Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 7/1 kk. 4-9
  • Ukubhekana Nosizi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nosizi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Luyini Usizi?
  • Ukubhekana Nosizi
  • Sondela KuNkulunkulu
  • Ithemba Lovuko
  • Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • “Ngingaphila Kanjani Nosizi Lwami?”
    I-Phaphama!—1987
  • “Khalani Nabakhalayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ngingabhekana Kanjani Nosizi Lwami?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 7/1 kk. 4-9

Ukubhekana Nosizi

“Wonke amadodana [kaJakobe] nawo wonke amadodakazi eza ezomduduza, kodwa wenqaba ukududuzeka. Wathi: ‘Cha, ngiyokwehlela egodini endodaneni yami ngilila.’ Ngakho uyise wamlilela.”—GENESISE 37:35, The Holy Bible—New International Version.

INZALAMIZI uJakobe yaba lusizi kakhulu ngokushonelwa yindodana. Yayicabanga ukuthi iyolila ize ife. NjengoJakobe, ungase ube nomuzwa wokuthi ubuhlungu bokushonelwa othandekayo bujule kangangokuba ngeke buphele. Ingabe ukudabuka okujule kangaka kubonisa ukuntula ukholo kuNkulunkulu? Lutho neze!

IBhayibheli lichaza uJakobe njengendoda yokholo. Yena kanye noyisemkhulu u-Abrahama, noyise u-Isaka, uJakobe utuswa ngokuba nokholo oluvelele. (Hebheru 11:8, 9, 13) Ingani ngesinye isikhathi, waze walwa nengelosi ubusuku bonke ukuze athole isibusiso sikaNkulunkulu! (Genesise 32:24-30) Ngokusobala, uJakobe wayeyindoda ezithanda ngokujulile izinto ezingokomoya. Singafundani-ke ekulileni kwakhe? Imizwa ejulile yosizi nokudabuka lapho kushona othandekayo ayingqubuzani nokuba nokholo oluqinile kuNkulunkulu. Ukulila kuyindlela engokwemvelo esisabela ngayo lapho kushona othile esimthandayo.

Luyini Usizi?

Usizi lungasithinta ngezindlela ezihlukahlukene, kodwa kwabaningi luba ubuhlungu obukhulu ngokomzwelo. Cabangela okuhlangenwe nakho kukaLeonardo, owayeneminyaka engu-14 ubudala lapho uyise eshona ngokungazelelwe ngenxa yenkinga yenhliziyo nokuphefumula. ULeonardo akasoze alukhohlwa usuku unin’ omncane amtshela ngalo ngalokhu. Ekuqaleni, wenqaba ukukholelwa ukuthi kuyiqiniso. Wasibona isidumbu sikayise ngomngcwabo, kodwa konke kwakubonakala kungelona iqiniso. Kwaphela izinyanga eziyisithupha uLeonardo engakwazi ukukhala. Wayevame ukuzithola elinde ukuba uyise abuye emsebenzini. Kwamthatha unyaka wonke ngaphambi kokuba lokhu kulahlekelwa kube ngokoqobo kuye. Lapho kwenzeka, wazizwa esele dengwane. Izinto ezivamile—njengokufika ekhaya kungekho muntu—zazimkhumbuza ukuthi uyise akasekho. Ngezikhathi ezinjalo, wayevele aqhumuke akhale. Wayemkhumbula kakhulu uyise!

Njengoba isimo sikaLeonardo sibonisa, usizi lungaba lukhulu. Okujabulisayo ukuthi umuntu angalulama. Kodwa kungase kuthathe isikhathi. Njengoba nje kuthatha isikhathi eside ukuba isilonda esibi siphole, kunjalo nangokushonelwa. Ukululama osizini kungase kuthathe izinyanga, iminyaka embalwa, ngisho nangaphezulu. Kodwa ubuhlungu obubeleselayo obuzwayo ekuqaleni bungaya buncipha njengoba isikhathi sihamba, futhi kancane kancane ukuphila kuyoba nenjongo nethemba.

Okwamanje, kuthiwa usizi luyingxenye edingekayo ukuze umuntu alulame futhi afunde ukuzivumelanisa nesimo esisha. Kunegebe elishiywe umuntu obephila. Kufanele sizivumelanise nokuphila ngaphandle kwalowo muntu. Ukulila kungasiza ekuvezeni imizwelo. Yiqiniso, abantu abadabuki ngendlela efanayo. Kodwa kubonakala kunento eyodwa eyiqiniso: Ukucindezela usizi lwakho kungakulimaza ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokomzimba. Ungaluveza kanjani-ke usizi lwakho ngezindlela ezifanele? IBhayibheli liqukethe iseluleko esiwusizo.a

Ukubhekana Nosizi

Abantu abaningi abashonelwe baye bakuthola kuwusizo ukuxoxa ngakho. Ngokwesibonelo, phawula amazwi omuntu waseBhayibhelini uJobe, owashonelwa yizo zonke izingane zakhe eziyishumi futhi wakhuthazelela nezinye izinhlekelele. Wathi: “Ngokuqinisekile umphefumulo wami uyakwenyanya ukuphila kwami. Ngizozwakalisa ukukhathazeka kwami ngami. Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!” (Jobe 1:2, 18, 19; 10:1) Phawula ukuthi uJobe wayedinga ‘ukuzwakalisa’ ukukhathazeka kwakhe. Wayezokwenza kanjani lokhu? Wachaza: “Ngizokhuluma.”

