Basha, Mkhumbuleni Manje UMdali Wenu Omkhulu
“Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho.” —UMSH. 12:1.
1. UJehova ukuzwakalisa kanjani ukuthi uyabethemba abakhulekeli bakhe abasebasha?
UJEHOVA ubheka intsha engamaKristu njengeyigugu neqabula njengamazolo. Empeleni wabikezela ukuthi ngosuku “lwempi” yeNdodana yakhe, izinsizwa nezintombi ‘zaziyozinikela ngokuzithandela’ enkonzweni kaKristu. (IHu. 110:3) Leso siprofetho sasiyogcwaliseka esikhathini lapho abantu abaningi beyobe bengenandaba noNkulunkulu, bezikhathalela bona kakhulu, bethanda imali futhi bengalaleli. Noma kunjalo, uJehova wayazi ukuthi intsha emkhulekelayo yayiyohluka. Yeka indlela anethemba ngayo nina bafowethu nodadewethu abasebasha!
2. Kuhilelani ukukhumbula uJehova?
2 Cabanga indlela okumelwe ukuba uNkulunkulu ujabula ngayo lapho ebona intsha imkhumbula njengoMdali wayo Omkhulu. (UmSh. 12:1) Yiqiniso, ukukhumbula uJehova kuhilela okungaphezu kokumcabanga. Kusho ukwenza okuthile—ukwenza okumjabulisayo nokuvuma ukuqondiswa imithetho nezimiso zakhe ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Kusho nokuthembela kuye, sazi ukuthi ufuna sithole okungcono kakhulu. (IHu. 37:3; Isaya 48:17, 18) Ingabe uzizwa ngaleyo ndlela ngoMdali wakho Omkhulu?
‘Thembelani KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yenu’
3, 4. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayethembele kuJehova, futhi kungani kubalulekile ukuthembela kuye namuhla?
3 Yiqiniso, isibonelo esihle kakhulu somuntu owathembela kuNkulunkulu uJesu Kristu. Waphila ngokuvumelana namazwi ezAga 3:5, 6: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” Ngemva nje kokubhapathizwa kukaJesu, uSathane weza kuye, wazama ukumlinga ukuba amukele imibuso yezwe nenkazimulo yayo. (Luka 4:3-13) UJesu akazange akhohliseke. Wayazi ukuthi “ingcebo nodumo nokuphila” kwangempela ‘kuwumphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova.’—IzAga 22:4.
4 Izwe lanamuhla ligcwele ukuhaha nobugovu. Siyobe senza ngokuhlakanipha uma silingisa isibonelo sikaJesu ezweni elinjena. Masikhumbule nokuthi uSathane uyokwenza noma yini ukuze ayenge izinceku zikaJehova ukuba ziphume endleleni enyinyekile eholela ekuphileni. Ufuna ukubona wonke umuntu ehamba endleleni ebanzi eholela ekubhujisweni. Ungamvumeli akukhohlise! Kunalokho, zimisele ukukhumbula uMdali wakho Omkhulu. Thembela kuye ngokuphelele, futhi ubambisise “ukuphila kwangempela,” okuqinisekile nosekuseduze.—1 Thim. 6:19.
Basha, Hlakaniphani!
5. Nizizwa kanjani ngekusasa laleli zwe?
5 Intsha ekhumbula uMdali wayo Omkhulu ihlakaniphe ukudlula iminyaka yayo. (Funda iHubo 119:99, 100.) Ngenxa yokuthi inombono kaNkulunkulu, yazi kahle ukuthi ikusasa laleli zwe lifiphele. Nakuba nina basha nisaphile isikhathi esifushane, akungabazeki ukuthi niye nakubona ukwanda kokwesaba nokukhathazeka. Uma nisafunda isikole, kungenzeka niye nezwa ngokungcoliswa nokufudumala komhlaba, ukuqothulwa kwamahlathi nezinye izinkinga ezifanayo. Lezi zinkinga zibakhathaza kakhulu abantu, kodwa ngoFakazi BakaJehova kuphela abaqonda ngokuphelele ukuthi ziyingxenye yesibonakaliso sokuphela kwezwe likaSathane.—IsAm. 11:18.
