Ingabe Bewazi?
UJesu wayekhuluma luphi ulimi?
Izazi ziyaphikisana ngokuthi uJesu wayekhuluma luphi ulimi. Kodwa njengomuntu emhlabeni, kubonakala sengathi uJesu wayekhuluma uhlobo oluthile lwesiHebheru nesi-Aramu. Lapho uJesu efika eNarazetha eGalile futhi engena esinagogeni lakhona, wafunda isiprofetho sika-Isaya, okusobala ukuthi sasilotshwe ngesiHebheru. Akushiwo ukuthi uJesu wahumushela le ndinyana olimini lwesi-Aramu.—Luka 4:16-21.
Ekhuluma ngezilimi ezazisetshenziswa ePalestina ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni, uProfesa G. Ernest Wright uthi: “Kubonakala sengathi isiGreki nesi-Aramu kwakuyizilimi ezivamile . . . Amasosha nezikhulu ezingamaRoma babezwakala bexoxa ngesiLatini, kanti amaJuda adla ngoludala kungenzeka ayekhuluma uhlobo oluthile lwesiHebheru.” Yingakho uphawu uPilatu ayala ukuba lubethelwe esigxotsheni sokuhlushwa sikaJesu lwalubhalwe ngezilimi ezintathu—isiHebheru, isiLatini nesiGreki.—Johane 19:20.
Encwadini yakhe ethi Discoveries From the Time of Jesus, u-Alan Millard uthi: “Lapho benza imisebenzi yabo yansuku zonke ngokuqinisekile ababusi abangamaRoma babekhuluma isiGreki, futhi kungenzeka uJesu waphendula imibuzo kaPilatu ngesiGreki lapho kuthethwa icala lakhe.” Nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi kwakunjalo ngempela, kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi akukhulunywa ngokusetshenziswa komhumushi phakathi nale ngxoxo.—Johane 18:28-40.
NgokukaProfesa Wright, “asinayo indlela eqinisekile yokwazi ukuthi [uJesu] wayekhuluma isiGreki noma isiLatini, kodwa enkonzweni yakhe yokufundisa wayevame ukusebenzisa isi-Aramu noma isiHebheru esixutshwe nesi-Aramu, esasithandwa kakhulu.”—Biblical Archaeology, 1962, ikhasi 243.
Ayemakhulu kangakanani amatshe ethempeli laseJerusalema?
Lapho bekhuluma noJesu ngethempeli laseJerusalema, abafundi bathi: “Mfundisi, bheka! olunjani lona uhlobo lwamatshe nolunjani lona uhlobo lwezakhiwo!” (Marku 13:1) Ayemakhulu kangakanani amanye alawo matshe?
Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, iNkosi uHerode yayandisé iSisekelo Sethempeli saba sikhulu ngokuphindwe kabili kunangesikhathi sikaSolomoni. Sasiyisisekelo esikhulu kunazo zonke ezake zenziwa abantu endulo, singamamitha angaba ngu-480 ububanzi nangu-280 ubude. Kubikwa ukuthi amanye amatshe okwakha, noma ama-ashlar, ayengamamitha angu-11 ubude, amahlanu ububanzi, futhi engamamitha amathathu ukuphakama. Amanye ayenesisindo esingaphezu kwamathani angu-50 lilinye. Elinye lalinesisindo esingaba amathani angu-400 futhi “alikho elalilingana nalo endulo,” ngokusho kwesazi esithile.
Ephendula abafundi bakhe, uJesu wathi: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu? Akusoze kwashiywa lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.” (Marku 13:2) Iningi lala matshe amakhulukazi lisengatholakala lapho lawela khona ngemva kokudilizwa amasosha angamaRoma ngo-70 C.E.
[Isithombe ekhasini 26]
Amatshe adilizwa esisekelweni sethempeli, eJerusalema