UPaulo, owashonelwa unina, uthi: “Enye yezinto eziye zangisiza ukukhuluma ngomama.” Ngakho ukukhuluma ngemizwa yakho nomngane omethembayo kungakusiza ngandlela-thile. (IzAga 17:17) Ngemva kokushonelwa unina, uYone wacela abafowabo abangamaKristu ukuba bamvakashele njalo. Uyakhumbula: “Ukukhuluma kwasiza ekudambiseni ubuhlungu.” Nawe ungase uthole ukuthi ukukhuluma ngemizwa yakho nokuxoxa nomuntu onozwela kuyokwenza kube lula ukubhekana nayo.

Ukubhala nakho kungaba usizo. Abanye abakuthola kunzima ukuxoxa ngemizwa yabo bangase bakuthole kulula ukuyibhala phansi. Ngemva kokushona kukaSawule noJonathani, indoda ethembekile uDavide yabhala ingoma yosizi eyaveza kuyo usizi lwayo. Le ngoma yosizi yagcina isiyingxenye yencwadi yeBhayibheli kaSamuweli Wesibili.—2 Samuweli 1:17-27.

Ukukhala nakho kungaba usizo. IBhayibheli lithi: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, yebo . . . isikhathi sokukhala.” (UmShumayeli 3:1, 4) Ngokuqinisekile, ukufa kothile esimthandayo ‘kuyisikhathi sokukhala.’ Izinyembezi zosizi aziyona into ongaba namahloni ngayo. IBhayibheli linezibonelo eziningi zamadoda nabesifazane abathembekile abaluveza obala usizi lwabo ngokukhala. (Genesise 23:2; 2 Samuweli 1:11, 12) UJesu Kristu “wakhala izinyembezi” lapho esondela ethuneni lomngane wakhe othandekayo uLazaru, owayesanda kufa.—Johane 11:33, 35.

Ukubhekana nosizi kudinga ukubekezela, ngoba ungase uthole ukuthi imizwelo yakho iyaguquguquka. Khumbula ukuthi akudingeki ukuba ube namahloni ngokukhala. Abantu abaningi abathembekile baye bathola ukuthi ukulila kuyingxenye evamile nedingekayo ukuze umuntu alulame.

Sondela KuNkulunkulu

IBhayibheli liyasitshela: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Enye yezindlela eziyinhloko zokusondela kuNkulunkulu umthandazo. Ungawubukeli phansi! IBhayibheli lisinikeza lesi sithembiso esiduduzayo: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Libuye lisiqinisekise: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHubo 55:22) Cabanga ngalokhu. Njengoba siphawulile ekuqaleni, abaningi baye bakuthola kuwusizo ukukhuluma nomngane abamethembayo ngemizwa yabo. Bekungeke yini kube usizo nakakhulu ukuthulula imizwa yakho kuNkulunkulu othembisa ukududuza izinhliziyo zethu?—2 Thesalonika 2:16, 17.

UPaulo, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wathi: “Lapho ngingasakwazi ukubekezelela ubuhlungu futhi ngizizwa ngithwele kanzima, ngangiguqa ngithandaze kuNkulunkulu. Ngangimnxusa ukuba angisize.” UPaulo uyaqiniseka ukuthi wasizwa ukuthandaza. Nawe ungase uthole ukuthi lapho ephendula imithandazo yakho ephikelelayo, “uNkulunkulu wenduduzo yonke” uyokunika isibindi namandla okubhekana nesimo.—2 Korinte 1:3, 4; Roma 12:12.

Ithemba Lovuko

UJesu wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” (Johane 11:25) IBhayibheli lifundisa ukuthi abafileyo bayophinde baphile.b Lapho uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi uyakwazi ukuvusa abafileyo. Ngesinye isikhathi, wavusa intombazane eneminyaka engu-12. Bazizwa kanjani abazali bayo? “Bagajwa yinjabulo enkulu.” (Marku 5:42) Ngaphansi kokubusa koMbuso wayo, iNkosi yasezulwini uJesu Kristu iyovusa abantu abangenakubalwa ukuze baphile lapha emhlabeni—kodwa ngaphansi kwezimo ezinokuthula nokulunga. (IzEnzo 24:15; 2 Petru 3:13) Cabanga ngenjabulo enkulu eyoba khona lapho abafileyo bevuswa futhi behlangana nabathandekayo babo!

UClaudete, owashonelwa yindodana lapho kuphahlazeka indiza, ubeke isithombe sendodana yakhe, uRenato, emnyango wesiqandisi. Uvame ukubuka lesi sithombe abese ethi, ‘Sizophinde sibonane, ovukweni.’ ULeonardo ngeso lengqondo ubona uyise ephila futhi ezweni elisha elithenjiswe nguNkulunkulu. Yebo, ithemba lovuko liwumthombo wenduduzo ngempela kubo nakwabanye abaningi abashonelwe abathandekayo. Lingaba njalo nakuwe!

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole indlela ongazisiza ngayo izingane ukuba zibhekane nokushona kothandekayo, bheka isihloko esithi “Siza Ingane Yakho Ibhekane Nosizi,” emakhasini 18 kuya ku-20 alo magazini.

b Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngethemba lovuko elichazwa eBhayibhelini, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

“UNkulunkulu Wenduduzo Yonke”

“Makadunyiswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke.”—2 Korinte 1:3.

Leli vesi leBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu angazisiza izinceku zakhe ezithembekile ukuba zibekezelele zonke izinkinga noma izinselele ezingase zibhekane nazo. Enye indlela uJehova angasiduduza ngayo ukusebenzisa umngane noma othandekayo onezinkolelo ezifana nezethu.

ULeonardo, owashonelwa uyise, ukhumbula isenzakalo esamqinisa futhi samduduza. Wayesanda kufika ekhaya, futhi wathi uma ekhumbula ukuthi akukho muntu, waqala ukukhihla isililo. Waya epaki eliseduze wahlala ebhentshini, waqhubeka ekhala. Esakhala, wacela usizo lukaNkulunkulu. Kusenjalo, kwama iveni, futhi uLeonardo wabona ukuthi umshayeli ungomunye wabafowabo abangamaKristu. Lo mzalwane wayediliva izinto ezithile futhi wayejike ngalowo mgwaqo ngephutha. Ukuba khona kwakhe kwamduduza ngokwanele uLeonardo.

Ngesinye isikhathi, umfelwa othile wayezizwa enesizungu futhi ecindezeleke kakhulu. Wayekhihla isililo ngenxa yokuphelelwa ithemba. Wacela usizo kuNkulunkulu. Esathandaza, kwakhala ucingo. Kwakungumzukulu wakhe. Uyakhumbula: “Ingxoxo yethu emfushane yayanele ukunginika isibindi esivuselelwe. Ngabona ukuthi ukungithinta kwakhe ngocingo kwakuyimpendulo yomthandazo wokucela usizo.”

[Ibhokisi ekhasini 9]

Ukududuza Abanye

“[UNkulunkulu usiduduza] osizini lwethu lonke, ukuze sikwazi ukududuza labo abakunoma yiluphi uhlobo losizi ngenduduzo nathi ngokwethu esiduduzwa ngayo uNkulunkulu.”—2 Korinte 1:4.

AmaKristu amaningi eqiniso azibonele mathupha ukuthi lawo mazwi asho ukuthini. Ngemva kokuthola induduzo ukuze akwazi ukubhekana nokushonelwa othandekayo, athola ukuthi ayakwazi ukukhuthaza nokududuza abanye.

Cabangela isibonelo sikaClaudete, ohlale evakashela abanye ukuze ahlanganyele nabo izinkolelo zakhe. Ngaphambi kokuba ashonelwe indodana yakhe, wayekade evakashela owesifazane othile onendodana eyabulawa umdlavuza wegazi. Lona wesifazane wayekujabulela lokhu kuvakashelwa, kodwa wayecabanga ukuthi uClaudete wayengeke abuqonde ngokuphelele ubuhlungu ayebuzwa. Nokho, ngokushesha ngemva kokushona kwendodana kaClaudete, lona wesifazane wamvakashela futhi wamtshela ukuthi uzele ukuzobona ukuthi uClaudete usalulondolozile yini ukholo lwakhe njengoba eseshonelwe yindodana. Ehlatshwe umxhwele ukholo oluqinile lukaClaudete, lona wesifazane ufunda iBhayibheli njalo noClaudete futhi uthola ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyamduduza kakhulu.

Ngemva kokushonelwa uyise, uLeonardo wanquma ukufunda ulimi lwezandla ukuze akwazi ukutshela izithulu ngomyalezo weBhayibheli oduduzayo. Uye wathola ukuthi imizamo yakhe yokusiza izithulu imzuzise kakhulu. Uthi: “Enye yezinto eziye zangisiza ukuba ngibekezelele usizi lwami isifiso sokusiza izithulu ukuba zifunde ngoNkulunkulu. Ngiye nganikela isikhathi esiningi namandla ekuzisizeni. Ukudumala kwami kwaphenduka injabulo lapho ngibona isifundo sami sokuqala seBhayibheli sibhapathizwa! Empeleni, ngokokuqala ngqa kusukela kwashona ubaba, ngaba nomuzwa ojulile wenjabulo.”—IzEnzo 20:35.

[Isithombe ekhasini 5]

Ukukhuluma ngemizwa yakho kungasiza ngandlela-thile

[Isithombe ekhasini 6]

Ukubhala kungaba usizo ekuvezeni usizi

[Isithombe ekhasini 6]

Ukufunda ngethemba lovuko kungaba umthombo wenduduzo ngempela

[Isithombe ekhasini 8, 9]

UJesu wabathembisa uvuko labo ababonisa ukholo kuye

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela