Incwadi Evela EDominican Republic
“Angikaze Ngilubone Uthando Olunje”
UNIURKA unikeze inkulumo yeBhayibheli ngokokuqala ngqa ebandleni lethu kuleli sonto. Ubekulungiselele lokho abezokusho wakubhala nge-Braille, wabe esekubamba ngekhanda. Benginaye esiteji, ngingumuntu ofuna ukufunda iqiniso leBhayibheli. Umbhobho ebengikhuluma ngawo ubuxhunywe kuma-headphone akhe. Lapho siqeda, izilaleli ezinokwazisa zishaye ihlombe elikhulu kangangokuba ukwazile ukuzizwa. Ukumamatheka kwakhe kubonise injabulo enkulu nokwaneliseka. Nami bengijabule. Yeka indlela okuvuza ngayo ukuba senkonzweni yezithunywa zevangeli!
Ngisakhumbula mhla ngiqala ukuhlangana noNiurka. Kwakuseminyakeni emibili edlule. Ngemva kokuhamba ngemoto emigwaqweni eyibhuqu isigamu sehora, ngazithela kuye. Wayehlezi kuvulandi wendlu endaweni yasemaphandleni—eyakhiwe ngezingodo nezitini ezenziwe ngamalahle enophahla lukathayela ogqwalile. Kwakukhona umsindo nephunga lezimbuzi, onogwaja nezinja. UNiurka wayehlezi egebise ikhanda, ebonakala enomunyu futhi ecindezelekile. Wayebonakala emdala kuneminyaka yakhe yobudala engu-34.
Ngamqhweba ehlombe, waphakamisa ikhanda wasibheka nakuba kwase kuyiminyaka engu-11 eyimpumputhe. Ngamemeza, ngizethula nomngane engangishumayela naye. Kamuva, sezwa ukuthi uNiurka wayeyisisulu se-Marfan syndrome, isifo esidluliselwa ngofuzo esambangela ukuhlupheka okukhulu. Futhi unesifo esibi sikashukela esidinga ukuba amazinga kashukela angalawuleki abhekwe ngeso elibukhali.
Lapho ngimnika iBhayibheli, wezwa ukuthi yilo, wathi wayekujabulela ukufunda imiBhalo engakabi impumputhe. Kodwa lo muntu onesizungu, othobekile kodwa obuthaka ngangizomfundisa kanjani amaqiniso aqabulayo eZwi likaNkulunkulu? Njengoba ayezazi izinhlamvu zolimi, ngaqala ngokubeka izinhlamvu zamagama zepulasitiki ezandleni zakhe. Ngokushesha wayesekwazi ukuzihlukanisa. Ngokulandelayo, ngokungithinta izandla lapho ngenza izimpawu, wafunda ukuhlobanisa uhlamvu ngalunye nohlamvu oluhambisana nalo oLimini Lwezandla LwaseMelika. Kancane kancane wafunda nezinye izimpawu. Njengoba nami ngangisaqala ukufunda lolu limi, kwakudingeka amahora amaningi ukulungiselela isifundo ngasinye. Nokho, mina noNiurka sasinogqozi, ngakho amakhono ethu okukhuluma ngezandla athuthuka ngokushesha.
UNiurka wathuthuka kakhulu lapho inhlangano yezosizo imupha izinsiza-kuzwa. Nakuba zazingezona ezobuchwepheshe obuphambili, zasiza kakhulu. Ngemva kokuphila iminyaka engaphezu kweshumi eyimpumputhe futhi cishe eyisithulu, wayesezihlukanisile. Kodwa umoya kaJehova wavuselela ingqondo nenhliziyo yakhe, wazigcwalisa ngolwazi, ithemba nothando. Ngokushesha, esebenzisa udondolo, uNiurka wayesehambahamba endaweni yakubo, etshela abanye iqiniso leBhayibheli.
UNiurka uqhuba isifundo seBhayibheli nomamekazi wakhe nabazala ababili. Ulungiselela kahle, abambe isifundo ngasinye ngekhanda kusengaphambili. Abafundelayo bafunda isigaba, uNiurka abese ebuza umbuzo encwadini yakhe ye-Braille. Umuntu ohamba noNiurka ube esemtshela izimpendulo noma asebenzise izimpawu zezandla.
Lonke ibandla liyamsiza uNiurka futhi limkhuthaze. Kunabazalwane abaningana abangamaKristu abamsizayo ukuze akwazi ukuya emihlanganweni yebandla neyesifunda. Abanye bahamba naye enkonzweni. Muva nje uNiurka uthé kimi: “Angikaze ngilubone uthando olunje.” Unethemba lokuthi uzobhapathizwa emhlanganweni wethu wesigodi olandelayo.
Njengoba singena emgwaqweni uNiurka ahlala kuwo, simbona ethamele isigcaki kuvulandi ephakamise ikhanda futhi emamatheka. Ngiyambuza ukuthi yini emenza amamatheke. Uthi: “Bengicabanga ngesikhathi esizayo lapho umhlaba uyoba ipharadesi. Futhi bengizibona ngeso lengqondo ngilapho.”
[Isithombe ekhasini 25]
UNiurka namalungu athile ebandla lethu phambi kweHholo LoMbuso
[Isithombe ekhasini 25]
UNiurka utshela abanye ngalokho akufundile