Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 2/1 kk. 16-17
  • NgoNkulunkulu Weqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • NgoNkulunkulu Weqiniso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe uNkulunkulu unalo igama?
  • Ungubani UJehova?
  • Yini uNkulunkulu ayilindele kithi?
  • Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uNkulunkulu?
  • Singafunda kanjani ngoNkulunkulu?
  • Kungani ulwazi ngoNkulunkulu luletha injabulo?
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ungubani UJesu Kristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • UJohane 14:6—“Mina Ngiyindlela Neqiniso Nokuphila”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • UNkulunkulu INdodana Noma INdodana KaNkulunkulu”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 2/1 kk. 16-17

Lokho Esikufunda KuJesu

NgoNkulunkulu Weqiniso

Ingabe uNkulunkulu unalo igama?

UJesu wafundisa ukuthi uNkulunkulu unegama. UJesu wathi: “Kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.’” (Mathewu 6:9) IBhayibheli lisitshela ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. (IHubo 83:18) Ekhuluma ngabafundi bakhe, lapho ethandaza kuYise uJesu wathi: “Ngibazisile igama lakho.”—Johane 17:26.

Ungubani UJehova?

UJesu wabiza uJehova ngokuthi ‘uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso’ ngenxa yokuthi uJehova unguMdali. (Johane 17:3) UJesu wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane.” (Mathewu 19:4) UJesu waphinde wathi: “UNkulunkulu unguMoya.” (Johane 4:24) Ngakho-ke asinakumbona uNkulunkulu.—Eksodusi 33:17-20.

Yini uNkulunkulu ayilindele kithi?

Lapho othile ebuza uJesu ukuthi yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke, waphendula: “Owokuqala ngothi, ‘Yizwa, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa, futhi kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.’ Owesibili yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’”—Marku 12:28-31.

Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uNkulunkulu?

UJesu wathi: “Ngiyamthanda uBaba.” Walubonisa kanjani uthando lwakhe? Wathi: “Njengoba nje uBaba enginike umyalo, ngenza kanjalo.” (Johane 14:31) Waphinde wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:29) Singamjabulisa uNkulunkulu ngokufunda ngaye. Lapho ethandazela abafundi bakhe, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.”—Johane 17:3; 1 Thimothewu 2:4.

Singafunda kanjani ngoNkulunkulu?

Enye indlela yokumazi uNkulunkulu ukubheka izinto azidalile. Ngokwesibonelo uJesu wathi: “Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?” Laliyini iphuzu likaJesu? Akufanele sivumele ukukhathazeka ngezidingo zethu ezingokwenyama kusiyekise ukukhonza uNkulunkulu.—Mathewu 6:26-33.

Indlela engcono kunazo zonke yokwazi uJehova iwukutadisha iZwi lakhe, iBhayibheli. UJesu wabiza imiBhalo ngokuthi “izwi likaNkulunkulu.” (Luka 8:21) UJesu wathi kuNkulunkulu: “Izwi lakho liyiqiniso.”—Johane 17:17; 2 Petru 1:20, 21.

UJesu wasiza abantu ukuba bazi iqiniso ngoJehova. Ekhuluma ngoJesu, omunye wabafundi bakhe wathi: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?” (Luka 24:32) Ukuze sifunde ngoNkulunkulu, kufanele sithobeke, sikulungele ukufundiswa. UJesu wathi: “Ngaphandle kokuba niguquke futhi nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wamazulu.”—Mathewu 18:3.

Kungani ulwazi ngoNkulunkulu luletha injabulo?

UNkulunkulu wanelisa isidingo sethu sokuqonda injongo yokuphila. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) UJehova usifundisa indlela engcono kakhulu yokuphila. UJesu wathi: “Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—Luka 11:28; Isaya 11:9.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 1 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 16]

“Ngibazisile igama lakho.”—Johane 17:26

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Singafunda ngoJehova endalweni naseBhayibhelini

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela