Zibekele Imigomo Efinyelelekayo, Ujabule
“NGEHLULEKILE futhi!” Kukangaki usho okucishe kufane nalokhu ngoba ungakwazanga ukufeza lokho owawukuhlosile? Umama osemusha ongumKristu angase aveze imizwa enjalo ngenxa yokukhungathekiswa usana lwakhe olufuna ukunakwa njalo nangenxa yokuthi akasenaso isikhathi esengeziwe sezinto ezingokomoya. Indlela omunye umKristu akhuliswe ngayo ingase imenze abe nomuzwa wokuthi akakwazi ukwenza izinto ezithile nokuthi akenzi okwanele ebandleni. UFakazi osekhulile angase azizwe edumele ngoba engasakwazi ukuhlanganyela ngokugcwele emisebenzini yobuKristu ayeyijabulela lapho esenamandla engeziwe futhi esakwazi ukuya lapho ethanda khona. UChristiane, ozimo zomkhaya wakhe zingamvumeli ukuba enze angathanda ukukwenza enkonzweni kaJehova uthi: “Ngezinye izikhathi inkulumo ekhuthaza inkonzo yamaphayona ivele ingikhalise.”
Singabhekana kanjani nale mizwa? Amanye amaKristu aye akwazi kanjani ukuhlakulela umbono oqondile ngezimo zawo? Yiziphi izinzuzo ezitholakala ngokuba olinganiselayo emigomweni yakho?
Yiba Ocabangelayo
Umphostoli uPawulu usinikeza isihluthulelo sokulondoloza injabulo yethu lapho ethi: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani! Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Fil. 4:4, 5) Ukuze sithole injabulo nokwaneliseka enkonzweni yethu kuNkulunkulu, kudingeka sifunde ukucabangela amandla nezimo zethu. Uma silwela ukufinyelela imigomo engenangqondo kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, sizibangela ukucindezeleka okungadingekile. Ngakolunye uhlangothi, kufanele siqaphele ukuba singatetemi, sisebenzise izimo esizicabangelayo njengezaba zokunciphisa inkonzo yethu yobuKristu ngaphezu kokudingekile.
Kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu zinjani, uJehova ufuna simnike okungcono kakhulu—inkonzo yomphefumulo wethu wonke neyenhliziyo yethu yonke. (Kol. 3:23, 24) Uma singamnikeza okungaphansi kwalokho, siyobe asiphili ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuye. (Roma 12:1) Ngaphezu kwalokho, siyobe sizincisha ukwaneliseka kwangaphakathi, injabulo yeqiniso nezinye izibusiso ezicebile ezitholakala ngokwenza inkonzo yomphefumulo wonke.—IzAga 10:22.
EBhayibhelini igama elihunyushwe ngokuthi “ukucabangela” linomqondo wokuba obonelelayo. Ngokwezwi nezwi lisho “ukubonelela” noma ukuhoxa. (Jak. 3:17) Leli gama libuye libe nomqondo wokungabi oqine kakhulu. Ngakho-ke, uma sicabangela siyokwazi ukubheka izimo zethu ngombono onokulinganisela. Ingabe kunzima ukwenza lokhu? Kwabanye kunzima, ngisho noma bekwazi ukubacabangela abanye. Ngokwesibonelo, uma umngane wethu omkhulu enezimpawu zokukhathala ngenxa yokuzikhandla ngokweqile ezintweni ezithile, besingeke yini sizame ukumsiza ukuba abone ubuhlakani bokwenza izinguquko ezithile ekuphileni kwakhe? Ngokufanayo, kudingeka sifunde ukuqaphela izimpawu okungenzeka zisitshela ukuthi sizikhandla ngokweqile.—IzAga 11:17.
Kungaba inselele kakhulu ukuba nombono oqondile ngalokho izimo zethu ezingasivumeli ukuba sikwenze uma sakhuliswa abazali abanganeliseki kalula. Lapho besengabantwana abanye babenomuzwa wokuthi njalo kwakudingeka benze okwengeziwe noma benze kangcono ukuze abazali babo babathande. Uma kwakunjalo nangathi, singase sibe nombono onganembile ngendlela uJehova asibheka ngayo. Okwenza uJehova asithande ukuthi sinikela kuye inkonzo ngenhliziyo yethu yonke. IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi “uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHu. 103:14) Uyakwazi ukulinganiselwa kwethu futhi uyasithanda lapho simkhonza ngentshiseko naphezu kwako. Ukukhumbula ukuthi uNkulunkulu wethu akanaso isandla esiqinile kuyosisiza ukuba sibe nesizotha, okungukuthi, siqaphele ukulinganiselwa kwethu.—Mika 6:8.