6. Enye intsha iye yadukiswa kanjani?
6 Kuyadabukisa ukuthi ezinye izinceku zikaNkulunkulu ezisezincane ziye zayeka ukuqapha futhi zavumela ukulahlekelwa umbono wokuthi leli zwe lisalelwe isikhathi esifushane. (2 Pet. 3:3, 4) Abanye baye bayengelwa ekwenzeni isono esingathí sina ngenxa yabangane ababi nezithombe ezingcolile zobulili. (IzAga 13:20) Yeka ukuthi kungaba okudabukisa kanjani ukulahlekelwa umusa kaNkulunkulu kulesi sikhathi njengoba ukuphela kwalesi simiso sekuseduze kangaka! Kunalokho, fundani kulokho okwenzeka kuma-Israyeli ngo-1473 B.C.E. lapho ekanise eMathafeni akwaMowabi, esezongena nje eZweni Lesithembiso. Kwenzekani lapho?
Ahluleka Esezongena EZweni Lesithembiso
7, 8. (a) Iliphi icebo uSathane alisebenzisa eMathafeni akwaMowabi? (b) Iliphi icebo uSathane alisebenzisayo namuhla?
7 Kusobala ukuthi ngaleso sikhathi uSathane wayefuna ukuvimbela ama-Israyeli ekutholeni ifa lawo ayelithenjisiwe. Ngemva kokwehluleka ukuwaqalekisa esebenzisa umprofethi uBhalami, uSathane wasebenzisa icebo elicashe kakhudlwana; wazama ukuwenza angakufanelekeli ukuthola isibusiso sikaJehova. Wasebenzisa abesifazane bakwaMowabi abakhangayo ukuba bawayenge, futhi kulokhu waphumelela ngezinga elithile. Abantu baqala ukuziphatha kabi ngokobulili namadodakazi akwaMowabi futhi bakhothamela uBhali wasePheyori! Kwafa ama-Israyeli angaba ngu-24 000 sekuseduze kakhulu ukuba athole ifa lawo eliyigugu, iZwe Lesithembiso. Yeka inhlekelele!—Num. 25:1-3, 9.
8 Namuhla, sekuseduze kakhulu ukuba sithole izwe lesithembiso elingcono nakakhulu—isimiso sezinto esisha. Njengenjwayelo, namanje uSathane usasebenzisa ukuziphatha okubi kobulili ukuze onakalise abantu bakaNkulunkulu. Izindinganiso zokuziphatha emhlabeni zehle kakhulu kangangokuthi ubufebe sebubhekwa njengento eyamukelekayo nobungqingili njengendaba yomuntu siqu. Omunye udade wathi, “Izingane zami zifunda ukuthi ubungqingili nobulili ngaphandle komshado kubi emehlweni kaNkulunkulu kuphela uma zisekhaya naseHholo LoMbuso.”
9. Yini engase yenzeke phakathi nenkathi ‘yokuqhuma kobusha,’ futhi intsha ingabhekana kanjani nalokhu?
9 Intsha ekhumbula uMdali wayo Omkhulu iyazi ukuthi ubuhlobo bobulili buyisipho esingcwele esihlobene nokuphila nokuzala. Ngakho, iyaqaphela ukuthi ubuhlobo bobulili kufanele bujatshulelwe ngokuvumelana nemiyalo kaNkulunkulu—bujatshulelwe abantu abashadile. (Heb. 13:4) Nokho, phakathi nenkathi ‘yokuqhuma kobusha’—isikhathi lapho imizwa yobulili inamandla futhi ingenza umuntu angahluleli kahle—kungaba nzima ukuhlala umsulwa. (1 Kor. 7:36) Yini ongayenza lapho ufikelwa imicabango engafanele? Thandaza kuJehova ngobuqotho umcele akusize ugxile ezintweni ezakhayo. UJehova ubalalela njalo labo abaphendukela kuye ngobuqotho. (Funda uLuka 11:9-13.) Ukuxoxa nabanye ngezinto ezakhayo nakho kungakusiza ubuyisele ingqondo ezintweni ezinhle.
