Ukwazi Iqiniso Ngesihogo Kukuthinta Kanjani?
LABO abafundisa ukuthi isihogo siyindawo yokuhlushwa basekela umbono ohlanekezelwe ngokuphelele ngoJehova uNkulunkulu nezimfanelo zakhe. Yiqiniso, iBhayibheli liyasho ukuthi uNkulunkulu uyobhubhisa ababi. (2 Thesalonika 1:6-9) Kodwa intukuthelo enokulunga ayiyona imfanelo kaNkulunkulu evelele.
UNkulunkulu akanalo unya noma inzondo. Uze abuze: “Ingabe ngiyakwenamela yini ukufa komubi?” (Hezekeli 18:23, King James Version) Uma uNkulunkulu engakwenameli ukufa kwababi, ubengakwenamela kanjani ukubabukela behlushwa phakade?
Imfanelo kaNkulunkulu evelele uthando. (1 Johane 4:8) Empeleni, “iNKOSI inhle kubo bonke; inesihe kukho konke ekwenzile.” (IHubo 145:9, The Holy Bible—New International Version) UNkulunkulu naye ufuna simthande ngokusuka enhliziyweni.—Mathewu 22:35-38.
Yini Ekushukumisayo—Ukusaba Isihogo Noma Ukuthanda UNkulunkulu?
Imfundiso yokuthi imiphefumulo ihlushwa esihogweni ibangela ukwesaba okukhwantabalisayo ngoNkulunkulu. Ngokuphambene nalokho, umuntu ofunda iqiniso ngoNkulunkulu futhi amthande uhlakulela ukwesaba okunempilo ngaYe. IHubo 111:10 liyachaza: “Ukwesaba iNKOSI kuwukuqala kokuhlakanipha; bahlakaniphile bonke abaphila ngakho.” (The New American Bible) Lokhu kwesaba uNkulunkulu akukhona okukhwantabalisayo, kodwa inhlonipho ejulile ngoMdali. Lokhu kwakha ukwesaba okunempilo kithi kokungafuni ukumdumaza.
Cabangela indlela ukufunda iqiniso ngesihogo okwamthinta ngayo uKathleen oneminyaka engu-32, ngaphambili owayedla izidakamizwa. Wayephila ngemicimbi, ubudlova, engazithandi futhi eziphatha kabi. Wavuma: “Ngangibheka indodakazi yami enonyaka owodwa ngicabange, ‘Awubheke ukuthi ngimenzani. Ngizoshiswa esihogweni ngenxa yalokhu.’” UKathleen wazama ukuziyeka izidakamizwa, kodwa akukho okwaphumelela. Wathi: “Ngangifuna ukuba umuntu omuhle, kodwa yonke into ekuphileni kwami nasemhlabeni yayisesimweni esibi. Sasibonakala singekho isizathu sokuba umuntu omuhle.”
UKathleen wabe esehlangana noFakazi BakaJehova. Wathi: “Ngafunda ukuthi abantu ngeke bashe esihogweni. Ubufakazi bemiBhalo babunengqondo ngempela. Ukwazi ukuthi ngangingeke ngishe esihogweni kwaba impumuzo enkulu.” Kodwa wafunda nangesithembiso sikaNkulunkulu sokuthi abantu bangaphila phakade emhlabeni ongenabo ububi. (IHubo 37:10, 11, 29; Luka 23:43) Wababaza: “Manje ngase nginethemba langempela—lokuphila phakade ePharadesi!”
Njengoba lwalungasekho usongo lwesihogo somlilo, ingabe uKathleen wayezokwazi ukuyeka ukudla izidakamizwa? Walandisa: “Lapho ngiqalekela izidakamizwa, ngangithandaza, nginxuse ukuba uJehova uNkulunkulu angisize. Ngangicabanga ngombono wakhe ngemikhuba enjalo engcolisayo, futhi ngangingafuni ukumdumaza. Wayiphendula imithandazo yami.” (2 Korinte 7:1) Ukwesaba ukudumaza uNkulunkulu ngale ndlela kwasiza uKathleen ukuba agqashule ekuluthekeni kwakhe.
Yebo, ukuhlakulela uthando ngoNkulunkulu nokumesaba okunempilo—hhayi ukwesaba ukuhlushwa esihogweni—kungasishukumisela ukuba senze intando yakhe ukuze sijabule phakade. Umhubi wabhala: “Ubusisiwe umuntu owesaba uJehova, ohamba ezindleleni zakhe.”—IHubo 128:1, American Standard Version.
[Izithombe ekhasini 9]
OBANI ABAYOKHULULWA ESIHOGWENI?
Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zibangela ukudideka ngokuhumusha amagama amabili esiGreki—elithi Geʹen·na nelithi Haiʹdes—ngendlela efanayo, ethi “isihogo.” EBhayibhelini, igama elithi Geʹen·na libhekisela ekubhujisweni ngokuphelele, ngaphandle kwethemba lovuko. Ngokuphambene nalokho, labo abase-Haiʹdes, noma eHayidese, banalo ithemba lokuvuswa.
Ngenxa yalokho, ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu, umphostoli uPetru waqinisekisa izilaleli zakhe ngokuthi uJesu “akashiywanga esihogweni.” (IzEnzo 2:27, 31, 32; IHubo 16:10; King James Version) Igama elihunyushwe ngokuthi “isihogo” kuleli vesi igama lesiGreki elithi Haiʹdes. UJesu akayanga endaweni ethile evuthayo. IHayidese, noma “isihogo,” kwakuyithuna. Kodwa akuyena uJesu kuphela uNkulunkulu amkhulula eHayidese.
Ngokuphathelene novuko, iBhayibheli lithi: “Ukufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho.” (IsAmbulo 20:13, 14, KJ) Ukugeqa “isihogo” kuyosho ukubuyisela ukuphila kubo bonke uNkulunkulu abahlulela njengabafanelwe ukuvuswa. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Yeka ithemba elimangalisayo lesikhathi esizayo—ukubona abathandekayo bethu abafile bevuswa ethuneni! UJehova, uNkulunkulu wothando olungenamkhawulo, uyokwenza lokhu.