Noma kunjalo, abanye bakuthola kunzima ukuhlakulela isimo sengqondo esinjalo esinokulinganisela. Uma kunjalo nangawe, kungani ungaceli usizo lomKristu ovuthiwe nokwazi kahle? (IzAga 27:9) Ngokwesibonelo, ingabe ufuna ukuba yiphayona elivamile? Lowo umgomo omuhle kakhulu! Ingabe ukuthola kunzima ukuwufinyelela? Mhlawumbe udinga usizo ukuze wenze ukuphila kwakho kube lula. Noma, umngane wakho ongumKristu omethembayo angase axoxe nawe ngokuthi ungakwazi yini ukungenela inkonzo yamaphayona manje naphezu kwemithwalo yakho yemfanelo eminingi yomkhaya. Angase akusize ukuba ubone ukuthi ungakwazi yini ukuyifinyelela le migomo onayo, nokuthi yiziphi izinguquko ezingakusiza wenze okwengeziwe. Indoda nayo isesimweni esihle sokusiza umkayo ukuba angazikhandli ngokweqile. Ngokwesibonelo, ingase isikisele ukuba aphumule ngaphambi kokuba kuqale inyanga enomsebenzi owengeziwe. Lokhu kungase kumenze abe namandla futhi kumsize ukuba ahlale ejabule enkonzweni yakhe.
Thola Izinto Okwaziyo Ukuzenza
Ukuhamba kweminyaka noma ukuwohloka kwempilo, kungakulinganisela ngandlela-thile lokho esikwazi ukukwenza enkonzweni kaJehova. Uma ungumzali, ungase ube nomuzwa wokuthi akungakanani okuzuzayo esifundweni sakho somuntu siqu noma emihlanganweni yobuKristu ngoba abantabakho badla isikhathi sakho esiningi namandla. Nokho, kungenzeka yini ukuthi ngezinye izikhathi ukugxila kulokho okukulinganiselayo yikho okukuvimbela ukuba ubone lokho osengakwazi ukukwenza?
Ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, umLevi othile wazwakalisa isifiso ayengenakukwazi ukusanelisa. Wayenelungelo lokukhonza ethempelini amasonto amabili ngonyaka. Nokho, wazwakalisa isifiso esincomekayo sokuhlala phakade ngase-altare. (IHu. 84:1-3) Yini eyasiza le ndoda ethembekile ukuba yaneliseke? Yaqaphela ukuthi ukuba semagcekeni ethempeli ngisho nosuku olulodwa kwakuyilungelo eliyingqayizivele. (IHu. 84:4, 5, 10) Ngendlela efanayo, kunokuba sigxile kulokho okusilinganiselayo, kufanele sizame ukuthola nokwazisa izinto esikwaziyo ukuzenza.
Ngokwesibonelo, cabanga ngoNerlande, udade waseCanada. Uhamba ngesihlalo sabakhubazekile futhi wayenomuzwa wokuthi kuncane kakhulu ayengakwenza enkonzweni. Nokho, washintsha umbono wakhe ngokubheka inxanxathela yezitolo eseduze njengensimu yakhe. Uyachaza: “Ngihlala esihlalweni sami eduze kwebhentshi kule nxanxathela yezitolo. Ngithola injabulo ngokufakaza kubantu abafike bahlale kuleli bhentshi ukuze baphumule isikhashana.” Ukuhlanganyela kulesi sici esibalulekile senkonzo kunikeza uNerlande ukwaneliseka okukhulu.
Yenza Izinguquko Uma Kudingeka
Ake sithi umkhumbi othile uhamba ngesivinini futhi oseyili bawo babhakuziswa umoya. Nokho, lapho kuba nesivunguvungu esikhulu, itilosi eliwuqondisayo liyaphoqeleka ukuba lishintshe ukuma koseyili. Alikwazi ukulawula isivunguvungu, kodwa lingakwazi ukulawula umkhumbi ngokwenza izinguquko ezidingekayo. Ngendlela efanayo, ngokuvamile asikwazi ukulawula izimo ezimbi ezinjengesivunguvungu ezisehlelayo ekuphileni. Kodwa singakulawula ukuphila kwethu ngokwalokho okuvunyelwa amandla ethu ngokwenza izinguquko endleleni esisebenzisa ngayo amandla, ingqondo nemizwelo yethu. Lapho sicabangela izimo zethu ezintsha, siyokwazi ukuhlala sanelisekile futhi sijabule enkonzweni kaNkulunkulu.—IzAga 11:2.