Khethani Imigomo Yenu Ngokuhlakanipha!
10. Isiphi isimo sengqondo esibi esifuna ukusigwema, futhi imiphi imibuzo esingazibuza yona?
10 Esinye isizathu esenza intsha eningi ezweni ingazithibi futhi iphilele ukujabulisa inyama yayo siwukuthi ayinawo ‘umbono’—ayinaso isiqondiso sikaNkulunkulu noma ithemba eliqinisekile ngekusasa. (IzAga 29:18) Ifana nama-Israyeli osuku luka-Isaya ayengamesabi uNkulunkulu ayephilela “ukwethaba nokujabula, . . . ukudla inyama nokuphuza iwayini.” (Isaya 22:13) Kunokuba ube nomona ngabantu abanjalo, kungani ungazindli ngethemba eliyigugu uJehova alibeke phambi kwabaqotho bakhe? Uma uyinceku kaNkulunkulu esencane, ingabe uyalilangazelela izwe elisha? Ingabe uzama ngawo wonke amandla ukuba ‘uphile ngokuhluzeka kwengqondo kuyilapho ulindele ithemba elijabulisayo’ uJehova alibeke phambi kwakho? (Thithu 2:12, 13) Impendulo yakho iyothonya imigomo ozibekela yona nezinto eziza kuqala ekuphileni kwakho.
11. Kungani intsha engamaKristu esafunda kufanele izikhandle esikoleni?
11 Izwe lifuna ukuba intsha isebenzise amandla ayo ekuphishekeleni imigomo yalo. Yiqiniso, nina enisafunda isikole kufanele nizikhandle ukuze nithole imfundo enhle eyisisekelo. Phela umgomo wenu awukona nje ukuthola umsebenzi omuhle, kodwa nokuba nibe usizo ebandleni futhi nibe abamemezeli boMbuso abaphumelelayo. Ukuze niwufinyelele, kudingeka nikwazi ukukhuluma nabanye ngendlela ecacile, ukucabanga ngendlela ehluzekile nokubonisana nabanye ngesizotha nangenhlonipho. Noma kunjalo, intsha etadisha iBhayibheli nelwela ukusebenzisa izimiso zalo ekuphileni kwayo ithola imfundo engcono kakhulu kwekhona futhi izibekela isisekelo sekusasa eliphumelelayo neyolijabulela phakade.—Funda iHubo 1:1-3.a
12. Isiphi isibonelo imikhaya yamaKristu okufanele isilingise?
12 Kwa-Israyeli kwakubaluleke kakhulu ukuba abazali bafundise izingane zabo. Lokho kufundisa kwakuhlanganisa cishe zonke izici zokuphila, ikakhulukazi izinto ezingokomoya. (Dut. 6:6, 7) Ngakho, izingane ezingama-Israyeli ezazilalela abazali bazo nabanye abantu abadala abesaba uNkulunkulu zazingagcini nje ngokuthola ulwazi, kodwa zazithola nokuhlakanipha, ukuqonda nekhono lokucabanga—izici eziyivelakancane, ezingatholakala kuphela emfundweni evela kuNkulunkulu. (IzAga 1:2-4; 2:1-5, 11-15) Imikhaya yamaKristu namuhla kufanele iyinakisise ngendlela efanayo imfundo.
