngokukhonza abanye ingisiza ukuba ngiphebeze imizwa engakhi nezinkumbulo ezibuhlungu.
Manje uma ngibheka emuva ngicabanga ngazo zonke izibusiso uJehova angiphe zona, ngizizwa ngishukumiseleka ukuba ngisho njengomhubi: “Mbonge uJehova, . . . yena othethelela sonke isiphambeko sakho, ophulukisa zonke izifo zakho, owophula ukuphila kwakho egodini, okuthwesa umqhele womusa wothando nesihe.”—IHubo 103:1-4.
[Umbhalo waphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]
Ngiye ngahlushwa umuzwa wecala nokuzinyeza. Kodwa iZwi likaNkulunkulu liye langisiza kakhulu ekulweni nale mizwa ephazamisayo
[Izithombe ekhasini 27]
Umfowethu uJosé Luis nomngane wami uMiguel bálandela kokubili isibonelo sami esibi kanye nesihle
[Isithombe ekhasini 28, 29]
Umkhaya wakwaMorcillo ngo-1973
[Isithombe ekhasini 29]
UMariví lapho eseyisiboshwa
[Isithombe ekhasini 30]
Nginomkami, uSoledad