Cabangela izibonelo ezimbalwa. Uma sishesha ukukhathala, kungase kufaneleke ukugwema imisebenzi ekhandla kakhulu ekuqaleni kosuku ukuze sibe namandla anele okuya emhlanganweni wobuKristu kusihlwa. Ngaleyo ndlela siyokwazi ukuzuza ngokugcwele ebudlelwaneni namanye amaKristu. Noma, uma udade onengane engakwazi ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu ngoba igula, angase akuthole kuwusizo ukucela omunye udade ukuba eze kwakhe ukuze bafakaze ngocingo ngesikhathi isalele.
Yini ongayenza uma izimo zakho zingakuvumeli ukuba ukulungiselele konke okuzobe kuxoxwa ngakho emihlanganweni yebandla? Unganquma ukuthi kungakanani ongakulungiselela bese ukulungiselela kahle ngangokunokwenzeka. Ngokwenza izinguquko emigomweni yethu yesikhathi esifushane, singahlala sikhuthele ngokomoya futhi sijabule.
Ukwenza izinguquko emigomweni yethu kungase kudinge ukuzimisela nomzamo. USerge no-Agnès, umbhangqwana waseFrance, kwadingeka benze inguquko enkulu ezinhlelweni zabo. USerge uthi: “Lapho sithola ukuthi u-Agnès ukhulelwe, lashabalala iphupho lethu lokuba izithunywa zevangeli.” Manje uSerge, osenguyise wamantombazanyana amabili athandekayo, uchaza indlela abazibekela ngayo umgomo omusha njengombhangqwana. Uthi: “Njengoba sasesingenakukwazi ukukhonza kwelinye izwe, sanquma ukuba ‘izithunywa zevangeli’ ezweni lakithi. Sahlanganyela neqembu elikhuluma olunye ulimi.” Ingabe kwabazuzisa ukuzibekela lo mgomo omusha? USerge uthi: “Sizizwa siwusizo olukhulu ebandleni.”
U-Odile, udade waseFrance osevile eminyakeni engu-70 ohlushwa i-osteoarthritis (isifo sokudleka kwamathambo emadolweni), akasakwazi ukuma isikhathi eside. Kwakumqeda amandla ukuthi lesi sifo sakhe sasimenza angakwazi ukuya enkonzweni yendlu ngendlu. Nokho, akazange adikile. Washintsha indlela yokushumayela wafakaza ngocingo. Uthi: “Kulula futhi kumnandi kunalokho ebengikucabanga!” Le ndlela yokufakaza yamenza waphinde waba nomdlandla ngenkonzo.
Imigomo Enengqondo Iletha Izibusiso
Ukufunda ukuba nombono ofanele ngalokho esikwazi ukukwenza kuyosiphephisa ekukhungathekeni okuningi. Ngokuzibekela imigomo esingayifinyelela, siyoba nomuzwa wokufeza okuthile naphezu kokulinganiselwa kwethu. Kanjalo siyajabula ngalokho esikwazi ukukufeza, ngisho noma kukuncane.—Gal. 6:4.
Njengoba sifunda ukulinganisela kulokho esingakwenza, siyowacabangela ngokwengeziwe amanye amaKristu. Lapho sizazi izimo eziwalinganiselayo, siyokwazisa njalo lokho asenzela kona. Ngokubonisa ukwazisa nganoma yiluphi usizo esilutholayo, sikhuthaza umoya wokubambisana nokuqondana. (1 Pet. 3:8) Khumbula, njengoBaba onothando, uJehova akalokothi afune okungaphezu kwalokho esingakwenza. Lapho sinombono onokulinganisela futhi sizibekela imigomo efinyelelekayo, imisebenzi yethu engokomoya iyosilethela ukwaneliseka nenjabulo eyengeziwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
Ukuze sithole injabulo nokwaneliseka enkonzweni yethu kuNkulunkulu, kudingeka sifunde ukucabangela amandla nezimo zethu
[Isithombe ekhasini 30]
UNerlande uthola injabulo ngokwenza lokho akwazi ukukwenza enkonzweni
[Isithombe ekhasini 31]
Funda ‘ukushintsha ukuma koseyili’
[Umthombo]
© Wave Royalty Free/age fotostock
[Isithombe ekhasini 32]
USerge no-Agnès bazuza ngokuzibekela imigomo emisha