Lokho Esikufunda KuJesu
Ngethemba Labafileyo
UJesu wavusa okungenani abantu abathathu, kanjalo ebonisa ukuthi kunethemba ngabafileyo. (Luka 7:11-17; 8:49-56; Johane 11:1-45) Ukuze siqonde ithemba labafileyo, kumelwe siqale siqonde imbangela nomsuka wokufa.
Kungani Sigula Futhi Sifa?
Lapho uJesu ethethelela abantu izono, baphulukiswa. Ngokwesibonelo, lapho ehlangana nendoda eyayikhubazekile, uJesu wathi: “‘Yikuphi okulula, ukuthi, Izono zakho zithethelelwe, noma ukuthi, Vuka uhambe? Nokho, ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya emhlabeni lokuthethelela izono—’ khona-ke wathi kofé uhlangothi: ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho, ugoduke.’” (Mathewu 9:2-6) Ngakho isono siyimbangela yokugula nokufa. Ukuba kwethu nesono esakuzuza njengefa kwabangelwa umuntu wokuqala, u-Adamu.—Luka 3:38; Roma 5:12.
Kungani UJesu Afa?
UJesu akenzanga sono. Ngakho-ke, wayengakufanelekele ukufa. Ngokusifela, uJesu wakhokha inani lezono zethu. Wathi igazi lakhe ‘lalizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.’—Mathewu 26:28.
UJesu wabuye wathi: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) UJesu wabiza inani alikhokha ngokuthi “isihlengo” ngenxa yokuthi lakhulula abanye ekufeni. Waphinde wathi: “Mina ngizele ukuba zibe nokuphila futhi zibe nakho ngokuchichimayo.” (Johane 10:10) Ukuze siliqonde ngokuphelele ithemba labafileyo, kumelwe sazi nokuthi bakusiphi isimo njengamanje.
Kwenzekani Ekufeni?
Lapho umngane kaJesu uLazaru efa, uJesu wachaza okwenzeka ekufeni. Wathi kubafundi bakhe: “‘ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya [eBhethaniya] ukuze ngimvuse ebuthongweni.’ . . . Bacabanga ukuthi wayekhuluma ngokuphumula kokulala. Ngakho-ke, ngaleso sikhathi uJesu wathi kubo ngokungagunci: ‘ULazaru ufile.’” Ngakho, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi abafileyo balele, abezwa lutho.—Johane 11:1-14.
Lapho uJesu evusa umngane wakhe uLazaru, wayesenezinsuku ezine efile. Kodwa, iBhayibheli alisho lutho ngalokho okwashiwo uLazaru mayelana nokwenzeka phakathi naleso sikhathi. Lapho esafile, uLazaru wayengezwa lutho futhi engazi lutho.—UmShumayeli 9:5, 10; Johane 11:17-44.
Liyini Ithemba Ngabafileyo?
Abafileyo bayobuya baphile benethemba lokuphila phakade. UJesu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume.”—Johane 5:28, 29.
Leli themba liyisibonakaliso sothando lukaNkulunkulu. UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16; IsAmbulo 21:4, 5.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 6 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.