Inkolelo Esakazekile
“Ngangiphupha kabi ngisha esihogweni! Ngangiphupha ngiphonswa endaweni evuthayo futhi ngiphaphame ngimemeza. Akungabazeki ukuthi ngangizama ngawo wonke amandla ukuba ngingoni.”—U-Arline.
INGABE ukholelwa ukuthi isihogo siyindawo yokuhlushwa egcinelwe izoni? Abantu abaningi bayakukholelwa lokho. Ngokwesibonelo, ngo-2005, isazi esithile sase-University of St. Andrews eScotland sathola ukuthi oyedwa kubefundisi abathathu baseScotland ukholelwa ukuthi labo abahlukaniswe noNkulunkulu “bayohlukunyezwa phakade ngokwengqondo esihogweni.” Oyedwa kwabahlanu ukholelwa ukuthi abantu abaya esihogweni bayohlushwa ngokomzimba.
Emazweni amaningi, ukukholelwa esihogweni kuyinto evamile. Ngokwesibonelo, e-United States, ukuhlola kukaGallup okwenziwa ngo-2007 kwathola ukuthi abangaba amaphesenti angu-70 kulabo okwaxoxwa nabo babekholelwa esihogweni. Ngisho nasemazweni angayikhonzile inkolo, inkolelo yesihogo ikhona. Ukuhlola kukaGallup kuka-2004 kwathola ukuthi eCanada, abantu abangamaphesenti angu-42 babekholelwa esihogweni. EGreat Britain, abangamaphesenti angu-32 babeqiniseka ukuthi isihogo sikhona.
Lokho Okufundiswa Abefundisi
Abefundisi abaningi sebeyekile ukufundisa ukuthi isihogo siyindawo engokoqobo yokuhlushwa ngomlilo. Kunalokho, basekela incazelo efana naleyo eshiwo kuyi-Catechism of the Catholic Church, eyanyatheliswa ngo-1994. Leyo ncwadi ithi: “Isijeziso esiyinhloko sasesihogweni siwukuhlukaniswa noNkulunkulu phakade.”
Noma kunjalo, inkolelo yokuthi isihogo siyindawo yokuhlushwa ngokwengqondo noma ngokomzimba isaqhubeka. Labo abasekela le nkolelo bathi le mfundiso isekelwe eBhayibhelini. UR. Albert Mohler, ongumongameli weSouthern Baptist Theological Seminary, uyagomela: “Lokhu kumane nje kuyiqiniso elingokomBhalo.”
Kungani Kubalulekile Ukuthi Yini Oyikholelwayo?
Uma isihogo siyindawo yokuhlushwa ngempela, ngokuqinisekile kufanele usesabe. Nokho, uma le mfundiso ingelona iqiniso, abaholi benkolo abayifundisayo babangela ukudideka nokukhathazeka okungadingekile kulabo ababakholelwayo. Futhi bahlambalaza uNkulunkulu.
IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithini ngale ndaba? Izihloko ezilandelayo zizosebenzisa izinguqulo zeBhayibheli zamaKatolika namaProthestani ekuphenduleni le mibuzo emithathu: (1) Kwenzekani ngempela ekufeni? (2) Yini uJesu ayifundisa ngesihogo? (3) Ukwazi iqiniso ngesihogo kungakuthinta kanjani?