Lalelani Labo Abanithandayo
13. Hlobo luni lwezeluleko enye intsha elutholayo, futhi kungani kufanele iqaphe?
13 Intsha yelulekwa yizo zonke izinhlobo zabantu—kuhlanganise nabeluleki babafundi esikoleni, ngokuvamile abacabanga kuphela ngokuphumelela emisebenzini. Siza uzihlaziye ngosizo lomthandazo zonke lezo zeluleko usebenzisa iZwi likaNkulunkulu nokudla okungokomoya okunikezwa isigaba senceku ethembekileyo neqondayo. Ekutadisheni kwakho iBhayibheli, uyazi ukuthi intsha nabangenakho okuhlangenwe nakho bayizisulu eziyinhloko zikaSathane. Ngokwesibonelo, ensimini yase-Edene, u-Eva owayengenakho okuhlangenwe nakho walalela uSathane, umuntu ayengamazi owayengakaze ambonise noluncane uthando. Yeka ukuthi kwakuyoba nomphumela ohluke kanjani ukube wayelalele uJehova, umuntu owayembonise uthando ngezindlela eziningi!—Gen. 3:1-6.
14. Kungani kufanele silalele uJehova nabazali abakholwayo?
14 UMdali wenu Omkhulu uyanithanda nani, futhi uthando lwakhe ngani lumsulwa ngokuphelele. Ufuna nijabule phakade, hhayi manje kuphela! Ngakho, ngobubele bomzali okhathalelayo, uthi kini nakubo bonke abamkhulekelayo: “Nansi indlela. Hambani ngayo.” (Isaya 30:21) Uma ninabazali abakholwayo abamthanda ngempela uJehova, nibusiswe nakakhulu. Silaleleni ngenhlonipho iseluleko sabo lapho nizibekela imigomo futhi nihlela izinto eziza kuqala ekuphileni. (IzAga 1:8, 9) Kakade bafuna nithole ukuphila, into eyigugu kakhulu kunengcebo noma udumo lwaleli zwe.—Math. 16:26.
15, 16. (a) Yini esingaqiniseka ngayo ngoJehova? (b) Isiphi isifundo esibalulekile esingasifunda kokuhlangenwe nakho kukaBharuki?
15 Labo abakhumbula uMdali wabo Omkhulu bagcina ukuphila kwabo kulula, beqiniseka ukuthi uJehova ‘akasoze’ abashiya “nganoma iyiphi indlela.” (Funda amaHebheru 13:5.) Ngenxa yokuthi lesi simo sengqondo esihle siphambene nokucabanga kwaleli zwe, kumelwe siqaphele ukuba singavumeli umoya waleli zwe usithonye. (Efe. 2:2) Kule ndaba, cabanga ngesibonelo sikanobhala kaJeremiya, uBharuki, owayephila ezinsukwini zokugcina ezinzima zeJerusalema ezandulela ukubhujiswa kwalowo muzi ngo-607 B.C.E.
16 Kungenzeka ukuthi uBharuki wayefuna ukwenza ukuphila kwakhe kube ngcono ngokwezinto ezibonakalayo. UJehova wakubona lokhu futhi wamxwayisa ngomusa ukuba angaqhubeki ezifunela “izinto ezinkulu.” UBharuki wazibonakalisa ethobekile futhi ehlakaniphile, ngoba wamlalela uJehova futhi wasinda lapho iJerusalema libhujiswa. (Jer. 45:2-5) Ngakolunye uhlangothi, abantu ababephila noBharuki babekela uJehova eceleni, bazitholela “izinto ezinkulu” ezibonakalayo, kodwa kungakabiphi zonke lezo zinto zathathwa amaKhaledi (abaseBhabhiloni). Abaningi balahlekelwa nawukuphila kwabo. (2 IziKr. 36:15-18) Okuhlangenwe nakho kukaBharuki kusisiza ukuba sibone ukuthi ubuhlobo obuhle noNkulunkulu bubaluleke kakhulu ngaphezu kwengcebo nokuvelela kuleli zwe.
