Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Uma U-Adamu Ayephelele, Kwenzeka Kanjani Ukuba One?
U-Adamu wona ngenxa yokuthi lapho uNkulunkulu emdala wamnika inkululeko yokuzikhethela. Leso sipho asiphikisani nhlobo nokuthi u-Adamu wayephelele. Eqinisweni, uNkulunkulu yedwa ophelele ngomqondo ophelele. (Duteronomi 32:3, 4; IHubo 18:30; Marku 10:18) Ukuphelela kwanoma ubani nanoma yini kunesilinganiso. Ngokwesibonelo, ummese ungase ukulungele kahle ukusika inyama, kodwa ubungawusebenzisa yini ekudleni isobho? Into isuke iphelele ngokuvumelana nenjongo ehloselwe yona.
Khona-ke, uNkulunkulu wamdalela yiphi injongo u-Adamu? Injongo kaNkulunkulu yayiwukusebenzisa u-Adamu ukuba aveze uhlanga lwabantu abahlakaniphile abanenkululeko yokuzikhethela. Labo ababefuna ukuhlakulela uthando ngoNkulunkulu nezindlela zakhe babeyobonisa lokhu ngokukhetha ukulalela imithetho yakhe. Ngakho-ke ukulalela kwakungafakwanga engqondweni yomuntu kodwa kwakuzoba isenzo sokuzithandela esisuka enhliziyweni. (Duteronomi 10:12, 13; 30:19, 20) Ngakho, uma u-Adamu ayengenalo ikhono lokukhetha ukulalela, wayeyobe engaphelele. Ukuthi u-Adamu wakhetha ukuyisebenzisa kanjani inkululeko yakhe yokuzikhethela, umlando weBhayibheli ubonisa ukuthi walandela umkakhe ekungalalelini umthetho kaNkulunkulu ngokuphathelene “nomuthi wolwazi lokuhle nokubi.”—Genesise 2:17; 3:1-6.
Ingabe uNkulunkulu wadala u-Adamu enobuthaka bokuziphatha, obabumenza angabi nalo ikhono lokwenza izinqumo ezihlakaniphile noma lokumelana nokuvivinywa? Ngaphambi kokungalaleli kuka-Adamu, uJehova uNkulunkulu wayehlole yonke indalo yakhe yasemhlabeni, kuhlanganise nombhangqwana wokuqala ongabantu, futhi waphetha ngokuthi “kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Ngakho, lapho u-Adamu ona, kwakungadingeki ukuba uMdali wakhe alungise isici esithile endleleni ayemdale ngayo kodwa wamsola kufanele. (Genesise 3:17-19) U-Adamu wehluleka ukuvumela uthando ngoNkulunkulu nezimiso ezifanele ukuba lumshukumisele ukulalela uNkulunkulu ngaphezu kwanoma ubani omunye.
Khumbula futhi ukuthi ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wayengumuntu ophelele njengo-Adamu. Kodwa, ngokungafani nenye inzalo ka-Adamu, uJesu wazalwa ngomoya ongcwele, ngakho wayengenabo ubuthakathaka obabungamenza awele esilingweni. (Luka 1:30, 31; 2:21; 3:23, 38) UJesu wakhetha ukuhlala ethembekile kuYise naphezu kwezingcindezi ezinkulu. U-Adamu yena, esebenzisa inkululeko yakhe yokuzikhethela, wahluleka ukulalela umyalo kaJehova.
Kodwa kungani u-Adamu akhetha ukungamlaleli uNkulunkulu? Ingabe wayekholelwa ukuthi uzothuthukisa isimo ayekuso ngandlela-thile? Cha, ngoba umphostoli uPawulu wabhala ukuthi “u-Adamu akakhohliswanga.” (1 Thimothewu 2:14) Nokho, u-Adamu wanquma ukuhambisana nezifiso zomkakhe, owayesekhethe ukudla emthini owawenqatshelwe. Isifiso sakhe sokuthokozisa umkakhe sasisikhulu kunesifiso sokulalela uMdali wakhe. Ngokuqinisekile, lapho enikwa isithelo esenqatshelwe, u-Adamu kwakufanele ame acabange ngemiphumela ukungalaleli okwakuyoba nayo ebuhlotsheni bakhe noNkulunkulu. Engenalo uthando olujulile nolungenakunyakaziswa ngoNkulunkulu, u-Adamu wavumela ukucindezelwa, kuhlanganise nokomkakhe.
U-Adamu wona engakazali izingane, ngakho yonke inzalo yakhe iye yazalwa ingaphelele. Kodwa, njengo-Adamu, siphiwe inkululeko yokuzikhethela. Kwangathi singakhetha ukuzindla ngokwazisa ngobuhle bukaJehova futhi sihlakulele uthando oluqinile ngoNkulunkulu, okufanelekelayo ukuba simlalele futhi simkhulekele.—IHubo 63:6; Mathewu 22:36, 37.