Funda Ezibonelweni Ezinhle
17. Kungani uJesu, uPawulu noThimothewu beyizibonelo ezinhle ezingalingiswa izinceku zikaJehova namuhla?
17 Ukuze lisisize sihambe endleleni yokuphila, iZwi likaNkulunkulu lisinikeza izibonelo eziningi ezinhle esingazilingisa. Ngokwesibonelo, uJesu wayengumuntu onamakhono kunabo bonke abantu abake baphila, kodwa wagxila kulokho okwakuyosiza abantu phakade—“izindaba ezinhle zombuso.” (Luka 4:43) Ukuze anike uJehova okungcono kakhulu, umphostoli uPawulu washiya umsebenzi owawungamenza achume futhi wasebenzisa isikhathi namandla akhe ekushumayeleni izindaba ezinhle. UThimothewu, “umntwana woqobo okholweni,” walingisa isibonelo esihle sikaPawulu. (1 Thim. 1:2) Ingabe uJesu, uPawulu noThimothewu bazisola ngenkambo abayikhetha ekuphileni? Lutho neze! Empeleni, uPawulu wathi wayebheka lokho ayengase akuthole ezweni “njengenqwaba yezibi” uma kuqhathaniswa nelungelo lokukhonza uNkulunkulu.—Fil. 3:8-11.
18. Iziphi izinguquko ezinkulu omunye umzalwane osemusha azenza, futhi kungani engazisoli?
18 Intsha eningi engamaKristu namuhla ilingisa ukholo lukaJesu, uPawulu nolukaThimothewu. Ngokwesibonelo, omunye umzalwane osemusha owayenomsebenzi oholela kahle wabhala: “Ngenxa yokuthi ngiphila ngezimiso zeBhayibheli, ngasheshe ngathola izikhundla. Naphezu kwezinzuzo ezingokwezimali, ngaba nomuzwa wokuthi ngangilwela ukufica umoya. Lapho ngiya esigungwini sabaphathi benkampani futhi ngibatshela ngesifiso sami sokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele, bagijimela ukungenezelela imali benethemba lokuthi ngangizohlala. Kodwa ngase nginqumile. Kwakunzima ngabantu abaningi ukuqonda ukuthi kungani ngashiya umsebenzi oholela kahle kangaka ukuze ngingenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Impendulo yami iwukuthi ngifuna ngempela ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwami kuNkulunkulu. Ngenxa yokuthi manje ukuphila kwami sekugxile ezintweni ezingokomoya, senginenjabulo nokwaneliseka engangingeke ngikuthole ngemali noma ngodumo.”
19. Ikuphi ukukhetha okuhlakaniphile intsha ekhuthazwa ukuba ikwenze?
19 Emhlabeni wonke kunezinkulungwane zentsha eye yenza ukukhetha okufanayo okuhlakaniphile. Ngakho, nina basha, lapho nicabanga ngekusasa lenu, lukhumbuleni njalo usuku lukaJehova. (2 Pet. 3:11, 12) Ningabi nomona ngalabo abalisebenzisa ngokugcwele leli zwe. Kunalokho, lalelani labo abanithanda ngempela. Ukuzibekelela “ingcebo ezulwini” kunjengokutshala imali ngendlela elondekile newukuphela kwayo enezinzuzo zaphakade. (Math. 6:19, 20; funda eyoku-1 Johane 2:15-17.) Yebo, mkhumbuleni uMdali wenu Omkhulu. UJehova uyonibusisa uma nenza kanjalo.
[Umbhalo waphansi]
a Mayelana nemfundo ephakeme nomsebenzi, bheka INqabayokulinda ka-October 1, 2005, amakhasi 26-31.
Uyakhumbula?
• Sibonisa kanjani ukuthi sithembele kuNkulunkulu?
• Iyiphi imfundo engcono kakhulu?
• Iziphi izifundo esingazifunda kuBharuki?
• Obani abayizibonelo ezinhle esingazilingisa, futhi ngani?
[Izithombe ekhasini 13]
UJehova usinikeza imfundo engcono kakhulu
[Isithombe ekhasini 15]
UBharuki walalela uJehova ngakho wasinda lapho kubhujiswa iJerusalema. Yini ongayifunda kulesi sibonelo?